Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKristu Ungamandla KaNkulunkulu

UKristu Ungamandla KaNkulunkulu

‘UKristu ungamandla kaNkulunkulu.’—1 KORINTE 1:24.

1. Kungani uPawulu athi ‘uKristu ungamandla kaNkulunkulu’?

UJEHOVA wabonisa amandla akhe ngoJesu Kristu ngezindlela ezimangalisayo. Lapho uJesu esemhlabeni, wenza izimangaliso. Ezinye zazo singafunda ngazo eBhayibhelini futhi zingaqinisa ukholo lwethu. (Mathewu 9:35; Luka 9:11) Yebo, uJehova wanika uJesu amandla amakhulu. Yingakho umphostoli uPawulu ayengathi: ‘UKristu ungamandla kaNkulunkulu.’ (1 Korinte 1:24) Kodwa zisithinta kanjani izimangaliso zikaJesu?

2. Yini esingayifunda ezimangalisweni zikaJesu?

2 Umphostoli uPetru wathi uJesu wenza ‘izimangaliso.’ (IzEnzo 2:22) Zisifundisani lezi zimangaliso? Zisifundisa lokho uJesu ayokwenza phakathi nokuBusa kwakhe Kweminyaka Eyinkulungwane. Ngaleso sikhathi, uyokwenza izimangaliso ezinkulu nakakhulu, eziyozuzisa bonke abantu emhlabeni. Izimangaliso zakhe zisisiza nokuba siqonde okuningi ngezimfanelo zakhe nezikaYise. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngezimfanelo zikaJesu ezintathu futhi sizobona indlela ezingasithinta ngayo namuhla nasesikhathini esizayo.

ISIMANGALISO ESIFUNDISA UKUPHA

3. (a) Kungani uJesu enza isimangaliso sakhe sokuqala? (b) UJesu wawubonisa kanjani umoya wokupha eKhana?

3 UJesu wenza isimangaliso sakhe sokuqala emshadweni owawusemzaneni waseKhana. Asazi ukuthi kwenzeka kanjani ukuba iwayini linganeli zonke izimenywa ezazikhona. Lokhu kwakungabaphathisa amahloni kakhulu abashadikazi, ngoba babenesibopho sokulungiselela izimenywa zabo ukudla. Esinye sezimenywa kwakungunina kaJesu, uMariya. Ingabe wacela uJesu ukuba asize ngoba ekholelwa ukuthi unamandla okusiza? Kumelwe ukuba uMariya wayezindla ngazo zonke iziprofetho eziphathelene nendodana yakhe futhi wayazi ukuthi yayiyobizwa ngokuthi “iNdodana YoPhezukonke.” (Luka 1:30-32; 2:52) Kusobala ukuthi bobabili uMariya noJesu bafuna ukubasiza laba bashadikazi. Ngakho, ngokuyisimangaliso uJesu waphendula amanzi angamalitha angaba ngu-380 aba “iwayini elimnandi.” (Funda uJohane 2:3, 6-11.) Ingabe uJesu wayephoqelekile ukwenza lesi simangaliso? Cha. Wasenza ngoba ekhathalela abantu futhi elingisa uYise ophanayo.

UJesu wathi kufanele ‘sikwenze umkhuba ukupha’

4, 5. (a) Isimangaliso sikaJesu sokuqala sisifundisani? (b) Isimangaliso saseKhana sisifundisani ngesikhathi esizayo?

4 UJesu wenza ngokuyisimangaliso iwayini eliningi elimnandi, elalanele abantu abaningi. Uyakubona yini lokho esikufundiswa yilesi simangaliso? Sisifundisa ukuthi uJehova noJesu abancishani; abeve bephana. Lesi simangaliso sisenza siqiniseke ukuthi bayikhathalela kakhulu imizwa yabantu. Sibonisa nokuthi uJehova uyosebenzisa amandla akhe ukuze alungiselele inala yokudla ezweni elisha, kungakhathaliseki ukuthi sihlalaphi.—Funda u-Isaya 25:6.

5 Cabanga nje! Maduze uJehova uzosinika konke esikudinga ngempela. Umuntu ngamunye uzoba nomuzi omuhle nokudla okumnandi. Sifikelwa ukwazisa okukhulu lapho sicabanga ngazo zonke izinto ezinhle uJehova azosipha zona ngesandla esivulekile emhlabeni oyiPharadesi.

Silingisa uJesu lapho siphana ngesikhathi sethu (Bheka isigaba 6)

6. UJesu wayewasebenzisa kanjani amandla akhe ngaso sonke isikhathi, futhi singamlingisa kanjani?

6 UJesu akazange nanini awasebenzisele izizathu zobugovu amandla akhe. Cabanga ngalokho okwenzeka lapho uDeveli elinga uJesu ukuba aphendule amatshe abe izinkwa. UJesu wenqaba ukusebenzisa amandla akhe ukuze azizuzise yena. (Mathewu 4:2-4) Kodwa wayezimisele ukuwasebenzisela ukusiza abanye. Singasilingisa kanjani isimo sakhe sengqondo sokungabi nabugovu? UJesu wathi kufanele ‘sikwenze umkhuba ukupha.’ (Luka 6:38) Lokhu singakwenza ngokumemela abanye esidlweni emakhaya ethu. Ngemva kwemihlangano singanika abanye isikhathi sethu, mhlawumbe ngokulalela umzalwane eprakthiza inkulumo yakhe. Noma singase sikwazi ukusiza abanye enkonzweni ngezindlela ezingokoqobo nangokubaqeqesha. Silingisa umoya kaJesu wokupha lapho sisukumela phezulu sisize abanye noma nini lapho sikwazi.

“BONKE BADLA BASUTHA”

7. Yini eyohlale iyinkinga ezweni likaSathane?

7 Ubumpofu abuyona inkinga entsha. UJehova watshela ama-Israyeli ukuthi “umuntu ompofu akasoze ayeka ukuba khona phakathi kwezwe.” (Duteronomi 15:11) Emakhulwini eminyaka kamuva, uJesu wathi: “Abampofu ninabo ngaso sonke isikhathi.” (Mathewu 26:11) Ingabe uJesu wayesho ukuthi abantu abampofu bayohlale bekhona emhlabeni? Cha, wayesho ukuthi ubumpofu buyohlale bukhona uma nje sisaphila ezweni likaSathane. Yeka indlela okuyohluka ngayo lapho sesiphila ezweni elisha! Ngaleso sikhathi, buyobe bungasekho ubumpofu. Wonke umuntu uyoba nenala yokudla futhi asuthe!

8, 9. (a) Kungani uJesu anika izinkulungwane zabantu ukudla? (b) Uzizwa kanjani ngalesi simangaliso?

8 Umhubi wathi ngoJehova: “Uvula isandla sakho wanelise isifiso sayo yonke into ephilayo.” (IHubo 145:16) Lapho esemhlabeni, uJesu walingisa uYise ngokuphelele futhi wanakekela izidingo zabanye kaningi. Lokhu wayengakwenzeli nje ukubonisa ukuthi unamandla. Wayebakhathalela ngempela abantu. Ake sixoxe ngoMathewu 14:14-21. (Funda.) Isixuku sabantu sasilandele uJesu ngezinyawo sisuka emizini. (Mathewu 14:13) Lapho kuhwalala, abafundi bakhathazeka ngokuthi hleze abantu sebekhathele futhi balambile. Ngakho bacela uJesu ukuba amukise izixuku ukuze ziyozithengela ukudla. Wayezokwenzenjani uJesu?

9 UJesu wasebenzisa izinkwa ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili ukuze anike amadoda angu-5 000 kuhlanganise nabesifazane nezingane ukudla. Kungani uJesu enza lesi simangaliso? Kungoba wayebathanda ngempela abantu futhi ebakhathalela. Kumelwe ukuba uJesu walungiselela ukudla okuningi, ngoba abantu “badla basutha.” Ukudla abakuthola kwakuzobanika amandla abebewadinga ukuze bathathe uhambo olude lokugoduka. (Luka 9:10-17) Lapho sebesuthi bonke, izinsalela zagcwala obhasikidi abangu-12!

10. Esikhathini esizayo, kuyokwenzekani ngobumpofu?

10 Ngenxa yababusi abahahayo nabakhohlakele, amakhulu ezigidi zabantu ampofu. Ngisho nabanye babafowethu abanakho ukudla okwanele. Kodwa maduze, abantu abalalela uJehova bazophila ezweni elingenayo inkohlakalo noma ubumpofu. UJehova unguNkulunkulu onguMninimandla onke, unamandla futhi unesifiso sokuqinisekisa ukuthi izidingo zawo wonke umuntu ziyaneliswa. Uthembisa ukuqeda ukuhlupheka maduze!—Funda iHubo 72:16.

Izimangaliso zikaJesu ziyasiqinisekisa ukuthi unesifiso sokusebenzisa amandla akhe ngendlela eyosizuzisa

11. Kungani uqiniseka ukuthi maduze uKristu uzosebenzisa amandla akhe phezu kwawo wonke umhlaba, futhi lokho kukushukumisela ukuba wenzeni?

11 Lapho uJesu esemhlabeni, wenza izimangaliso endaweni encane iminyaka emithathu nengxenye kuphela. (Mathewu 15:24) Kodwa lapho eseyiNkosi, uJesu uyosiza sonke isintu phakathi nokuBusa kwakhe Kweminyaka Eyinkulungwane. (IHubo 72:8) Izimangaliso zikaJesu ziyasiqinisekisa ukuthi unesifiso sokusebenzisa amandla akhe ngendlela eyosizuzisa. Asinawo amandla okwenza izimangaliso, kodwa yini esingayenza? Singasebenzisa isikhathi namandla ethu ukuze sitshele abanye ngekusasa elimangalisayo elithenjiswa iBhayibheli. Lokho kuyisibopho sethu njengoFakazi BakaJehova. (Roma 1:14, 15) Lapho sizindla ngalokho uKristu azokwenza maduze, siyoba magange ukutshela abanye ngakho.—IHubo 45:1; 49:3.

UJEHOVA NOJESU BALAWULA AMANDLA EMVELO

12. Kungani siqiniseka ukuthi uJesu uyiqonda ngokugcwele imvelo?

12 Lapho uNkulunkulu edala umhlaba nakho konke okukuwo, uJesu ‘wayeseceleni kwakhe eyisisebenzi esiyingcweti.’ (IzAga 8:22, 30, 31; Kolose 1:15-17) Ngakho uJesu uyiqonda ngokugcwele imvelo. Uyazi ukuthi angazisebenzisa futhi azilawule kanjani zonke izakhi zemvelo.

Yini ekuhlaba umxhwele endleleni uJesu asebenzisa ngayo amandla akhe okwenza izimangaliso? (Bheka izigaba 13, 14)

13, 14. Nikeza isibonelo sendlela uKristu angalawula ngayo amandla emvelo.

13 Lapho uJesu esemhlabeni, wabonisa ukuthi wayenamandla kaNkulunkulu ngokulawula amandla emvelo. Ngokwesibonelo, cabanga ngendlela uJesu alawula ngayo isivunguvungu. (Funda uMarku 4:37-39.) Esinye isazi seBhayibheli sichaza ukuthi igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi ‘isiphepho’ encwadini kaMarku lisetshenziselwa ukuchaza isiphepho esinamandla. Libhekisela esiphephweni esihambisana namafu amnyama, umoya ovunguza ngamandla, ukuduma nemvula enezikhukhula. Lapho sidlule khona, kusala umonakalo wodwa. Umphostoli uMathewu uthi lesi siphepho sabangela ukuba ‘ulwandle luyaluze kakhulu.’—Mathewu 8:24.

14 Cabanga ngalesi simo: Amagagasi ayeshaya isikebhe ngamandla, kungene amanzi kuso. Naphezu komsindo waleso siphepho nokujikijeleka kwesikebhe ngapha nangapha, uJesu wayelele zwi ngoba wayekhathele kakhulu. Kodwa abafundi babesaba, ngakho bamvusa uJesu bethi: “Siyabhubha!” (Mathewu 8:25) UJesu wasabela kanjani? Wavuka futhi wathi emoyeni nasolwandle: “Shh! Thula!” (Marku 4:39) Leso siphepho esesabekayo sanqamuka, futhi “kwaba nokuzola okukhulu.” Yeka isibonelo esimangalisayo samandla kaJesu okulawula amandla emvelo!

15. UJehova uye wabonisa kanjani ukuthi uyakwazi ukulawula amandla emvelo?

15 Amandla kaKristu avela kuJehova, ngakho siyazi ukuthi uNkulunkulu uMninimandla onke angawalawula amandla emvelo. Ngokwesibonelo, ngaphambi kukaZamcolo, uJehova wathi: “Kusele izinsuku eziyisikhombisa nje kuphela nginise imvula phezu komhlaba izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane.” (Genesise 7:4) Nasencwadini ka-Eksodusi 14:21 sifunda ukuthi: “UJehova waqala ukuhlehlisa ulwandle ngomoya wasempumalanga onamandla.” KuJona 1:4 siphinde sifunde ukuthi: “UJehova waphonsa umoya omkhulu olwandle, kwaba khona isiphepho esikhulu olwandle; umkhumbi wona wawusuzophihlizeka.” Kuyajabulisa ukwazi ukuthi ezweni elisha, uJehova uyohlale ewalawula amandla emvelo.

16. Kungani kududuza ukwazi ukuthi uJehova noJesu banamandla okulawula amandla emvelo?

16 Kuyaduduza ukwazi ukuthi uJehova noJesu banamandla okulawula amandla emvelo. Phakathi nokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane, wonke umuntu ophilayo emhlabeni uyobe ephephile. Abekho abayolinyazwa noma babulawe izinhlekelele zemvelo ezinjengeziphepho, ama-tsunami, izintaba-mlilo noma ukuzamazama komhlaba. Ngeke sesatshiswe inoma iyiphi inhlekelele ngoba “itende likaNkulunkulu” liyobe likanye nabantu. (IsAmbulo 21:3, 4) Singaqiniseka ukuthi uJehova uyonika uJesu amandla okulawula amandla emvelo phakathi nokuBusa kwakhe Kweminyaka Eyinkulungwane.

LINGISA UNKULUNKULU NOKRISTU MANJE

17. Iyiphi enye yezindlela esingalingisa ngazo uNkulunkulu noKristu manje?

17 Yebo, asikwazi ukuvimbela izinhlekelele zemvelo. UJehova noJesu kuphela abangakwenza lokho. Kodwa kukhona esingakwenza. Singasebenzisa okushiwo izAga 3:27. (Funda.) Lapho abafowethu behlupheka, singabasiza ngokunakekela izidingo zabo ezingokwenyama nezingokomzwelo futhi singabaduduza. (IzAga 17:17) Ngokwesibonelo, singabasiza ngemva kwenhlekelele ethile yemvelo. Omunye umfelokazi omuzi wakhe walinyazwa isiphepho wathi: “Ngijabula kakhulu ngokuba senhlanganweni kaJehova, hhayi ngenxa yosizo olungokwenyama kuphela kodwa nangenxa yosizo olungokomoya.” Omunye udade ongashadile akazanga ukuthi uzothatha ini ayihlanganise nani lapho isiphepho silimaza umuzi wakhe. Ngemva kokuba abazalwane bemsizile bawulungisa, wathi: “Angazi ngingachaza ngithini! Ngiphelelwa amazwi okuchaza indlela engizizwa ngayo.” Wanezela: “Ngiyabonga Jehova!” Siyabonga ngokuthi abafowethu nodadewethu bazikhathalela ngempela izidingo zabanye. Ngaphezu kwalokho, siyajabula ukwazi ukuthi uJehova noJesu Kristu basikhathalela ngempela.

18. Yini ekuhlaba umxhwele ngesizathu sokwenza kukaJesu izimangaliso?

18 Phakathi nenkonzo yakhe, uJesu wabonisa ukuthi ‘ungamandla kaNkulunkulu.’ Kodwa akazange nanini asebenzise amandla akhe ngenjongo yokubukisa noma yokuzizuzisa yena. Kunalokho, uJesu wasebenzisa amandla akhe ukwenza izimangaliso ngenxa yokuthi wayebathanda ngempela abantu. Sizofunda okwengeziwe ngalokhu esihlokweni esilandelayo.