Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Ninesidingo Sokukhuthazela”

“Ninesidingo Sokukhuthazela”

LAPHO u-Anita eba ngomunye woFakazi BakaJehova, umyeni wakhe wathukuthela wagana unwabu. * (Bheka umbhalo waphansi.) Wazama ukumvimba ukuba angayi emihlanganweni futhi wathi angalokothi abize igama likaNkulunkulu. Ukumuzwa nje ebiza igama likaJehova, kwakumenza abhoke ngolaka.

Ngaphezu kwalokho, umyeni ka-Anita wayengafuni afundise izingane zabo ngoJehova noma aye nazo emihlanganweni. Lokhu kwakunzima kakhulu kuye ngoba kwakudingeka azame ukusiza izingane zabo umyeni wakhe engazi.

Njengoba indaba ka-Anita ibonisa, kungenzeka othile ekhaya azame ukukuvimba ukuba ukhonze uJehova. Noma kungenzeka ubhekene nesinye isimo esinzima. Mhlawumbe usugule isikhathi eside. Mhlawumbe ushonelwe umntanakho, umyeni noma umkakho. Noma kungenzeka ilungu lomndeni liye lashiya uJehova. Yini ongayenza kulezi zimo ukuze uhlale uthembekile kuJehova?

Umphostoli uPawulu wathi: “Ninesidingo sokukhuthazela.” (Hebheru 10:36) Yini-ke engakusiza ukuba ukhuthazele?

THANDAZA KUJEHOVA UCELE USIZO

Lapho usebunzimeni, khumbula ukuthi kudingeka uncike kuJehova ukuze akusize ukhuthazele. Thandazela usizo lwakhe. Yilokho u-Ana akwenza lapho eshonelwa umyeni wakhe ngokuzumayo. Base beneminyaka engu-30 beshadile. U-Ana uthi: “Wahamba waya emsebenzini, akabange esabuya. Wayeneminyaka engu-52 kuphela.”

Umsebenzi ka-Ana wawumgcina ematasa, kodwa wawungabususi ubuhlungu ayebuzwa. Wenzani? Uthi: “Ngathululela inhliziyo yami kuJehova, ngamnxusa ukuba angisize.” U-Ana uyazi ukuthi uJehova wamsiza ngoba kwakuthi ngemva kokuba ethandazile, azizwe enokuthula nokuzola. Uthi futhi: “Angingabazi ukuthi uJehova uzombuyisa umyeni wami ngovuko.”—Filipi 4:6, 7.

UJehova uthembisa izinceku zakhe ukuthi uzoyizwa imithandazo yazo. (IHubo 65:2) Uzozinika konke ezikudingayo ukuze ziqhubeke zimkhonza. Nawe uJehova uzokusiza ukuba wethembeke kuye ngisho nasezimweni ezinzima.

HLALE USEDUZE NABAFOWENU NODADEWENU

Kukhona enye futhi indlela uJehova asisiza ngayo ukuba sikhuthazele. Usinike abafowethu nodadewethu esinabo emabandleni. Singafunda endleleni abazalwane baseThesalonika abasizana ngayo lapho beshushiswa ngonya. Ngaleso sikhathi, babekudinga ngokukhethekile ukuqhubeka bekhuthazana. (1 Thesalonika 2:14; 5:11) Basizana ukuba baqhubeke bethembekile kuJehova ngokuhlangana ndawonye nangokuba abangane abaseduze. Yini thina esingayenza ukuze siqhubeke sithembekile njengabaseThesalonika?

Kudingeka sibe abangane abaseduze ebandleni futhi sikhuthazane, ikakhulu ezikhathini ezinzima. (Roma 14:19) Umphostoli uPawulu wabhekana noshushiso nezinye izinkinga, kodwa uJehova wamnika amandla okukhuthazela. Ngokwesibonelo, uJehova wenza ukuba abafowabo nodadewabo bamkhuthaze. Lo mphostoli wathi ngabangane bakhe: “Babe usizo oluqinisayo kimi.” (Kolose 4:10, 11) Laba bazalwane babemthanda uPawulu. Ngakho, lapho edinga usizo, bamduduza futhi bamkhuthaza. Mhlawumbe zikhona izikhathi ozikhumbulayo lapho abafowenu nodadewenu ebandleni basho noma benza okuthile okwakukhuthaza.

CELA ABADALA BAKUSIZE

UJehova ukunike nabadala ebandleni. La madoda angakukhuthaza futhi akunike iseluleko esihle esivela eBhayibhelini. ‘Anjengendawo yokucashela umoya nendawo yokucashela isiphepho esinemvula, anjengemifudlana yamanzi ezweni elingenamanzi, anjengomthunzi wedwala elikhulu ezweni eligwadulekile.’ (Isaya 32:2) Kuyasiduduza ukwazi ukuthi laba bazalwane bakulungele ukusisiza. Ngakho, lapho ubhekene nobunzima, yana kubadala. Bangakusiza ukuba uqhubeke ukhonza uJehova.

Yiqiniso, abadala abakwazi ukuxazulula zonke izinkinga zakho. Ngaphezu kwalokho, abaphelele njengawe. (IzEnzo 14:15) Kodwa uyozizwa ungcono lapho uya kumdala futhi ethandaza kuJehova ngenkinga yakho. (Jakobe 5:14, 15) Ngokwesibonelo, abadala bakhuthaza umzalwane othile e-Italy okwase kuyiminyaka eminingi ehlushwa impilo. Empeleni, wathi: “Uthando lwabazalwane nokuvakasha kwabo njalo kuye kwangisiza ngakhuthazela.” Uma usebunzimeni, uJehova ufuna ukuba ucele abadala bakusize.

GXILA EKUKHONZENI UJEHOVA

Lapho sigxila ekukhonzeni uJehova, siyobona indlela asisiza ngayo. Yilokho uJohn akwenza. Lapho eneminyaka engu-39 ubudala, wathola ukuthi unomdlavuza ongavamile. Waba nomuzwa wokuthi kwakungenabulungisa ukuba agule ngale ndlela, ikakhulu njengoba ayesemncane kangaka. Wakhathazeka nangomkakhe nendodana yabo eyayineminyaka emithathu kuphela. Uthi: “Umkami kwakudingeka anakekele ingane yethu esencane aphinde anakekele nami futhi angisize njalo lapho ngiyobona odokotela.” Ngenxa yokwelashwa ayekuthola, wayekhathala kakhulu futhi ahlushwe isisu. Akugcinanga lapho. UJohn wathola ukuthi uyise ugulela ukufa futhi udinga umuntu ozomnakekela.

Yini eyasiza uJohn nomndeni wakhe kuleso sikhathi esinzima? Nakuba ayehlala ekhathele, waqinisekisa ukuthi umndeni wakhe uhlale ugxile ekukhonzeni uJehova. Uthi: “Sasiya kuyo yonke imihlangano, sihlanganyela masonto onke enkonzweni yasensimini futhi sibe nokukhulekela komkhaya njalo, ngisho nalapho kwakunzima.” UJohn wafunda ukuthi kubaluleke kangakanani ukugcina ubuhlobo bakhe noJehova buqinile. Nakuba ekuqaleni ayeshaqekile futhi ekhathazekile, kungakabiphi wazizwa ezolile. Wayazi ukuthi uJehova uyamthanda futhi umnika amandla awadingayo. Nawe uJehova angakusiza ngendlela efanayo lapho ukhathazekile noma wesaba. UJohn uthi: “UJehova angakwenza ube namandla, njengoba angisiza nami.”

Lapho usebunzimeni, khumbula amazwi kaPawulu: “Ninesidingo sokukhuthazela.” Ncika kuJehova ngokuthandaza kuye. Hlale useduze nabafowenu ebandleni, cela abadala bakusize futhi gxila njalo ekukhulekeleni kwakho uJehova. Uzokusiza kunoma iyiphi inkinga okungenzeka unayo manje noma kunoma ibuphi ubunzima ongase ubhekane nabo esikhathini esizayo.

^ isig. 2 Amanye amagama ashintshiwe.