Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Okwenza Ukususa Ekuhlanganyeleni Kube Ilungiselelo Lothando

Okwenza Ukususa Ekuhlanganyeleni Kube Ilungiselelo Lothando

UJULIAN ukhumbula indlela azizwa ngayo lapho ezwa isaziso esithi indodana yakhe ayiseyena omunye woFakazi BakaJehova. Uthi: “Kwaba sengathi ngifelwe yizwe. Wayeyizibulo lami futhi sasisondelene kakhulu; sasenza izinto eziningi ndawonye.” UJulian uthi indodana yakhe yayilokhu iziphethe kahle, kodwa yabe isishintsha yaqala ukwenza izinto ezimbi. UmkaJulian wayelokhu ekhala futhi uJulian engazi ukuthi uzomduduza athini. UJulian uthi, “Sasilokhu sizibuza ukuthi kungenzeka yini ukuthi kukhona lapho sehluleke khona njengabazali.”

Iziphi izizathu iBhayibheli elizinikezayo zokususa othile ekuhlanganyeleni? Njengoba kubangela ubuhlungu obungaka, kungani singase sithi ukususa ekuhlanganyeleni kuyisenzo sothando?

OKUNGENZA UMUNTU ASUSWE EKUHLANGANYELENI

Uma omunye woFakazi BakaJehova obhapathiziwe enza isono esibi futhi engaphenduki, uyosuswa ekuhlanganyeleni.

UJehova akalindele ukuba sibe abaphelele, kodwa ulindele ukuba izinceku zakhe zilalele imithetho yakhe futhi zihlale zingcwele. Ngokwesibonelo, uJehova uyala izinceku zakhe ukuba zigweme izono ezimbi njengokuziphatha okubi kobulili, ukukhonza izithombe, ukweba, ukuphanga, ukubulala nokusebenzelana nemimoya.—1 Korinte 6:9, 10; IsAmbulo 21:8.

Lokho uJehova akulindele kithi kunengqondo futhi kuyasivikela. Ngokwesibonelo, sonke sifuna ukuphila nabantu abanokuthula, abanemikhuba emihle nabathembekile, futhi banjalo abafowethu nodadewethu abangokomoya. Kungani? Kungenxa yokuthi bazinikezele kuJehova, bamthembisa ukuthi bayophila ngalokho akushoyo eBhayibhelini.

Kodwa kuthiwani uma umKristu obhapathiziwe enza isono esibi ngenxa yokungapheleli? Lokhu kwenzeka kwezinye zezinceku zikaJehova esikhathini esidlule, kodwa uJehova akazange azilahle ngokuphelele. Ngokwesibonelo, nakuba iNkosi uDavide yaphinga futhi yabulala, umprofethi uNathani wayitshela ukuthi uJehova wayesithethelele isono sayo.—2 Samuweli 12:13.

Kungani uJehova amthethelela uDavide? Kungoba uJehova wayebona ukuthi uDavide wayephenduke ngempela. (IHubo 32:1-5) Nanamuhla, umuntu owonile uyothethelelwa uma ephenduka ngempela futhi eyeka ukwenza okubi. (IzEnzo 3:19; 26:20) Uma kungabonakali kubadala abasekomitini yokwahlulela ukuthi uphenduke ngempela, kumelwe asuswe ekuhlanganyeleni.

Uma ilungu lomndeni noma umngane oseduze eye wasuswa ekuhlanganyeleni, ungase ukuthole kunzima ukusamukela leso sinqumo futhi ube nomuzwa wokuthi sinesihluku. Nokho, iZwi likaJehova libonisa ngokucacile ukuthi ukususa ekuhlanganyeleni kuyisenzo sothando.

IZINZUZO ZOKUSUSA EKUHLANGANYELENI

UJesu wathi “ukuhlakanipha kubonakaliswa kulungile yimisebenzi yako.” (Mathewu 11:19) Ake sicabangele izizathu ezintathu ezenza kube isinqumo esihlakaniphile ukuba umuntu asuswe ekuhlanganyeleni uma engaphenduki.

Ukususa ekuhlanganyeleni kuvikela igama likaJehova esihlambeni. Esikwenzayo kuletha udumo noma isihlamba kuJehova ngoba, njengoFakazi bakhe, sibizwa ngegama lakhe. (Isaya 43:10) Njengoba nje ukuziphatha komntwana kungadumisa noma kuhlaze abazali bakhe, ukuziphatha kwezinceku zikaJehova kungaletha udumo noma isihlamba kuye. Ngesikhathi sikaHezekeli, abantu bezizwe babehlobanisa amaJuda negama likaJehova. (Hezekeli 36:19-23) Nanamuhla, abantu bahlobanisa oFakazi BakaJehova negama lakhe. Ngakho, uma siyilalela imithetho kaJehova, siyamdumisa.

Umphostoli uPetru weluleka amaKristu: “Njengabantwana abalalelayo, yekani ukulolongwa ngokuvumelana nezifiso enaninazo ngaphambili ekungazini kwenu, kodwa, ngokuvumelana noNgcwele owanibiza, nani yibani ngcwele ngokwenu kukho konke ukuziphatha kwenu, ngoba kulotshiwe ukuthi: ‘Kumelwe nibe ngcwele, ngoba mina ngingcwele.’” (1 Petru 1:14-16) Ngokwesibonelo, uma besingaziphatha kabi ngokobulili, besiyolihlazisa igama likaNkulunkulu. Kodwa lapho sigcina ukuziphatha kwethu kuhlanzekile, siyamdumisa uJehova.

Uma omunye woFakazi BakaJehova enza okubi, abantu abamaziyo cishe bayokwazi akwenzayo. Ngakho, lapho bethola ukuthi akaseyena omunye woFakazi BakaJehova, bayobona ukuthi abantu bakaJehova bayakulalela lokho iBhayibheli elikushoyo futhi bagcina ibandla lihlanzekile. Ngokwesibonelo, eSwitzerland kwafika indoda ethile emihlanganweni yebandla yathi ifuna ukuba ilungu lebandla. Udadewabo wayesusiwe ekuhlanganyeleni ngenxa yokuziphatha okubi futhi yayifuna ukujoyina inhlangano “engakubekezeleli ukuziphatha okubi.”

Ukususa ekuhlanganyeleni kugcina ibandla lobuKristu lihlanzekile. Umphostoli uPawulu waxwayisa abaseKorinte ngengozi yokuvumela isoni esingaphenduki ukuba siqhubeke sisebandleni. Wafanisa ithonya elibi lalezi zoni nelemvubelo ekhukhumalisa inhlama. Wathi: “Imvubelo encane iyibilisa yonke inhlama.” Wabe esebeluleka: “Susani umuntu omubi phakathi kwenu.”—1 Korinte 5:6, 11-13.

Lowo “muntu omubi” wayeziphethe kabi ngokobulili futhi engenamahloni. Abanye ebandleni base beqale nokukuthethelela ukuziphatha kwakhe okubi. (1 Korinte 5:1, 2) Lokhu kwakuyingozi ngoba amanye amaKristu ayengase athonywe ukuziphatha okubi okwakuvamile eKorinte. Nanamuhla, uma ibandla lishalazelela isono esibi, abanye bangaqala ukubheka izindinganiso zikaJehova njengezingasho lutho. (UmShumayeli 8:11) Njengoba nje “amadwala afihleke ngaphansi kwamanzi” engenza ukuba umkhumbi uphahlazeke, izoni ezingaphenduki zingaqeda ukholo lwabanye ebandleni.—Jude 4, 12.

Ukususa ekuhlanganyeleni kungase kusize isoni sibone ukuthi senze iphutha. UJesu wasebenzisa umfanekiso wensizwa ethile eyashiya umuzi kayise yayosaphaza lonke ifa layo ngokuphila ukuphila kokuziphatha okubi. Le nsizwa yagcina ibonile ukuthi ukuphila kude nekhaya kwakungajabulisi. Ngakho, yaphenduka yanquma ukuphindela ekhaya. Uyise wajabula kakhulu lapho ebona ukuthi indodana yakhe yayisisishintshile isimo sayo sengqondo, wayamukela. (Luka 15:11-24) Lo mfanekiso usisiza siqonde indlela uJehova azizwa ngayo lapho umuntu ephenduka. Uthi: “Angijabuli ngokufa komubi kodwa ngokuba omubi abuye endleleni yakhe futhi empeleni aqhubeke ephila.”—Hezekeli 33:11.

Ibandla lobuKristu liwumndeni wethu ongokomoya. Lapho umuntu esuswa ekuhlanganyeleni, akabe esaba ilungu lalo mndeni. Ngemva kokubhekana nemiphumela yokuziphatha kwakhe okubi, angase alibone iphutha lakhe futhi akhumbule ukuthi wayejabule kangakanani lapho esenobuhlobo obuhle noJehova nebandla. Lokhu kungase kumshukumisele ukuba abuye emndenini wakubo ongokomoya.

Ukuze sisize umuntu osusiwe ekuhlanganyeleni ukuba abuye ebandleni, kudingeka simbonise uthando ngokuba siqine. Ngokwesibonelo, cabanga ngabantu ababili abebeqwala intaba abalindele ukuhlengwa ngosuku olubandayo ebusika. Ngenxa yokuthi kubanda kakhulu, omunye wabo uyakhathala abese efuna ukulala. Kodwa uma elala eqhweni, uzofa. Ukuze amsize ahlale ephapheme, umngane wakhe uyamshaya. Nakuba lokhu kubuhlungu, kungasindisa ukuphila kwakhe. UDavide waveza umuzwa ofanayo lapho ethi: “Uma olungileyo engangishaya, bekuyoba umusa wothando.” (IHubo 141:5) UDavide wayeqaphela ukuthi nakuba isiyalo sibuhlungu, sasiyomsiza.

Njengokushaywa komqwali wentaba evuswa, ngokuvamile ukususwa ekuhlanganyeleni kusuke kuyilokho kanye umuntu akudingayo ukuze abuyele kuJehova. Indodana kaJulian, okukhulunywe ngayo ekuqaleni kwalesi sihloko, yalungisa ukuphila kwayo futhi yabuya ebandleni ngemva kweminyaka eyishumi. Manje ingumdala. Iyavuma: “Ukususwa ekuhlanganyeleni kwangenza ngabhekana ngqó nemiphumela yokuziphatha kwami. Ngangisidinga isiyalo esinjalo.”—Hebheru 12:7-11.

SINGABONISA KANJANI UKUTHI SIYABATHANDA LABO ABASUSIWE EKUHLANGANYELENI?

Akuve kudabukisa ukususwa komuntu ekuhlanganyeleni. Kodwa akusho ukuthi akasenakubuyela kuJehova. Kubalulekile ukuba sonke sisivumele isiyalo sisebenze. Singakwenza kanjani lokho?

Kuye kwenziwe imizamo yokusiza abaphendukayo ukuba babuyele kuJehova

Ngaso sonke isikhathi abadala bazama ukulingisa uthando lukaJehova, ikakhulu lapho kudingeka batshele othile ukuthi akaseyena omunye woFakazi BakaJehova. Bamchazela ngomusa nangokucacile lokho okudingeka akwenze ukuze abuyele kuJehova futhi aphinde abe ilungu lebandla. Uma umuntu osusiwe ekuhlanganyeleni ebonisa ukuthi ufuna ukubuya ebandleni, abadala bangamvakashela ngezikhathi ezithile bayomkhumbuza lokho angakwenza ukuze abuyele kuJehova. *—Bheka umbhalo waphansi.

Amalungu omndeni abonisa uthando ngebandla nangomuntu osusiwe ekuhlanganyeleni lapho esekela isinqumo sabadala. UJulian uyachaza, “Wayeseyindodana yami, kodwa ukuziphatha kwakhe kwase kuvule umhosha phakathi kwethu.”

Bonke ebandleni bambonisa uthando lweqiniso umuntu osusiwe ekuhlanganyeleni ngokusekela isiyalo uJehova amnike sona ngabadala. Lokhu kusho ukuthi akufanele babe nobudlelwane naye noma bamkhulumise ngisho nokumkhulumisa. (1 Korinte 5:11; 2 Johane 10, 11) Ngaphezu kwalokho, ibandla kufanele liwuthande futhi liwusekele ngokwengeziwe umndeni womuntu osusiwe ekuhlanganyeleni. Lesi yisikhathi esinzima kakhulu emndenini. Akufanele nanini siwenze uzwe sengathi nawo ukhishiwe ebandleni.—Roma 12:13, 15.

UJulian uphetha ngokuthi: “Ukususa ekuhlanganyeleni kuyilungiselelo esilidingayo, elisisiza siphile ngezindinganiso zikaJehova. Ekugcineni, liletha imiphumela emihle naphezu kobuhlungu. Ukube indodana yami ngayivuna ekuziphatheni kwayo okubi, yayingeke ilulame ngokomoya.”

^ isig. 24 Bheka INqabayokulinda ka-April 15, 1991, amakhasi 21-23.