Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Sebenzela Ukuhlobisa Ipharadesi Elingokomoya

Sebenzela Ukuhlobisa Ipharadesi Elingokomoya

“Ngiyoyikhazimulisa indawo yezinyawo zami.”—ISAYA 60:13.

IZINGOMA: 102, 75

1, 2. Inkulumo ethi “isenabelo sezinyawo” ingabhekiselaphi emiBhalweni YesiHebheru?

UJEHOVA UNKULUNKULU wathi: “Amazulu ayisihlalo sami sobukhosi, umhlaba uyisenabelo sezinyawo zami.” (Isaya 66:1) UNkulunkulu wayesakhuluma ngaso “isenabelo sezinyawo” zakhe lapho ethi: “Ngiyoyikhazimulisa indawo yezinyawo zami.” (Isaya 60:13) Usikhazimulisa noma asihlobise kanjani isenabelo sezinyawo zakhe? Kusho ukuthini lokhu ngalabo abahlala esenabelweni sezinyawo zakhe esiwumhlaba?

2 ImiBhalo YesiHebheru iyayisebenzisa inkulumo ethi “isenabelo sezinyawo” nasekubhekiseleni ethempelini lasendulo kwa-Israyeli. (1 IziKronike 28:2; IHubo 132:7) Ithempeli lalilihle kakhulu kuJehova ngoba laliyisikhungo sokukhulekela kweqiniso. Lalisetshenziselwa ukukhazimulisa uJehova emhlabeni.

3. Siyini isikhungo sokukhulekela kweqiniso namuhla, futhi saqala nini ukuba khona?

3 Siyini isikhungo sokukhulekela kweqiniso namuhla? Asisona isakhiwo njengethempeli. Siyithempeli elingokomoya, futhi sikhazimulisa uJehova ngendlela okungekho sakhiwo esingamkhazimulisa ngayo. Liyini ithempeli elingokomoya? Liyilungiselelo likaNkulunkulu elivumela abantu ukuba babe abangane bakhe futhi bamkhulekele. Leli lungiselelo libe khona kuphela ngenxa yesihlengo sikaJesu. Laqala ngonyaka ka-29 lapho uJesu ebhapathizwa futhi egcotshwa njengoMpristi Ophakeme wethempeli likaJehova elingokomoya.—Hebheru 9:11, 12.

Abantu bakaJehova kumelwe bamdumise lapha futhi manje

4, 5. (a) Yini abakhulekeli bakaJehova beqiniso abafuna ukuyenza ngokuvumelana neHubo 99? (b) Imuphi umbuzo okufanele sizibuze wona?

4 Simbonga kakhulu uNkulunkulu ngaleli lungiselelo lokukhulekela kweqiniso. Ukubonga kwethu sikubonisa ngokutshela abanye ngegama likaJehova nangesipho sakhe esimangalisayo sesihlengo. Kusijabulisa kakhulu ukwazi ukuthi kunamaKristu eqiniso angaphezu kwezigidi ezingu-8 adumisa uJehova usuku ngalunye! Abantu abaningi abasontayo bacabanga ngokuyiphutha ukuthi bayodumisa uNkulunkulu ezulwini ngemva kokuba befile, kodwa abantu bakaJehova bayazi ukuthi kubaluleke kangakanani ukumdumisa lapha futhi manje.

5 Lapho sidumisa uJehova, silingisa isibonelo sezinceku zikaNkulunkulu ezithembekile esichazwe kumaHubo 99:1-3, 5. (Funda.) Esikhathini esidlule, amadoda athembekile anjengoMose, u-Aroni noSamuweli alisekela ngokugcwele ilungiselelo likaNkulunkulu lokukhulekela kweqiniso. (IHubo 99:6, 7) Namuhla, ngaphambi kokuba abagcotshiweyo abasemhlabeni baqale ukukhonza njengabapristi noJesu ezulwini, bakhonza uJehova ngokwethembeka engxenyeni esemhlabeni yethempeli elingokomoya. Izigidi ‘zezinye izimvu’ zibasiza ngobuqotho. (Johane 10:16) Womabili la maqembu akhulekela uJehova ngobunye. Nokho, ngamunye kithi kufanele azibuze lo mbuzo, ‘Ingabe ngilisekela ngokugcwele ilungiselelo likaJehova lokukhulekela kweqiniso?’

UKUBONA LABO ABAKHONZA ETHEMPELINI LIKANKULUNKULU ELINGOKOMOYA

6, 7. Iyiphi inkinga eyaba khona ebandleni lobuKristu lokuqala, futhi kwenzekani ngo-1919?

6 Ingakahlangani iminyaka eyikhulu ngemva kokumiswa kwebandla lobuKristu, kwaba khona ukuhlubuka njengoba kwakubikezelwe. (IzEnzo 20:28-30; 2 Thesalonika 2:3, 4) Ngemva kwaleso sikhathi, kwaya kuba nzima ukubona labo abangabakhulekeli bakaNkulunkulu beqiniso. Kwadlula amakhulu eminyaka ngaphambi kokuba uJehova asebenzise uJesu ukuze abonise ukuthi obani ngempela ababekhonza uNkulunkulu ethempelini laKhe elingokomoya.

7 Ngonyaka ka-1919, kwaboniswa ngokucacile ukuthi obani labo uNkulunkulu ayebamukela nabakhonza ethempelini lakhe elingokomoya. Babenze izinguquko ukuze ukukhulekela kwabo kwamukeleke nakakhulu kuJehova. (Isaya 4:2, 3; Malaki 3:1-4) Ngakho, kwaqala ukugcwaliseka umbono owawubonwe umphostoli uPawulu emakhulwini eminyaka ngaphambili.

8, 9. Liyini ‘ipharadesi’ uPawulu alibona embonweni?

8 Umbono kaPawulu uchazwe kweyesi-2 Korinte 12:1-4. (Funda.) Kulowo mbono, uJehova wabonisa uPawulu okuthile okwakuyoba khona esikhathini esizayo. Liyini ‘ipharadesi’ uPawulu alibona? Okokuqala, lingabhekisela ePharadesi elingokoqobo elizoba khona emhlabeni maduze. (Luka 23:43) Okwesibili, lingabhekisela epharadesi elingokomoya eliphelele ezweni elisha. Okwesithathu, lingabhekisela ezimweni ezinhle kakhulu zasezulwini “epharadesi likaNkulunkulu.”—IsAmbulo 2:7.

9 Pho, kungani uPawulu athi wayezwe “amazwi angaphimiseleki okungekhona okungokomthetho ngomuntu ukuba awakhulume”? Kungenxa yokuthi kwakungakabi isikhathi sokuba azichaze ngokuningiliziwe izinto ezinhle kakhulu ayezibone kulowo mbono. Kodwa namuhla uJehova uyasivumela ukuba sizitshele abanye izibusiso abantu bakhe abazijabulelayo kwamanje!

10. Kungani ipharadesi elingokomoya nethempeli elingokomoya kungeyona into eyodwa?

10 Sivamile ukukhuluma ngepharadesi elingokomoya, kodwa liyini? Liyisimo esikhethekile sokuthula uNkulunkulu akunika abantu bakhe. Ngakho, ipharadesi elingokomoya nethempeli elingokomoya akuyona into eyodwa. Ithempeli elingokomoya liyilungiselelo likaNkulunkulu lokukhulekela kweqiniso. Ipharadesi elingokomoya lenza kubonakale ngokucacile ukuthi obani abamukelwa uNkulunkulu nabamkhulekela ethempelini lakhe elingokomoya.—Malaki 3:18.

11. Iliphi ilungelo esinalo namuhla?

11 Kujabulisa kakhulu ukwazi ukuthi kusukela ngo-1919, uJehova uye wavumela abantu abangaphelele ukuba banakekele, baqinise futhi bandise ipharadesi elingokomoya. Ingabe uyasiza ekwenzeni lo msebenzi omuhle kakhulu? Uyalazisa yini ilungelo lokusebenza noJehova ekumkhazimuliseni emhlabeni?

UJEHOVA WENZA INHLANGANO YAKHE IBE YINHLE NGOKWENGEZIWE

12. Sazi kanjani ukuthi u-Isaya 60:17 uye wagcwaliseka? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

12 Umprofethi u-Isaya wabikezela ukuthi engxenyeni esemhlabeni yenhlangano kaNkulunkulu kwakuyoba nezinguquko nokulungisa okuningi okuhle kakhulu. (Funda u-Isaya 60:17.) AmaKristu asemancane noma asanda kuhlanganyela agcina nje ngokufunda noma ngokuzwa ngalezi zinguquko. Kodwa kunabazalwane nodade abaningi abaye baba nelungelo lokuzibona lezo zinguquko ezimangalisayo! Lezi zinceku ezithembekile ziyaqiniseka ukuthi uNkulunkulu usebenzisa iNkosi yethu, uJesu, ekuholeni nasekuqondiseni inhlangano yaKhe! Lapho silalela okuhlangenwe nakho kwalawa maKristu athandekayo, ukholo lwethu kuJehova luyoqina futhi siyomethemba ngokwengeziwe.

Ipharadesi elingokomoya liyisimo esikhethekile sokuthula phakathi kwamaKristu eqiniso namuhla

13. NgokweHubo 48:12-14, yini okumelwe siyenze?

13 Wonke amaKristu eqiniso kumelwe atshele abanye ngenhlangano kaJehova. Kuyisimangaliso ukuthi nakuba sihlala ezweni elibi likaSathane, sinobuzalwane obunokuthula nobunye! Kumelwe sisixoxele ngenjabulo ‘isizukulwane sesikhathi esizayo’ ngenhlangano kaJehova nangepharadesi elingokomoya!—Funda iHubo 48:12-14.

14, 15. Iziphi izinguquko ezenziwa ngemva kuka-1970, futhi inhlangano iye yazuza kanjani?

14 Abaningi asebekhulile emabandleni esikuwo baye bazibona izinguquko eziye zenza ingxenye esemhlabeni yenhlangano kaNkulunkulu yaba yinhle ngokwengeziwe. Bakhumbula isikhathi lapho emabandleni kwakunenceku yebandla, hhayi indikimba yabadala, lapho emazweni ahlukahlukene kwakunenceku yegatsha, hhayi iKomiti Yegatsha, noma lapho iziqondiso zazikhishwa umongameli we-Watch Tower Society, hhayi iNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova. Nakuba bonke laba bazalwane babenabasizi abathembekile, ngokuyinhloko umthwalo wemfanelo wokwenza izinqumo emabandleni, emahhovisi amagatsha nasendlunkulu yomhlaba wonke wawusemahlombe omuntu oyedwa. Ngemva kuka-1970, kwenziwa izinguquko ukuze umthwalo wemfanelo wokwenza izinqumo usingathwe amaqembu abadala, hhayi umuntu oyedwa.

15 Kungani lezi zinguquko ziye zayizuzisa inhlangano? Kungenxa yokuthi zazisekelwe ekuqondweni okucace kakhudlwana kwemiBhalo. Kunokuba kube ngumuntu oyedwa owenza zonke izinqumo, inhlangano iyazuza ezimfanelweni ezinhle zabo bonke abadala, noma ‘izipho ezingabantu,’ ezivela kuJehova.—Efesu 4:8; IzAga 24:6.

UJehova unikeza abantu emhlabeni wonke isiqondiso abasidingayo ekuphileni (Bheka izigaba 16, 17)

16, 17. Iziphi izinguquko zamuva eziye zakuhlaba umxhwele, futhi kungani?

16 Cabanga ngezinye zezinguquko zamuva ezenziwe ezincwadini zethu. Siyakujabulela ukuhambisa izincwadi eziwusizo nezikhangayo enkonzweni yethu. Cabanga nangendlela esisebenzisa ngayo ubuchwepheshe bamuva ekushumayeleni izindaba ezinhle. Ngokwesibonelo, ingosi ethi jw.org ifinyelela abantu abaningi ngokwengeziwe ukuze bathole usizo abaludinga ngempela. Zonke lezi zinguquko zenza sibone ukukhathalela okujulile nothando uJehova analo ngabantu.

Siyabonga ngokuqeqeshwa esikuthola ezikoleni zethu zeBhayibheli eziningi

17 Siyayazisa nenguquko eyenziwe emihlanganweni yethu ukuze sibe nesikhathi sokukhulekela komkhaya noma sesifundo somuntu siqu. Siyalwazisa noshintsho olwenziwe emihlanganweni yethu yesifunda neyesigodi. Ibonakala ithuthukiswa unyaka ngamunye! Siyabonga nangokuqeqeshwa esikuthola ezikoleni zethu zeBhayibheli eziningi. Kusobala kuzo zonke lezi zinguquko ukuthi uJehova uqondisa inhlangano yakhe nokuthi uyaqhubeka enza ipharadesi elingokomoya libe lihle nangokwengeziwe!

INDLELA THINA ESISIZA NGAYO EKUHLOBISENI IPHARADESI ELINGOKOMOYA

18, 19. Singasiza kanjani ekuhlobiseni ipharadesi elingokomoya?

18 UJehova usinike ilungelo lokusiza ekuhlobiseni ipharadesi lethu elingokomoya. Kodwa sikwenza kanjani lokho? Ngokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso ngentshiseko nangokwenza abafundi abengeziwe. Njalo lapho sisiza umuntu ukuba abe inceku kaNkulunkulu, sisuke sisiza ekwandiseni ipharadesi elingokomoya.—Isaya 26:15; 54:2.

19 Sisiza ekuhlobiseni ipharadesi elingokomoya nalapho sizikhandla ekuthuthukiseni ubuntu bethu bobuKristu. Lokhu kusiza ekwenzeni ipharadesi elingokomoya likhange ngokwengeziwe kwabanye. Ngokuvamile, into yokuqala ekhanga abantu beze enhlanganweni nakuJehova noJesu ukuziphatha kwethu okuhlanzekile nokunokuthula, hhayi nje ulwazi lwethu lweBhayibheli.

Ungasiza ekwandiseni ipharadesi elingokomoya (Bheka izigaba 18, 19)

20. NgokwezAga 14:35, kufanele sibe yini isifiso sethu?

20 Kumelwe ukuba uJehova noJesu bajabula kakhulu lapho bebona ipharadesi lethu elingokomoya elihle namuhla. Injabulo esiyithola manje ngokuba neqhaza ekulihlobiseni iwubala uma iqhathaniswa naleyo esiyoyithola kamuva lapho sesisebenzela ukwenza umhlaba ube ipharadesi elingokoqobo. Kufanele siyikhumbule njalo incwadi yezAga 14:35, ethi: “Inkosi ijabula ngenceku eyenza ngokuqondisisa.” Masenze ngokuhlakanipha njengoba sizikhandla ekuhlobiseni ipharadesi elingokomoya!