Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Qhubekani Nibheka Amadoda Alolu Hlobo Njengathandekayo”

“Qhubekani Nibheka Amadoda Alolu Hlobo Njengathandekayo”

KUSUKELA ngo-1992, iNdikimba Ebusayo yabela abadala abavuthiwe abangomakadebona, ukuba basize amakomiti eNdikimba Ebusayo afeze umsebenzi wawo. * Laba basizi, abangamalungu “ezinye izimvu,” bayisekela ngokuphawulekayo iNdikimba Ebusayo. (Johane 10:16) Baba khona emhlanganweni wamasonto onke wekomiti ababelwe kuyo. Indima yabo iwukulungiselela noma yikuphi ukwaziswa okudingekayo futhi baveze imibono yabo. Amalungu eNdikimba Ebusayo enza izinqumo, bese abasizi basize ekuqinisekiseni ukuthi lokho okunqunyiwe kuyenziwa. Laba bazalwane bazimisele ukwenza noma yimuphi umsebenzi abawuphathisiwe. Bahamba namalungu eNdikimba Ebusayo baye emihlanganweni ekhethekile neyezizwe. Bangase babelwe nokuvakashela amahhovisi egatsha njengabameleli bendlunkulu.

Omunye umzalwane osekhonze njengomsizi kusukela ngo-1992 uthi, “Lapho ngenza umsebenzi engiwabelwe, iNdikimba Ebusayo ingakwazi ukugxila ngokwengeziwe ezintweni ezingokomoya.” Omunye umfowethu osekhonze njengomsizi iminyaka engu-20 uthi, “Kube yilungelo elingenakuqhathaniswa nanoma yini ebengingayicabanga.”

INdikimba Ebusayo iphathise abasizi bayo umsebenzi omningi futhi iyakwazisa ukuzikhandla kwalaba bazalwane abaqotho. Kwangathi sonke ‘singaqhubeka sibheka amadoda alolu hlobo njengathandekayo.’Filipi 2:29.

^ isig. 2 Ukuze uthole imininingwane eyengeziwe ngemisebenzi yamakomiti ayisithupha eNdikimba Ebusayo, bheka ikhasi 131 lencwadi ethi UMbuso KaNkulunkulu Uyabusa!