Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Esikhathini esidlule, izincwadi zethu zazivame ukukhuluma ngezinto ezithile njengezifuziselayo nezifuziselwayo. Nokho, eminyakeni yamuva sekuyethukela. Kungani?

INqabayokulinda yesiNgisi ka-September 15, 1950, yanikeza incazelo yento “efuziselayo” “nefuziselwayo” noma ewumfuziselo. Yachaza into efuziselayo ngokuthi umuntu, isenzakalo noma into emelela othile noma okuthile okukhulu okuseza. Umfuziselo umuntu, isenzakalo noma into emelelwa yinto efuziselayo. Yabiza into efuziselayo nangokuthi isithunzi, futhi umfuziselo ngokuthi okungokoqobo.

Esikhathini esidlule, izincwadi zethu zathi amadoda nabesifazane abathembekile njengoDebora, u-Elihu, uJefta, uJobe, uRahabi, uRebheka nabanye abaningi bamelela abagcotshiweyo noma “isixuku esikhulu.” (IsAmbulo 7:9) Ngokwesibonelo, sathi uJefta, uJobe noRebheka bamelela abagcotshiweyo kanti uDebora noRahabi babemelela isixuku esikhulu. Nokho, eminyakeni yamuva, asizange senze ukufanisa okunjengalokhu. Kungani?

INTO EFUZISELAYO

Iwundlu lePhasika elalihlatshwa kwa-Israyeli wasendulo lalifuzisela.—Numeri 9:2

UMFUZISELO

UPawulu wathi uKristu “iphasika lethu uye wenziwa umhlatshelo.”—1 Korinte 5:7

ImiBhalo iyafundisa ukuthi abanye abantu abaseBhayibhelini bamelela othile noma okuthile okukhulu okuseza. Ngokwesibonelo, kweyabaseGalathiya 4:21-31, umphostoli uPawulu ubhekisela ‘esenzakalweni esingumfanekiso’ esihilela abesifazane ababili. Owesifazane wokuqala uHagari, incekukazi ka-Abrahama. UPawulu uchaza ukuthi uHagari wayemelela isizwe sakwa-Israyeli, esasiboshelwe kuJehova ngoMthetho KaMose. Owesifazane wesibili, ‘ongowesifazane okhululekile,’ nguSara, umka-Abrahama. Wayemelela umfazi kaNkulunkulu, oyingxenye esezulwini yenhlangano kaNkulunkulu. UPawulu ubuye akhulume ngokufana okuningi phakathi kukaMelkhizedeki owayeyinkosi nompristi noJesu. (Hebheru 6:20; 7:1-3) Ngaphezu kwalokho, uPawulu ufanisa umprofethi u-Isaya namadodana akhe noJesu namaKristu agcotshiwe. (Hebheru 2:13, 14) UJehova waphefumulela uPawulu ukuba enze konke lokhu kufanisa, ngakho singaqiniseka ukuthi lokhu kufuzisela kunembile.

Nokho, ngisho nalapho iBhayibheli libonisa ukuthi umuntu othile uyafuzisela, akufanele sithathe ngokuthi yonke imininingwane noma izenzakalo zokuphila kwalowo muntu zimelela okuthile okukhulu okuseza. Ngokwesibonelo, uPawulu uchaza ukuthi uMelkhizedeki umelela uJesu. Noma kunjalo, uPawulu akasho lutho ngokulethela kukaMelkhizedeki u-Abrahama isinkwa newayini ngemva kokuba enqobe amakhosi amane. Ngakho, asikho isizathu esingokomBhalo sokufuna incazelo ecashile yaleso senzakalo.—Genesise 14:1, 18.

Abanye ababhali emakhulwini eminyaka angemva kokufa kukaKristu benza iphutha elikhulu. Benza cishe zonke izindaba eziseBhayibhelini zaba ezifuziselayo. I-International Standard Bible Encyclopaedia ichaza izimfundiso zika-Origen, u-Ambrose noJerome: “Bafuna izinto ezifuziselayo futhi bazithola kuzo zonke izenzakalo ngisho nezincane ezisemiBhalweni. Ngisho nento elula kakhulu nejwayelekile yayibhekwa njengequkethe iqiniso elithile [elicashe] kakhulu . . . , ngisho nenani lezinhlanzi ezabanjwa abafundi ngobusuku uMsindisi ovusiwe abonakala ngabo kubo—yeka ukuthi kungakanani abanye abaye bazama ukukufuzisela ngalelo nani elingu-153!”

Omunye umbhali, u-Augustine waseHippo, wachaza ukuthi indaba eseBhayibhelini yokusuthisa kukaJesu amadoda angu-5 000 ngezinkwa zebhali ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili inencazelo engokomfanekiso. Wathi izinkwa zebhali ezinhlanu zimelela izincwadi zokuqala ezinhlanu zeBhayibheli. Ngenxa yokuthi kwakucatshangwa ukuthi ibhali liphansi kunokolweni, lokhu kusho ukuthi “iTestamente Elidala” liphansi ‘kuneTestamente Elisha.’ Wachaza nokuthi izinhlanzi ezimbili zimelela inkosi nompristi. Esinye isazi sachaza ukuthenga kukaJakobe ubuzibulo buka-Esawu ngesitshulu esibomvu ngokuthi kumelela ukuthengela kukaJesu isintu ithemba lasezulwini ngegazi lakhe elibomvu!

Uma kubonakala kunzima ukuzikholwa lezo zincazelo, uyayiqonda inkinga. Abantu ngeke bazi ukuthi iziphi izindaba eziseBhayibhelini ezimelela okuthile okukhulu futhi iziphi ezingameleli lutho. Ngakho-ke, yini ewukuhlakanipha ukuyenza? Lapho imiBhalo ifundisa ukuthi umuntu, isenzakalo noma into ethile kumelela okuthile okukhulu okuseza, siyayamukela leyo ncazelo. Nokho, akufanele sithi indaba ethile eseBhayibhelini inencazelo engokomfanekiso lapho singekho isizathu esingokomBhalo sokusho kanjalo.

Singazuza kanjani-ke emininingwaneni nasezindabeni esizifunda eBhayibhelini? Umphostoli uPawulu wabhala: “Zonke izinto ezalotshwa esikhathini esingaphambili zalotshelwa ukuba kufundiswe thina, ukuze kuthi ngokukhuthazela kwethu nangenduduzo evela emiBhalweni sibe nethemba.” (Roma 15:4) UPawulu wayebhalela amaKristu agcotshiwe ekhulu lokuqala, ewatshela indlela angazuza ngayo ezindabeni eziseBhayibhelini. Nokho, kusukela ngaleso sikhathi, wonke amaKristu kuhlanganise “nezinye izimvu” aye azuza ezifundweni ezisemiBhalweni.—Johane 10:16; 2 Thimothewu 3:1.

Ngakho-ke, izindaba eziningi eziseBhayibhelini azisebenzi kuphela kwabagcotshiweyo, ‘kwezinye izimvu’ noma kumaKristu enkathi ethile emlandweni. Kunalokho, izindaba eziningi eziseBhayibhelini ziye zazuzisa zonke izinceku zikaNkulunkulu, esikhathini esidlule namanje. Ngokwesibonelo, ukuhlupheka kukaJobe akumeleli kuphela ukuhlupheka kwabagcotshiweyo phakathi neMpi Yezwe I. Abantu bakaNkulunkulu abaningi, amadoda nabesifazane, abagcotshiweyo ‘nabezinye izimvu,’ baye bahlupheka njengoJobe futhi baye bazuza ngokufunda lokho kulandisa. Baye “[babona] umphumela uJehova awunikeza, ukuthi uJehova unothando futhi unesihe.”—Jakobe 5:11.

Emabandleni ethu namuhla kunabesifazane asebekhulile abathembekile abaqotho njengoDebora nabadala abasebasha abahlakaniphile njengo-Elihu. Kukhona namaphayona ashisekayo nanesibindi esifana nesikaJefta kanye namadoda nabesifazane abathembekile ababekezelayo njengoJobe. Asive sibonga ngokuthi uJehova uye waqinisekisa ukuthi “zonke izinto ezalotshwa esikhathini esingaphambili” ziyatholakala namuhla ukuze “ngenduduzo evela emiBhalweni sibe nethemba.”

Ngakho, ngenxa yalezi zizathu, asizami ukufuna incazelo engokomfanekiso yazo zonke izindaba eziseBhayibhelini noma indlela eziyogcwaliseka ngayo esikhathini esizayo. Kunalokho, izincwadi zethu manje zigxila kakhulu ekufundiseni izifundo eziwusizo ezisemiBhalweni.