Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Hlala Uqotho EMbusweni KaNkulunkulu

Hlala Uqotho EMbusweni KaNkulunkulu

“Abayona ingxenye yezwe.”—JOHANE 17:16.

IZINGOMA: 63, 129

1, 2. (a) Ukuba qotho kuJehova kuhlobene kanjani nokungathathi hlangothi ezingxabanweni zaleli zwe? (Bheka isithombe esisekuqaleni.) (b) Yini abantu abaningi abaqotho kuyo, kodwa kunamuphi umphumela?

IZINCEKU zikaJehova azithathi hlangothi futhi azihileleki ezintweni ezihlukanisa abantu, njengobuzwe, uhlanga noma indlela yokuphila. Kungani? Kungenxa yokuthi sithanda uJehova, siqotho kuye futhi silalela yena. (1 Johane 5:3) Kungakhathaliseki ukuthi sihlalaphi noma sivelaphi, siphila ngezindinganiso zikaNkulunkulu. Ukuba qotho kuJehova naseMbusweni wakhe kubaluleke ngaphezu kwanoma yini enye. (Mathewu 6:33) Yingakho sikwazi ukuthi ‘asiyona ingxenye yezwe.’—Funda uJohane 17:11, 15, 16; Isaya 2:4.

2 Abantu abaningi ezweni namuhla baqotho ezweni labo, esizweni sakubo noma endleleni yabo yokuphila, noma ngisho naseqenjini labo lezemidlalo. Ngokudabukisayo, lokhu kuye kwenza abaningi bancintisana, bazondana futhi ngezinye izikhathi babulala labo abaqotho ohlangothini oluphikisana nolwabo. Nakuba singathathi hlangothi kulezi zingxabano, zingasithinta thina nemindeni yethu, futhi singaphathwa ngendlela engenabo neze ubulungisa. Ngenxa yokuthi uNkulunkulu wasidala sakwazi ukubona izinto ezingenabulungisa, kungaba lula ukuthatha uhlangothi uma ohulumeni benza izinqumo ezingenabo ubulungisa. (Genesise 1:27; Duteronomi 32:4) Uzizwa kanjani lapho kwenzeka into ethile engenabo ubulungisa? Uyakwazi yini ukuhlala ungathathi hlangothi, noma uyaluthatha?

AmaKristu eqiniso awacabangi ukuthi ingxenye ethile yezwe likaSathane ingcono kunenye

3, 4. (a) Kungani singaluthathi uhlangothi lapho kunezingxabano? (b) Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

3 Abantu abaningi bathatha uhlangothi lapho kunezingxabano ngoba ohulumeni babenza bakholelwe ukuthi yilokho izakhamuzi ezinhle okufanele zikwenze. Kodwa thina silandela uJesu. Ngakho, asihileleki kwezombusazwe futhi asiyi empini. (Mathewu 26:52) AmaKristu eqiniso awacabangi ukuthi ingxenye ethile yezwe likaSathane ingcono kunenye. (2 Korinte 2:11) Asifuni lutho oluzosihlanganisa nezingxabano zaleli zwe.—Funda uJohane 15:18, 19.

4 Ngenxa yokuthi asiphelele, abanye kithi kungenzeka ukuthi basenemizwa yokungabathandisisi abantu abahlukile kubo. (Jeremiya 17:9; Efesu 4:22-24) Kulesi sihloko, sizofunda ngezimiso ezizosisiza ukuba silwe naleyo mizwa ehlukanisa abantu futhi siyinqobe. Sizoxoxa nangendlela esingaba qotho ngayo eMbusweni ngokuziqeqesha ukuba sicabange ngendlela uJehova noJesu abacabanga ngayo.

OKWENZA SINGASEKELI NOMA IYIPHI INGXENYE YEZWE

5, 6. Lapho uJesu esemhlabeni, wawabheka kanjani amaqembu abantu ahlukahlukene, futhi ngani?

5 Lapho ukuthola kunzima ukuhlala ungathathi hlangothi, zibuze, ‘UJesu ubeyokwenzenjani?’ Lapho uJesu esemhlabeni, kwakunezingxabano nokungezwani phakathi kwabantu baseJudiya, baseGalile nabaseSamariya. Cabangela lezi zibonelo ezimbalwa. AmaJuda namaSamariya ayengakhulumisani. (Johane 4:9) AbaFarisi nabaSadusi babenezinto eziningi ababengavumelani kuzo. (IzEnzo 23:6-9) AmaJuda ayefunde uMthetho ayecabanga ukuthi angcono kunalawo ayengawufundanga. (Johane 7:49) Amaningi ayebazonda abathelisi namaRoma. (Mathewu 9:11) Kodwa uJesu akazange athathe uhlangothi kulezi zingxabano. Nakuba ngaso sonke isikhathi ayelimelela iqiniso ngoJehova futhi azi ukuthi u-Israyeli wayeyisizwe sikaNkulunkulu esikhethekile, akazange nanini afundise abafundi bakhe ukuthi bangcono kunabanye. (Johane 4:22) Kunalokho, wabafundisa ukuba bathande bonke abantu.—Luka 10:27.

UJehova noJesu abacabangi ukuthi uhlanga oluthile, isizwe noma ulimi lungcono kunolunye

6 Kungani uJesu engazange abheke iqembu elithile labantu njengelingcono kunamanye? Kungenxa yendlela yena noYise abazizwa ngayo ngabantu. UJehova wadala abantu ukuze bagcwalise umhlaba ngezinhlanga ezihlukahlukene. (Genesise 1:27, 28) Ngakho, uJehova noJesu abacabangi ukuthi uhlanga oluthile, isizwe noma ulimi lungcono kunolunye. (IzEnzo 10:34, 35; IsAmbulo 7:9, 13, 14) Kumelwe silingise isibonelo sabo esiphelele.—Mathewu 5:43-48.

7, 8. (a) Singasohlangothini lukabani, futhi ngani? (b) Yini okumelwe siyikhumbule ngekhambi lezinkinga zabantu?

7 Kungani singasekeli noma imuphi umbusi ongumuntu noma uhulumeni? Kungenxa yokuthi singasohlangothini lukaJehova. Nguye onguMbusi wethu. E-Edene, uSathane wathi uJehova wayengeyena umbusi wabantu ongcono kakhulu. Wayefuna abantu bakholelwe ukuthi indlela yakhe yokwenza izinto ingcono kakhulu kunekaNkulunkulu. UJehova ukushiyela kithi ukuba sinqume ukuthi sifuna ukuba sohlangothini lukabani. Kodwa kuthiwani ngawe? Ingabe ulalela uJehova ngoba ukholelwa ukuthi indlela yakhe yokwenza izinto ingcono kuneyakho? Uyaqiniseka yini ukuthi uMbuso wakhe yiwona kuphela ongaxazulula izinkinga zethu? Noma ucabanga ukuthi abantu bangazibusa ngokuphumelelayo ngaphandle kukaNkulunkulu?—Genesise 3:4, 5.

8 Ngokwesibonelo, uma othile ekubuza ukuthi ucabangani ngeqembu elithile lezombusazwe, lezishoshovu noma ngenye inhlangano ethi ayifane, uyophendula kanjani? Kungenzeka ukuthi amanye ala maqembu aqotho futhi afuna ukusiza abantu. Kodwa siyazi ukuthi uMbuso kaJehova yiwona kuphela ongaxazulula izinkinga zabantu futhi uqede konke ukungabi nabulungisa. Silandela isiqondiso sikaJehova nasebandleni, kunokuba umuntu ngamunye azenzele lokho yena acabanga ukuthi kungcono. Yingakho ibandla linobunye.

9. Iyiphi inkinga amanye amaKristu ekhulu lokuqala ayenayo, futhi yini okwakudingeka ayenze?

9 Ngekhulu lokuqala, amanye amaKristu eKorinte ayephikisana ethi: “‘Mina ngingokaPawulu,’ ‘Mina ngingoka-Apholo,’ ‘Mina ngingokaKhefase,’ ‘Mina ngingokaKristu.’” Lapho uPawulu ezwa ngalokhu, washaqeka. Lena kwakuyinkinga yangempela, ngoba yayibeka ukuthula kwebandla engcupheni. Ngakho kwakubonakala sengathi “uKristu uhlukene.” UPawulu waweluleka: “Ngiyanikhuthaza, bazalwane, ngegama leNkosi yethu uJesu Kristu ukuba nonke nikhulume ngokuvumelana, nokuba kungabi nakuhlukana phakathi kwenu, kodwa ukuba nihlangane ngokufanele emqondweni ofanayo nasendleleni efanayo yokucabanga.” Kungokufanayo nanamuhla. Akufanele kube nanoma ikuphi ukwahlukana ebandleni.—1 Korinte 1:10-13; funda eyabaseRoma 16:17, 18.

10. UPawulu wawakhumbuzani amaKristu, futhi sifundani kulokho?

10 UPawulu wakhumbuza amaKristu agcotshiwe ukuthi ayizakhamuzi zasezulwini nokuthi akufanele agxile “ezintweni zomhlaba.” (Filipi 3:17-20) * (Bheka umbhalo waphansi.) Abagcotshiweyo bangamanxusa amelela uNkulunkulu noKristu. Lapho inxusa likwelinye izwe, alihileleki ezinkingeni nakwezombusazwe zalo. Ngendlela efanayo, kungaba okungalungile ngabagcotshiweyo ukuhileleka ezinkingeni nakwezombusazwe zezwe. (2 Korinte 5:20) Labo abanethemba lokuphila phakade emhlabeni nabo baqotho eMbusweni kaNkulunkulu futhi abathathi hlangothi ezingxabanweni zaleli zwe.

ZIQEQESHE UKUBA UBE QOTHO EMBUSWENI KAJEHOVA

11, 12. (a) Iziphi izimo zengqondo okufanele sizigweme uma sifuna ukuhlala siqotho eMbusweni kaNkulunkulu? (b) Udade othile wayezizwa kanjani ngabantu abathile, futhi yini eyamsiza ukuba ashintshe?

11 Ezingxenyeni eziningi zomhlaba, abantu bazizwa besondelene nabantu abanomlando, indlela yokuphila nolimi olufanayo nolwabo. Ngokuvamile bayazisa kakhulu indawo abavela kuyo. Kodwa thina akumelwe sizivumele lezi zimo zengqondo zisithinte. Kunalokho, kudingeka sishintshe indlela esicabanga ngayo futhi siqeqeshe onembeza bethu ukuze sihlale singathathi hlangothi kuzo zonke izimo. Singakwenza kanjani lokhu?

12 Ngokwesibonelo, uMirjeta * (bheka umbhalo waphansi) wazalelwa ezweni elalikade laziwa ngokuthi iYugoslavia. Endaweni akhulela kuyo, abantu babebazonda abantu abadabuka eSerbia. Lapho efunda ngoJehova, waqaphela ukuthi uJehova akakhethi isizwe esithile ngaphezu kwesinye nokuthi nguSathane ofuna ukuba abantu bazondane. Ngakho wazama kanzima ukushintsha indlela azizwa ngayo. Kodwa lapho kuqubuka impi phakathi kwamaqembu ezizwe endaweni ahlala kuyo, imizwa kaMirjeta yokungawathandisisi amaSerb yabuya. Akazange athande ngisho nokuwashumayeza. Wayazi ukuthi kwakungalungile lokhu, ngakho wanxusa uJehova ukuba amsize ayeke ukuzizwa ngaleyo ndlela. Wamcela nokuba amsize aqale ukuphayona. UMirjeta uthi: “Ngithole ukuthi ukugxila enkonzweni kuwusizo kakhulu. Enkonzweni, ngizama ukulingisa ubuntu bukaJehova obunothando, futhi imizwa yami yokungabathandisisi abanye iyaphela.”

13. (a) Yini eyenzeka kuZoila, futhi wasabela kanjani? (b) Singafundani endabeni kaZoila?

13 UZoila udade ovela eMexico owathuthela eYurophu. Ebandleni akulo, kunabazalwane nodade abavela kwenye ingxenye yeLatin America. UZoila uthi abanye babo babehlekisa ngezwe avela kulo, ngamasiko nangomculo wakhona. Kwamcasula lokhu futhi wathandaza kuJehova ukuba amsize angathukutheli. Thina sasiyosabela kanjani ukube sasisesimweni sakhe? Kwabanye abafowethu nodadewethu kusenzima ukuzibamba lapho bezwa abantu besho izinto ezimbi ngendawo abavela kuyo. Ngakho, asifuni nanini ukusho noma ukwenza noma yini eyenza iqembu elithile labantu libonakale lingcono kunelinye. Asifuni ukubangela ukwahlukana ebandleni nanomaphi.—Roma 14:19; 2 Korinte 6:3.

Cela uJehova akusize ukuba uzizwe ngendlela azizwa ngayo ngabantu

14. Yini engakusiza ukuba ubheke abantu ngendlela uJehova ababheka ngayo?

14 Sonke siyazi ukuthi izinceku zikaJehova zinobunye njengokungathi ziyisizwe esisodwa, ngakho akumelwe nanini sibe nomuzwa wokuthi indawo noma izwe elithile lingcono kunelinye. Kodwa kungenzeka ukuthi umndeni wakini nabantu okhule nabo baye bakuthonya ukuba uyithande indawo ovela kuyo. Ngakho, mhlawumbe ngezinye izikhathi usaba nemicabango engemihle ngabantu bezinye izizwe, indlela yokuphila, ulimi noma uhlanga. Yini engakusiza ukuba ushintshe? Zindla ngendlela uJehova azizwa ngayo ngabantu abaqhosha ngezwe lakubo noma abacabanga ukuthi bangcono kunabanye. Cwaninga ngokwengeziwe ngale ndaba esifundweni sakho somuntu siqu noma ekukhulekeleni komkhaya. Yibe usucela uJehova ukuba akusize uzizwe ngendlela azizwa ngayo ngabantu.—Funda eyabaseRoma 12:2.

Ukuze sibe qotho kuJehova, kumelwe silalele yena kungakhathaliseki lokho abanye abantu abangase basenze kona (Bheka izigaba 15, 16)

15, 16. (a) Ukuhluka kwethu kuyokwenza abanye basabele kanjani? (b) Abazali bangazisiza kanjani izingane zabo ukuba zihlale ziqotho kuJehova?

15 Sifuna ukukhonza uJehova sinonembeza omuhle, ngakho, ngezinye izikhathi siyobonakala sihluke kakhulu kwesisebenza nabo, esifunda nabo, omakhelwane noma izihlobo. (1 Petru 2:19) UJesu wasixwayisa ngokuthi abanye bayosizonda imbala ngenxa yokuhluka kwethu. Khumbula ukuthi abaningi babantu abasiphikisayo abazi ngoMbuso kaNkulunkulu. Ngakho abaqondi ukuthi kungani kubaluleke kangaka kithi ukuba qotho eMbusweni kaNkulunkulu kunakohulumeni babantu.

16 Ukuze sibe qotho kuJehova, kumelwe silalele yena kungakhathaliseki ukuthi yini abanye abantu abangase bayenze noma bayisho kithi. (Daniyeli 3:16-18) Ikakhulu intsha ingakuthola kunzima ukuhluka kwabanye. Bazali, sizani izingane zenu zibe nesibindi esikoleni. Izingane zenu zingase zesabe ukwenqaba ukushayela ifulege indesheni noma ukuhlanganyela kweminye imikhosi yobuzwe. Ekukhulekeleni kwenu komkhaya, ningafunda ngendlela uJehova azizwa ngayo ngalezi zinto. Zifundiseni indlela yokukuchaza ngokucacile nangenhlonipho lokho ezikukholelwayo. (Roma 1:16) Uma kudingeka, zisizeni izingane zenu nangokukhuluma nothisha bazo nibachazele esikukholelwayo.

JABULELA YONKE INDALO KAJEHOVA

17. Imiphi imicabango okufanele siyigweme, futhi ngani?

17 Ngokuvamile, siyakuthanda ukudla, ulimi, ubuhle bendawo namasiko alapho sikhulele khona. Kodwa ingabe sinomuzwa wokuthi lokho esikuthandayo kuhlale kungcono kunalokho okuthandwa abanye abantu? UJehova ufuna sikujabulele ukuhlukahluka kwezinto azidalile. (IHubo 104:24; IsAmbulo 4:11) Pho, singaphikelelelani ngokuthi indlela ethile yokwenza izinto ingcono kunenye?

UJehova ufuna ukuba abantu bazo zonke izinhlobo baphile phakade

18. Kungani kukuhle ukuba sibheke abanye ngendlela uJehova ababheka ngayo?

18 UJehova ufuna ukuba abantu bazo zonke izinhlobo bafunde ngaye, bamkhulekele futhi baphile phakade. (Johane 3:16; 1 Thimothewu 2:3, 4) Ngakho, lapho abafowethu benemibono ehlukile kweyethu, sizimisele ukubalalela uma nje yamukeleka kuJehova. Lokho kwenza ukuphila kwethu kuthakazelise, kujabulise futhi sihlale sinobunye nabafowethu nodadewethu. Njengoba sixoxile, ngenxa yokuthi siqotho kuJehova naseMbusweni wakhe, asithathi hlangothi ezingxabanweni zezwe. Siyakuzonda ukuqhosha nokuncintisana okusezweni likaSathane. Yeka ukuthi sijabula kanjani ngokuthi uJehova usifundise ukuthanda ukuthula nokuba abathobekile! Sizizwa njengomhubi owathi: “Bheka! Yeka ukuthi kuhle futhi kumnandi kanjani ngabazalwane ukuba bahlale ndawonye ngobunye!”—IHubo 133:1.

^ isig. 10 Kungenzeka ukuthi ngandlela-thile abanye ebandleni eFilipi babeyizakhamuzi zaseRoma, futhi ngenxa yalokho babenamalungelo engeziwe kunawabafowabo ababengezona izakhamuzi zaseRoma.

^ isig. 12 Amanye amagama ashintshiwe.