Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Buqine Kangakanani Ubuhlobo Bakho NoJehova?

Buqine Kangakanani Ubuhlobo Bakho NoJehova?

“Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.”—JAKOBE 4:8.

1. Kungani kudingeka sigcine ubuhlobo bethu noJehova buqinile?

UMA unguFakazi kaJehova obhapathiziwe, unokuthile okuyigugu kakhulu. Unobuhlobo bomuntu siqu noJehova. Kodwa izwe likaSathane liyabuhlasela lobo buhlobo kanti nokungapheleli kwethu kungabenza buthaka. Yingakho sonke kumelwe sigcine ubuhlobo bethu noJehova buqine ngangokunokwenzeka.

2. (a) Buyini ubuhlobo? (Bheka umbhalo waphansi.) (b) Singabuqinisa kanjani ubuhlobo bethu noJehova?

2 Ingabe uJehova ungokoqobo kuwe? Unawo yini umuzwa wokuthi unguMngane wakho? Ungathanda yini ukuba ubuhlobo bakho naye buqine ngokwengeziwe? UJakobe 4:8 ukutshela okudingeka ukwenze: “Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.” Ubuhlobo bakho noJehova bunihilela nobabili, wena noJehova. * (Bheka umbhalo waphansi.) Uma uthatha izinyathelo zokusondela kuJehova, naye uyothatha izinyathelo zokusondela kuwe. Uma ukwenza ngokwengeziwe lokhu, uJehova uyoba ngokoqobo ngokwengeziwe kuwe futhi niyosondelana kangangokuthi uyozizwa ngendlela uJesu azizwa ngayo lapho ethi: “Lowo ongithumile ungokoqobo,” futhi, “ngiyamazi.” (Johane 7:28, 29) Kodwa iziphi ezinye zezinto ongazenza ukuze usondele ngokwengeziwe kuJehova?

Ungakhulumisana kanjani noNkulunkulu? (Bheka isigaba 3)

3. Singakhulumisana kanjani noJehova?

3 Uma ufuna ukusondelana noJehova, kubaluleke kakhulu ukuba wena naye nikhulumisane njalo. Kodwa kungenzeka kanjani lokhu? Cabanga ngendlela wena nomngane wakho ohlala kude eningakhulumisana ngayo. Ningabhalelana njalo futhi nishayelane ucingo. Ukhuluma noJehova lapho uthandaza njalo kuye. (Funda iHubo 142:2.) Kodwa ungamvumela kanjani uJehova akhulume nawe? Lokhu ukwenza lapho ulifunda njalo izwi lakhe, iBhayibheli, futhi uzindle ngalo. (Funda u-Isaya 30:20, 21.) Ake sibone indlela lokhu kukhulumisana kwakho noJehova okungabuqinisa ngayo ubuhlobo bakho naye futhi kumenze abe uMngane wangempela kuwe.

VUMELA UJEHOVA AKHULUME NAWE LAPHO UTADISHA IBHAYIBHELI

4, 5. UJehova ukhuluma kanjani nawe lapho utadisha iBhayibheli? Nikeza isibonelo.

4 Siyazi ukuthi iBhayibheli liwumyalezo kaNkulunkulu obhalelwe wonke umuntu. Kodwa iBhayibheli lingakusiza yini wena ukuba usondele ngokwengeziwe kuJehova? Yebo! Njengoba ufunda futhi utadisha iBhayibheli njalo, naka indlela ozizwa ngayo ngalokho okufundayo. Cabanga nangendlela ongakusebenzisa ngayo okufundayo. Uma wenza lokhu, uvumela uJehova akhulume nawe. Uba uMngane omkhulu okusizayo, nawe usondela ngokwengeziwe kuye.—Hebheru 4:12; Jakobe 1:23-25.

5 Ngokwesibonelo, uzizwa kanjani lapho ufunda la mazwi kaJesu: “Yekani ukuzibekelela ingcebo emhlabeni”? Uma wenza okusemandleni ukuba uJehova eze kuqala ekuphileni kwakho, uyoba nomuzwa wokuthi uyajabula ngawe. Kodwa kungenzeka uwafunde la mazwi kaJesu bese uqaphela ukuthi kudingeka wenze ukuphila kwakho kube lula futhi ugxile ngokwengeziwe ekukhonzeni uNkulunkulu. Uma kunjalo, kuyosho ukuthi uJehova uyakusiza ukuba uqonde lokho wena ongakwenza ukuze usondele kuye ngokwengeziwe.—Mathewu 6:19, 20.

6, 7. (a) Lapho sitadisha iBhayibheli, kwenzekani othandweni lwethu ngoJehova nasothandweni lwakhe ngathi? (b) Kufanele ube yini umgomo wethu oyinhloko lapho sitadisha iBhayibheli?

6 Kuyiqiniso ukuthi lapho sitadisha iBhayibheli, siqaphela izinguquko esingazenza ukuze sikhonze uJehova kangcono. Kodwa sifunda nangezinto azenzayo ngothando nangobuntu bakhe obuhle, okwenza simthande ngokwengeziwe. Njengoba uthando lwethu ngaye lukhula, uthando lwakhe ngathi luyakhula futhi ubuhlobo bethu naye buqina ngokwengeziwe.—Funda eyoku-1 Korinte 8:3.

7 Uma sifuna ukusondela kuJehova, kubalulekile ukuba sitadishe iBhayibheli ngesizathu esifanele. UJesu wathi: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo omthumileyo, uJesu Kristu.” (Johane 17:3) Singafunda izinto eziningi ezintsha nezithakazelisayo lapho sitadisha iBhayibheli, kodwa umgomo wethu oyinhloko kufanele kube ukufuna ukwazi uJehova kangcono njengoMuntu.—Funda u-Eksodusi 33:13; IHubo 25:4.

8. (a) Yini engase icatshangwe abanye ngendlela uJehova aphatha ngayo iNkosi u-Azariya? (b) Uma umazi uJehova, uyozizwa kanjani ngalokho akwenzayo?

8 Lapho sazi uJehova njengoMngane omkhulu, ngeke kusikhathaze ukungachazi kweBhayibheli ngaso sonke isikhathi ukuthi kungani enza ngendlela ethile. Ngokwesibonelo, ngesikhathi u-Azariya eyinkosi yakwaJuda, abantu babekhulekela onkulunkulu bamanga. U-Azariya akazange ahlanganyele nabo. “Waqhubeka enza okuqondileyo emehlweni kaJehova.” (2 AmaKhosi 15:1-5) Kodwa uJehova wajezisa u-Azariya ngochoko. Kungani? Lokhu kulandisa akusitsheli. Ngakho, uzizwa kanjani ngalokho uJehova akwenza? Ingabe kuyakukhathaza, kukwenze ube nomuzwa wokuthi uJehova akenzanga ngobulungisa, ukuthi wajezisa u-Azariya ngeze? Cha. Uma umazi kahle uJehova, uyazi ukuthi isijeziso sakhe sihlale sifaneleka. Ngaso sonke isikhathi ujezisa “ngezinga elifanelekile.” (Jeremiya 30:11) Ngakho, ngisho noma ungazi ukuthi kungani uJehova ajezisa u-Azariya, ungaqiniseka ukuthi lokho akwenza kwakufanele.

9. Imiphi imininingwane esisiza siqonde ukuthi kungani uJehova ajezisa u-Azariya ngochoko?

9 IBhayibheli liyasinikeza imininingwane eyengeziwe ngokuphila kweNkosi u-Azariya, eyayaziwa nangokuthi iNkosi u-Uziya. (2 AmaKhosi 15:7, 32) Ukulandisa okukweyesi-2 IziKronike 26:3-5, 16-21 kunezela ukuthi wenza “okulungile emehlweni kaJehova.” Kodwa kubuye kuthi kamuva “inhliziyo yakhe yazidla kwaze kwaba seqophelweni lokubangela incithakalo.” Le nkosi yazama ukwenza into okwakungabapristi kuphela ababevunyelwe ukuyenza. Abapristi abangu-81 bayitshela ukuthi yayenza okungafanele futhi bazama ukuyinqanda. Yasabela kanjani? Yayisiqhosha kakhulu kangangokuthi yabathukuthelela! Le mininingwane eyengeziwe isisiza siqonde ukuthi kungani uJehova ajezisa le nkosi ngochoko.

Lapho uqhubeka umazi uJehova, uyomethemba ngokwengeziwe ukuthi wenza okufanele ngaso sonke isikhathi

10. Kungani kungadingeki sazi izizathu zakho konke uJehova akwenzayo? Singamethemba kanjani uJehova ukuthi wenza okufanele ngaso sonke isikhathi?

10 Isiphi isifundo esibalulekile esisifundayo? Ukulandisa kweNkosi u-Azariya kunemininingwane eyanele ukusisiza ukuba siqonde ukuthi kungani uJehova ayijezisa. Kodwa uyokwenzenjani lapho iBhayibheli lingayinikezi yonke imininingwane? Ingabe uyozibuza ukuthi lokho uJehova akwenza kwakufanele ngempela? Noma ingabe uyoba nomuzwa wokuthi iBhayibheli linokwaziswa okwanele okwenza umethembe uNkulunkulu ukuthi wenza okufanele ngaso sonke isikhathi? (Duteronomi 32:4) Lapho uqhubeka umazi uJehova njengoMuntu, uyomthanda futhi umethembe ngokwengeziwe. Ngeke-ke kudingeke ukuba wazi izizathu zakho konke akwenzayo. Njengoba utadisha iBhayibheli, uJehova uyoba ngokoqobo ngokwengeziwe kuwe futhi usondelane naye ngokwengeziwe.—IHubo 77:12, 13.

UKHULUMA NOJEHOVA LAPHO UTHANDAZA

11-13. Wazi kanjani ukuthi uJehova uyayilalela imithandazo? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

11 Lapho sithandaza, siyasondelana noJehova. Siyamdumisa, simbonge futhi sicele usizo kuye. (IHubo 32:8) Kodwa uma ufuna ukuba nobuhlobo obuseduze noJehova, kumelwe ukholelwe ngempela ukuthi uyayizwa imithandazo.

12 Abanye abantu bathi uNkulunkulu akayilaleli imithandazo futhi bathi ukuthandaza kumane kuyinto ekwenza uzizwe kangcono. Bakholelwa ukuthi umthandazo umane ukusiza ukuba ucabangisise ngezinkinga zakho futhi uzitholele izimpendulo. Kuyiqiniso ukuthi umthandazo ungakusiza ngalezi zindlela. Kodwa lapho ukhuluma noJehova ngomthandazo, uyakulalela ngempela. Ungaqiniseka kanjani?

Ungaqiniseka ukuthi uJehova uyayilalela imithandazo yakho

13 Cabanga ngalokhu: Ngaphambi kokuba uJesu eze emhlabeni, wayembona uJehova ephendula imithandazo yezinceku zaKhe ezingabantu. Ngesikhathi esemhlabeni, uJesu wathandaza kuYise osezulwini ngemicabango nangemizwa yakhe. Ngesinye isikhathi, waze wathandaza ubusuku bonke. (Luka 6:12; 22:40-46) Ingabe uJesu wayeyokwenza lokho uma ayecabanga ukuthi uJehova wayengalalele ngempela? UJesu wabuye wafundisa abalandeli bakhe indlela yokuthandaza kuJehova. Wayeyokwenza yini lokho uma ayecabanga ukuthi uJehova akayilaleli imithandazo? Kusobala ukuthi uJesu wayazi ukuthi uJehova uyizwa ngempela imithandazo. Waze wathi: “Baba, ngiyakubonga ngoba ungizwile. Yiqiniso, bengazi ukuthi uyangizwa ngaso sonke isikhathi.” Nathi singaqiniseka ngokufanayo ukuthi uJehova uyayilalela imithandazo yethu.—Johane 11:41, 42; IHubo 65:2.

14, 15. (a) Sizuza kanjani lapho sizisho ngokuqondile izinto esizicelayo emithandazweni yethu? (b) Imithandazo kaKathy yamsiza kanjani ukuba asondele ngokwengeziwe kuJehova?

14 Izimpendulo zemithandazo yakho zingase zingabi sobala ngaso sonke isikhathi. Kodwa lapho uzisho ngokuqondile izinto ozicelayo emithandazweni yakho, uyokwazi ukuyibona ngokucace ngokwengeziwe indlela uJehova akuphendula ngayo, futhi uJehova uyoba ngokoqobo ngokwengeziwe kuwe. Uma umtshela obala uJehova konke okukukhathazayo, uyosondela ngokwengeziwe kuwe.

15 Ngokwesibonelo, uKathy wayevamile ukuya enkonzweni yasensimini, kodwa wayengayijabuleli. * (Bheka umbhalo waphansi.) Wathi: “Ngangingayithandi inkonzo yasensimini. Ngisho ukuthi ngangingayithandi nakancane.” Lapho esethathe umhlalaphansi, umdala othile wamkhuthaza ukuba abe iphayona elivamile. Wathi: “Waze wanginika nefomu lesicelo. Nganquma ukuyingenela inkonzo yokuphayona, kodwa ngaqala nokuthandaza nsuku zonke ukuba uJehova angenze ngiyithande inkonzo yasensimini.” Ingabe uJehova wayiphendula imithandazo yakhe? Ngemva kokuphayona iminyaka emithathu, nakhu akushoyo: “Ukuchitha isikhathi esengeziwe enkonzweni nokufunda kwabanye odade kwenze ukuba kancane kancane ngithuthukise ikhono lami lokufakaza. Namuhla, akusekhona nje ukuthi ngiyayithanda inkonzo yasensimini—sengiyikhonzile. Ngaphezu kwalokho, sengisondelene kakhulu noJehova kunangaphambili.” Ngempela, imithandazo kaKathy yamsiza ukuba asondele ngokwengeziwe kuJehova.

Qhubeka usondela kuJehova (Bheka izigaba 16, 17)

YENZA INGXENYE YAKHO

16, 17. (a) Yini okumelwe siyenze ukuze siqhubeke siqinisa ubuhlobo bethu noJehova? (b) Sizoxoxa ngani esihlokweni esilandelayo?

16 Singaqhubeka sisondela kuJehova phakade. Ngakho, masiqhubeke simlalela ngokutadisha iBhayibheli njalo futhi siqhubeke sikhuluma naye ngokuthandaza. Uma senza lokhu, ubuhlobo bethu noJehova buyoqhubeka buqina futhi uyosisiza sikwazi ukukhuthazelela izimo ezivivinyayo.

Singaqhubeka sisondela kuJehova phakade

17 Kodwa ngezinye izikhathi sibhekana nezinkinga zomuntu siqu ezingapheli ngisho noma sithandaza njalo kuJehova. Ngalezi zikhathi, singaqala ukuphelelwa ukumethemba uJehova. Singaba nomuzwa wokuthi uJehova akayizwa imithandazo yethu futhi sizibuze ukuthi singabangane bakhe ngempela yini. Uma uqala ukuzizwa ngaleyo ndlela, yini ongayenza? Isihloko esilandelayo sizokusiza.

^ isig. 2 Ubuhlobo indlela abantu ababili abazizwa ngayo ngomunye nomunye nabaphathana ngayo. Bobabili kumelwe benze okuthile ukuze bagcine ubuhlobo babo buqinile.

^ isig. 15 Igama lishintshiwe.