Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INDABA YOKUPHILA

Ukukhumbula Uthando Lwami Lokuqala Kuye Kwangisiza Ngakhuthazela

Ukukhumbula Uthando Lwami Lokuqala Kuye Kwangisiza Ngakhuthazela

NGO-JUNE 1970, ngangisesibhedlela ePennsylvania, e-United States. Ngangiyisosha, ngineminyaka engu-20 ubudala futhi ngigula kakhulu. Umhlengikazi wesilisa wayengihlola umfutho wegazi njalo ngemva kwesigamu sehora. Lo mhlengikazi, owayemdadlana kunami, wayebukeka ekhathazekile. Njengoba umfutho wegazi lami wawulokhu wehla, ngathi, “Sengathi awukaze umbone umuntu efa.” Ubuso bakhe baphaphatheka futhi wathi, “Cha, angikaze.” Kwakubonakala sengathi ngizofa, kodwa ngasinda. Ake nginixoxele kafushane ngomlando wami.

UKUQALA KWAMI UKUBONA IMPI

Ngaqala ukugula lapho ngisebenza njengomsizi egumbini lokuhlinzela ngesikhathi sempi yaseVietnam. Ngangikujabulela ukusiza abantu abagulayo nabalimele futhi nganginomgomo wokuba udokotela ohlinzayo. Ngafika eVietnam ngo-July 1969. Njengawo wonke amanye amasosha ayesanda kufika, nganikezwa isonto elilodwa ukuze ngijwayelane nokushisa nesikhathi sakhona esihlukile.

Ngabelwa ukuba ngisebenze esibhedlela sezempi saseMekong Delta. Kwakufika izindiza eziningi ezinophephela emhlane zilethe amasosha ayelimele. Ngangilithanda izwe lakithi kanye nomsebenzi wami, ngakho, ngangishesha ukunikeza abantu bakithi usizo. Amasosha alimele ayelungiselelwa ukuhlinzwa futhi ayiswe ngokushesha kuma-container ensimbi ayeneziphephetha-moya okwakuhlinzelwa kuwo iziguli. Udokotela ohlinzayo nodokotela obulala izinzwa nabahlengikazi ababili babenza okusemandleni ukusindisa iziguli. Ngaqaphela ukuthi kunopulasitiki abakhulu abamnyama ababengehliswa ezindizeni. Ngatshelwa ukuthi babenezicucu zezidumbu zamasosha ayeqhunyiswe empini. Kwakuwukuqala kwami ukubona impi lokho.

UKUFUNA KWAMI UNKULUNKULU

Izindaba ezinhle ngaqala ukuzizwa ngisemncane

Iqiniso ngaqala ukulizwa koFakazi BakaJehova ngisemncane. Umama wayefundelwa oFakazi, kodwa akazange abhapathizwe. Noma kunjalo, ngangizijabulela lezo zifundo. Ngelinye ilanga, mina nosingababa sadlula ngaseHholo LoMbuso. Ngambuza, “Yini le?” Waphendula, “Ungalokothi usondele kulaba bantu!” Ngenxa yokuthi ngangimthanda futhi ngimethemba, ngamlalela futhi ngayeka ukuzihlanganisa noFakazi BakaJehova.

Nokho, lapho ngibuya eVietnam, nganginezinkumbulo zezinto eziningi ezibuhlungu. Ngenxa yezinto engazibona empini, ngase ngindikindiki. Kwakubonakala sengathi akekho noyedwa owayekuqonda ngempela okwakwenzeka eVietnam. Ngikhumbula ngizwa ababhikishi bebiza amasosha ase-United States ngokuthi ababulali bezingane ngenxa yemibiko eyayithi kwakubulawa izingane ezingenacala. Zonke lezi zinto zangenza ngazizwa ngidinga ukuba nobuhlobo noNkulunkulu.

Ekufuneni kwami uNkulunkulu, ngaqala ukuvakashela amasonto ahlukahlukene. Ngangilokhu ngimthanda uNkulunkulu, kodwa ngangingakuthandi lokho engangikubona kulawo masonto. Ekugcineni, ngaya eHholo LoMbuso eDelray Beach, eFlorida. Ngaya okokuqala emhlanganweni ngeSonto ngo-February 1971.

Ngafika eHholo LoMbuso inkulumo yeningi isiphela, ngakho ngahlala ngathamela iSifundo Se-Nqabayokulinda. Angisakhumbuli ukuthi sasikhuluma ngani, kodwa ngiyakhumbula ngibona izingane zizivulela imiBhalo emaBhayibhelini azo. Lokho kwangihlaba umxhwele kakhulu! Ngamane ngalalela futhi ngabukela. Lapho sengihamba, umzalwane owayeneminyaka cishe engu-80 ubudala weza kimi. Igama lakhe kwakunguJim Gardner. Wanginika incwadi ethi Iqiniso Eliholela Ekuphileni Okuphakade wabe esengibuza, “Ungayijabulela yini le ncwadi?” Ngayamukela futhi sahlela ukuba sihlangane ngoLwesine ekuseni ukuze siqale ukufunda.

Ngemva kwemihlangano ngeSonto, kwadingeka ngiye emsebenzini. Ngangisebenza esibhedlela saseBoca Raton, eFlorida, futhi ngangizongena ngo-11 ebusuku ngishayise ngo-7 ekuseni. Zazingeziningi iziguli ngalobo busuku, ngakho ngakwazi ukuyifunda incwadi Iqiniso. Umhlengikazi othile wayihlwitha, wabuka isembozo futhi wangibuza ukuthi sengifuna ukuba omunye woFakazi BakaJehova yini. Nami ngayihlwitha futhi ngamtshela ukuthi nakuba ngingakayiqedi le ncwadi, impela ngiyakucabanga ukuba uFakazi. Wahamba wangishiya futhi ngayifunda ngayiqeda ngalobo busuku.

Ngafundelwa uJim Gardner, umzalwane ogcotshiwe owayazi uCharles Taze Russell

Esifundweni sami sokuqala noMfoweth’ uGardner ngabuza, “Sizofundani-ke?” Waphendula, “Incwadi engikunike yona.” Ngathi, “Sengiyifunde ngayiqeda.” UMfoweth’ uGardner ngomusa wathi, “Kulungile, kodwa ake sibheke lesi sahluko sokuqala.” Ngamangala ukubona ukuthi kungakanani engangingakuphawulanga. Wangicela ukuba ngivule imiBhalo eminingi eBhayibhelini lami i-King James Version. Ekugcineni, ngase ngifunda ngoNkulunkulu weqiniso, uJehova. UJim wafunda nami izahluko ezintathu zencwadi Iqiniso ngalolo suku. Ngemva kwalokho, safunda izahluko ezintathu njalo ngoLwesine ekuseni. Ngangizijabulela kakhulu lezo zifundo. Kwakuyilungelo kimi ukufundiswa yilowo mzalwane ogcotshiwe owayazi uCharles T. Russell!

Ngemva kokufunda amasonto ambalwa, ngavunyelwa ukushumayela izindaba ezinhle. Ukushumayela endlini ngendlu kwakungelula kimi, kodwa uJim wangisiza nganqoba uvalo enganginalo. (IzEnzo 20:20) Ngosizo lwakhe, ngafunda ukuyithanda inkonzo. Nginomuzwa wokuthi ukushumayela kuyilungelo elikhulu kunawo wonke enginawo. Ngijabula kakhulu ngokuthi ngingaba isisebenzi esikanye noNkulunkulu!—1 Korinte 3:9.

UKUQALA KWAMI UKUTHANDA UJEHOVA

Manje, ake nginixoxele okuthile okuyigugu kakhulu kimi, ukuqala kwami ukuthanda uJehova. (IsAmbulo 2:4) Lolo thando lwami ngoJehova luye lwangisiza ukuba ngikhuthazelele izinkumbulo ezibuhlungu zasempini nezinye izinkinga eziningi.—Isaya 65:17.

Uthando lwami ngoJehova luye lwangisiza ukuba ngikhuthazelele izinkumbulo ezibuhlungu zasempini nezinye izinkinga eziningi

Ngabhapathizwa ngo-July 1971 eMhlanganweni Wesigodi “Wegama Laphezulu” eYankee Stadium

Ngo-1971, ngatshelwa ukuba ngihambe efulethini abazali bami ababengivumele ukuba ngihlale kulo. Kungani? Usingababa wayengafune muntu onguFakazi kaJehova ukuba ahlale kulo! Kwenzeka lokhu nje anginamali etheni. Isibhedlela sasingiholela njalo ngemva kwamasonto amabili, futhi ngangisanda kusebenzisa imali eningi ngithenga izingubo engizoya ngazo ensimini ngoba ngangifuna ukummelela kahle uJehova. Nganginayo imadlana ethile engangiyilondoloze ebhange, kodwa lalisedolobhaneni langasekhaya eMichigan. Ngakho kwadingeka ngihlale emotweni yami izinsuku ezimbalwa. Ngangigeza futhi ngishefa ezindlini zangasese zasemagalaji.

Ngelinye ilanga ngisahlala emotweni yami, ngashayisa emsebenzini esibhedlela ngaya eHholo LoMbuso futhi ngafika kusasele amahora ambalwa ngaphambi kokuba umhlangano wenkonzo uqale. Njengoba ngangihlezi ngemva kweHholo LoMbuso lapho ngingenakubonwa muntu khona, kwabuya izinkumbulo zaseVietnam. Kwaba sengathi ngizwa iphunga lenyama yomuntu oshayo futhi ngibona negazi elalichitheka lapho, ngaqala ukuba nexhala. Kwakuba sengathi ngizwa futhi ngibona izinsizwa zingibuza: “Ngizophila yini? Ngizophila yini?” Ngangazi ukuthi zazizofa, kodwa ngazama ukuziduduza ngenza sengathi konke kuzolunga. Njengoba ngangihlezi lapho, ngagajwa umunyu.

Noma nini lapho nginezinkinga ekuphileni, ngizama ngokusemandleni ukukhumbula uthando lwami lokuqala ngoJehova

Ngathandaza kuJehova zilokhu zehle njalo izinyembezi. (IHubo 56:8) Ngaqala ukucabanga kanzulu ngovuko. Ngaqaphela ngaleso sikhathi ukuthi uvuko lwaluyithemba elihle kangakanani! UJehova uzozivusa lezi zinsizwa futhi zizoba nethuba lokufunda iqiniso ngaye. Uvuko luyoqeda bonke ubuhlungu nokuhlupheka esiye sabhekana nakho. (IzEnzo 24:15) Lapho sengikuqonda lokho, uthando lwami ngoJehova lwaqina kakhulu kunangaphambili. Lolo suku luseyigugu kimi. Kusukela ngaleso sikhathi, noma nini lapho nginezinkinga ekuphileni, ngizama ngokusemandleni ukulukhumbula uthando lwami lokuqala ngoJehova.

UJEHOVA UBELOKHU ENGINAKEKELA

Abantu benza izinto ezibuhlungu ngesikhathi sempi, nami ngazenza. Kodwa bekulokhu kungiduduza ukuzindla ngemibili yemiBhalo engiyithanda kakhulu. Owokuqala yincwadi yesAmbulo 12:10, 11, ethi uDeveli akanqotshwa ngomsebenzi wethu wokushumayela kuphela kodwa nangegazi likaJesu. Owesibili eyabaseGalathiya 2:20, engikhumbuza ukuthi uJesu wangifela. Ngenxa yomhlatshelo kaKristu, uJehova ungithethelele kulokho engikwenzile. Ngakho, manje nginonembeza ohlanzekile futhi nginesifiso esijulile sokutshela abanye ngoNkulunkulu wethu onesihe, uJehova!—Hebheru 9:14.

Lapho ngicabanga ngalokho engiye ngabhekana nakho ekuphileni, kusobala kimi ukuthi uJehova ubelokhu enginakekela. Ngokwesibonelo, lapho uJim ethola ukuthi ngangihlala emotweni, wangiyisa kudade othile owayenamakamelo aqashiswayo emzini wakhe. Ngiyaqiniseka ukuthi uJehova wasebenzisa uJim nalo dade ukuze angitholele ikhaya elikahle. UJehova akeve enomusa! Uyabanakekela abakhulekeli bakhe abathembekile.

NGAFUNDA UKUSHISEKA NOKUBA NESU LOKUNGACUNULI

Ngo-May 1971, kwadingeka ngiye eMichigan. Ngakho, ngaphambi kokuba ngihambe eFlorida, ngagcwalisa imoto ngezincwadi eziningi ngabe sengibhekisa amabombo enyakatho. Ngazihambisa zonke ngingakadluli nasesifundeni esilandelayo saseGeorgia. Ngangishumayela izindaba ezinhle zoMbuso ngentshiseko yonke indawo. Ngangishumayela emajele futhi nginikeze abesilisa amapheshana ngisho nasezindlini zangasese zasezindaweni zokuphumula. Ngiyazibuza namanje ukuthi kazi bakhona yini abanye kubantu engakhuluma nabo abalithola iqiniso.—1 Korinte 3:6, 7.

Kumelwe ngivume ukuthi lapho ngiqala ukufunda iqiniso, ngangingenalo isu lokungacunuli, ikakhulu lapho ngikhuluma nabomndeni wakithi. Ngezinye izikhathi ngangibatshela ezikabhoqo. Ngibathanda kakhulu abafowethu, uJohn noRon, futhi lapho ngibashumayeza, ngazama ukubaphoqa ukuba bamukele izinkolelo zami ezintsha. Kamuva, kwadingeka ngixolise. Kodwa ngiqhubeka ngithandazela ukuba bamukele iqiniso. Kusukela ngaleso sikhathi, uJehova uye wangisiza ukuba ngibe nesu lokungacunuli ngokwengeziwe lapho ngishumayela futhi ngifundisa.—Kolose 4:6.

ABANYE ENGIBATHANDAYO

Ubuhlobo bami noJehova buyolokhu buza kuqala ekuphileni kwami. Nokho, bakhona nabanye engibathanda kakhulu, ikakhulu umkami oyigugu kimi, uSusan. Ngangilokhu ngifisa ukushada nenkosikazi eyongisiza ukuba ngiqhubeke ngikhonza uJehova. USusan ungowesifazane ozimiselayo ngakwenzayo futhi omthanda kakhulu uJehova. Ngolunye usuku sisaqomisana, ngavakashela kubo eRhode Island. Ngamfica ehlezi kuvulandi efunda INqabayokulinda ephethe neBhayibheli. Okwangihlaba umxhwele ukuthi wayeyibheka yonke imiBhalo nakuba kwakungesona isihloko esifundwayo. Ngabona ukuthi ubuhlobo bakhe noJehova babubaluleke kakhulu kuye. Sashada ngo-December 1971. Angive ngibonga ngokuba nenkosikazi engisekela ngale ndlela. Engikwazisa kakhulu ukuthi nakuba engithanda, uthanda uJehova nangaphezulu.

Nginomkami, uSusan namadodana ethu, uPaul noJesse

UJehova usinike amadodana amabili amahle, uJesse noPaul. Ubewaqondisa njengoba ekhula. (1 Samuweli 3:19) Okusijabulisa kakhulu ukuthi anobuhlobo bomuntu siqu naye. Ngayinye isikhonze uJehova isikhathi esigcwele iminyaka engaphezu kwengu-20. Ayaqhubeka emkhonza ngoba nawo abelokhu ekhumbula uthando lwawo lokuqala ngoJehova. Ngiyaziqhenya nangomalokazana bakwami ababili abahle, uStephanie noRacquel, engibabheka njengamadodakazi ami. Angive ngibonga ngokuthi amadodana ami ashade nabesifazane abathanda uJehova ngenhliziyo yabo yonke futhi abasebenzisa ukuphila kwabo ekumkhonzeni.—Efesu 6:6.

Ngiqhuba umhlangano wenkonzo yasensimini ngesikhathi ngisajikeleza

Ngakhonza iminyaka engu-16 eRhode Island lapho ngazakhela khona ubungane nabantu abaningi. Ngisabakhumbula abadala abahle kakhulu engangikhonza nabo. Ngiyabonga nangababonisi abajikelezayo abaningi abangisiza. Kube yilungelo ukukhonza uJehova namadoda aye alondoloza uthando lwawo lokuqala ngoJehova. Ngo-1987, sathuthela endingekweni eNyakatho Carolina, nalapho sathola abangane abaningi abahle. *—Bheka umbhalo waphansi.

Ngikujabulela kakhulu ukuchitha isikhathi nomndeni wami

Ngo-August 2002, mina noSusan samukela isimemo sokuba amalungu omkhaya waseBethel yase-United States ePatterson. Ngasebenza eMnyangweni Wenkonzo, futhi uSusan wasebenza elondolo, okuyisabelo ayesithanda kakhulu! Ngo-August 2005, ngathola ilungelo lokuba ilungu leNdikimba Ebusayo. Nganginomuzwa wokuthi angisifanelekele lesi sabelo esisha. USusan naye wethuka lapho ecabanga ngomthwalo wemfanelo, umsebenzi nokuhamba okuhilelekile. Akakaze akuthande ukuhamba ngendiza; noma kunjalo, sihamba kaningi ngendiza. Iseluleko sothando samanye amakhosikazi amalungu eNdikimba Ebusayo simsize kakhulu. Simenza azimisele ngokwengeziwe ukungisekela, futhi angive ngimthanda ngenxa yalokho!

Ehhovisi lami nginezithombe eziningi ezinhle ezingikhumbuza ukuphila okujabulisayo engibe nakho. Ngiye ngathola izibusiso eziningi ngokwenza okusemandleni ukukhumbula uthando lwami lokuqala ngoJehova!

Sasikujabulela ukushumayela njengomkhaya ensimini engasetshenzwa njalo

^ isig. 30 Ungathola ukwaziswa okwengeziwe ngenkonzo yesikhathi esigcwele yoMfoweth’ uMorris kuyi-Nqabayokulinda ka-March 15, 2006, ikhasi 26.