Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Zindla Ngothando LukaJehova Oluhlala Njalo

Zindla Ngothando LukaJehova Oluhlala Njalo

“Ngizozindla ngawo wonke umsebenzi wakho.”—IHUBO 77:12.

IZINGOMA: 18, 61

1, 2. (a) Kungani uqiniseka ukuthi uJehova uyabathanda abantu bakhe? (b) Abantu badalwa benasiphi isidingo?

KUNGANI uqiniseka ukuthi uJehova uyabathanda abantu bakhe? Ngaphambi kokuphendula lo mbuzo, cabangela lezi zibonelo: Kwaphela iminyaka eminingi abazalwane nodade bekhuthaza ngomusa udade ogama lakhe linguTaylene. Bamtshela ukuba angalindeli ukufeza okungaphezu kwamandla akhe. Uthi: “Ukube uJehova ubengangithandi, ubengeke anginikeze iseluleko esiphikelela kangaka.” UBrigitte, owakhulisa izingane ezimbili yedwa ngemva kokushonelwa umyeni, uthi: “Ukukhulisa izingane kulesi simiso sikaSathane kungenye yezinselele ezinzima kakhulu, ikakhulu kumzali ongayedwa. Kodwa ngiyaqiniseka ukuthi uJehova uyangithanda ngoba uye wangichushisa kuzo zonke izinsizi zami, futhi akakaze avumele ukuba ngibhekane nezimo engangingeke ngikwazi ukuzikhuthazelela.” (1 Korinte 10:13) USandra uphethwe isifo esiyingozi esingelapheki. Emhlanganweni othile wesifunda, kwaba nodade omnakayo. Umyeni kaSandra uthi, “Nakuba sasingamazi, ukukhathalela kwakhe okujulile kwaletha injabulo enkulu ezinhliziyweni zethu. Ngisho nezenzo zothando ezincane zabafowethu nodadewethu zingibonisa ukuthi uJehova akeve esithanda.”

2 UJehova wadala abantu benesidingo sokuthanda nesokuzizwa bethandwa. Nokho, kulula ukuba sizizwe sidangele ngenxa yokugula noma izinkinga zezimali noma ukungayiboni imiphumela yenkonzo yethu. Uma siqala ukuba nomuzwa wokuthi uJehova akasasithandi, kufanele sikhumbule ukuthi siyigugu kuye nokuthi ukhona, usibambe ngesandla sokunene futhi uyasisiza. Akasoze asikhohlwe uma sithembekile kuye.—Isaya 41:13; 49:15.

3. Yini engasenza siqiniseke ngokwengeziwe ukuthi uJehova uyohlale esithanda?

3 OFakazi okusanda kukhulunywa ngabo babeqiniseka ukuthi uNkulunkulu wayenabo lapho bebhekene nobunzima. Singaqiniseka ngokufanayo ukuthi ungakithi. (IHubo 118:6, 7) Kulesi sihloko, sizoxoxa ngezipho ezine eziwubufakazi bokuthi uJehova uyasithanda. Yilezi: (1) indalo yakhe, (2) iBhayibheli, (3) umthandazo (4) nesihlengo. Ukuzindla ngezinto ezinhle uJehova azenzile kungasisiza ukuba simbonge ngokwengeziwe ngothando lwakhe oluhlala njalo.—Funda iHubo 77:11, 12.

ZINDLA NGENDALO KAJEHOVA

4. Sifundani endalweni kaJehova?

4 Lapho sibheka indalo kaJehova, sifunda ukuthi usithanda kakhulu. (Roma 1:20) Ngokwesibonelo, uJehova uklame umhlaba ngendlela yokuba singagcini nje ngokuphila. Usinike konke esikudingayo ukuze sikujabulele ukuphila. Ukudla kuyisidingo, kodwa futhi uJehova usinike ukudla okunhlobonhlobo ngendlela eyenza ukudla kube yinto ejabulisayo! (UmShumayeli 9:7) Udade ogama lakhe linguCatherine uyakujabulela ukubuka indalo, ikakhulu ngesikhathi sentwasahlobo yaseCanada. Uthi: “Ave kumangalisa ukubona indlela yonke into eba nempilo ngayo—izimbali eziqhakaza kube njengokungathi zivele enhlabathini nezinyoni ezibuya ekufudukeni kwazo, kuhlanganise nomzwilili omncane okwazi ukuthola isitsha sokudla kwezinyoni esingasefasiteleni lekhishi lami. Kumelwe ukuba uJehova uyasithanda njengoba esinika izinto eziningi kangaka ezisijabulisayo.” UBaba wethu uyayithanda indalo yakhe, futhi ufuna nathi siyijabulele.—IzEnzo 14:16, 17.

Lapho sibheka indalo kaJehova, sifunda ukuthi usithanda kakhulu

5. Uthando lukaJehova lubonakala kanjani endleleni abantu abenziwe ngayo?

5 UJehova wasidala saba nekhono lokwenza umsebenzi onenjongo futhi siwujabulele. (UmShumayeli 2:24) Wanika abantu isabelo sokugcwalisa umhlaba, bawulime futhi banakekele izinhlanzi, izinyoni nezinye izinto eziphila kuwo. (Genesise 1:26-28) Wasidala sinanezimfanelo ezinhle ukuze sikwazi ukumlingisa!—Efesu 5:1.

IZWI LIKANKULUNKULU LIYIGUGU

6. Kungani kufanele silazise ngokujulile iZwi likaNkulunkulu?

6 UJehova usinike iBhayibheli ngoba esithanda kakhulu. Lisitshela lokho okudingeka sikwazi ngaye nendlela azizwa ngayo ngabantu. Ngokwesibonelo, iBhayibheli lisitshela indlela uJehova ayezizwa ngayo ngama-Israyeli ayevame ukungamlaleli. IHubo 78:38 lithi: “Wayenesihe; wayesimboza isiphambeko futhi engalethi incithakalo. Kaningi wayibuyisa intukuthelo yakhe, futhi wayengakuvusi konke ukufutheka kwakhe.” Ukuzindla ngaleli vesi kungakusiza ubone ukuthi uJehova ukuthanda futhi ukukhathalela kangakanani. Singaqiniseka ukuthi uJehova usikhathalela ngokujulile.—Funda eyoku-1 Petru 5:6, 7.

IBhayibheli lisitshela lokho okudingeka sikwazi ngoNkulunkulu nendlela azizwa ngayo ngabantu

7. Kungani kufanele iBhayibheli libe igugu kithi?

7 IBhayibheli kufanele libe igugu kakhulu kithi. Kungani? Kungenxa yokuthi uJehova ukhuluma nathi ngeZwi lakhe. Lapho umzali ekhulumisana ngokukhululekile nengane yakhe, kuqinisa uthando nokwethembana kwabo. UJehova unguBaba wethu onothando. Nakuba singakaze simbone noma sizwe izwi lakhe, kunjengokungathi ukhuluma nathi ngokuqondile ngeBhayibheli. Kufanele siqhubeke simlalela! (Isaya 30:20, 21) Ukufunda iZwi lakhe kusenza simazi futhi simethembe uJehova njengosiholayo nosivikelayo.—Funda iHubo 19:7-11; IzAga 1:33.

Nakuba kwadingeka ukuba uJehu eluleke uJehoshafati, uJehova wayethole “izinto ezinhle” kule nkosi (Bheka izigaba 8, 9)

8, 9. Yini uJehova afuna siyazi? Nikeza isibonelo esiseBhayibhelini.

8 UJehova ufuna sazi ukuthi uyasithanda futhi sazi nokuthi akagcini ngokubona amaphutha okungapheleli kwethu kuphela. Ubheka okuhle kithi. (2 IziKronike 16:9) Ake sibheke indlela uJehova abona ngayo okuhle enkosini yakwaJuda, uJehoshafati. UJehoshafati wenza isinqumo esibi sokulekelela inkosi yakwa-Israyeli, u-Ahabi, ekulweni nabaseSiriya eRamoti-gileyadi. Ngisho noma abaprofethi bamanga abangu-400 babetshele u-Ahabi omubi ukuthi wayeyonqoba empini, umprofethi weqiniso kaJehova, uMikhaya, watshela uJehoshafati no-Ahabi ukuthi uma beya empini, babeyohlulwa. Yilokho kanye okwenzeka. U-Ahabi wafela empini, uJehoshafati yena wasinda ngokulambisa. Ngemva kwempi, uJehova wasebenzisa uJehu ukuba eluleke uJehoshafati ngephutha lakhe. Noma kunjalo, uJehu wamtshela nalokhu: “Kukhona izinto ezinhle eziye zatholakala kuwe.”—2 IziKronike 18:4, 5, 18-22, 33, 34; 19:1-3.

9 Eminyakeni ethile ngaphambili, uJehoshafati wayetshele izikhulu, amaLevi nabapristi ukuba bahambele yonke imizi yakwaJuda ukuze bafundise abantu uMthetho kaJehova. Baphumelela kakhulu kangangokuthi ngisho nabantu bezinye izizwe bamazi uJehova. (2 IziKronike 17:3-10) Ngakho, ngisho noma uJehoshafati kamuva enza isinqumo esibi, uJehova akazange azikhohlwe izinto ezinhle ayezenze ngaphambili. Asive sisikhuthaza lesi sibonelo ngoba ngezinye izikhathi siyawenza amaphutha. Nokho, uma senza okusemandleni ekukhonzeni uJehova, uyoqhubeka esithanda futhi ngeke azikhohlwe izinto ezinhle esizenzile.

LAZISE ILUNGELO LOMTHANDAZO

10, 11. (a) Kungani umthandazo uyisipho esikhethekile uJehova asinike sona? (b) UNkulunkulu angayiphendula kanjani imithandazo yethu? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

10 Ubaba onothando uzinika isikhathi sokulalela izingane zakhe lapho zifuna ukukhuluma naye. Ufuna ukwazi indlela ezizizwa ngayo ngoba uzikhathalela ngokujulile. UBaba wethu onothando, uJehova, wenza okufanayo. Uyasilalela lapho sithandaza kuye. Kuyilungelo eliyigugu ukukhuluma noBaba wethu!

UJehova uyazizwa izicelo zethu eziqotho, futhi uyasiqonda ngisho nalapho kungekho muntu omunye osiqondayo

11 Singathandaza kuJehova noma nini. UnguMngane wethu, futhi uhlale ekulungele ukulalela imithandazo yethu. UTaylene, okukhulunywe ngaye ngaphambili, uthi, “Ungasho noma yini futhi ungamtshela konke.” Lapho sitshela uJehova imicabango yethu ejule kakhulu, angase asiphendule ngomBhalo, ngesihloko esithile esisezincwadini zethu noma ngesikhuthazo esivela kumzalwane noma udade othile. UJehova uyazizwa izicelo zethu eziqotho, futhi uyasiqonda ngisho nalapho kungekho muntu omunye osiqondayo. Indlela ayiphendula ngayo imithandazo yethu iwubufakazi bokuthi uthando lwakhe ngathi luhlala njalo.

12. Kungani kufanele sihlole imithandazo eseBhayibhelini? Nikeza isibonelo.

12 Singafunda izifundo ezibalulekile emithandazweni eseBhayibhelini. Kuhle ukuba ngezinye izikhathi sihlole eminye yale mithandazo ekukhulekeleni komkhaya. Ukuzindla ngemithandazo eqotho yezinceku zikaNkulunkulu zesikhathi esidlule kuyoyithuthukisa imithandazo yethu. Ngokwesibonelo, hlola umthandazo kaJona obonisa ukuthobeka awusho esesiswini senhlanzi enkulu. (Jona 1:17–2:10) Bukeza umthandazo oqotho uSolomoni awenza kuJehova lapho kunikezelwa ithempeli. (1 AmaKhosi 8:22-53) Zindla nangomthandazo oyisibonelo kaJesu. (Mathewu 6:9-13) Okubaluleke nakakhulu, yenza ‘izicelo zakho zaziwe nguNkulunkulu.’ Umphumela walokho uyoba ukuthi ‘ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyolinda inhliziyo yakho namandla akho engqondo.’ Ukumbonga kwethu uJehova ngothando lwakhe oluhlala njalo kuyoqhubeka kukhula.—Filipi 4:6, 7.

BONISA UKUTHI UYABONGA NGESIHLENGO

13. Iliphi ithuba elisivulekele ngenxa yesihlengo?

13 UJehova wasinika isipho sesihlengo ukuze “sizuze ukuphila.” (1 Johane 4:9) Ekhuluma ngalesi sibonakaliso esimangalisayo sothando lukaNkulunkulu, umphostoli uPawulu waloba: “Ngesikhathi esimisiwe uKristu wafela abantu abangamhloniphi uNkulunkulu. Ngoba cishe akekho umuntu ongafela umuntu olungileyo; mhlawumbe othile angalokotha afele umuntu omuhle. Kodwa uNkulunkulu utusa uthando lwakhe siqu kithi ngoba, ngesikhathi siseyizoni, uKristu wasifela.” (Roma 5:6-8) Isihlengo siyisibonelo esikhulu kunazo zonke sothando lukaNkulunkulu, futhi sinikeza abantu ithuba lokuba nobuhlobo obuseduze naye.

14, 15. Sisho ukuthini isihlengo (a) kumaKristu agcotshiwe? (b) kulabo abanethemba lokuphila emhlabeni?

14 Iqembu elincane lamaKristu liluzwa ngendlela ekhethekile uthando lukaJehova oluhlala njalo. (Johane 1:12, 13; 3:5-7) UNkulunkulu uwagcobe ngomoya ongcwele, futhi ngenxa yalokho manje angabantwana bakhe. (Roma 8:15, 16) Njengoba amanye awo esesemhlabeni, kungani uPawulu athi ahlaliswe “ndawonye ezindaweni zasezulwini kuKristu Jesu”? (Efesu 2:6) Kungenxa yokuthi uJehova uwanike ithemba lokuphila okuphakade ezulwini.—Efesu 1:13, 14; Kolose 1:5.

Isihlengo sembula uthando uJehova analo ngabo bonke abantu

15 Bonke abangagcotshiwe bangaba abangane bakaNkulunkulu uma bebonisa ukholo esihlengweni. Nabo basethubeni lokuba uNkulunkulu abamukele njengabantwana bakhe futhi baphile phakade emhlabeni oyipharadesi. Isihlengo sembula uthando uJehova analo ngabo bonke abantu. (Johane 3:16) Yeka indlela okujabulisa ngayo ukwazi ukuthi uma sikhonza uNkulunkulu ngokwethembeka, uyosinika ukuphila okungcono kunakho konke ezweni elisha! Ngakho, masibonise ukuthi siyasazisa isihlengo, esiwubufakazi obukhulu kunabo bonke bothando oluhlala njalo uNkulunkulu analo ngathi.

BONISA UTHANDO LWAKHO NGOJEHOVA

16. Yini esiyoyenza ngemva kokuzindla ngothando lukaNkulunkulu?

16 Akunakwenzeka ukuzibala zonke izindlela uJehova asibonisa ngazo uthando. INkosi uDavide yahlabelela: “Yeka indlela imicabango yakho eyigugu ngayo kimi! O Nkulunkulu, yeka ukuthi ingqikithi yayo iba ngakanani! Ukube bengingazama ukuyibala, miningi ngisho kunanezinhlayiya zesihlabathi.” (IHubo 139:17, 18) Ukuzindla ngezindlela eziningi uJehova asithanda ngazo kuyosishukumisela ukuba nathi simthande futhi simnike okungcono kakhulu kwethu.

17, 18. Iziphi ezinye zezindlela esingabonisa ngazo uthando lwethu ngoNkulunkulu?

17 Ziningi izindlela esingabonisa uJehova ngazo ukuthi siyamthanda. Ngokwesibonelo, singabonisa uthando lwethu ngoJehova ngokuxoxa nabanye ngentshiseko ngezindaba ezinhle zoMbuso. (Mathewu 24:14; 28:19, 20) Singabonisa uthando ngoNkulunkulu nangokuzikhuthazelela ngokwethembeka izinto ezivivinya ukholo lwethu. (Funda iHubo 84:11; Jakobe 1:2-5.) Ngisho noma uvivinyo lwethu lunzima, singaqiniseka ukuthi uJehova uyakubona ukuhlupheka kwethu nokuthi uyosisiza ngoba siyigugu kuye.—IHubo 56:8.

18 Uthando lwethu ngoJehova lusishukumisela ukuba sizindle ngazo zonke izinto ezimangalisayo azidalile. Sibonisa uJehova ukuthi siyamthanda yena neZwi lakhe ngokuba abafundi abahle beBhayibheli. Sithandaza njalo kuJehova ngoba siyamthanda futhi sifuna ukuqinisa ubuhlobo bethu naye. Lapho sizindla ngesipho sakhe esiyigugu sesihlengo, uthando lwethu ngaye lujula nangokwengeziwe. (1 Johane 2:1, 2) Lezi zingezimbalwa nje zezindlela eziningi esimbonisa ngazo uJehova ukuthi siyalwazisa uthando oluhlala njalo analo ngathi.