Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Phila Ngokuvumelana Nomthandazo Oyisibonelo—Ingxenye 2

Phila Ngokuvumelana Nomthandazo Oyisibonelo—Ingxenye 2

“UYihlo uyazazi izinto enizidingayo.”—MATHEWU 6:8.

1-3. Yini eyenza omunye udade waqiniseka ukuthi uJehova wayekwazi ayekudinga?

ULANA, oyiphayona elivamile, akasoze akhohlwa okwenzeka ngesikhathi evakashele eJalimane ngo-2012. Unomuzwa wokuthi uJehova waphendula imithandazo yakhe emibili. Ngesikhathi esesitimeleni eya esikhumulweni sezindiza, wacela uJehova ukuba amsize athole umuntu ayengamshumayeza. Lapho efika esikhumulweni, wathola ukuthi indiza ayezohamba ngayo ihlehlisiwe, isizohamba ngosuku olulandelayo. ULana wacela uJehova ukuba amsize ngoba wayesebenzise cishe yonke imali yakhe futhi edinga indawo ayezolala kuyo ngalobo busuku.

2 Lapho nje eqeda ukuthandaza, wezwa othile ethi, “Sawubona, Lana, ubekwa yini lapha?” Kwakuyinsizwa ake wafunda nayo esikoleni. Yayihamba nonina nogogo wayo, ababeze ukuzoyivalelisa njengoba yayihamba iya eNingizimu Afrika. Lapho uLana ebachazela ngosizi ayesebhekene nalo, unina nogogo bale nsizwa bathi angeza azolala emzini wabo. Bambuza imibuzo eminingi ngezinkolelo zakhe nangomsebenzi wakhe njengephayona.

3 Nangosuku olulandelayo, lapho sebedle ukudla kwasekuseni, uLana waphendula imibuzo yabo eminingi ephathelene neBhayibheli. ULana wacela imininingwane yabo ukuze abatholele othile owayezoqhubeka ephendula imibuzo yabo. ULana wafika ekhaya ephephile futhi usaqhubeka nokuphayona. Unomuzwa wokuthi uJehova wayizwa imithandazo yakhe, wayekwazi ayekudinga futhi wamsiza.—IHubo 65:2.

Akudingeki sikhathazeke ngezidingo zethu zakusasa

4. Iziphi izidingo esizoxoxa ngazo?

4 Lapho sizithola sisenkingeni, kulula ukuthandaza sicele usizo lukaJehova, futhi uyakujabulela ukuzwa imithandazo yethu. (IHubo 34:15; IzAga 15:8) Kodwa umthandazo oyisibonelo kaJesu usifundisa ukuthi kunezidingo ezibaluleke ngokwengeziwe okumelwe sizithandazele. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngendlela izicelo ezine zokugcina ezisemthandazweni oyisibonelo ezingasisiza ngayo ukuba sibe qotho kuJehova.—Funda uMathewu 6:11-13.

“SIPHE NAMUHLA ISINKWA SETHU SALOLU SUKU”

5, 6. Kungani uJesu asifundisa ukuba sicele “isinkwa sethu” nakuba sinensada yokudla?

5 UJesu wasifundisa ukuba sicele “isinkwa sethu,” hhayi “isinkwa sami” kuphela. UVictor, ongumbonisi wesigodi e-Afrika, uyachaza: “Ngimbonga kaningi uJehova ngokusuka enhliziyweni ngokuthi mina nomkami akudingeki sikhathazeke kakhulu ngokuthi sizokutholaphi ukudla okulandelayo, futhi asikhathazeki ngokuthi ubani ozokhokhela imali yendlu. Abafowethu basinakekela ngomusa nsuku zonke. Kodwa ngiyabathandazela labo abasisizayo ukuba bakwazi ukusingatha izingcindezi zezomnotho ababhekene nazo.”

6 Kungenzeka thina sinensada yokudla, kodwa abafowethu abaningi bampofu. Ngaphezu kwalokho, abanye baye bahlukunyezwa izinhlekelele. Singabathandazela, kodwa futhi singenza okuthile ukuze sibasize. Ngokwesibonelo, singahlanganyela esinakho nabo. Singawunikelela njalo nomsebenzi womhlaba wonke wabantu bakaJehova. Siyazi ukuthi iminikelo yethu isiza abafowethu abaswele.—1 Johane 3:17.

7. UJesu wasifundisa kanjani ukuba ‘singalokothi sikhathazeke ngosuku olulandelayo’?

7 Ngemva kokuba uJesu esifundise umthandazo oyisibonelo, wasifundisa ukuba singagxili ezintweni ezibonakalayo. Wathi uma uJehova enakekela izimbali zasendle, “ngeke yini nina anigqokise nakakhulu, nina eninokholo oluncane? Ngakho ningalokothi nikhathazeke nithi, . . . ‘Sizogqokani?’” Wabe esephinda: “Ningalokothi nikhathazeke ngosuku olulandelayo.” (Mathewu 6:30-34) Akudingeki sikhathazeke ngezidingo zethu zakusasa. Kunalokho, kufanele saneliswe izidingo zethu eziyisisekelo zosuku ngalunye. Ngokwesibonelo, singathandazela ukuba sibe nendawo yokuhlala, umsebenzi ukuze sondle umndeni wethu nokuhlakanipha ukuze senze izinqumo ezinhle ngempilo yethu. Kodwa kunokuthile okubaluleke ngokwengeziwe okudingeka sikuthandazele.

8. Amazwi kaJesu mayelana nesinkwa sethu sansuku zonke asikhumbuzani? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

8 Amazwi kaJesu mayelana nesinkwa sethu sansuku zonke asikhumbuza okunye futhi akusho: “Umuntu akumelwe aphile ngesinkwa sodwa, kodwa nangawo wonke amazwi aphuma emlonyeni kaJehova.” (Mathewu 4:4) Ngakho, kufanele sithandazele ukuba uJehova aqhubeke esifundisa futhi esinika esikudingayo ukuze sihlale siseduze naye.

“USITHETHELELE AMACALA ETHU”

9. Kungani izono zethu zinjengamacala?

9 UJesu wathi: “Usithethelele amacala ethu.” Ngesinye isikhathi wathi: “Usithethelele izono zethu.” (Mathewu 6:12; Luka 11:4) Lokhu wakusho ngoba izono zethu zifana namacala ayizikweletu. Ngo-1951, INqabayokulinda yathi lapho sona kuba njengokungathi senza isikweletu kuJehova. Sikweleta uJehova uthando nokumlalela. Ngakho lapho sona kuNkulunkulu, sisuke simgodlela okuthile esimkweleta kona. Le Nqabayokulinda yathi uma uJehova ethanda, angabunqamula ubuhlobo bakhe nathi. Yanezela: “Isono siwukungambonisi uthando uNkulunkulu.”—1 Johane 5:3.

Mbonge njalo uJehova ngesipho esiyigugu sesihlengo

10. Kungani uJehova engazithethelela izono zethu, futhi kufanele sizizwe kanjani ngalokho?

10 Asive sibonga ngokuthi uJehova walungiselela umhlatshelo wesihlengo kaJesu ukuze athethelele izono zethu. Siyidinga nsuku zonke intethelelo kaJehova. UJesu wasifela eminyakeni engaba ngu-2 000 edlule, noma kunjalo isihlengo sakhe siyasizuzisa namuhla. Kufanele simbonge njalo uJehova ngalesi sipho esiyigugu. Akekho kithi owayeyoke akwazi ukukhokha isihlengo esasidingeka ukuze sikhululwe esonweni nasekufeni. (Funda iHubo 49:7-9; 1 Petru 1:18, 19.) Amazwi asemthandazweni oyisibonelo athi “usithethelele izono zethu” asikhumbuza ukuthi abafowethu nodadewethu nabo basidinga njengathi isihlengo. UJehova ufuna ukuba sicabange nangabo nobuhlobo babo naye. Lokhu kuhlanganisa nokubathethelela ngokushesha lapho besona. Ngokuvamile, lokho kusuke kungamaphutha amancane, kodwa lapho sibathethelela abafowethu, sibonisa ukuthi siyabathanda. Sibonisa nokuthi siyabonga ngokuthi uJehova uyasithethelela nathi.—Kolose 3:13.

11. Kungani kubalulekile ukuba sithethelele abanye?

11 Ngenxa yokuthi asiphelele, ngezinye izikhathi kungase kube nzima ukuthethelela labo abasonayo. (Levitikusi 19:18) Uma siqala ukukhuluma ngalokho abasenze kona, abanye ebandleni bangase bahileleke futhi lokhu kungalimaza ubunye bebandla. Uma lokhu sikuvumela ukuba kuqhubeke, kungabonisa ukuthi asisazisi isipho sikaNkulunkulu sesihlengo futhi ngeke sizithole izinzuzo zaso. (Mathewu 18:35) Uma singabathetheleli abanye, uJehova ngeke asithethelele nathi. (Funda uMathewu 6:14, 15.) Ngaphezu kwalokho, uma sifuna uJehova asithethelele, akumelwe siqhubeke senza noma yini ayizondayo.—1 Johane 3:4, 6.

Uma ufuna uNkulunkulu akuthethelele, nawe kudingeka ubathethelele abanye (Bheka isigaba 11)

“UNGASINGENISI ESILINGWENI”

12, 13. (a) Yini eyenzeka kuJesu ngemva kokubhapathizwa kwakhe? (b) Kungani kungafanele sisole abanye lapho siwela esilingweni? (c) Yini uJesu ayibonisa ngokuhlale ethembekile kuze kube sekufeni?

12 Amazwi asemthandazweni oyisibonelo athi “ungasingenisi esilingweni” asikhumbuza okwenzeka kuJesu ngemva nje kokubhapathizwa kwakhe. Umoya kaNkulunkulu wamholela ehlane ukuze “ayolingwa uDeveli.” (Mathewu 4:1; 6:13) Kungani uJehova akuvumela lokhu ukuba kwenzeke? UJehova wathumela uJesu emhlabeni ukuze axazulule impikiswano eyaphakama lapho u-Adamu no-Eva benqaba ukubusa kwaKhe. Ukuvukela kwabo kwaphakamisa imibuzo eyayidinga isikhathi ukuze iphendulwe. Ngokwesibonelo, kukhona yini okwakungalungile endleleni uJehova ayedale ngayo abantu? Ingabe umuntu ophelele wayengahlale ethembekile kuJehova lapho elingwa “omubi”? Ingabe kwakuyobahambela kangcono abantu uma bezibusa bona? (Genesise 3:4, 5) Esikhathini esizayo, lapho yonke le mibuzo isiphendulwe ngendlela emanelisayo uJehova, wonke umuntu ezulwini nasemhlabeni uyokwazi ukuthi indlela kaJehova yokubusa iyona engcono kakhulu.

Singaba qotho kuJehova ngisho nasezimweni ezinzima kakhulu

13 UJehova ungcwele, ngakho akalokothi alinge noma ubani ngezinto ezimbi. NguSathane ‘onguMlingi.’ (Mathewu 4:3) USathane uzama ukusilinga ngezindlela eziningi. Kodwa kusemahlombe ethu ukuthi sizokwenzenjani. Ngamunye kithi anganquma ukuthi uzomelana yini nesilingo noma cha. (Funda uJakobe 1:13-15.) Lapho uSathane emlinga, uJesu wenqaba ngokushesha ngokucaphuna iZwi likaNkulunkulu. UJesu wayeqotho kuNkulunkulu. Noma kunjalo, uSathane akazange adele. Walinda “esinye isikhathi esikahle” ukuze alinge uJesu. (Luka 4:13) Kodwa naphezu kwakho konke lokho uSathane akwenza, ngaso sonke isikhathi uJesu walalela uNkulunkulu njengoMbusi wakhe. Wabonisa ukuthi umuntu ophelele angaba qotho kuJehova ngisho nasezimweni ezinzima kakhulu. Noma kunjalo, uSathane uzama ukulinga abalandeli bakaJesu, kuhlanganise nawe, ukuba bangamlaleli uJehova.

UJehova uyaqiniseka ukuthi singahlale siqotho kuye, futhi ufuna ukusisiza

14. Yini okudingeka siyenze ukuze simelane nesilingo?

14 Imibuzo eyaphakanyiswa ngokubusa kukaJehova isadinga ukuphendulwa. Ngakho, okwamanje uJehova uyamvumela uSathane ukuba asilinge. UJehova ‘akasingenisi esilingweni.’ Empeleni, uyaqiniseka ukuthi singahlale siqotho kuye, futhi ufuna ukusisiza. Kodwa akalokothi asiphoqe ukuba senze okulungile. Uyayihlonipha inkululeko yethu yokuzikhethela. Ngakho, usivumela ukuba sizinqumele ukuthi siyoba qotho yini noma cha. Ukuze sigweme ukuwela esilingweni, kudingeka senze izinto ezimbili: ukuhlale siseduze noJehova nokuqhubeka sithandazela usizo lwakhe. UJehova uyiphendula kanjani imithandazo yethu yokumelana nesilingo?

Hlale useduze noJehova futhi ushiseke enkonzweni (Bheka isigaba 15)

15, 16. (a) Iziphi ezinye zezilingo okudingeka simelane nazo? (b) Ubani okufanele simsole lapho siwela esilingweni?

15 UJehova usinika umoya wakhe ongcwele onamandla ukuze asisize silwe nezilingo zikaSathane. UJehova usinike neBhayibheli nebandla ukuze asixwayise ngezingozi. Ngokwesibonelo, usixwayisa ukuba singasebenzisi isikhathi sethu esiningi, imali namandla ezintweni esingazidingi ngempela. U-Espen noJanne bahlala kwelinye lamazwe acebile aseYurophu. Iminyaka eminingi babengamaphayona avamile engxenyeni yezwe eyayinesidingo sabamemezeli. Lapho bethola umntwana, kwadingeka bayeke ukuphayona futhi manje sebenabantwana ababili. U-Espen uthi: “Sithandaza njalo kuJehova ukuba singaweli esilingweni njengoba singasakwazi ukuchitha isikhathi esiningi njengakuqala emisebenzini engokwasezulwini. Siyamcela uJehova ukuba asisize silondoloze ingokomoya lethu nentshiseko yethu ngenkonzo.”

16 Esinye isilingo okudingeka simelane naso ukubuka izithombe ezingcolile zobulili. Uma siwela kulesi silingo, asinakusola uSathane. Ngani? Ngoba uSathane nezwe lakhe abanakusiphoqa ukuba senze into engalungile. Abanye babuka izithombe ezingcolile ngoba bengayenqabi imicabango engalungile. Kodwa abafowethu nodadewethu abaningi baye bamelana nalesi silingo, nathi singakwenza.—1 Korinte 10:12, 13.

“USIKHULULE KOMUBI”

17. (a) Singabonisa kanjani ukuthi sifuna uJehova ‘asikhulule komubi’? (b) Iyiphi impumuzo esiseduze?

17 Singabonisa kanjani ukuthi sifuna uJehova ‘asikhulule komubi’? Kumelwe singabi “ingxenye yezwe” futhi kumelwe ‘singalithandi izwe noma izinto ezisezweni.’ (Johane 15:19; 1 Johane 2:15-17) Yeka impumuzo esiyoyithola lapho uJehova esusa uSathane futhi ebhubhisa leli zwe elibi! Njengoba sisalinde leso sikhathi, kudingeka sikhumbule ukuthi uSathane ‘uthukuthele kakhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane.’ Uyokwenza noma yini ukuze asiyekise ukukhonza uJehova. Ngakho, kumelwe siqhubeke sithandazela ukuba uJehova asivikele kuSathane.—IsAmbulo 12:12, 17.

18. Uma sifuna ukusinda lapho izwe likaSathane libhujiswa, yini okumelwe siyenze?

18 Uyafuna yini ukuphila ezweni elingenaye uSathane? Khona-ke, qhubeka uthandazela ukuba uMbuso kaNkulunkulu uze, ukuba igama likaNkulunkulu lingcweliswe nokuba intando yakhe yenziwe emhlabeni. Thembela njalo kuJehova ukuba akunakekele futhi akunike konke okudingayo ukuze uhlale uqotho kuye. Yebo, yenza konke okusemandleni ukuba uphile ngokuvumelana nomthandazo oyisibonelo.