Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Thembela KuJehova Ngaso Sonke Isikhathi!

Thembela KuJehova Ngaso Sonke Isikhathi!

“O bantu, thembelani kuye ngazo zonke izikhathi.”—IHUBO 62:8.

1-3. Kungani uPawulu ayeqiniseka ukuthi wayengathembela kuJehova? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

UKUBE wawungumKristu eRoma ekhulwini lokuqala, wawuyobe uphila esikhathini esiyingozi. AmaRoma ayewashushisa ngonya amaKristu. Ayethi umlilo omkhulu owaba khona eRoma wawokhelwe amaKristu futhi ethi azonda abantu. Abafowenu nodadewenu abaningi abangamaKristu babeboshwa. Abanye babedwengulwa izilwane. Abanye babephanyekwa ezigxotsheni bashiswe bephila ukuze kukhanyiswe ngabo ebusuku. Usuku ngalunye wawazi ukuthi wawungehlelwa yinoma iyiphi yalezi zinto.

2 Umphostoli uPawulu wavalelwa ejele ngalesi sikhathi esinzima kakhulu. Kungenzeka ukuthi wazibuza ukuthi abafowabo abangamaKristu bazomsiza yini ngoba ekhumbula ukuthi ngaphambili wayengasizwanga muntu. Kodwa uJehova wayemsizile esebenzisa iNkosi uJesu. UPawulu wabhala: “INkosi yema eduze kwami futhi yangipha amandla.” UJesu wanika uPawulu amandla ayewadinga. UPawulu waze wabhala ukuthi ‘wakhululwa emlonyeni wengonyama.’2 Thimothewu 4:16, 17. * (Bheka umbhalo waphansi.)

3 UPawulu wakhumbula indlela uJehova ayemsize ngayo esikhathini esidlule. Ngakho, wayeqiniseka ukuthi uJehova wayezomnika amandla ayewadinga ukuze akhuthazelele isimo ayekuso manje kanye nanoma iluphi uvivinyo olwaluseza. Wayeqiniseka kakhulu ngalokhu kangangokuthi wabhala: “INkosi iyongikhulula kuyo yonke imisebenzi emibi.” (2 Thimothewu 4:18) UPawulu wayefunde ukuthi ngisho nasezimweni abafowabo ababengenakumsiza kuzo, wayengathembela njalo kuJehova noJesu ukuba bamsize. Wayengangabazi nhlobo.

AMATHUBA OKUBA SITHEMBELE KUJEHOVA

4, 5. (a) Ubani ongakunika usizo oludingayo ngaso sonke isikhathi? (b) Ungabuqinisa kanjani ubuhlobo bakho noJehova?

4 Wake wabhekana yini nenkinga enkulu, wazizwa ufelwe yizwe, kungenamuntu okusizayo? Mhlawumbe wawuphelelwe umsebenzi noma ubhekene nezingcindezi esikoleni. Mhlawumbe wawugula kakhulu noma wehlelwe obunye ubunzima. Kungenzeka wacela usizo kwabanye abantu kodwa wadumala ngoba abakunikanga usizo owawuludinga. Ezinye izinkinga vele abantu abanamandla okuzixazulula. Uyokwenzenjani-ke esimweni esinjalo? IBhayibheli lisitshela ukuba ‘sithembele kuJehova.’ (IzAga 3:5, 6) Kodwa ungaqiniseka yini ukuthi uyokusiza? Yebo! Singafunda ngezibonelo eziningi eBhayibhelini ezisiqinisekisa ngokuthi uJehova uyabasiza ngempela abantu bakhe.

Uvivinyo lusinika ithuba lokuthembela kuJehova ngokuphelele

5 Ungacasuki lapho abantu bengakunikezi usizo oludingayo. Kunalokho, njengoPawulu, bheka lolo vivinyo njengethuba lokuthembela kuJehova ngokuphelele. Lukunika nethuba lokuyibona kokwakho ukuphila indlela akukhathalela ngayo. Ukuthembela kwakho kuJehova kanye nobuhlobo bakho naye kuyobe sekuqina ngokwengeziwe.

KUDINGEKA SITHEMBELE KUJEHOVA

6. Kungani kungase kungabi lula ukuthembela kuJehova lapho sibhekene nenkinga enkulu?

6 Kungenzeka ubhekene nenkinga enkulu ekuphatha kabi. Wenze konke ongakwenza ngalesi simo, futhi wathandazela usizo kuJehova. Usungayeka yini ukukhathazeka, wethembe ukuthi uzokusiza? Yebo! (Funda iHubo 62:8; 1 Petru 5:7.) Uma ufuna ukuba nobuhlobo obuhle noJehova, kubalulekile ukuba ufunde ukuthembela kuye. Kodwa ukwenza lokhu akulula njalo. Kungani? Esinye sezizathu ukuthi uJehova angase angawuphenduli ngokushesha umthandazo wakho.—IHubo 13:1, 2; 74:10; 89:46; 90:13; Habakuki 1:2.

UJehova, uBaba wethu osezulwini, uyasithanda futhi uyakwazi esikudingayo

7. Kungani uJehova engayiphenduli ngokushesha ngaso sonke isikhathi imithandazo yethu?

7 Kungani uJehova engayiphenduli ngokushesha ngaso sonke isikhathi imithandazo yethu? IBhayibheli lithi uJehova unguBaba wethu, thina siyizingane zakhe. (IHubo 103:13) Ubaba ongumuntu akamniki umntanakhe konke akucelayo noma amnike kona ngokushesha. Uyazi ukuthi ingane ingase ifune okuthile kungalindelekile, bese ijika ingabe isakufuna. Uyazi nokuthi ikuphi okuyilungele kangcono ingane yakhe nokuthi kungabathinta kanjani abanye. Uyazi ukuthi ingane yakhe idingani nokuthi kufanele ikuthole nini. Uma ubaba ebengayinika ngokushesha ingane konke ekucelayo, ubeyophenduka isisebenzi sayo. UJehova, uBaba wethu osezulwini, uyasithanda. NjengoMdali wethu ohlakaniphile, uyakwazi esikudingayo futhi uyanquma ukuthi isiphi isikhathi esingcono kakhulu sokusinika esikucelayo. Kuhle ukuba silinde sibone indlela uJehova aphendula ngayo imithandazo yethu.—Qhathanisa no-Isaya 29:16; 45:9.

8. Yini uJehova ayithembisayo mayelana nalokho esikwazi ukukukhuthazelela?

8 Khumbula nokuthi uJehova uyazi ukuthi yini umuntu ngamunye angase akwazi noma angeke akwazi ukuyikhuthazelela. (IHubo 103:14) Ngakho, usinika amandla esiwadingayo. Kuyiqiniso ukuthi ngezinye izikhathi siba nomuzwa wokuthi asisakwazi ukukhuthazela. Kodwa uJehova uthembisa ukuthi uma uvivinyo luba ngaphezu kwalokho esingakukhuthazelela, “uyokwenza nendlela yokuphuma.” (Funda eyoku-1 Korinte 10:13.) Kuyaduduza ukwazi ukuthi singaqiniseka ukuthi uJehova uyakwazi esingakukhuthazelela ngempela.

9. Yini okufanele siyenze uma sithandazela usizo kuJehova kodwa angasiphenduli ngokushesha?

9 Uma sithandazela usizo kuJehova kodwa angasiphenduli ngokushesha, kumelwe sibe nesineke. Khumbula ukuthi uJehova uzimisele ukusisiza, kodwa ngesineke ulinda isikhathi esingcono kakhulu sokusinika esikudingayo. IBhayibheli liyasitshela: “UJehova uyohlala elindele ukunibonisa umusa, ngakho-ke uyovuka ukuze anibonise isihe. Ngoba uJehova unguNkulunkulu wokwahlulela. Bayajabula bonke abahlala bemlindele.”—Isaya 30:18.

“EMLONYENI WENGONYAMA”

10-12. (a) Yini engase ikwenze kube nzima ukunakekela ilungu lomndeni eligulayo? (b) Ukuthembela kwakho kuJehova ezikhathini ezinzima kuyobuthinta kanjani ubuhlobo bakho naye? Nikeza isibonelo.

10 Isimo sakho singase sibe nzima kakhulu kuwe kangangokuthi uzizwe njengoPawulu, udinge ukusindiswa “emlonyeni wengonyama.” (2 Thimothewu 4:17) Ezikhathini ezinjengalezi, kubaluleke kakhulu ukuba uthembele kuJehova. Ngokwesibonelo, kungenzeka unakekela ilungu lomndeni eligulayo. Uye wathandaza kuJehova ucela ukuba akusize wenze izinqumo ezihlakaniphile futhi uqine. * (Bheka umbhalo waphansi.) Manje uzizwa unokuthula ngezinga elithile lapho ukhumbula ukuthi uJehova uyakubona futhi uyakuqonda wena nesimo sakho. Uzokusiza ukuba ukhuthazele futhi uthembeke kuye.—IHubo 32:8.

Methembe uYihlo osezulwini ukuthi uyokunika amandla okumlalela ngokwethembeka

11 Ngezinye izikhathi kungase kubonakale sengathi uJehova akakusizi. Mhlawumbe odokotela abavumelani ngalokho okufanele kwenziwe. Noma, mhlawumbe bewethemba ukuthi izihlobo zakho zizokududuza, kodwa kunalokho zibonakala zenza isimo sibe sibi nakakhulu. Ngaso sonke isikhathi, thembela kuJehova ukuba akunike amandla. Qhubeka usondela kuye. (Funda eyoku-1 Samuweli 30:3, 6.) Kamuva lapho uqaphela indlela akusize ngayo, ubuhlobo bakho naye buzoqina ngokwengeziwe.

12 Yileyo ndlela uLinda azizwa ngayo. * (Bheka umbhalo waphansi.) Wanakekela abazali bakhe ababegula isikhathi eside ngaphambi kokuba bashone. Uthi: “Ngesikhathi sisabanakekela, mina nomyeni wami nomfowethu sasike sikhungatheke singazi ukuthi senzenjani. Ngezinye izikhathi sasizizwa singenamandla okusiza. Kodwa uma sesicabanga ngalokho okwenzeka, siyibona ngokucace kakhudlwana indlela uJehova asisekela ngayo. Wasiqinisa futhi wasinika lokho kanye esasikudinga, ngisho nalapho kwakubonakala sesiphelelwe amasu.”

13. Ukuthembela kuJehova kwamsiza kanjani uRhonda ukuba akhuthazelele izinhlekelele ezafika zilandelana?

13 Ukuthembela kwethu ngokuphelele kuJehova kuyosisiza ngisho nokuba sikhuthazelele izinhlekelele ezisehlelayo. Yilokho okwenzeka kuRhonda. Umyeni wakhe, ongeyena uFakazi kaJehova, wayefake isehlukaniso somshado. Phakathi naleso sikhathi kwatholakala ukuthi umfowabo unesifo esibucayi kakhulu esibizwa ngokuthi i-lupus. Kuthe kusenjalo, umkamfowabo washona, ngemva kwezinyangana nje. Lapho uRhonda eqala ukululama ekushaqisweni yilezi zenzakalo, wangenela inkonzo yamaphayona avamile. Nakho-ke sekushona unina. URhonda wakwazi kanjani ukukhuthazelela lezi zinhlekelele ezamehlela? Uthi: “Ngangikhuluma noJehova nsuku zonke, ngisho nangezinqumo ezincane. Ukwenza kanjalo kwamenza waba ngokoqobo kimi. Kwangifundisa ukuthembela kuye kunokuzethemba mina noma ngisho ukwethembela kwabanye abantu. Usizo anginika lona lwalungokoqobo—zonke izidingo zami zanakekelwa. Lokho kungenze ngambona ngawami uJehova esebenzelana eduze nami.”

Ngisho nezimo ezithile emndenini wakho zingabuvivinya ubuhlobo bakho noJehova (Bheka izigaba 14-16)

14. UJehova angakusiza kanjani uma ilungu lomndeni lisusiwe ekuhlanganyeleni?

14 Cabanga nangesinye isimo esinzima. Mhlawumbe ekhaya kunomuntu osusiwe ekuhlanganyeleni. Uyazi ukuthi iBhayibheli lithi kufanele sibaphathe kanjani abantu abasusiwe ekuhlanganyeleni. (1 Korinte 5:11; 2 Johane 10) Kodwa ngenxa yokuthi uyamthanda lowo muntu, ungase ube nomuzwa wokuthi kunzima kakhulu, noma ngisho nokuthi akunakwenzeka, ukuwulalela lo myalo weBhayibheli. Ingabe uyomethemba uYihlo osezulwini ukuthi uyokunika amandla okumlalela ngokwethembeka? Ingabe uyobheka lesi simo njengethuba lokusondela ngokwengeziwe kuJehova?

15. Yini eyenza ukuba u-Adamu angamlaleli uJehova?

15 Lokhu kufana ngaziphi izindlela nesimo somuntu wokuqala, u-Adamu? Ingabe wayekholelwa ukuthi angangamlalela uJehova kodwa aqhubeke ephila? Cha, u-Adamu “akakhohliswanga.” (1 Thimothewu 2:14) Pho, yini eyamenza wangamlalela uJehova? U-Adamu wadla isithelo asinikwa umkakhe ngoba ethanda umkakhe ngaphezu kokuthanda uJehova. Walalela umkakhe kunokulalela umyalo kaJehova.—Genesise 3:6, 17.

16. Ubani okufanele simthande kakhulu, futhi kungani?

16 Isinqumo sika-Adamu sisifundisa ukuthi kufanele sithande uJehova ngaphezu kokuba sithanda noma ubani omunye. (Funda uMathewu 22:37, 38.) Lapho uthando lwethu ngoJehova luqine ngaleyo ndlela, singasiza izihlobo zethu ngendlela engcono kakhulu, kungakhathaliseki ukuthi ziyamkhonza uJehova noma cha. Ngakho, qhubeka uqinisa uthando lwakho ngoJehova nokuthembela kwakho kuye. Uma ukhathazekile ngelungu lomndeni elisusiwe ekuhlanganyeleni, thandaza kuJehova umtshele yonke indlela ozizwa ngayo. * (Bheka umbhalo waphansi.) (Roma 12:12; Filipi 4:6, 7) Ngisho noma kubuhlungu impela, bheka lesi simo njengethuba lokwenza ubuhlobo bakho noJehova buqine nakakhulu. Khona-ke, uyokwazi ukuthembela kuye futhi wazi ukuthi ukumlalela kuyoba nemiphumela engcono kakhulu.

LAPHO SISALINDILE

Bonisa uJehova ukuthi uthembele kuye ngokuhlale umatasa emsebenzini wokushumayela (Bheka isigaba 17)

17. Uma sihlale simatasa emsebenzini wokushumayela, yini esingaqiniseka ukuthi uJehova uyoyenza?

17 Kungani uJehova ophula uPawulu “emlonyeni wengonyama”? UPawulu uthi: “Ukuze ukushumayela kufezwe ngokugcwele ngami.” (2 Thimothewu 4:17) Nathi uJehova usinike umsebenzi wokushumayela “izindaba ezinhle,” futhi usibiza ngokuthi ‘siyizisebenzi ezikanye naye.’ (1 Thesalonika 2:4; 1 Korinte 3:9) Uma sihlale simatasa ngangokunokwenzeka kulo msebenzi, singaqiniseka ukuthi uJehova uyosinika konke esikudingayo. (Mathewu 6:33) Kuyoba lula ngokwengeziwe ngathi ukuba silinde uJehova ukuba aphendule imithandazo yethu.

18. Ungakwakha kanjani ukuthembela kuJehova futhi uqinise ubuhlobo bakho naye?

18 Ngakho, sebenzisa usuku ngalunye ukuba uqinise ubuhlobo bakho noJehova. Lapho kufika uvivinyo, lusebenzise njengethuba lokusondela ngokwengeziwe kuJehova. Funda, tadisha futhi uzindle ngeZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli. Qhubeka uthandaza kuJehova futhi uhlale umatasa enkonzweni yakhe. Uma wenza lezi zinto, ungaqiniseka ukuthi uJehova uyokusiza ukuba ukhuthazelele lonke uvivinyo lwakho lwamanje nanoma iluphi ongase ubhekane nalo esikhathini esizayo.

^ isig. 2 Kungenzeka ukuthi uPawulu wasindiswa ezingonyameni zangempela noma kwesinye isimo esiyingozi.

^ isig. 10 Kuye kwanyatheliswa izihloko ezisiza amaKristu akhuthazelele ukugula nezisiza labo abawanakekelayo. Bheka i-Phaphama! ka-February 8, 1994; eka-February 8, 1997; eka-May 22, 2000 neka-January 22, 2001.

^ isig. 12 Amagama ashintshiwe.

^ isig. 16 Kunezihloko eziye zanyatheliswa zokusisiza lapho ilungu lomndeni lishiya uJehova. Bheka INqabayokulinda ka-September 1, 2006, amakhasi 17-21 neka-January 15, 2007, amakhasi 17-20.