Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Badala, Nizizwa Kanjani Ngokuqeqesha Abanye?

Badala, Nizizwa Kanjani Ngokuqeqesha Abanye?

“Kukhona isikhathi esimisiwe sayo yonke into.”—UMSHUMAYELI 3:1.

1, 2. Yini eye yaphawulwa ababonisi bezigodi emabandleni amaningi?

UMBONISI WESIGODI wayesezophetha umhlangano wakhe nabadala. Wabuka laba bazalwane wazizwa ewathanda kakhulu la madoda asebenza kanzima, amanye awo ayemadala ngokwanele ukuba oyise. Noma kunjalo, kwakunendaba ebalulekile eyayimkhathaza. Wababuza, “Bazalwane, yini eniyenzile ekuqeqesheni abanye ukuze basingathe imithwalo yemfanelo eyengeziwe ebandleni?” Laba bazalwane babazi ukuthi ekuhambeleni kwakhe okudlule, umbonisi wesigodi wayebakhuthaze ukuba bachithe isikhathi esengeziwe beqeqesha abanye. Ekugcineni, omunye umdala wavuma, “Kuncane kakhulu esikwenzile.” Bonke abanye abadala bavuma.

2 Uma ungumdala, mhlawumbe nawe ubuyophendula ngendlela ethi ayifane. Ababonisi bezigodi baye baphawula ukuthi abadala abaningi kudingeka bachithe isikhathi esengeziwe beqeqesha abazalwane abancane nabadala ukuze basize ekunakekeleni ibandla. Nokho, lokhu kungase kube nzima kakhulu. Kungani kunjalo?

3. (a) IBhayibheli libonisa kanjani ukuthi kubalulekile ukuqeqesha abanye, futhi kungani sonke kufanele sibe nesithakazelo kulokhu kuqeqesha? (Bheka umbhalo waphansi.) (b) Kungani kungase kube nzima kwabanye abadala ukuqeqesha abanye?

3 Njengomdala, uyazi ukuthi kubalulekile ukuchitha isikhathi uqeqesha abanye abazalwane. * (Bheka umbhalo waphansi.) Uyazi ukuthi kudingeka abazalwane abengeziwe abazosiza ekugcineni amabandla eqinile manje nasekusekeleni amabandla amasha esikhathini esizayo. (Funda u-Isaya 60:22.) IBhayibheli lithi kufanele ‘ufundise abanye.’ (Funda eyesi-2 Thimothewu 2:2.) Noma kunjalo, kungase kube nzima ukuzinika isikhathi sokukwenza. Kumelwe unakekele izidingo zomndeni wakho futhi wenze umsebenzi wokuziphilisa. Kudingeka futhi unakekele izidingo zebandla nezinye izindaba eziphuthumayo. Njengoba kukuningi kangaka okudingeka kwenziwe, ake sixoxe ngokuthi kungani kubalulekile ukuzinika isikhathi sokuqeqesha abanye.

KUYAPHUTHUMA UKUQEQESHA ABANYE

4. Kungani ngezinye izikhathi abadala bezindela ukuqeqesha abazalwane?

4 Kungani kungase kube nzima ukuzinika isikhathi sokuqeqesha abazalwane ebandleni? Abanye bangase bacabange: ‘Ezinye izinto ebandleni ziphuthuma kakhulu futhi kumelwe zisingathwe ngokushesha. Uma ngingabaqeqeshi abanye njengamanje, lokho ngeke kulilimaze ibandla.’ Ingabe kuyiqiniso lokho? Kuyiqiniso ukuthi ezinye izinto zingase zidinge ukuba uzinakekele ngokushesha. Nokho, uma uzindela ukuqeqesha abazalwane, empeleni ungase ulilimaze ibandla.

5, 6. Yini esingayifunda esibonelweni somshayeli nasendleleni agcina ngayo imoto yakhe isesimweni esihle? Singakufanisa kanjani lokhu nokuqeqesha abanye ebandleni?

5 Cabanga ngalesi sibonelo. Ukuze agcine imoto isesimweni esihle, umshayeli uyazi ukuthi kudingeka awushintshe njalo uwoyela. Noma kunjalo, angase abe nomuzwa wokuthi kuphuthuma ngokwengeziwe ukwetha uphethiloli ngoba ngaphandle kwawo, imoto izoma. Uma ematasa kakhulu angase acabange nokuthi uwoyela angawushintsha kamuva. Kakade, imoto izoqhubeka ihamba isikhathi esithile. Kodwa lokhu kungaba ingozi. Uma umshayeli engawushintshi uwoyela lapho kudingeka, imoto iyogcina ilimele. Ekugcineni, kuyodingeka achithe isikhathi nemali eningi elungisa le moto. Sifundani kulokhu?

6 Abadala kumelwe bazinakekele ngokushesha izinto ezibalulekile. Uma bengakwenzi lokho, ibandla liyolimala. Njengomshayeli okumelwe awethe njalo uphethiloli, abadala kumelwe ‘baqiniseke ngezinto ezibaluleke kakhulu.’ (Filipi 1:10) Kodwa abanye abadala bangase babe matasa kakhulu ngezinto ezibalulekile kangangokuba bangabi nesikhathi sokuqeqesha abanye. Lokhu kungafana nokudebeselela ukufaka uwoyela emotweni. Uma abadala bezindela ukuqeqesha abazalwane, maduze ibandla lizoswela abazalwane abaqeqeshiwe abazosingatha konke okudingeka kwenziwe.

7. Kufanele sibabheke kanjani abadala abazinika isikhathi sokuqeqesha abanye?

7 Ngakho, ungalokothi ucabange ukuthi ukuqeqesha akuyona into ebalulekile. Abadala abakhathalela ikusasa lebandla futhi abazinika isikhathi sokuqeqesha abanye bayizinceku ezihlakaniphile futhi bawusizo kubafowabo nodadewabo. (Funda eyoku-1 Petru 4:10.) Lizuza kanjani ibandla?

KUWUKUSISEBENZISA KAHLE ISIKHATHI

8. (a) Abadala banaziphi izizathu zokuqeqesha abanye? (b) Abadala abakhonza endingekweni banamuphi umthwalo wemfanelo ophuthumayo? (Bheka ibhokisi elithi “ Umsebenzi Ophuthumayo.”)

8 Ngisho nabadala abanokuhlangenwe nakho okuningi kakhulu kumelwe babe nesizotha futhi baqonde ukuthi njengoba bekhula, ngeke bakwazi ukwenza okuningi ngangalokho abakwenzayo manje. (Mika 6:8) Ngaphezu kwalokho, abadala kufanele bazi ukuthi noma nini “isikhathi nesenzakalo esingalindelekile” singakwenza kube nzima ukuba banakekele imithwalo yabo yemfanelo. (UmShumayeli 9:11, 12; Jakobe 4:13, 14) Ngakho, ngenxa yokuthi bayabathanda futhi bayabakhathalela abantu bakaJehova, abadala basebenza kanzima befundisa abazalwane abasebancane lokho abakufundile njengoba iminyaka ihamba.—Funda iHubo 71:17, 18.

9. Isiphi isenzakalo esiseza esenza kubaluleke kakhulu ukuqeqesha abanye?

9 Abadala abaqeqesha abanye bawusizo nangenxa yokuthi imizamo yabo iyosiza ekuqiniseni ibandla. Lokho kuqeqesha kwenza kube nabazalwane abengeziwe abakulungele ukusiza ibandla ukuba lihlale linobunye futhi lithembekile kuNkulunkulu. Lokhu kubalulekile kulezi zinsuku zokugcina, futhi kuzoba okubaluleke nakakhulu phakathi nosizi olukhulu oluzayo. (Hezekeli 38:10-12; Mika 5:5, 6) Ngakho, badala abathandekayo, zinikeni njalo isikhathi sokuqeqesha abanye kusukela namuhla.

10. Yini umdala okungase kudingeke ayenze ukuze abe nesikhathi sokuqeqesha abanye?

10 Siyaqonda ukuthi ninesimiso esimatasa kakade njengoba ninakekela izinto ezibalulekile ebandleni. Ngakho-ke, kungase kudingeke nithathe esinye sesikhathi enisichitha ninakekela leyo mithwalo yemfanelo nisisebenzisele ukuqeqesha abanye. (UmShumayeli 3:1) Ukwenza kanjalo kuyoba ukusisebenzisa kahle kakhulu isikhathi senu futhi kuyolizuzisa ibandla esikhathini esizayo.

YENZA KUBE NESIMO ESIKULUNGELE UKUQEQESHA

11. (a) Yini ethakazelisayo ngamacebiso okuqeqesha avela kubadala basemazweni ahlukahlukene? (b) NgokwezAga 15:22, kungani kubalulekile ukuxoxa ngamacebiso abanye abadala?

11 Muva nje, abadala abathile abaphumelelayo ekuqeqesheni abazalwane ukuba benze okwengeziwe ebandleni babuzwe ukuthi bakwenza kanjani. * (Bheka umbhalo waphansi.) Bonke laba badala banikeze izeluleko ezithi azifane, nakuba izimo zabo zihluke kakhulu. Kubonisani lokhu? Ukuthi ukuqeqesha okusekelwe eBhayibhelini kuwusizo kubafundi “yonke indawo kuwo wonke amabandla.” (1 Korinte 4:17) Ngakho kulesi sihloko nakwesilandelayo, sizoxoxa ngamanye amacebiso anikezwa yilaba badala. (IzAga 15:22) Labo abaqeqeshayo sizobabiza ngabafundisi, abaqeqeshwayo sibabize ngabafundi.

12. Isiphi isimo umfundisi okudingeka enze ukuba sibe khona, futhi ngani?

12 Okokuqala, umfundisi kudingeka enze kube nesimo esikulungele ukuqeqesha. Kungani lokhu kubalulekile? Njengoba nje umlimi kudingeka alungise inhlabathi ngaphambi kokutshala imbewu, umfundisi kudingeka alungise inhliziyo yomfundi ngaphambi kokuba amfundise amakhono amasha. Ngakho umfundisi angenza kanjani ukuba kube nesimo esikulungele ukuqeqesha? Angalingisa isibonelo somfundisi onekhono wesikhathi esidlule, umprofethi uSamuweli.

13-15. (a) UJehova wamyala ukuba enzeni uSamuweli? (b) USamuweli wamlungiselela kanjani uSawule isabelo sakhe esisha? (Bheka isithombe esisekuqaleni.) (c) Kungani lokhu kulandisa okuphathelene noSamuweli kuwusizo kubadala namuhla?

13 Ngolunye usuku, eminyakeni engaphezu kuka-3 000 edlule, uJehova watshela umprofethi uSamuweli owayesekhulile: “Kusasa ngalesi sikhathi ngizothumela kuwe umuntu ovela ezweni lakwaBhenjamini, kumelwe umgcobe njengomholi phezu kwabantu bami u-Israyeli.” (1 Samuweli 9:15, 16) USamuweli waqonda ukuthi wayengeke esasihola isizwe sakwa-Israyeli nokuthi uJehova wayefuna ukuba agcobe umholi omusha. Ngakho, ukuze alungiselele leyo ndoda isabelo sayo esisha, uSamuweli wathola isu wayesehlela ayezokwenza.

14 Ngakusasa, uSamuweli wahlangana noSawule, uJehova wayesetshela lo mprofethi: “Nangu [lo] muntu.” USamuweli akapholisanga maseko, wenza njengoba nje ayehlelile. Wenza ithuba elihle lokukhuluma noSawule. USamuweli wamemela uSawule nesikhonzi sakhe esidlweni, wabahlalisa ezihlalweni eziphambili futhi wabanika inyama yekhethelo. USamuweli wathi: “Yidla, ngoba bakugcinele kona kuze kube yisikhathi esimisiwe.” Ngemva kwesidlo, uSamuweli wamemela uSawule endlini yakhe. Endleleni, la madoda amabili ahamba exoxa kamnandi. Lapho efika endlini kaSamuweli, akhuphukela ophahleni futhi uSamuweli “waqhubeka ekhuluma noSawule” kwaze kwaba yilapho beyolala. Ngakusasa, uSamuweli wamgcoba uSawule, wamanga futhi wamnika iziyalezo ezengeziwe. Ngemva kwalokho, uSawule wahamba, esekulungele okwakuzolandela.—1 Samuweli 9:17-27; 10:1.

15 USamuweli wagcoba uSawule ukuze abe umholi wesizwe. Yiqiniso, lokhu kuhluke kakhulu ekuqeqesheni umzalwane ukuba abe umdala noma inceku ekhonzayo ebandleni. Noma kunjalo, abadala bangafunda izifundo eziningi ezibalulekile endleleni uSamuweli ayilungiselela ngayo inhliziyo kaSawule. Ake sixoxe ngezimbili zazo.

ABAFUNDISI ABANENHLIZIYO EVUMAYO NABANGABANGANE ABAHLE

16. (a) USamuweli wazizwa kanjani lapho u-Israyeli ecela inkosi? (b) USamuweli wasabela kanjani lapho uJehova emtshela ukuba agcobe uSawule?

16 Yiba nenhliziyo evumayo, ungazindeli. Lapho uSamuweli eqala ukuzwa ukuthi ama-Israyeli afuna inkosi engumuntu, wazizwa edumele futhi aliwe. (1 Samuweli 8:4-8) UJehova kwadingeka ukuba amtshele kathathu ukuba abalalele abantu ngoba uSamuweli wayengafuni ukubanika inkosi. (1 Samuweli 8:7, 9, 22) Nakuba uSamuweli ayenale mizwa, akazange abe nomhawu noma ayithukuthelele le ndoda eyayizothatha isikhundla sakhe njengomholi. Lapho uJehova emtshela ukuba agcobe uSawule, uSamuweli akazange azindele. Walalela ngenhliziyo evumayo, hhayi nje ngoba kwakumelwe, kodwa ngenxa yokuthi wayemthanda uJehova.

Bafundisi, zinikeni isikhathi sokuba nabafundi esimisweni senu esimatasa

17. Abadala namuhla bamlingisa kanjani uSamuweli, futhi lokho kubanika yiphi injabulo?

17 Kunabadala abaningi abanokuhlangenwe nakho namuhla abaye balingisa uSamuweli futhi baqeqesha abanye ngendlela enothando. (1 Petru 5:2) Laba badala abanomusa bazimisele ukufundisa abanye futhi abesabi ukuwahlanganyela nabafundi amanye amalungelo abanawo ebandleni. Kunalokho, banomuzwa wokuthi laba bazalwane ‘bayizisebenzi ezikanye nabo’ eziyigugu, eziyobasiza ekunakekeleni izidingo zebandla. (2 Korinte 1:24; Hebheru 13:16) Laba badala abangenabugovu bayakujabulela ukubona abafundi besebenzisa amakhono abo ekusizeni abantu bakaJehova.—IzEnzo 20:35.

18, 19. Umdala angenza kanjani ukuze inhliziyo yomfundi ilungele ukuqeqeshwa, futhi kungani lokho kubalulekile?

18 Yiba umngane, hhayi nje umfundisi. Lapho uSamuweli ehlangana noSawule, lo mprofethi wayengamgcoba ngokushesha njengenkosi ngokuthatha amafutha awathele ekhanda lakhe. Le nkosi entsha yayiyobe igcotshiwe, kodwa yayiyobe ingakulungele ukuhola abantu bakaNkulunkulu. Kunokwenza kanjalo, uSamuweli wazinika isikhathi sokulungiselela inhliziyo kaSawule isabelo sakhe esisha. Ngaphambi kokuba amgcobe uSawule, badla ndawonye, bahamba ndawonye, baxoxa isikhathi eside futhi baze baphumula nokuphumula. USamuweli walinda isikhathi esifanele sokugcoba le nkosi entsha.

Ukuqeqesha abanye kuqala ngokuba abangane (Bheka izigaba 18, 19)

19 Kungokufanayo nanamuhla. Ngaphambi kokuba umdala aqale ukuqeqesha umzalwane, kufanele azame ukuba umngane womfundi. Lokho umdala akwenzayo ukuze enze umfundi akhululeke kuyohluka kuye ngezimo namasiko abo. Noma kunjalo, kungakhathaliseki ukuthi uhlalaphi, uma uzinika isikhathi sokuba nomfundi esimisweni sakho esimatasa, umfundi uyobona ukuthi ubalulekile kuwe. (Funda eyabaseRoma 12:10.) Ngokuqinisekile, abafundi bayokwazisa kakhulu ukubakhathalela nokubanaka kwakho ngothando.

 20, 21. (a) Ungamchaza kanjani umfundisi ophumelelayo? (b) Yini esizoxoxa ngayo esihlokweni esilandelayo?

20 Kuyiqiniso ukuthi umfundisi ophumelelayo uyakuthanda ukuqeqesha abanye. Kodwa umfundisi ophumelelayo kumelwe athande nomuntu amqeqeshayo. (Qhathanisa noJohane 5:20.) Kungani lokhu kubalulekile? Kungoba uma umfundi enomuzwa wokuthi umkhathalela ngempela, uyozimisela ukufunda kuwe. Ngakho, badala, yenzani umzamo wokuba ningagcini ngokufundisa kuphela kodwa futhi nibe abangane abahle.—IzAga 17:17; Johane 15:15.

21 Ngemva kokulungiselela inhliziyo yomfundi, umdala angaqala ukumqeqesha. Iziphi izindlela umdala angazisebenzisa? Lokho kuzoxoxwa ngakho esihlokweni esilandelayo.

^ isig. 3 Lesi sihloko nesilandelayo zibhalelwe abadala ngokukhethekile. Kodwa wonke umuntu kufanele abe nesithakazelo kulokhu kwaziswa. Kungani? Kuzosiza bonke abazalwane baqonde ukuthi kudingeka baqeqeshwe ukuze benze okwengeziwe ebandleni. Lapho kunabazalwane abengeziwe abaqeqeshiwe abangasiza ebandleni, wonke umuntu uyozuza.

^ isig. 11 Laba badala bahlala e-Australia, eBangladesh, eBelgium, eBrazil, eFrance, eFrench Guiana, eJapane, eKorea, eMexico, eNamibia, eNigeria, eNingizimu Afrika, eRéunion, eRussia nase-United States.