Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Indlela Abadala Abaqeqesha Ngayo Abanye Ukuze Bafaneleke

Indlela Abadala Abaqeqesha Ngayo Abanye Ukuze Bafaneleke

“[Izinto] owazizwa ngami . . . , ziphathise amadoda athembekile.”—2 THIMOTHEWU 2:2.

1. (a) Yini izinceku zikaNkulunkulu ebezilokhu ziyazi ngokuqeqesha, futhi lokhu kusebenza kanjani namuhla? (b) Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

ABANTU bakaNkulunkulu bebelokhu bazi ukuthi ukuqeqesha kuletha impumelelo. Ngokwesibonelo, u-Abrama wahlela “amadoda akhe aqeqeshiwe,” aphumelela empini yawo yokukhulula uLoti. (Genesise 14:14-16) Abahlabeleli bosuku lweNkosi uDavide ‘babeqeqeshelwe’ ukuhlabelela izingoma zokudumisa uJehova. (1 IziKronike 25:7) Namuhla, kumelwe silwe noSathane nezwe lakhe. (Efesu 6:11-13) Siyazikhandla futhi ukuze sidumise uJehova ngokuxoxa nabanye ngegama lakhe. (Hebheru 13:15, 16) Njengezinceku zikaNkulunkulu zesikhathi esidlule, ukuze siphumelele kumelwe siqeqeshwe. Ebandleni, uJehova unikeze abadala umthwalo wemfanelo wokuqeqesha abanye. (2 Thimothewu 2:2) Iziphi izindlela abanye abadala abaye bazisebenzisa ekuqeqesheni abazalwane ukuze banakekele abantu bakaJehova?

JULISA UTHANDO LOMFUNDI NGOJEHOVA

2. Ngaphambi kokufundisa umfundi amakhono amasha, yini umdala angase afise ukuyenza, futhi ngani?

2 Umdala angase afaniswe nomlimi. Ngaphambi kokuhlwanyela imbewu, kungase kudingeke ukuba umlimi afake umquba enhlabathini ukuze izitshalo zikhule kahle. Ngokufanayo, ngaphambi kokuba umdala afundise umfundi amakhono amasha, angase afise ukuxoxa naye ngezinye zezimiso zeBhayibheli eziyomsiza ukuba akulungele ukusebenzisa lokho akufundayo.—1 Thimothewu 4:6.

3. (a) Amazwi kaJesu akuMarku 12:29, 30, angasetshenziswa kanjani engxoxweni nomfundi? (b) Umthandazo womdala ungase umthinte kanjani umfundi?

3 Kubalulekile ukuqonda indlela iqiniso elithonya ngayo imicabango nemizwa yomfundi. Ukuze wenze kanjalo, ungase umbuze indlela ukuzinikezela kwakhe kuJehova okuye kwazithonya ngayo izinqumo zakhe ekuphileni. Lowo mbuzo ungaholela engxoxweni yendlela esingakhonza ngayo uJehova ngenhliziyo yethu yonke. (Funda uMarku 12:29, 30.) Ungase ufise nokuthandaza nalo mzalwane futhi ucele uJehova ukuba amnike umoya ongcwele awudingayo ekuqeqeshweni kwakhe. Lapho lo mzalwane ekuzwa umthandazela, cishe kuyomkhuthaza ukuba enze okwengeziwe!

4. (a) Nikeza izibonelo zokulandisa okuseBhayibhelini ezingasiza umfundi ukuba athuthuke. (b) Imuphi umgomo abadala okufanele babe nawo lapho beqeqesha abanye?

4 Lapho uqala ukuqeqesha othile, kuhle ukuxoxa ngokulandisa okuseBhayibhelini okungasiza umfundi abone ukubaluleka kokuba umuntu owusizo, onokwethenjelwa nothobekile. (1 AmaKhosi 19:19-21; Nehemiya 7:2; 13:13; IzEnzo 18:24-26) Lezi zimfanelo zibalulekile kumfundi kuhle komquba enhlabathini. Ziyosiza umfundi akhule, okuwukuthi, athuthuke ngokushesha. UJean-Claude, ongumdala eFrance, uthi lapho eqeqesha umfundi, umgomo wakhe uwukumsiza enze izinqumo ezihlakaniphile ezisekelwe ezimisweni zeBhayibheli. Uthi: “Ngifuna amathuba okufunda umBhalo othile nomfundi ukuze ‘ngivule amehlo’ akhe abone ‘izinto ezimangalisayo’ eziseZwini likaNkulunkulu.” (IHubo 119:18) Iziphi ezinye zezindlela zokuqinisa umfundi?

SIKISELA IMIGOMO UNIKEZE NEZIZATHU

5. (a) Kubaluleke kangakanani ukuxoxa nomfundi ngokuzibekela imigomo enkonzweni kaJehova? (b) Kungani abadala kufanele baqeqeshe labo abasebancane? (Bheka umbhalo waphansi.)

5 Buza umfundi ukuthi imiphi imigomo azibekele yona enkonzweni kaJehova. Uma engenayo, msize azibekele umgomo angawufinyelela. Mxoxele ngomdlandla ngomgomo owawunawo nangendlela owajabula ngayo lapho uwufinyelela. Le ndlela ilula kodwa iyaphumelela. UVictor, umdala oyiphayona e-Afrika, uthi: “Lapho ngisemusha, umdala othile wangibuza imibuzo embalwa ngemigomo yami. Leyo mibuzo yangenza ngaqala ukucabangisisa ngenkonzo yami.” Abadala abanokuhlangenwe nakho bathi kubalulekile ukuqeqesha abazalwane besebasha, mhlawumbe lapho besanda kweva eminyakeni eyishumi nambili. Ungabanika imisebenzi ethile ebandleni kuye ngeminyaka yabo. Uma abazalwane beqeqeshwa besebasha, kungabasiza ukuba bagxile emigomweni yabo ngisho nalapho bekhula futhi beba nezinto eziningi ezibaphazamisayo.—Funda iHubo 71:5, 17. * (Bheka umbhalo waphansi.)

Chazela umzalwane ukuthi kungani umsebenzi omnike wona kudingeka wenziwe futhi umncome ngemizamo yakhe (Bheka izigaba 5-8)

6. Iyiphi indlela ebalulekile uJesu ayisebenzisa ekuqeqesheni abanye?

6 Ukuze ukhuthaze umfundi, kumelwe wenze okungaphezu nje kokumtshela lokho okufanele akwenze. Kumelwe umchazele nokuthi kungani kubalulekile ukuba akwenze. UMfundisi Omkhulu, uJesu, watshela abaphostoli bakhe ukuba bashumayele. Kodwa waqala ngokubanika isizathu sokuba bawulalele lo myalo. Wathi: “Nginikwe lonke igunya ezulwini nasemhlabeni. Ngakho-ke, hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi.” (Mathewu 28:18, 19) Ungayilingisa kanjani indlela kaJesu yokuqeqesha?

7, 8. (a) Abadala namuhla bangayilingisa kanjani indlela kaJesu yokuqeqesha? (b) Kubaluleke kangakanani ukuncoma umfundi? (c) Imaphi amacebiso angasiza abadala ekuqeqesheni abanye? (Bheka ibhokisi elithi “ Indlela Yokuqeqesha Abanye.”)

7 Lapho ucela umzalwane ukuba enze umsebenzi othile, mchazele ngokusuka eBhayibhelini ukuthi kungani lo msebenzi ubalulekile. Ngokwenza kanjalo, umfundisa ukwenza izinto ngokusekelwe ezimisweni zeBhayibheli hhayi nje emithethweni. Ngokwesibonelo, uma ucela umzalwane ukuba agcine indawo yokungena eHholo LoMbuso ihlanzekile futhi iphephile, ungase umbonise uThithu 2:10. Mchazele indlela umsebenzi wakhe oyokwenza ngayo isigijimi soMbuso sikhange kakhudlwana. Cela umfundi ukuba acabange nangalabo asebekhulile ebandleni nokuthi ukwenza lo msebenzi kuyobasiza kanjani. Ingxoxo enjengalena inikeza ukuqeqesha okuyomsiza ukuba acabange kakhulu ngabantu kunangemithetho. Lapho ebona indlela abazalwane nodade abazuza ngayo emsebenzini wakhe, uyothola injabulo ngokukhonza abanye.

8 Qiniseka nokuthi uyamncoma umfundi ngokusebenzisa amacebiso omnike wona. Kubaluleke kangakanani ukwenza kanjalo? Njengoba nje amanzi esiza isitshalo ukuba sikhule futhi sibe nempilo, ukumncoma umfundi kumsiza ukuba athuthuke enkonzweni yakhe kuJehova.—Qhathanisa noMathewu 3:17.

ENYE INGQINAMBA

9. (a) Kungani kungase kube nzima kubadala emazweni athile anothile ukuqeqesha abanye? (b) Kungani inkonzo kaNkulunkulu ingezi kuqala ekuphileni kwabanye abazalwane abasebasha?

9 Abadala emazweni anothile bangase bakuthole kunzima ukukhuthaza abazalwane ababhapathiziwe abaneminyaka yobudala ephakathi kwengu-20 nengu-40 ukuba benze okwengeziwe ebandleni. Abadala abanokuhlangenwe nakho emazweni angaba ngu-20 baye basichazela lokho abakholelwa ukuthi kuyisizathu esenza abanye abazalwane abasebasha bangenzi okwengeziwe ebandleni. Iningi labo lathi lapho abanye abazalwane besebasha, abazali babo abazange babakhuthaze ukuba bazibekele imigomo enkonzweni kaJehova. Kanti lapho abanye abazalwane abasebasha befisa ukwenza okwengeziwe, abazali babo babakhuthaza ukuba bazibekele imigomo ephathelene nemfundo ephakeme noma baphishekele umsebenzi othile ezweni! Ngakho inkonzo kaNkulunkulu ayikaze ize kuqala ekuphileni kwabo.—Mathewu 10:24.

10, 11. (a) Umdala angamsiza kanjani kancane kancane umzalwane ukuba ashintshe indlela acabanga ngayo? (b) Imiphi imiBhalo umdala angayisebenzisa ukuze akhuthaze umzalwane, futhi ngani? (Bheka umbhalo waphansi.)

10 Uma umzalwane ebonakala engenasithakazelo sokwenza okwengeziwe ebandleni, ukuze ushintshe indlela acabanga ngayo kungadingeka usebenze kanzima futhi ube nesineke, kodwa kungenziwa. Umlimi angasiza isitshalo ukuba sikhule siqonde ngokudamane eqondisa isiqu saso. Ngokufanayo, ungasiza umzalwane kancane kancane ukuba abone ukuthi kudingeka ashintshe isimo sakhe sengqondo ngokuphathelene nokwamukela imithwalo yemfanelo eyengeziwe ebandleni. Kanjani?

11 Zinike isikhathi sokwakha ubungane naye. Menze azi ukuthi ibandla liyamdinga. Ngokuhamba kwesikhathi, yibe usuhlala phansi naye ubonisane naye ngemiBhalo engamsiza ukuba acabange ngokuzinikezela kwakhe kuJehova. (UmShumayeli 5:4; Isaya 6:8; Mathewu 6:24, 33; Luka 9:57-62; 1 Korinte 15:58; 2 Korinte 5:15; 13:5) Zama ukufinyelela inhliziyo yakhe ngokubuza imibuzo enjengale: ‘Yini owawuyithembisa uJehova ngesikhathi unikezela ukuphila kwakho kuye? Ucabanga ukuthi uJehova wazizwa kanjani lapho ubhapathizwa?’ (IzAga 27:11) ‘USathane wazizwa kanjani?’ (1 Petru 5:8) ImiBhalo enjengale ingaba namandla kakhulu futhi ingayithinta ngokujulile inhliziyo yomzalwane.—Funda amaHebheru 4:12. * (Bheka umbhalo waphansi.)

BAFUNDI, ZIBONISENI NITHEMBEKILE

12, 13. (a) Isiphi isimo sengqondo u-Elisha asibonisa njengomfundi? (b) UJehova wamvuza kanjani u-Elisha ngokwethembeka kwakhe?

12 Bazalwane abasebasha, ibandla liyaludinga usizo lwenu! Isiphi isimo sengqondo esiyonisiza niphumelele enkonzweni yenu kuJehova? Ukuze sithole impendulo, ake sixoxe ngezenzakalo ezithile ekuphileni komfundi othile wamandulo, u-Elisha.

13 Eminyakeni engaba ngu-3 000 edlule, umprofethi u-Eliya wacela u-Elisha owayesemusha ukuba abe umsizi wakhe. U-Elisha wavumela phezulu futhi wawenza ngokwethembeka umsebenzi ophansi wokukhonza lo mprofethi. (2 AmaKhosi 3:11) U-Eliya waqeqesha u-Elisha cishe iminyaka eyisithupha. Kwathi lapho umsebenzi ka-Eliya esizweni sakwa-Israyeli usuzophela, lo mprofethi watshela lo msizi wakhe ukuthi usengayeka ukumkhonza. Kodwa kathathu u-Elisha wathi: “Ngeke ngikushiye.” Wayezimisele ukuqhubeka ekhonza umfundisi wakhe isikhathi eside ngangokunokwenzeka. UJehova wavuza ubuqotho nokwethembeka kuka-Elisha ngokumvumela ukuba abone lapho u-Eliya ethathwa ngesivunguvungu.—2 AmaKhosi 2:1-12.

14. (a) Abafundi namuhla bangamlingisa kanjani u-Elisha? (b) Kungani kubaluleke kakhulu ukuba umfundi athembeke?

14 Njengomfundi, ungamlingisa kanjani u-Elisha? Zamukele ngokushesha izabelo ozinikezwayo, ngisho nemisebenzi ephansi. Khumbula ukuthi umfundisi wakho ungumngane wakho. Mtshele ukuthi uyakwazisa lokho akwenzela khona futhi umbonise ukuthi uyafuna ukuqhubeka ufunda kuye. Okubaluleke kunakho konke, sinakekele ngokwethembeka isabelo sakho. Kungani? Uma ubonisa ukuthi uthembekile futhi ungumuntu onokwethenjelwa, kuyokwenza abadala baqiniseke ukuthi uJehova ufuna ukuba unikezwe imithwalo yemfanelo eyengeziwe ebandleni.—IHubo 101:6; funda eyesi-2 Thimothewu 2:2.

HLONIPHANI LABO ASEBENEMINYAKA BENGABADALA

15, 16. (a) U-Elisha wabonisa ngaziphi izindlela ukuthi uyamhlonipha umfundisi wakhe? (Bheka isithombe esisekuqaleni.) (b) Yini eyenza abanye abaprofethi bamethemba u-Elisha?

15 Indaba ka-Elisha ibonisa nokuthi kubalulekile ukuba abazalwane namuhla babahloniphe labo asebeneminyaka bekhonza njengabadala. Ngemva kokuba u-Eliya no-Elisha bevakashele iqembu elithile labaprofethi eJeriko, la madoda amabili afika eMfuleni iJordani. “Khona-ke u-Eliya wathatha isembatho sakhe sabaprofethi wasisonga washaya amanzi, kancane kancane ahlukana.” Bawela emhlabathini owomile, futhi baqhubeka “behamba bekhuluma.” U-Elisha wakulalelisisa konke umfundisi wakhe ayekusho futhi waqhubeka efunda kuye. Akazange abe nomuzwa wokuthi wazi yonke into. U-Eliya wabe esethathwa ngesivunguvungu, futhi u-Elisha wabuyela eMfuleni iJordani. Wafike washaya amanzi ngesembatho sika-Eliya sabaprofethi wathi: “Uphi uJehova uNkulunkulu ka-Eliya?” Amanzi omfula aphinde ahlukana.—2 AmaKhosi 2:8-14.

16 Uphawulile yini ukuthi isimangaliso sika-Elisha sokuqala sasifana ncamashi nesika-Eliya sokugcina? Kusifundisani lokhu? U-Elisha akazange abe nomuzwa wokuthi ngenxa yokuthi sekuphethe yena, kudingeka enze izinto ngendlela ehlukile kweka-Eliya. Kunalokho, ukwenza kwakhe ngendlela ka-Eliya kwabonisa ukuthi wayemhlonipha umfundisi wakhe, futhi lokho kwasiza abanye abaprofethi ukuba bamethembe u-Elisha. (2 AmaKhosi 2:15) U-Elisha wakhonza njengomprofethi iminyaka engu-60, futhi uJehova wamnika amandla okwenza izimangaliso eziningi kunezika-Eliya. Abafundi bangafundani kulokhu namuhla?

17. (a) Abafundi namuhla bangasilingisa kanjani isimo sengqondo sika-Elisha? (b) Ngokuhamba kwesikhathi, uJehova angabasebenzisa kanjani abafundi abathembekile?

17 Lapho unikezwa umthwalo wemfanelo owengeziwe ebandleni, ungabi nomuzwa wokuthi kudingeka wenze izinto ngendlela ehluke ngokuphelele kwezazenziwa ngayo ngaphambili. Khumbula ukuthi izinguquko zenziwa uma kunesidingo ebandleni noma kunesiqondiso esivela enhlanganweni kaJehova. Akufanele wenze izinguquko ngoba nje kufuna wena. Ngokuqhubeka esebenzisa izindlela zika-Eliya, u-Elisha wasiza abanye abaprofethi ukuba bamethembe futhi wabonisa ukuthi uyamhlonipha umfundisi wakhe. Ngokufanayo, uma uqhubeka usebenzisa izindlela zabafundisi bakho ezisekelwe eBhayibhelini, ubonisa ukuthi uyabahlonipha labo asebeneminyaka bengabadala futhi abafowenu nodadewenu ebandleni bayokwethemba. (Funda eyoku-1 Korinte 4:17.) Njengoba uzuza okuhlangenwe nakho okwengeziwe, uyokwenza izinguquko ezingasiza ibandla ukuba lilandele inhlangano kaJehova elokhu iqhubekele phambili. Ngokuhamba kwesikhathi, uJehova angakusiza ukuba wenze imisebenzi emikhulu kunaleyo yabafundisi bakho, njengoba nje asiza u-Elisha.—Johane 14:12.

18. Kungani kuphuthuma ukuqeqesha abazalwane emabandleni?

18 Sethemba ukuthi amacebiso akulesi sihloko nakwesandulele ayokhuthaza abadala abengeziwe ukuba bazinike isikhathi sokuqeqesha abazalwane. Sithandazela nokuba abazalwane abengeziwe bakujabulele ukuqeqeshwa futhi bakusebenzise abakufundayo ukuze banakekele abantu bakaJehova. Lokhu kuyoqinisa amabandla emhlabeni wonke futhi kuyosiza ngamunye wethu ukuba ahlale ethembekile phakathi nezikhathi ezivusa amadlingozi eziseza.

^ isig. 5 Uma umzalwane osemusha ebonisa ukuvuthwa nokuthobeka futhi enazo ezinye izimfanelo ezidingekayo zokukhonza ebandleni, abadala bangase basikisele ukuba amiswe njengenceku ekhonzayo ngisho noma engakabi neminyaka engu-20 ubudala.—1 Thimothewu 3:8-10, 12; bheka INqabayokulinda ka-July 1, 1989, ikhasi 29.