Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Ungubani uGogi wakwaMagogi okukhulunywa ngaye encwadini kaHezekeli?

Sekuyiminyaka eminingi izincwadi zethu zithi inkulumo ethi uGogi wakwaMagogi ibhekisela kuSathane ngemva kokuxoshwa kwakhe ezulwini. Kungani? Kungenxa yokuthi incwadi yesAmbulo ithi nguSathane ohola ukuhlaselwa kwabantu bakaNkulunkulu emhlabeni wonke. (IsAmbulo 12:1-17) Lokho kwasenza saqonda ukuthi kumelwe ukuba elithi uGogi lingelinye lamagama kaSathane.

Nokho, le ncazelo ibinezinkinga ezithile. Cabanga ngalokhu: Lapho ekhuluma ngokubhujiswa kukaGogi, uJehova wathi wayeyomenza abe “ngukudla kwezinyoni ezidla inyama, izinyoni zazo zonke izinhlobo zamaphiko, nokwezilo zasendle.” (Hezekeli 39:4) UJehova wabe esenezela: “Kuyothi ngalolo suku nginike uGogi indawo lapho, indawo yokungcwatshwa kwa-Israyeli.” (Hezekeli 39:11) Kodwa uSathane, isidalwa somoya esingabonakali, angadliwa kanjani yizinyoni nezilo zasendle? Angangcwatshwa kanjani emhlabeni? IBhayibheli libonisa ngokucacile ukuthi uSathane uyophonswa kwalasha futhi avalelwe lapho iminyaka eyinkulungwane. Ngeke adliwe noma angcwatshwe.—IsAmbulo 20:1, 2.

IBhayibheli lithi ekupheleni kwaleyo minyaka eyinkulungwane, uSathane uyokhululwa kwalasha futhi “aphumele ukudukisa izizwe ezisemagumbini womane omhlaba, uGogi noMagogi, ukuze azibuthele ndawonye empini.” (IsAmbulo 20:8) Kodwa uma kuwukuthi uSathane unguGogi, lokhu kusho ukuthi kumelwe azidukise yena. Ngakho-ke, elithi “uGogi” encwadini kaHezekeli noma yesAmbulo alibhekiseli kuSathane.

Ungubani-ke uGogi wakwaMagogi? Ukuze siphendule lo mbuzo, kudingeka sicwaninge eBhayibhelini sithole ukuthi ngubani ohlasela abantu bakaNkulunkulu. IBhayibheli likhuluma ngokuhlasela ‘kukaGogi wakwaMagogi,’ ukuhlasela ‘kwenkosi yasenyakatho’ nokuhlasela ‘kwamakhosi omhlaba.’ (Hezekeli 38:2, 10-13; Daniyeli 11:40, 44, 45; IsAmbulo 17:14; 19:19) Ingabe lokhu ukuhlasela okuhlukahlukene? Akubonakali kunjalo. Kubonakala sengathi iBhayibheli lisebenzisa izinkulumo ezihlukahlukene ekuchazeni ukuhlasela okufanayo. Sikusho ngani lokhu? Ngenxa yokuthi iBhayibheli lisitshela ukuthi zonke izizwe zomhlaba ziyohlanganyela kulokhu kuhlasela kokugcina okususa impi ye-Armagedoni.—IsAmbulo 16:14, 16.

Lapho siziqhathanisa zonke lezi zikhathi iBhayibheli elikhuluma ngazo ngalokhu kuhlaselwa kokugcina kwabantu bakaNkulunkulu, kuyacaca ukuthi inkulumo ethi uGogi wakwaMagogi ayibhekiseli kuSathane. Kunalokho, le nkulumo ibhekisela ezizweni eziningi ezihlangene. Ingabe lezi zizwe ziyoholwa “inkosi yasenyakatho”? Asinakugomela ngalokhu. Kodwa le ncazelo ibonakala ivumelana nalokho uJehova akushoyo ngoGogi: “Uyokuza uvela endaweni yakho, ezingxenyeni ezikude kakhulu zenyakatho, wena nezizwe eziningi kanye nawe, zonke zigibele amahhashi, ibandla elikhulu, yebo ibutho lempi elinabantu abaningi.”—Hezekeli 38:6, 15.

Nomprofethi uDaniyeli, owaphila ngesikhathi esifanayo noHezekeli, uthi ngenkosi yasenyakatho: “Kuyoba nemibiko eyoyiphazamisa, eyovela empumalanga nasenyakatho, futhi iyophuma ngokufutheka okukhulu ukuze ibhuqe futhi inikele abaningi ekubhujisweni. Iyomisa amatende ayo anjengesigodlo phakathi nolwandle olukhulu nentaba engcwele yoMhlobiso; kuyomelwe ifike ekupheleni kwayo, futhi ngeke ibe namsizi.” (Daniyeli 11:44, 45) Lokhu kuyefana nalokho nencwadi kaHezekeli ethi uGogi uyokwenza.—Hezekeli 38:8-12, 16.

Yini eyokwenzeka ngemva kwalokho kuhlasela kokugcina? UDaniyeli uyasitshela: “Ngaleso sikhathi uMikayeli [uJesu Kristu] uyokuma [e-Armagedoni], isikhulu esikhulu esimi [kusukela ngo-1914] ngenxa yabantwana babantu bakini. Futhi ngokuqinisekile kuyoba khona isikhathi sosizi [usizi olukhulu] olungakaze lwenziwe ukuba lube khona olunjengalo selokhu kwaba khona isizwe kuze kube yileso sikhathi. Ngaleso sikhathi abantu bakini bayophunyuka, bonke abatholakala belotshiwe encwadini.” (Daniyeli 12:1) Sithola incazelo efanayo yalokho uJesu ayokwenza encwadini yesAmbulo 19:11-21.

Kodwa ngubani “uGogi noMagogi” okukhulunywa ngaye kusAmbulo 20:8? Le nkulumo ibhekisela kubo bonke labo abavukela uJehova futhi bahlasele abantu bakhe phakathi novivinyo lokugcina ekupheleni kweminyaka eyinkulungwane. Bayoba nenzondo efanayo nekaGogi wakwaMagogi, izizwe ezihlasela abantu bakaNkulunkulu ekupheleni kosizi olukhulu. Njengalezo zizwe eziyobhujiswa e-Armagedoni, uGogi noMagogi naye uyobhujiswa. (IsAmbulo 19:20, 21; 20:9) Ngakho-ke, kubonakala kufaneleka ukuba bonke abavukelayo ekupheleni kweminyaka eyinkulungwane babizwe ngokuthi “uGogi noMagogi.”

Njengabafundi abakhuthele beBhayibheli, silangazelela ukuthola ukuthi ubani ozoba “inkosi yasenyakatho” esikhathini esizayo esiseduze. Kodwa kungakhathaliseki ukuthi ubani ozohola izizwe ekuhlaseleni abantu bakaNkulunkulu, siyaqiniseka ngalezi zinto ezimbili: (1) UGogi wakwaMagogi namabutho akhe bazonqotshwa futhi babhujiswe. (2) INkosi yethu, uJesu Kristu, izosindisa abantu bakaNkulunkulu futhi ibanike izwe elisha elinokuthula nokulondeka kwangempela.—IsAmbulo 7:14-17.