Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INDABA YOKUPHILA

“Iziqhingi Eziningi Mazithokoze”

“Iziqhingi Eziningi Mazithokoze”

Ngiyohlale ngilukhumbula lolo suku ngiseBrooklyn. Mina nabanye abazalwane abavela ezingxenyeni ezahlukene zomhlaba sasilinde egunjini iNdikimba Ebusayo eqhubela kulo imihlangano. Sasilinde iKomiti Yokubhala. Sasethukile ngoba sasizokwethula izinto esasizibona zingaba izixazululo zezinkinga abahumushi ababhekana nazo. Kwakungo-May 22, 2000. Kodwa kungani lo mhlangano wawubaluleke kangaka? Ngaphambi kokuba ngichaze, ake nginitshele okuthile ngami.

Ngabhapathizwa eQueensland, ngaphayona eTasmania, futhi ngakhonza njengesithunywa sevangeli eTuvalu, eSamoa naseFiji

NGAZALELWA esifundazweni saseQueensland, e-Australia, ngo-1955. Ngemva nje kwalokho, umama, u-Estelle, waqala ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Wabhapathizwa ngemva konyaka, kanti ubaba, uRon, wamukela iqiniso ngemva kweminyaka engu-13. Ngabhapathizwa ngo-1968 endaweni ecezile esemaphandleni aseQueensland.

Kusukela ngisengumfanyana, ngangikuthanda ukufunda izincwadi nezilimi. Noma nini lapho sisohambweni nabazali bami, ngangihlala ngemuva emotweni, ngifunde incwadi. Cishe kwakubakhungathekisa abazali bami ukuthi ngangingabubuki ubuhle bendawo esasihamba kuyo. Kodwa ukuthanda kwami ukufunda kwangisiza ngenza kahle esikoleni. Ngaze ngathola nemiklomelo eminingana lapho ngisesikoleni samabanga aphakeme edolobheni laseGlenorchy esiqhingini saseTasmania.

Phakathi naleso sikhathi, kwadingeka ngenze isinqumo esibalulekile. Ingabe ngizokwamukela umfundaze wokuya eyunivesithi? Nakuba ngangizithanda izincwadi nokufunda, ngiyabonga ngokuthi umama wangifundisa ukuthanda uJehova ngaphezu kwanoma ubani nanoma yini enye. (1 Korinte 3:18, 19) Ngakho, ngemvume yabazali bami, nganquma ukuthi ngemva nje kokuthola imfundo eyisisekelo, ngangizoyeka esikoleni ngiqale ukuphayona. Lokhu ngakwenza ngo-January 1971, ngineminyaka engu-15.

Eminyakeni engu-8 eyalandela, ngajabulela ilungelo lokuphayona eTasmania. Phakathi naleso sikhathi, ngashada nesimomondiya sentokazi yaseTasmania uJenny Alcock. Sakhonza ndawonye iminyaka emine njengamaphayona akhethekile emadolobhaneni aqhelile aseSmithton naseQueenstown.

UKUKHONZA NJENGEZITHUNYWA ZEVANGELI EZIQHINGINI ZASEPACIFIC

Ngo-1978, mina nomkami saya ePort Moresby, ePapua New Guinea, emhlanganweni wezizwe. Ngikhumbula ngokukhethekile isithunywa sevangeli esanikeza inkulumo ngesiHiri Motu. Nakuba ngangingezwa ukuthi sithini, ngaqala ukucabanga ukuthi nami ngingathanda ukuba isithunywa sevangeli, ngifunde olunye ulimi futhi ngikwazi ukukhuthaza abazalwane ngokunikeza inkulumo ngolimi lwabo. Ekugcineni, ngaqaphela ukuthi ngingalusebenzisa kanjani uthando lwami lolimi ekukhonzeni uJehova.

Cabanga nje ukuthi samangala kanjani lapho sibuyela ekhaya sithola isimemo sokuyokhonza njengezithunywa zevangeli. Safika esiqhingini saseFunafuti, eTuvalu, ngo-January 1979. Kwakunabamemezeli ababhapathiziwe abathathu kuphela kulo lonke elaseTuvalu.

NginoJenny eTuvalu

Kwakungelula ukufunda ulimi lwesiTuvalu. Incwadi eyayikhona ngalolo limi ‘kwakuyiTestamente Elisha’ kuphela. Zazingekho izichazamazwi noma izifundo zolimi, ngakho sanquma ukuzama ukufunda amagama amasha ayishumi kuya kwangu-20 usuku ngalunye. Kodwa sasheshe saqaphela ukuthi sasingaziqondi izincazelo ezinembile zamagama amaningi esasiwafunda. Kunokutshela abantu ukuthi ukusebenzelana namademoni kwakungalungile, sasibatshela ukuthi akufanele basebenzise isikali nezindondolo! Kodwa kwakudingeka siqhubeke sizama ukulufunda lolu limi ngoba sasesinezifundo eziningana zeBhayibheli. Ngemva kweminyaka eminingi, omunye walabo esasibafundela wathi: “Siyajabula ngoba seniyakwazi ukukhuluma ulimi lwethu. Ekuqaleni sasingezwa nokuthi nizama ukuthini!”

Kodwa kunento eyasisiza ngempela ukuba silufunde ngokushesha lolu limi. Njengoba zazingekho izindawo eziqashisayo, kwadingeka sihlale nomkhaya owawungoFakazi edolobhaneni elikhudlwana lendawo. Kwakudingeka sikhulume isiTuvalu yonke indawo, kuhlanganise nasekhaya. Ngemva kwesikhathi eside singasikhulumi isiNgisi, saqaphela ukuthi isiTuvalu sasesiwulimi olufika kuqala kithi.

Abaningi baqala ukubonisa isithakazelo eqinisweni leBhayibheli ngemva nje kokufika kwethu. Kodwa yini esasizoyisebenzisa ukuze sifunde nabo? Sasingenazo izincwadi zolimi lwabo. Babezosenza kanjani isifundo somuntu siqu? Lapho beqala ukuza emihlanganweni, iziphi izingoma ababezozicula, babezozinikeza kanjani izinkulumo futhi bayilungiselele kanjani imihlangano? Kwakuyokwenzeka kanjani ukuba babhapathizwe? Laba bantu abathobekile babedinga izincwadi ngolimi lwabo ezizobafundisa ngoJehova! (1 Korinte 14:9) Sazibuza, ‘Ingabe siyoke sibe nezincwadi zesiTuvalu, ulimi olukhulunywa abantu abangaphansi kuka-15 000?’ UJehova wayiphendula leyo mibuzo, esibonisa izinto ezimbili: (1) Ufuna abantu ‘baseziqhingini ezikude’ bafunde ngaye, futhi (2) ufuna abantu izwe elibabheka ‘njengabathobekile nabaphansi’ baphephele egameni lakhe.—Jeremiya 31:10; Zefaniya 3:12.

UKUHUMUSHA NGENJONGO YOKUFUNDISA IQINISO

Ngo-1980, ihhovisi legatsha lasinika isabelo sokuhumusha izincwadi ngesiTuvalu. Saqala ukusebenza, nakuba sasinomuzwa wokuthi sasingalwazi ngokwanele lolu limi. (1 Korinte 1:28, 29) Saqale sathenga umshini omdala kuhulumeni ukuze sizinyathelise ngesandla izincwadi esasizidingela imihlangano yethu. Kamuva, sahumusha nencwadi ethi Iqiniso Eliholela Ekuphileni Okuphakade ngesiTuvalu futhi sayinyathelisa ngawo lo mshini omncane. Ngisalikhumbula iphunga elivimbanisayo likayinki kanye nokushisa okukhulu kwakule ndawo eshisayo okwakwenza kube umsebenzi onzima ukunyathelisa zonke lezi ncwadi ngesandla. Ngaleso sikhathi, sasingenawo ugesi!

Kwakungelula ukuhumushela olimini lwesiTuvalu ngoba zazingekho izichazamazwi esingabheka kuzo incazelo yamagama noma izincwadi zesiTuvalu esingacwaninga kuzo. Kodwa ngezinye izikhathi sasithola usizo esasiludinga ngezinye izindlela. Ngelinye ilanga ekuseni, ngangena ngephutha emzini womuntu owayephikisa iqiniso. Le ndoda esikhulile, eyake yaba uthisha, yangikhumbuza ukuthi akufanele singene emzini wayo. Yabe isithi: “Kunento engifuna ukukutshela yona. Lapho nihumusha, nisebenzisa kakhulu impambosi yokwenziwa. Ayisetshenziswa kakhulu ngesiTuvalu.” Ngabuza nakwabanye, futhi ngathola ukuthi kunjalo. Ngakho sayishintsha indlela esihumusha ngayo ukuze sithuthukise umsebenzi wethu. Kwangimangaza ukuthi uJehova wayesinikeze usizo ngomuntu owayephikisa iqiniso kodwa okusobala ukuthi wayezifunda izincwadi zethu!

I-Kingdom News No. 30 ngesiTuvalu

Into yokuqala yesiTuvalu esayihambisela abantu kwaba isimemo seSikhumbuzo. Kwabe sekuba ipheshana i-Kingdom News No. 30, elakhululwa ngesikhathi esisodwa nelesiNgisi. Yeka ukuthi kwasijabulisa kanjani ukuba nokuthile esingakunikeza abantu ngolimi lwabo! Ngokuhamba kwesikhathi, saba nanezincwajana nezinye izincwadi ngesiTuvalu. Ngo-1983, igatsha lase-Australia laqala ukunyathelisa INqabayokulinda ngesiTuvalu. Lo magazini wawunamakhasi angu-24 futhi wawuphuma njalo ngemva kwezinyanga ezintathu. Ingabe abantu baseTuvalu bazithanda lezi zincwadi nomagazini? Yebo, bazithanda ngoba bayakuthanda ukufunda. Njalo uma sikhulule incwadi entsha, isiteshi somsakazo sikahulumeni sasiyimemezela ezindabeni futhi ngezinye izikhathi yayiba indaba esematheni yalolo suku! *—Bheka umbhalo waphansi.

Umsebenzi wokuhumusha wawenziwa kanjani? Okokuqala, sasibhala wonke umagazini ephepheni ngepeni. Sasibe sesiwubhala ngomshini izikhathi eziningi kuze kube ilapho usukulungele ukuthunyelwa ehhovisi legatsha lase-Australia. Odade ababili ehhovisi legatsha babesebenza ngokwahlukana bawubhale nge-computer lo magazini wesiTuvalu, nakuba babengalwazi lolu limi. Kodwa ukubhalwa kwawo abantu ababili nge-computer futhi uqhathaniswe kwakwenza bagweme amaphutha. Igatsha lalibe seliwuhlela ngokwamakhasi umagazini, lifake nezithombe. Lalibe seliwuthumela kithi ngendiza lo magazini osuhleliwe. Sasiwuhlola bese siwubuyisela egatsheni ukuze uyonyatheliswa.

Umsebenzi wokuhumusha usuthuthuke kakhulu! Manje amaqembu abahumushi abhala futhi alungise umsebenzi wawo ngokuqondile kuyi-computer. Ngokuvamile, izincwadi zihlelwa ngokwamakhasi umuntu osebenza endaweni efanayo nabahumushi. Abahumushi babe sebethumela umsebenzi nge-Internet emagatsheni anyathelisayo. Akekho okudingeka aye eposini esebhuduzela eyothumela umsebenzi ohunyushiwe.

EZINYE IZABELO

Njengoba iminyaka ihamba, mina noJenny sathola izabelo ezihlukahlukene ezingxenyeni ezihlukahlukene zoLwandlekazi iPacific. Ukusuka eTuvalu sabelwa egatsheni laseSamoa ngo-1985. Lapho, sasiza emnyangweni wokuhumusha ngesiSamoa, isiTonga nangesiTokelau kanye nesiTuvalu. * (Bheka umbhalo waphansi.) Kwathi ngo-1996 sabelwa egatsheni laseFiji, lapho sasiza khona ngomsebenzi wokuhumusha ngesiFiji, isiKiribati, isiNauru, isiRotuma nesiTuvalu.

Sasisebenzisa izincwadi zesiTuvalu ukusiza abanye

Kungihlaba umxhwele njalo ukubona indlela abahumushi abawuthanda ngayo umsebenzi wabo nakuba ungelula futhi ukhandla kakhulu. NjengoJehova, laba bafowethu nodadewethu abathembekile bafisa ngempela ukuba abantu bezwe izindaba ezinhle ngolimi lwabo. (IsAmbulo 14:6) Ngokwesibonelo, lapho kusahlelwa ukuba kuhunyushwe umagazini wokuqala we-Nqabayokulinda ngesiTonga, ngaba nomhlangano nabo bonke abadala eTonga futhi ngababuza ukuthi ubani ongase aqeqeshwe njengomhumushi. Omunye wabadala, owayesebenza kahle njengomkhandi wezimoto, wathi uzoyeka emsebenzini ngosuku olulandelayo bese eqala masinyane ukusebenza njengomhumushi. Ukholo lwakhe oluqinile lwangikhuthaza ngoba wayenomndeni futhi engazi nakwazi ukuthi wayezoyithola kanjani imali eyanele yokuwunakekela. Kodwa uJehova wamnakekela yena nomndeni wakhe, futhi wachitha iminyaka eminingi ehumusha.

Njengalaba bahumushi, abafowethu beNdikimba Ebusayo bakukhathalela ngokujulile ukulungiselela izincwadi ngazo zonke izilimi, ngisho nalezo ezikhulunywa abantu abambalwa. Ngokwesibonelo, kwaphakama umbuzo mayelana nokuthi kwakufaneleka yini ngempela ukuhumusha izincwadi ngesiTuvalu. Kwangikhuthaza kakhulu ukufunda le mpendulo evela eNdikimbeni Ebusayo: “Asisiboni nhlobo isizathu sokuyeka ukuhumushela olimini lwesiTuvalu. Nakuba insimu yesiTuvalu ingase ibe ncane uma iqhathaniswa neyezinye izilimi, abantu kusadingeka bashunyayezwe izindaba ezinhle ngolimi lwabo.”

Ngibhapathiza othile emtateni

Ngo-2003, mina noJenny sashintshwa eMnyangweni Wokuhumusha eFiji sayiswa eMnyangweni Wezinkonzo Zokuhumusha ePatterson, eNew York. Kwagcwaliseka isifiso sami! Saba ingxenye yeqembu elisiza ekusekeleni ukuhunyushwa kwezincwadi zethu ngezilimi ezengeziwe. Phakathi neminyaka engaba mibili sikulo Mnyango, sabelwa ukusiza ekuqeqesheni amaqembu abahumushi emazweni ahlukahlukene.

IZINQUMO EZIBALULEKE KAKHULU

Ake ngibuyele emuva emhlanganweni engikhulume ngawo ekuqaleni. Ngonyaka ka-2000, iNdikimba Ebusayo yaba nomuzwa wokuthi amaqembu abahumushi emhlabeni wonke ayedinga usizo ukuze enze umsebenzi wawo. Abahumushi abaningi babengakaze bathole ukuqeqeshelwa ukuhumusha. Ngemva kwalowo mhlangano neKomiti Yokubhala, iNdikimba Ebusayo yanquma ukuba bonke abahumushi emhlabeni wonke baqeqeshwe. Abahumushi babezofundiswa indlela yokuqonda indaba esesiNgisini, indlela yokuxazulula izinkinga zokuhumusha nendlela yokusebenza ndawonye njengeqembu.

Lokhu kuqeqesha abahumushi kuye kwaba namuphi umphumela? Izinga lomsebenzi ohunyushiwe liye lathuthuka. Ngaphezu kwalokho, izincwadi zethu sezihunyushelwa ezilimini eziningi kunangaphambili. Ngo-1979, lapho sabelwa ukuyokhonza njengezithunywa zevangeli, INqabayokulinda yayitholakala ngezilimi ezingu-82 kuphela. Ngaphezu kwalokho, ngezilimi eziningi yayiphuma sekudlule izinyanga ezimbalwa eyesiNgisi iphumile. Kodwa manje INqabayokulinda ihunyushwa ngezilimi ezingaphezu kuka-240, futhi ngeziningi zazo, itholakala ngesikhathi esifanayo nesiNgisi. Manje, abantu bangafunda okuthile okubafundisa iqiniso leBhayibheli ngezilimi ezingaphezu kuka-700. Lokhu kwakubonakala kuyinto engenakwenzeka eminyakeni embalwa edlule.

Ngo-2004, iNdikimba Ebusayo yanquma ukuthi kwakubaluleke kakhulu ukuhumusha INguqulo Yezwe Elisha ngezilimi eziningi ngokwengeziwe futhi lokho kwenziwe ngokushesha ngangokunokwenzeka. Ngenxa yaleso sinqumo, abantu abaningi ngokwengeziwe sebeyakwazi ukufunda INguqulo Yezwe Elisha ngolimi lwabo. Eqinisweni, ngo-2014, leli Bhayibheli noma izingxenye zalo lase litholakala ngezilimi ezingu-128, ezihlanganisa nezilimi ezikhulunywa eSouth Pacific.

Lapho kukhululwa INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki ngesiTuvalu

Umhlangano omkhulu owaba seTuvalu ngo-2011 uyohlale uphakathi kwezinto ezingilethela injabulo njalo lapho ngizikhumbula. Kwase kuphele izinyanga kunesomiso esikhulu kuleli zwe. Abazalwane bacabanga ukuthi kuyomelwe umhlangano ungabe usaba khona. Kodwa, ngokujabulisayo, izulu laqala ukuyidliva kusihlwa ngosuku esafika ngalo. Ngakho, waba khona umhlangano! Ngakubheka njengelungelo elikhulu ukukhulula INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki ngesiTuvalu! Nakuba abafowethu abakhuluma lolo limi bembalwa kakhulu, nabo basitholile lesi sipho esihle esivela kuJehova. Ngemva kwalo mhlangano, laphinde layidliva. Ngakho, wonke umuntu wathola amanzi eqiniso amaningi kanye namanzi emvula amaningi!

Ngixoxa nabazali bami, uRon no-Estelle emhlanganweni eTownsville, e-Australia, ngo-2014

Ngokudabukisayo, ngangihamba ngedwa, umkami othandekayo engekho. Wayeshone ngo-2009 ngemva kokulwa nomdlavuza iminyaka eyishumi. Sasesineminyaka engu-35 sishadile. Lapho evuswa, uyojabula kakhulu ukuzwa ngokukhululwa kweBhayibheli lesiTuvalu.

UJehova uye wangibusisa ngesinye isiphalaphala, uLoraini Sikivou. ULoraini noJenny bake basebenza ndawonye eBethel eFiji, naye wayengumhumushi. Ngakho, sengiphinde ngathola inkosikazi ekhonza uJehova ngokwethembeka kanye nami futhi ethanda ulimi njengami!

Ngisensimini noLoraini eFiji

Phakathi nayo yonke le minyaka, ngiye ngabona indlela uBaba wethu onothando, uJehova, azinakekela ngayo izidingo zabantu bazo zonke izilimi, ngisho noma ulimi lwabo lukhulunywa abambalwa kuphela. (IHubo 49:1-3) Ngiye ngabona indlela abantu abajabula ngayo lapho bethola izincwadi zethu ngolimi lwabo okokuqala ngqa noma lapho behubela uJehova ngolimi olukhuluma nenhliziyo yabo. Ezikhathini ezinjalo, ngiye ngicabange ngothando olukhulu uJehova analo ngathi. (IzEnzo 2:8, 11) Ngisawakhumbula kahle amazwi ashiwo umzalwane osekhulile okhuluma isiTuvalu, uSaulo Teasi. Ngemva kokucula ingoma yoMbuso ngokokuqala ngqa ngolimi lwakhe, wathi, “Ngicabanga ukuthi kufanele utshele iNdikimba Ebusayo ukuthi lezi zingoma zizwakala kangcono ngesiTuvalu kunangesiNgisi.”

Ngo-September 2005, ngathola ilungelo lokukhonza njengelungu leNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova ngingalindele. Nakuba ngingeke ngisakwazi ukukhonza njengomhumushi, ngiyambonga uJehova ngokungivumela ngiqhubeke ngisekela umsebenzi wokuhumusha emhlabeni wonke. Kuyangijabulisa ukwazi ukuthi uJehova ukhathalela izidingo zabo bonke abantu bakhe, ngisho nalabo abahlala eziqhingini ezingazodwa eziphakathi koLwandlekazi iPacific! Yebo, njengoba umhubi asho, “UJehova ngokwakhe usebé yinkosi! Umhlaba mawujabule. Iziqhingi eziningi mazithokoze.”—IHubo 97:1.

^ isig. 18 Ukuze ufunde okwengeziwe ngendlela abantu abasabela ngayo lapho bethola izincwadi zethu, bheka INqabayokulinda ka-December 15, 2000, ikhasi 32; ka-August 1, 1988, ikhasi 22; ne-Phaphama! ka-December 22, 2000, ikhasi 9.

^ isig. 22 Ukuze ufunde okwengeziwe ngomsebenzi wokuhumusha eSamoa, bheka INcwadi Yonyaka Ka-2009, amakhasi 120-121, 123-124.