Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Zilungiselele Manje Ukuphila Ezweni Elisha

Zilungiselele Manje Ukuphila Ezweni Elisha

“[Bayale ukuba] benze okuhle, . . . ukuze babambisise ukuphila kwangempela.”—1 THIMOTHEWU 6:18, 19.

IZINGOMA: 125, 40

1, 2. (a) Yini oyilangazelelayo ePharadesi? (Bheka isithombe esisekuqaleni.) (b) Yini eyosijabulisa kakhulu ezweni elisha?

SIKULANGAZELELA ngempela “ukuphila okuphakade.” Umphostoli uPawulu wakuchaza ngokuthi “ukuphila kwangempela.” (Funda eyoku-1 Thimothewu 6:12, 19.) Kwabaningi, lokhu kuyosho ukuphila phakade ePharadesi emhlabeni. Kunzima ukucabanga ukuthi kuyoba njani ukuvuka njalo ekuseni siyimiqemane, sijabule futhi sanelisekile. (Isaya 35:5, 6) Cabanga ukuthi kuyoba mnandi kanjani ukuchitha isikhathi nomndeni nabangane, kuhlanganise nalabo abayobe bevusiwe. (Johane 5:28, 29; IzEnzo 24:15) Uyoba nethuba lokufunda amakhono amasha nelokuthuthuka ezintweni ojabulela ukuzenza. Ngokwesibonelo, ungafunda okwengeziwe ngesayensi. Noma ungafunda ukudlala izinsimbi zomculo noma ukuklama indlu yakho.

2 Nakuba sizilangazelela zonke lezi zinto ezinhle, ukukhulekela uJehova yikona okuyosijabulisa kakhulu. Cabanga ukuthi kuyoba njani ukuphila lapho bonke abantu bephatha igama likaJehova njengelingcwele futhi bemamukela njengoMbusi wabo. (Mathewu 6:9, 10) Kuyosijabulisa kakhulu ukubona umhlaba ugcwele abantu abaphelele, njengoba nje uNkulunkulu ayehlosile. Cabanga nje nokuthi kuyoba lula kangakanani ukujulisa ubungane bethu noJehova njengoba siya sisondela ekupheleleni!—IHubo 73:28; Jakobe 4:8.

3. Yini okufanele sizilungiselele yona manje?

3 Siyaqiniseka ukuthi uJehova uzozenza zonke lezi zinto ezinhle kakhulu, ngoba “kuNkulunkulu zonke izinto zingenzeka.” (Mathewu 19:25, 26) Uma sifuna ukuphila phakade ezweni elisha, manje isikhathi ‘sokukubambisisa’ ukuphila okuphakade. Siyazi ukuthi ukuphela kuseduze, ngakho kumelwe siphile ngendlela ebonisa ukuthi silindele ukuba kufike noma nini. Kudingeka senze konke esingakwenza manje ukulungiselela ukuphila ezweni elisha. Ake sibone ukuthi singakwenza kanjani.

INDLELA YOKUZILUNGISELELA

4. Singazilungiselela kanjani kwamanje ukuphila ezweni elisha? Nikeza umfanekiso.

4 Singazilungiselela kanjani kwamanje ukuphila ezweni elisha? Uma besihlela ukuhamba siyohlala kwelinye izwe, besingase senze izinto ezithile sizilungiselela ukuphila kulelo zwe. Ngokwesibonelo, besingase siqale ukufunda ulimi namasiko abantu abahlala lapho. Besingase sizame ukudla okunye kokudla kwabo. Ngokufanayo, singazilungiselela kwamanje ukuphila ezweni elisha ngokwenza esingakwenza ukuphila njengokungathi sesilapho. Ake sihlole ezinye zezindlela esingakwenza ngazo lokhu.

5, 6. Ukufunda ukulalela iziqondiso ezivela enhlanganweni kaJehova kuyosisiza kanjani ukulungiselela ukuphila ezweni elisha?

5 Kuleli zwe, uSathane ufuna abantu bacabange ukuthi bangenza noma yini abayithandayo. Abaningi banomuzwa wokuthi kubalulekile ukuzimela futhi asikho isidingo sokulalela uNkulunkulu. Uye waba yini umphumela? Ukuhlupheka nokungajabuli okukhulu. (Jeremiya 10:23) Kodwa uJehova unguMbusi onothando. Yeka ukuthi kuyoba ngcono kangakanani ukuphila ezweni elisha lapho bonke bemlalela!

6 Ezweni elisha, siyokujabulela ukulandela iziqondiso ezivela enhlanganweni kaJehova eziyosisiza ekwenzeni lo mhlaba ube ipharadesi elihle futhi zisisize ekufundiseni abavusiwe. Mningi umsebenzi uJehova ayosinika wona. Kodwa siyokwenzenjani uma abaholayo besicela ukuba senze into esingayithandisisi? Ingabe siyolalela? Ingabe siyofeza leso sabelo sethu ngamandla ethu onke futhi sisijabulele? Ukuze sizilungiselele ukuphila okuphakade ezweni elisha, kudingeka kwamanje silalele iziqondiso ezivela enhlanganweni kaJehova.

7, 8. (a) Kungani kufanele sibambisane nabaholayo? (b) Iziphi izinguquko amanye amaKristu aye azibona? (c) Yini esingaqiniseka ngayo ezweni elisha?

7 Uma sifuna ukulungela ukuphila ezweni elisha, kudingeka sifunde ukwaneliseka nokubambisana nenhlangano kaJehova naphakathi kwethu ngokwethu. Ngokwesibonelo, lapho abaholayo besinika isabelo esisha, sibambisana nabo ngenhliziyo evumayo futhi senze okusemandleni ethu ukuba sijabule futhi saneliseke. Uma sifunda ukubambisana nabaholayo manje, cishe siyokwenza okufanayo ezweni elisha. (Funda amaHebheru 13:17.) Lapho ama-Israyeli engena eZweni Lesithembiso, abelwa ukuthi azohlalaphi. (Numeri 26:52-56; Joshuwa 14:1, 2) Asazi ukuthi ngamunye wethu uyokwabelwa ukuba ahlale kuphi ezweni elisha. Kodwa uma sifunde ukuba nomoya wokubambisana, siyokujabulela ukwenza intando kaJehova noma ngabe sihlala kuphi.

8 Cabanga ukuthi kuyoba ilungelo elingakanani ukukhonza uNkulunkulu ezweni lakhe elisha sekubusa uMbuso wakhe! Ngenxa yalesi sizathu, siyakujabulela ukubambisana nenhlangano kaJehova manje nokwenza noma yini esabelwa ukuba siyenze. Nokho, ngezinye izikhathi, izabelo zethu zingase zishintshe. Ngokwesibonelo, ezinye izikhonzi zaseBethel e-United States ziye zabelwa ukuba ziye ensimini. Ngenxa yokukhula noma ezinye izimo, abanye ababonisi abajikelezayo baye babelwa ukuba babe amaphayona akhethekile. Bajabule ezabelweni zabo ezintsha, futhi uJehova uyababusisa. Uma sithandazela usizo lukaJehova, senza konke esingakwenza ekumkhonzeni, futhi sifunda ukwaneliseka nganoma yisiphi isabelo esisinikezwayo, siyojabula futhi uJehova uyosibusisa. (Funda izAga 10:22.) Ake sithi ezweni elisha besingathanda ukuhlala endaweni ethile kodwa bese inhlangano kaJehova isicela ukuba siye kwenye. Ngaleso sikhathi, akuyikuba nandaba ukuthi sihlalaphi noma senzani. Siyojabulela nje ukuthi sihlala ezweni elisha.—Nehemiya 8:10.

9, 10. (a) Kungani kungase kudingeke ukuba sibekezele ezweni elisha? (b) Singabonisa kanjani ukuthi siyabekezela manje?

9 Ezweni elisha, kungase kudingeke sibekezele ngezinye izikhathi. Ngokwesibonelo, singase sizwe ukuthi abanye abantu bajabule kakhulu ngoba izihlobo zabo nabangane bavusiwe. Nokho, kungenzeka kudingeke thina silinde ukuvuswa kwabathandekayo bethu. Uma lokho kwenzeka, ingabe siyojabula kanye nabanye futhi sibekezele? (Roma 12:15) Uma sifunda manje ukulinda uJehova ngokubekezela ukuba agcwalise izithembiso zakhe, kuyosisiza ukuba sibekezele nangaleso sikhathi.UmShumayeli 7:8.

10 Singazilungiselela izwe elisha ngokubekezela nalapho indlela esiqonda ngayo amaqiniso eBhayibheli ilungiswa. Ingabe siyakufunda lokho kwaziswa okusha, futhi siyabekezela yini uma singakuqondi ngokugcwele? Uma kunjalo, ezweni elisha, kuyoba lula ukubekezela isikhathi ngasinye uJehova esinikeza iziqondiso ezintsha.—IzAga 4:18; Johane 16:12.

11. Kungani kufanele sifunde ukuthethelela abanye manje, futhi lokhu kuyosisiza kanjani ezweni elisha?

11 Enye indlela esingazilungiselela ngayo ukuphila ezweni elisha ukufunda ukuthethelela. Phakathi nokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane, kuyothatha isikhathi ukuba wonke umuntu abe ophelele. (IzEnzo 24:15) Ingabe siyothandana futhi sithethelelane? Uma sifunda ukuthethelela abanye futhi sibe nobuhlobo obuhle nabo manje, kuyoba lula ukwenza kanjalo ezweni elisha.—Funda eyabaseKolose 3:12-14.

Ezweni elisha, siyodinga zona kanye lezi zimfanelo uJehova asifundisa ukuba sizibonise manje

12. Kungani kufanele sizilungiselele manje ukuphila ezweni elisha?

12 Ezweni elisha, singase singakutholi ngaso sonke isikhathi esikufunayo, noma kungase kudingeke silinde. Kuyodingeka sibonise ukubonga nokwaneliseka kunoma isiphi isimo esikuso. Eqinisweni, siyodinga zona kanye lezi zimfanelo uJehova asifundisa ukuba sizibonise manje. Ngakho, ngokufunda ukubonisa lezi zimfanelo manje, sibonisa ukuthi izwe elisha lingokoqobo kithi nokuthi sizilungiselela ukuphila okuphakade. (Hebheru 2:5; 11:1) Siyobonisa nokuthi sikufuna ngempela ukuphila ezweni lapho wonke umuntu eyobe elalela uJehova.

GXILA EKUKHONZENI UJEHOVA

Shumayela izindaba ezinhle ngentshiseko

13. Yini esiyoyibeka kuqala ekuphileni kwethu ezweni elisha?

13 Ezweni elisha, siyoba nakho konke esikudingayo ukuze sijabulele ukuphila. Kodwa into eyosijabulisa kakhulu ubuhlobo bethu obuseduze noJehova. (Mathewu 5:3) Siyoba matasa enkonzweni kaJehova, futhi siyokujabulela ukumkhonza. (IHubo 37:4) Ngakho, uma sibeka uJehova kuqala ekuphileni kwethu manje, sizilungiselela ukuphila ezweni elisha.—Funda uMathewu 6:19-21.

14. Imiphi imigomo abasha abangazibekela yona enkonzweni kaJehova?

14 Singakujabulela kanjani ngokwengeziwe ukukhonza uJehova? Enye yezindlela ukuzibekela imigomo. Uma usemusha, kucabangisise ukusebenzisa ukuphila kwakho ekukhonzeni uJehova. Kungani ungacwaningi ngezinhlobo zenkonzo yesikhathi esigcwele ezincwadini zethu? Ungazibekela enye yazo njengomgomo. * (Bheka umbhalo waphansi.) Xoxa nabanye abaye bakhonza uJehova isikhathi esigcwele iminyaka eminingi. Uma usebenzisa ukuphila kwakho ukhonza uJehova, uyothola ukuqeqeshwa okubalulekile. Lokhu kuqeqeshwa kuyokusiza ukhonze uJehova ezweni elisha.

Zibekele imigomo enkonzweni kaJehova

15. Imiphi eminye imigomo esingazibekela yona enkonzweni kaJehova?

15 Miningi imigomo esingazibekela yona enkonzweni yethu kuJehova. Ngokwesibonelo, singakwenza umgomo ukufunda ikhono elisha enkonzweni yasensimini. Noma singazama ukuqonda izimiso zeBhayibheli kangcono futhi sifunde indlela esingazisebenzisa ngayo ekuphileni kwethu. Singazama nokuthuthukisa ukufunda kwethu obala noma izinkulumo nezimpendulo zethu emihlanganweni. Yileli iphuzu: Lapho uzibekela imigomo enkonzweni yakho kuJehova, kuyokusiza ushiseke ngokwengeziwe futhi uzilungiselele ukuphila ezweni elisha.

INDLELA ENGCONO KAKHULU YOKUPHILA MANJE

Bonisa ukubonga ngakho konke uJehova akunika kona

16. Kungani ukukhonza uJehova kuyindlela engcono kakhulu yokuphila?

16 Lapho sisebenzisa isikhathi sethu ukuzilungiselela izwe elisha likaNkulunkulu, ingabe siphuthelwa ukuphila okungcono namuhla? Cha! Ukukhonza uJehova kuyindlela engcono kakhulu yokuphila. Asimkhonzi ngoba siphoqwa othile ukuba senze kanjalo noma ukuze nje sisinde osizini olukhulu. Lapho sinobuhlobo obuhle noJehova, ukuphila kwethu kuba ngcono futhi sithola injabulo eyengeziwe. Yileyo ndlela asiklame ukuba siphile ngayo. Ukuthandwa uNkulunkulu nokuqondiswa nguye ekuphileni kungcono kunanoma yini enye. (Funda iHubo 63:1-3.) Sonke singayithola injabulo elethwa ukukhulekela uJehova ngenhliziyo yethu yonke. Abanye asebemkhonze iminyaka eminingi bangasho kugcwale umlomo ukuthi lena indlela engcono kakhulu yokuphila.—IHubo 1:1-3; Isaya 58:13, 14.

Funa isiqondiso eBhayibhelini

17. Izinto ozithandayo nokuzijabulisa kuyobaluleka kangakanani ePharadesi?

17 EPharadesi, siyojabulela ukuchitha esinye sesikhathi sethu ezintweni esizithandayo nasekuzijabuliseni. Kakade nguJehova osidale sinesifiso sokuzijabulisa, futhi uthembisa ukuthi ‘uyokwanelisa isifiso sayo yonke into ephilayo.’ (IHubo 145:16; UmShumayeli 2:24) Siyakudinga ukuzijabulisa, siyakudinga nokuphumula kodwa lezi zinto sizijabulela ngokwengeziwe lapho sibeka ubuhlobo bethu noJehova kuqala. Kuyokwenzeka okufanayo ezweni elisha. Ngakho, kuwukuhlakanipha ukuba siqhubeke ‘sifuna kuqala umbuso’ futhi sigxile ezibusisweni esizithola ngokukhonza uJehova.—Mathewu 6:33.

Lapho sinobuhlobo obuhle noJehova, ukuphila kwethu kuba ngcono futhi sithola injabulo eyengeziwe

18. Singabonisa kanjani ukuthi sizilungiselela ukuphila phakade ePharadesi?

18 Ezweni elisha, ukuphila kuyoba ngcono ukudlula noma yini esingayicabanga. Kwangathi singabonisa ukuthi sifisa kangakanani ukuba lapho ngokuzilungiselela “ukuphila kwangempela” manje. Masihlakulele izimfanelo uJehova asifundisa ukuba sizibonise futhi sishumayele izindaba ezinhle ngentshiseko. Kwangathi singathola injabulo elethwa ukubeka ukukhulekela uJehova kuqala ekuphileni kwethu. Siqiniseka ngokuphelele ukuthi ezweni elisha uJehova uyokwenza konke akuthembisile. Ngakho, masiphile njengokungathi sesilapho!