Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Bazibona” Izinto Ezithenjisiwe

“Bazibona” Izinto Ezithenjisiwe

“[Abakutholanga] ukugcwaliseka kwezithembiso, kodwa bazibona zikude.”—HEBHERU 11:13.

1. Kungani kuyinto enhle ukuthi siyakwazi ukuzibona ngeso lengqondo izinto esingakaze sizibone? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

UJEHOVA usinike isipho esimangalisayo. Siwukukwazi ukubona ngeso lengqondo izinto esingakaze sizibone. Leli khono lisisiza silangazelele izinto ezinhle zesikhathi esizayo futhi sihlele kusengaphambili ukuze sigweme izinkinga. UJehova uyalazi ikusasa futhi usitshela ngezinye zezinto esingazilindela. Nakuba singenakuzibona ngokoqobo, singazibona ngeso lengqondo futhi sibe nokholo lokuthi ziyokwenzeka.—2 Korinte 4:18.

2, 3. (a) Ikhono lethu lokubona izinto ngeso lengqondo lingasisiza kanjani? (b) Imiphi imibuzo esizoyiphendula kulesi sihloko?

2 Yebo, ngezinye izikhathi sibona izinto ezingasoze zenzeka. Ngokwesibonelo, intombazanyana ingase izibone igibele uvemvane. Yebo, akunakwenzeka lokho. Kodwa uHana, unina kaSamuweli, wayebona izinto ezingenzeka. Wayehlale ecabanga ngosuku lapho ayeyohambisa indodana yakhe etabernakele ukuze iyosebenza nabapristi. Lokhu kwakungelona nje iphupho. Kwakuyinto ayenqume ukuyenza. Ngakho, ukulubona ngeso lengqondo lolo suku kwanika uHana amandla okugcina isithembiso ayesenze kuJehova. (1 Samuweli 1:22) Lapho sikubona ngeso lengqondo lokho uJehova athembise ukukwenza, sisuke sicabanga izinto eziyokwenzeka nakanjani.—2 Petru 1:19-21.

3 Abantu bakaJehova abaningi bezikhathi zeBhayibheli babekwazi ukuzibona ngeso lengqondo izinto ayezithembisile. Kwabasiza kanjani ukwenza lokhu? Thina kusisiza kanjani ukubona ngeso lengqondo ukuthi ukuphila kwethu kuyoba njani lapho izithembiso zikaNkulunkulu zigcwaliseka?

UKHOLO LWABO LWAQINA NGOKWENGEZIWE LAPHO BECABANGA NGESIKHATHI ESIZAYO

4. Yini eyenza u-Abela wakwazi ukulibona ngeso lengqondo ikusasa elingcono?

4 U-Abela ungumuntu wokuqala owaba nokholo ezithembisweni zikaJehova. Wayekwazi lokho uJehova akusho enyokeni ngemva kokona kuka-Adamu no-Eva: “Ngizobeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe. Yona iyokulimaza ekhanda wena uyoyilimaza esithendeni.” (Genesise 3:14, 15) Wayengazi ukuthi lokhu kwakuyokwenzeka kanjani ngempela. Kodwa kumelwe ukuba wacabanga kakhulu ngalokho uNkulunkulu ayekushilo. Kungenzeka wacabanga, ‘Ubani lona ozolinyazwa inyoka futhi ozosiza abantu baphinde babe abaphelele?’ U-Abela wayenokholo lokuthi noma yini uJehova ayithembisile yayiyogcwaliseka, okwenza uJehova wawujabulela umhlatshelo wakhe.—Funda uGenesise 4:3-5; Hebheru 11:4.

5. Kwamsiza kanjani u-Enoke ukukwazi ukulibona ngeso lengqondo ikusasa?

5 Omunye umuntu owaba nokholo oluqinile kuNkulunkulu u-Enoke. Wayehlala nabantu ababi ababekhuluma ‘izinto ezishaqisayo’ ngoNkulunkulu. Kodwa u-Enoke wayenesibindi futhi washumayela isigijimi sikaNkulunkulu. Waxwayisa abantu ngokuthi uJehova wayezobabhubhisa abantu ababi. (Jude 14, 15) Yini eyamsiza ukuba enze lokhu? Kungenzeka ukuthi u-Enoke wawubona ngeso le ngqondo umhlaba usunabantu abakhonza uJehova kuphela.—Funda amaHebheru 11:5, 6.

6. Yini okungenzeka ukuthi uNowa wacabanga ngayo ngemva kukaZamcolo?

6 UNowa wayenokholo kuJehova, ngakho akazange abhujiswe ngoZamcolo. (Hebheru 11:7) Ngenxa yalolo kholo lwakhe, uNowa wenzela uJehova imihlatshelo yezilwane. (Genesise 8:20) Ngemva kukaZamcolo, umhlaba waphinde wonakala. UNimrode waqala ukubusa futhi wafuna ukuba abantu bavukele uJehova. (Genesise 10:8-12) Kodwa ukholo lukaNowa lwaqhubeka luqinile. Njengo-Abela, wayeqiniseka ukuthi ngolunye usuku uNkulunkulu wayeyosisusa isono nokufa. Kumelwe ukuba wacabanga nangesikhathi lapho kungasekho babusi abanonya. Nathi singasibona ngeso lengqondo lesi sikhathi esimangalisayo esesiseduze kakhulu!—Roma 6:23.

BABECABANGA NGESIKHATHI LAPHO IZITHEMBISO ZIKANKULUNKULU SEZIFEZEKA

7. Iliphi ikusasa ababengalilangazelela o-Abrahama, u-Isaka noJakobe?

7 U-Abrahama, u-Isaka noJakobe babengabona ikusasa elimangalisayo ngeso lengqondo. UJehova wayebathembise ukuthi abantu bazo zonke izizwe babeyobusiswa “ngenzalo” yabo. (Genesise 22:18; 26:4; 28:14) UNkulunkulu wayebathembise nokuthi umndeni wabo wawuyoba isizwe esikhulu futhi wawuyohlala eZweni elihle Lesithembiso. (Genesise 15:5-7) Ngenxa yokuthi u-Abrahama, u-Isaka noJakobe babazi ukuthi izithembiso zikaJehova zaziyogcwaliseka, bakwazi ukuyibona ngokucacile ngeso lengqondo imindeni yabo isihlala kulelo zwe. Eqinisweni, kusukela u-Adamu no-Eva bona, uJehova uye wasiza izinceku zakhe eziqotho ukuba ziqonde ukuthi kuyokwenzeka kanjani ukuba abantu baphinde babe abaphelele.

8. Yini eyasiza u-Abrahama ukuba abe nokholo oluqinile futhi alalele?

8 Ngenxa yokuthi wayenokholo oluqinile, u-Abrahama walalela uJehova ngisho nalapho kwakunzima kakhulu. U-Abrahama nabanye abaqotho bakwazi ukuzibona ngokucacile ngeso lengqondo izinto uJehova ayezithembisile, ngisho noma lezi zithembiso zingazange zigcwaliseke besaphila. IBhayibheli lithi: “Bazibona zikude, bazamukela.” (Funda amaHebheru 11:8-13.) U-Abrahama wayazi ukuthi uJehova wayezigcwalise njalo izithembiso zakhe esikhathini esidlule, ngakho wayeqiniseka ukuthi zonke izithembiso zikaJehova zesikhathi esizayo nazo zaziyogcwaliseka.

Abantu bezikhathi zeBhayibheli babelangazelela isikhathi lapho umhlaba usubuswa uJehova nohulumeni wakhe phakade

9. Ukholo luka-Abrahama ezithembisweni zikaNkulunkulu lwamsiza kanjani?

9 Ngenxa yokuthi u-Abrahama wayenokholo kulokho uJehova ayemthembise kona, waqhubeka enza lokho uJehova ayemcela ukuba akwenze. Ngokwesibonelo, washiya indlu yakhe emzini wase-Uri futhi akazange azinze kunoma imuphi umuzi ukuphila kwakhe konke. Wayazi ukuthi imizi emzungezile yayingeke ihlale phakade ngoba ababusi bayo babengamkhonzi uJehova. (Joshuwa 24:2) Kunalokho, wayelangazelela isikhathi lapho uJehova eyobusa umhlaba phakade esebenzisa uhulumeni wakhe. Lo hulumeni ‘ungumuzi onezisekelo zangempela, omakhi nomenzi wawo nguNkulunkulu.’ (Hebheru 11:10) U-Abrahama kanye no-Abela, u-Enoke, uNowa nabanye babekholelwa ovukweni. Ukholo lwabo kuJehova lwaluqina ngokwengeziwe njalo lapho becabanga ngokuphila phakade emhlabeni omuhle.—Funda amaHebheru 11:15, 16.

10. Kwamsiza kanjani uSara ukulangazelela isikhathi esizayo?

10 Umka-Abrahama, uSara, wayenokholo oluqinile ezithembisweni zikaJehova. Ngisho noma ayeseneminyaka engu-90 futhi engenabo abantwana, walangazelela isikhathi lapho ayeyoba nomntwana. USara wababona ngeso lengqondo abantwana bakhe sebeyisizwe esikhulu. (Hebheru 11:11, 12) Kungani ayengaqiniseka kangako ngalokho? Ngenxa yokuthi uJehova wayetshele umyeni wakhe: “Ngiyombusisa futhi ngikunike indodana evela kuye; ngiyombusisa futhi uyoba yizizwe; amakhosi ezizwe ayovela kuye.” (Genesise 17:16) Njengoba nje uJehova ayethembisile, uSara wathola indodana, u-Isaka. Lesi simangaliso samqinisekisa ukuthi zonke ezinye izithembiso zikaJehova ziyofezeka. Ngokufanayo, nathi singaqinisa ukholo lwethu lapho sizibona ngeso lengqondo zonke izinto ezinhle uJehova asithembise zona.

WAYEHLALE ECABANGA NGOMVUZO

11, 12. Yini eyasiza uMose ukuba athande uJehova ngokwengeziwe?

11 UMose naye wayenokholo ezithembisweni zikaJehova. Wakhuliswa njengendodana yendodakazi yenkosi eGibhithe. Kodwa ngenxa yokuthi wayethanda uJehova kakhulu kunanoma yini enye, uMose akazange afune amandla nengcebo. Abazali bakhe abangamaHebheru babemfundise ngoJehova, bamfundisa nokuthi uJehova wayethembise ukukhulula amaHebheru ebugqilini futhi awanike iZwe Lesithembiso. (Genesise 13:14, 15; Eksodusi 2:5-10) Lapho uMose ecabanga njalo ngalezi zithembiso, wamthanda nakakhulu uJehova.

12 IBhayibheli liyasitshela lokho uMose ayehlale ecabanga ngakho: “Ngokholo uMose, lapho esekhulile, wenqaba ukubizwa ngokuthi indodana yendodakazi kaFaro, ekhetha ukuphathwa kabi nabantu bakaNkulunkulu kunokujabula isikhashana esonweni, ngoba wabheka isihlamba sikaKristu njengengcebo enkulu kunemicebo yaseGibhithe; ngoba wagxilisa amehlo ekukhokhweni komvuzo.”—Hebheru 11:24-26.

13. Kwamsiza ngani uMose ukuhlale ecabanga ngezithembiso zikaJehova?

13 Kumelwe ukuba uMose wacabanga ngokujulile ngesithembiso sikaJehova sokukhulula amaHebheru ebugqilini. Njengezinye izinceku zikaJehova, uMose wayazi nokuthi uJehova wayeyokhulula bonke abantu ekufeni. (Jobe 14:14, 15; Hebheru 11:17-19) Ngakho, uMose wayeyiqonda indlela uJehova abathanda ngayo abantu. Lokhu kwenza uMose wamthanda ngisho nakakhulu uJehova futhi waba nokholo oluqine ngokwengeziwe kuye. Kwamsiza ukuba aqhubeke ekhonza uJehova ukuphila kwakhe konke. (Duteronomi 6:4, 5) Ngisho nalapho uFaro efuna ukumbulala, uMose akazange esabe. Wayazi ukuthi uJehova wayeyomvuza esikhathini esizayo.—Eksodusi 10:28, 29.

CABANGA NGEZINTO UHULUMENI KANKULUNKULU OZOZENZA

Uyazibona yini ngeso lengqondo sewenza izinto uJehova akuthembise zona? (Bheka isigaba 15)

14. Yini abanye abantu abayicabangayo ngekusasa?

14 Abantu abaningi bayacabanga ngekusasa futhi ngeso lengqondo babone izinto ezingasoze zenzeka. Ngokwesibonelo, abanye abantu abampofu kakhulu baphupha ngokuthi bayoceba futhi bangakhathazeki ngalutho. Kodwa iBhayibheli lithi ukuphila kuleli zwe likaSathane kuyohlale kugcwele ‘izinkathazo nezinto ezilimazayo.’ (IHubo 90:10) Abanye bacabanga ukuthi izinkinga zomhlaba ziyoxazululwa uhulumeni wabantu. Kodwa iBhayibheli lithi lokho kungenziwa kuphela uhulumeni kaNkulunkulu. (Daniyeli 2:44) Abantu abaningi bacabanga ukuthi leli zwe alisoze lashintsha. Kodwa iBhayibheli lithi uNkulunkulu uzolibhubhisa leli zwe elibi. (Zefaniya 1:18; 1 Johane 2:15-17) Labo abacabanga izinto eziphambene nalokho uJehova akushoyo bazodumala kakhulu.

15. (a) Kusisiza ngani ukucabanga ngekusasa uNkulunkulu asithembise lona? (b) Iyiphi enye yezinto ozilangazelelayo?

15 UJehova usithembise ikusasa elimangalisayo. Lapho sicabanga ngaleso sikhathi, sijabula ngokwengeziwe futhi kungasenza sibe nesibindi esisidingayo ukuze siqhubeke simkhonza. Uyazibona yini sewenza izinto uJehova azithembisile, kungakhathaliseki ukuthi uyobe usemhlabeni noma ezulwini? Uma unethemba lokuphila phakade emhlabeni, zibone usebenza nabangane bakho nenza umhlaba ube ingadi enhle. Abaqondisa lo msebenzi bayakukhathalela. Bonke abantu ophila nabo bathanda uJehova, njengoba nje nawe umthanda. Ungumqemane futhi unobungqabavu, awukhathazeki ngalutho. Ujabulile ngoba usebenzisa iziphiwo namakhono akho ukusiza abanye nokudumisa uJehova. Mhlawumbe uze usize nabantu abavusiwe ukuba bazi uJehova. (Johane 17:3; IzEnzo 24:15) Uma ucabanga ngalezi zinto, awuphuphi. Ziyofezeka zonke ngenxa yalokho iBhayibheli elikushoyo ngekusasa.—Isaya 11:9; 25:8; 33:24; 35:5-7; 65:22.

XOXA NGALOKHO OKULANGAZELELAYO

16, 17. Kusisiza ngani ukuxoxa ngekusasa uJehova asithembise lona?

16 Lapho sixoxela abafowethu nodadewethu ngalokho esingathanda ukukwenza ezweni elisha, sisizana ukuba silibone ngokucace kakhudlwana ngeso lengqondo leli kusasa elihle. Yebo, asazi ukuthi yini ngamunye wethu ayobe eyenza ngempela. Kodwa lapho sixoxa ngalokho esikulangazelelayo, sibonisa ukuthi sinokholo kulokho uJehova akuthembisile. Ngale ndlela, sikhuthazana ukuba siqhubeke sikhonza uJehova ezikhathini ezinzima njengoba nje umphostoli uPawulu nabafowabo baseRoma benza.—Roma 1:11, 12.

17 Ukucabanga ngekusasa uJehova alithembisile kuyokwenza ungacabangi kakhulu ngezinkinga zakho. Ngesinye isikhathi, uPetru wayekhathazekile futhi wathi kuJesu: “Bheka! Sishiyé zonke izinto sakulandela; siyotholani ngempela?” UJesu wayefuna uPetru nabanye abafundi ababenaye bacabange ngezinto ezimangalisayo ababeyozenza esikhathini esizayo. Wathi kubo: “Lapho iNdodana yomuntu ihlala phansi esihlalweni sayo sobukhosi esikhazimulayo, nina eniye nangilandela nani ngokwenu niyohlala ezihlalweni zobukhosi eziyishumi nambili, nahlulele izizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli. Futhi wonke umuntu oshiye izindlu noma abafowabo noma odadewabo noma uyise noma unina noma abantwana noma amasimu ngenxa yegama lami uyokwamukela okuphindwe kaningi futhi azuze ngefa ukuphila okuphakade.” (Mathewu 19:27-29) Ngakho uPetru nabanye abafundi babengazibona sebebusa noJesu ezulwini futhi besiza abantu abalalelayo emhlabeni ukuba babe abaphelele.

18. Kusisiza kanjani ukucabanga ngesikhathi lapho uNkulunkulu eyokufeza lokho akuthembisile?

18 Siye safunda ngalokho okwasiza izinceku zikaJehova zaba nokholo oluqinile. U-Abela walibona ngeso lengqondo ikusasa elingcono uJehova alithembisile futhi ngenxa yokholo lwakhe kuleso sithembiso, wamjabulisa uJehova. U-Abrahama wasibona ngeso lengqondo isikhathi lapho sekufezeka izithembiso zikaJehova ngokuphathelene ‘nenzalo’ ngakho walalela uJehova ngisho nalapho kwakunzima kakhulu. (Genesise 3:15) UMose walangazelela umvuzo uJehova ayemthembise wona, lokhu kwamsiza wathanda uJehova futhi wathembeka. (Hebheru 11:26) Lapho sisibona ngeso lengqondo isikhathi lapho uJehova eyokwenza konke akuthembisile, ukholo nothando lwethu ngaye luqina ngokwengeziwe. Esihlokweni esilandelayo, sizofunda ngenye indlela esingasebenzisa ngayo ikhono lethu lokubona izinto ngeso lengqondo.