Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Phila Ngokuvumelana Nomthandazo Oyisibonelo—Ingxenye 1

Phila Ngokuvumelana Nomthandazo Oyisibonelo—Ingxenye 1

“Malingcweliswe igama lakho.”—MATHEWU 6:9.

1. Lapho sishumayela, singawusebenzisa kanjani umthandazo kaJesu okuMathewu 6:9-13?

ABANTU abaningi bayawazi amazwi omthandazo okuMathewu 6:9-13. Lapho sishumayela, sisebenzisa amazwi alo mthandazo ukufundisa abantu ukuthi uMbuso uwuhulumeni wangempela omiswe uNkulunkulu oyoshintsha umhlaba ube ipharadesi. Sisebenzisa namazwi athi “malingcweliswe igama lakho” ukubonisa ukuthi uNkulunkulu unegama nokuthi kumelwe siliphathe njengelingcwele.—Mathewu 6:9.

2. Sazi kanjani ukuthi uJesu wayengafuni ukuba siphindaphinde amazwi afanayo njalo lapho sithandaza?

2 Ingabe uJesu wayefuna siphindaphinde amazwi awasebenzisa njalo lapho sithandaza, njengoba kwenza abaningi? Cha. UJesu wayethe: “Lapho uthandaza, ungaphindaphindi izinto ezifanayo.” (Mathewu 6:7) Ngesinye isikhathi, lapho efundisa abafundi bakhe indlela yokuthandaza, wawuphinda lo mthandazo kodwa akazange asebenzise amazwi afana ncamashi. (Luka 11:1-4) Ngakho, uJesu wayesinika umthandazo oyisibonelo ukuze asifundise ukuthi izinto ezinjani okudingeka sizithandazele.

3. Imiphi imibuzo ongazibuza yona njengoba uhlola umthandazo oyisibonelo?

3 Kulesi sihloko nakwesilandelayo, sizohlolisisa lo mthandazo oyisibonelo. Njengoba senza lokhu, zibuze, ‘Lo mthandazo ungangisiza kanjani ukuba ngithuthukise imithandazo yami?’ Okubaluleke nakakhulu, ‘Ingabe ngiphila ngokuvumelana nomthandazo oyisibonelo?’

“BABA WETHU OSEMAZULWINI”

4. Asikhumbuzani amazwi athi “Baba wethu,” futhi uJehova unguBaba wethu ngayiphi indlela?

4 UJesu waqala lo mthandazo ngokuthi, “Baba wethu.” Lokhu kusikhumbuza ukuthi uJehova unguBaba wabo bonke abafowethu nodadewethu emhlabeni wonke. (1 Petru 2:17) Labo abakhethwe uJehova ukuba bayophila ezulwini ubamukele njengamadodana akhe okutholwa, ngakho unguBaba wabo ngendlela ekhethekile. (Roma 8:15-17) Labo abayophila emhlabeni phakade nabo bangambiza ngokuthi “Baba.” UJehova ubanika ukuphila futhi uzinakekela ngothando izidingo zabo. Bayobizwa ngokuthi “abantwana bakaNkulunkulu” ngemva kokuba sebefinyelele ukuphelela futhi beye bahlala beqotho kuJehova ovivinyweni lokugcina.—Roma 8:21; IsAmbulo 20:7, 8.

5, 6. Isiphi isipho esihle kakhulu abazali abangasinika abantwana babo, futhi yini umntwana ngamunye okufanele ayenze ngalesi sipho? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

5 Abazali banika abantwana babo isipho lapho bebasiza ukuba baqonde ukuthi uJehova unguBaba wabo osezulwini nalapho bebafundisa ukuba bathandaze kuye. Umbonisi wesigodi othile waseNingizimu Afrika uthi: “Kusukela amadodakazi ethu ezelwe, ngangithandaza nawo njalo ebusuku ngaphandle kwalapho ngingekho ekhaya. Amadodakazi ethu avame ukuthi awawakhumbuli kahle amazwi aleyo mithandazo yasebusuku. Nokho, akhumbula isimo sobungcwele esasiba khona lapho sikhuluma noBaba wethu, uJehova, kanye nomuzwa wokuzola nokulondeka owawuba khona. Lapho nje esekwazi ukuthandaza, ngawakhuthaza ukuba athandaze ngokuzwakalayo ukuze ngiwezwe etshela uJehova akucabangayo nendlela azizwa ngayo. Leli kwakuyithuba elihle kakhulu lokubona lokho okusezinhliziyweni zawo. Ngangibe sengiwaqeqesha ngomusa ukuba afake izici ezibalulekile ezisemthandazweni oyisibonelo emithandazweni yawo ukuze ibe nesisekelo esihle.”

6 Amadodakazi akhe aqhubeka esondela kuJehova ngisho nalapho ekhula. Manje aseshadile futhi akhonza uJehova isikhathi esigcwele kanye nabayeni bawo. Isipho esihle kakhulu abazali abangasinika abantwana babo siwukubafundisa ukuthi uJehova unguMuntu wangempela nokuthi bangaba abangane bakhe abaseduze. Kodwa ingane ngayinye kudingeka ibulondoloze lobu buhlobo obuseduze noJehova.—IHubo 5:11, 12; 91:14.

“MALINGCWELISWE IGAMA LAKHO”

7. Yiliphi ilungelo esinalo, kodwa yini okumelwe siyenze?

7 Kuyilungelo ngathi ukwazi igama likaNkulunkulu nokuba “isizwe segama lakhe.” (IzEnzo 15:14; Isaya 43:10) Sithandaza sithi, “Malingcweliswe igama lakho,” okuwukuthi, malenziwe ngcwele. Sicela uJehova ukuba asisize singenzi noma sisho noma yini engase imhlambalaze. Akufanele sifane nabanye bangekhulu lokuqala ababengakwenzi lokho ababefundisa abanye ukuba bakwenze. UPawulu wababhalela: “Igama likaNkulunkulu liyahlanjalazwa ngenxa yenu phakathi kwezizwe.”—Roma 2:21-24.

8, 9. Nikeza isibonelo sendlela uJehova asiza ngayo labo abafuna ukungcwelisa igama lakhe.

8 Senza konke esingakwenza ukuze sidumise igama likaJehova. Udade othile waseNorway owasala yedwa nendodana yakhe eneminyaka emibili ngemva kokushonelwa umyeni wakhe uthi: “Kwakuyisikhathi esinzima kakhulu ekuphileni kwami. Ngangithandaza usuku ngalunye, cishe ihora ngalinye, ngithandazela amandla okulawula imizwelo yami ukuze nginganiki uSathane isizathu sokuklolodela uJehova ngenxa yanoma isiphi isinqumo esingahlakaniphile noma isenzo sokungathembeki engangingasenza. Ngangifuna ukungcwelisa igama likaJehova nokuba indodana yami iphinde imbone uyise ePharadesi.”—IzAga 27:11.

9 Ingabe uJehova wayiphendula imithandazo yakhe? Yebo. Ukuba seduze njalo nabafowabo nodadewabo kwamkhuthaza. Ngemva kweminyaka emihlanu, washada nomdala. Indodana yakhe, esineminyaka engu-20, ingumzalwane obhapathiziwe. Uthi: “Ngijabula kakhulu ngokuthi umyeni wami wangisiza ukuyikhulisa.”

10. UNkulunkulu uzolingcwelisa kanjani ngokuphelele igama lakhe?

10 UJehova uzolingcwelisa ngokuphelele igama lakhe lapho esusa bonke abamhlambalazayo nabenqaba ukuba abe nguMbusi wabo. (Funda uHezekeli 38:22, 23.) Ngaleso sikhathi, abantu bayoba abaphelele futhi bonke abasezulwini nabasemhlabeni bayokhulekela uJehova futhi badumise igama lakhe elingcwele. Ekugcineni, uBaba wethu onothando ‘uyoba yikho konke kuwo wonke umuntu.’—1 Korinte 15:28.

“UMBUSO WAKHO MAWUZE”

11, 12. Ngo-1876, yini uJehova asiza abantu bakhe ukuba bayiqonde?

11 Ngaphambi kokuba uJesu abuyele ezulwini, abafundi bakhe bambuza: “Nkosi, ingabe uzowubuyisela umbuso ku-Israyeli ngalesi sikhathi na?” UJesu waphendula ngokuthi kwakungakabi isikhathi sokuba bazi ukuthi uMbuso kaNkulunkulu wawuyoqala nini ukubusa. Wabatshela ukuba bagxile emsebenzini obalulekile wokushumayela. (Funda izEnzo 1:6-8.) Kodwa wayebafundise nokuba bathandazele uMbuso kaNkulunkulu ukuba uze futhi basilangazelele leso sikhathi. Yingakho sisathandazela uMbuso ukuba uze.

12 Lapho isikhathi sokuba uJesu aqale ukubusa ezulwini sisondela, uJehova wasiza abantu bakhe ukuba baqonde ukuthi lokho kwakuyokwenzeka ngamuphi unyaka. Ngo-1876, uCharles Taze Russell wabhala isihloko esithi “Izikhathi Zabezizwe: Ziphela Nini?” Wachaza ukuthi “izikhathi eziyisikhombisa” okukhulunywa ngazo esiprofethweni sikaDaniyeli ziyafana ‘nezikhathi ezimisiwe zezizwe’ okukhulunywa ngazo esiprofethweni sikaJesu. Leso sihloko sachaza ukuthi lezo zikhathi zaziyophela ngo-1914. * (Bheka umbhalo waphansi.)—Daniyeli 4:16; Luka 21:24.

13. Yini eyenzeka ngo-1914, futhi izenzakalo zezwe kusukela ngo-1914 zibonisani?

13 Ngo-1914, kwaqala impi eYurophu eyasakazeka ngokushesha yahlanganisa umhlaba wonke. Ngenxa yaleyo mpi, kwaba nendlala embi ezindaweni eziningi. Ngasekupheleni kwempi, ngo-1918, kwaba nomkhuhlane owabulala abantu abaningi emhlabeni wonke kunalabo ababulawa yimpi ngokwayo. Zonke lezi zinto zaziyingxenye ‘yesibonakaliso’ uJesu asinikeza. Isibonakaliso sabonisa ukuthi uJesu wayebe iNkosi ezulwini ngo-1914. (Mathewu 24:3-8; Luka 21:10, 11) Ngalowo nyaka, “waphuma enqoba futhi eyophelelisa ukunqoba kwakhe.” (IsAmbulo 6:2) UJesu waxosha uSathane namademoni akhe ezulwini futhi wabaphonsa phansi emhlabeni. Ngemva kwalokho, kwaqala ukugcwaliseka lesi siprofetho: “Mayé ngomhlaba nangolwandle, ngoba uDeveli wehlele kini, ethukuthele kakhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane.”—IsAmbulo 12:7-12.

14. (a) Kungani sisawuthandazela uMbuso kaNkulunkulu ukuba uze? (b) Imuphi umsebenzi obalulekile okumelwe siwenze manje?

14 Leso siprofetho esikusAmbulo isahluko 12 sisisiza siqonde ukuthi kungani izinto ezimbi zaqala ukwenzeka emhlabeni cishe ngesikhathi uJesu aba ngaso iNkosi yoMbuso kaNkulunkulu. Nakuba uJesu ebusa ezulwini, uSathane usabusa umhlaba. Kodwa maduze uJesu ‘uzophelelisa ukunqoba kwakhe’ ngokususa bonke ububi emhlabeni. Kuze kube yileso sikhathi, siyaqhubeka sithandazela uMbuso kaNkulunkulu ukuba uze futhi siqhubeka simatasa ekushumayeleni ngalowo Mbuso. Umsebenzi wethu ugcwalisa isiprofetho sikaJesu: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.”—Mathewu 24:14.

“INTANDO YAKHO MAYENZEKE NASEMHLABENI”

15, 16. Ingabe kwanele ukuthandazela ukuba intando kaNkulunkulu yenzeke emhlabeni? Chaza.

15 Eminyakeni engaba ngu-6 000 edlule, intando kaNkulunkulu yayenziwa emhlabeni. Yingakho uJehova athi konke “kwakukuhle kakhulu.” (Genesise 1:31) USathane wabe esevukela futhi kusukela ngaleso sikhathi, abantu abaningi abayenzanga intando kaNkulunkulu. Kodwa namuhla kunabantu abangaba izigidi ezingu-8 abakhonza uJehova. Bathandazela ukuba intando kaNkulunkulu yenziwe emhlabeni futhi bayayenza. Baphila ngendlela ejabulisa uNkulunkulu futhi ngentshiseko bafundisa abanye ngoMbuso wakhe.

Ingabe uyabafundisa abantwana bakho ukuba benze intando kaNkulunkulu? (Bheka isigaba 16)

16 Ngokwesibonelo, isithunywa sevangeli e-Afrika esineminyaka engu-80 ubudala, esabhapathizwa ngo-1948 sithi: “Ngihlale ngithandazela ukuba abantu abanjengezimvu batholakale bonke futhi basizwe ukuze bazi uJehova kungakephuzi. Nalapho ngizoshumayeza othile, ngicela ukuhlakanipha ukuze ngifinyelele inhliziyo yakhe. Ngokuphathelene nabantu abanjengezimvu asebetholakele, ngithandazela ukuba uJehova abusise imizamo yethu yokubanakekela.” Lo dade osekhulile usesize abaningi ukuba bafunde ngoJehova. Bakhona yini abanye asebekhulile obaziyo abenza intando kaJehova ngentshiseko?—Funda eyabaseFilipi 2:17.

17. Uzizwa kanjani ngalokho uJehova azokwenzela abantu nomhlaba esikhathini esizayo?

17 Kuze kube yilapho uJehova esusa izitha zakhe emhlabeni, siyoqhubeka sithandazela ukuba intando yakhe yenziwe. Umhlaba uyobe usuwenziwa ipharadesi futhi kuvuswe nezigidigidi zabantu. UJesu wathi “ihora liyeza lapho bonke abasemathuneni beyokhunjulwa futhi bayolizwa izwi layo baphume.” (Johane 5:28, 29) Ungacabanga ukuthi siyojabula kangakanani lapho samukela abathandekayo bethu abavusiwe! UNkulunkulu “uyosula zonke izinyembezi” emehlweni ethu. (IsAmbulo 21:4) Iningi lalabo abayovuswa kuyoba “abangalungile,” abantu abangakaze bafunde iqiniso ngoJehova noJesu. Siyokujabulela ukubafundisa ngentando kaNkulunkulu ukuze bathole “ukuphila okuphakade.”—IzEnzo 24:15; Johane 17:3.

18. Yini abantu abayidinga kakhulu?

18 Lapho uMbuso kaNkulunkulu ufika, uyongcwelisa igama lakhe futhi bonke abasezulwini nabasemhlabeni bayokhulekela uJehova ngobunye. Yebo, uNkulunkulu uyonika abantu izinto abazidinga kakhulu lapho ephendula izicelo zokuqala ezintathu ezisemthandazweni oyisibonelo. Esihlokweni esilandelayo, sizoxoxa ngezinye izidingo ezibalulekile uJesu asifundisa ukuba sizithandazele.

^ isig. 12 Ukuze uthole ukuthi sazi kanjani ukuthi lesi siprofetho sagcwaliseka ngo-1914, bheka incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? amakhasi 215-218.