Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Qhubeka Uzindla Ngezinto Ezingokomoya

Qhubeka Uzindla Ngezinto Ezingokomoya

“Zindla ngalezi zinto; ugxile kuzo, ukuze intuthuko yakho ibonakale ngokucacile kubo bonke abantu.” 1 THIMOTHEWU 4:15.

IZINGOMA: 57, 52

1, 2. Yini eyenza abantu bahluke ezilwaneni?

UBUCHOPHO bomuntu buhlukile. Ngokwesibonelo, abantu banekhono lokufunda ulimi. Futhi ulimi lusenza sikwazi ukufunda, ukubhala, ukukhuluma nokuqonda lokho esikuzwayo. Luphinde lusenze sikwazi ukuthandaza nokuhubela uJehova izindumiso. Zonke lezi zinto zisenza sihluke ezilwaneni. Ososayensi abayiqondi ngokugcwele indlela ingqondo yethu ekwazi ngayo ukwenza lezi zinto ezimangalisayo.

2 Ikhono lethu lokusebenzisa ulimi luyisipho esivela kuJehova. (IHubo 139:14; IsAmbulo 4:11) Usinikeze nesinye isipho esisenza sihluke ezilwaneni. Abantu badalwa “ngomfanekiso kaNkulunkulu.” Sinenkululeko yokuzikhethela, okuyinkululeko yokuzenzela izinqumo. Futhi singakhetha ukusebenzisa ulimi ukuze sikhonze uJehova siphinde simdumise.Genesise 1:27.

3. Yini uJehova asinike yona esenza sihlakaniphe?

3 UJehova usibonise indlela yokumkhonza nokumdumisa ngokusinika iBhayibheli. IBhayibheli eliphelele noma izingxenye zalo kutholakala ngezilimi ezingaphezu kuka-2 800. Lapho sizindla ngalokho okushiwo iBhayibheli, singaqala ukucabanga ngendlela uNkulunkulu acabanga ngayo. (IHubo 40:5; 92:5; 139:17) Futhi imicabango kaJehova isenza sihlakaniphe bese isiholela ekuphileni okuphakade.Funda eyesi-2 Thimothewu 3:14-17.

4. Kusho ukuthini ukuzindla, futhi imiphi imibuzo esizoxoxa ngayo?

4 Ukuzindla kusho ukugxila entweni nokucabangisisa ngokujulile ngayo. (IHubo 77:12; IzAga 24:1, 2) Sizuza kakhulu lapho sizindla ngalokho esikufunda ngoJehova nangoJesu. (Johane 17:3) Kulesi sihloko sizophendula le mibuzo elandelayo: Singafunda kanjani ngendlela ezokwenza kube lula ukuzindla? Singazindla ngani? Futhi yini engasisiza ukuze sizindle njalo futhi sikujabulele?

QINISEKA UKUTHI UYAZUZA LAPHO UTADISHA

5, 6. Yini engakusiza ukukhumbule futhi ukuqonde kangcono okufundayo?

5 Wake waqaphela yini ukuthi kunezinto ongazenza ngaphandle kokucabanga, njengokuphefumula, ukuhamba noma ukushova ibhayisikili? Ngeshwa, ngezinye izikhathi ungase ufunde ngaphandle kokugxilisa ingqondo. Mhlawumbe ungaze uqale ngisho nokucabanga ngezinye izinto eziseceleni ube ufunda. Yini ongayenza ukuze uvimbele lokhu? Kubalulekile ukugxila kulokho okufundayo nokucabanga ngalokho okukushoyo. Khona-ke, lapho ufika ekugcineni kwesigaba noma kwesihlokwana encwadini, hlaba ikhefu bese uzindla ngalokho osanda kukufunda. Cabanga ngalokho okufundile, futhi uqiniseke ukuthi ukuqonda ngempela.

Ukufunda iBhayibheli ngokuzwakalayo kuyokusiza ukuba ugxilise ingqondo futhi ukhumbule kangcono

6 Ososayensi bathole ukuthi kulula kakhudlwana ukukhumbula okuthile uma ukufunde ngokuzwakalayo. UMdali wethu uyakwazi lokhu, futhi yingakho atshela uJoshuwa ukuba afunde incwadi yoMthetho “ngezwi eliphansi.” (Funda uJoshuwa 1:8.) Ukufunda iBhayibheli ngokuzwakalayo kungakusiza nokuba ugxilise ingqondo futhi ukhumbule kangcono.

7. Yisiphi isikhathi esingcono sokuzindla ngeBhayibheli? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

7 Kudinga umzamo omkhulu ukuzindla nokugxila kulokho esikutadishayo. Yingakho kungcono ukuzindla ngesikhathi ungakhathele futhi usendaweni ethule, lapho kungekho okuningi okungakuphazamisa. Umhubi uDavide wazindla ngesikhathi eqwashile ebusuku. (IHubo 63:6) UJesu, owayephelele, wakhetha izindawo ezingenaziphazamiso ukuze azindle futhi athandaze.Luka 6:12.

IZINTO EZINHLE ESINGAZINDLA NGAZO

8. (a) Yini esingazindla ngayo? (b) UJehova uzizwa kanjani lapho sikhuluma ngaye kwabanye?

8 Ngaphezu kwezinto ozifunda eBhayibhelini, kunezinye izinto ongazindla ngazo. Ngokwesibonelo, lapho ubona enye yezinto ezimangalisayo uJehova azidalile, yima kancane uzibuze, ‘Kungifundisani lokhu ngoJehova?’ Ngokuqinisekile imicabango enjalo iyokushukumisela ukuba umbonge uJehova ngomthandazo. Futhi uma unabanye, uyofuna ukubatshela indlela ozizwa ngayo. (IHubo 104:24; IzEnzo 14:17) UJehova uyanaka futhi uyajabula lapho sizindla, sithandaza futhi sikhuluma ngaye. IBhayibheli liyasiqinisekisa: “Kwalotshwa incwadi yenkumbulo phambi kwakhe yalabo abamesabayo uJehova nalabo abacabanga ngegama lakhe.”Malaki 3:16.

Uyazindla yini ngokuthi ungamsiza kanjani umuntu omfundela iBhayibheli? (Bheka isigaba 9)

9. (a) Yini uPawulu athi uThimothewu akazindle ngayo? (b) Yini esingazindla ngayo lapho silungiselela ukuya enkonzweni?

9 Umphostoli uPawulu watshela uThimothewu ukuba azindle ngokuthi indlela akhuluma ngayo, aziphatha ngayo nafundisa ngayo ibathinta kanjani abanye. (Funda eyoku-1 Thimothewu 4:12-16.) Nawe futhi ungazindla ngalezi zinto. Ngokwesibonelo, kudingeka uzinike isikhathi sokuzindla lapho ulungiselela ukuqhuba isifundo seBhayibheli. Cabanga ngalowo ofunda naye futhi uzame ukuthola umbuzo noma umfanekiso ozomsiza athuthuke. Lapho ulungiselela izifundo zeBhayibheli ngale ndlela, ukholo lwakho luyaqina futhi uba umfundisi weBhayibheli ongcono noshiseka nakakhulu. Uzozuza futhi lapho uzindla ngaphambi nje kokuya enkonzweni yasensimini. (Funda u-Ezra 7:10.) Mhlawumbe ungafunda isahluko esithile encwadini yezEnzo ukuze ikusize ushiseke ngokwengeziwe enkonzweni. Ungaphinde futhi uzindle ngamavesi eBhayibheli kanye nezincwadi ohlela ukuzisebenzisa ngalolo suku. (2 Thimothewu 1:6) Cabanga ngabantu abasensimini yangakini nokuthi yini ongayisho ezobakhanga. Lapho ulungiselela ngale ndlela, uyokwazi ukusebenzisa iBhayibheli ngokuphumelelayo ukuze ufakaze kwabanye.1 Korinte 2:4.

Vumela lokho okufundayo kufinyelele inhliziyo yakho, futhi umbonge uJehova ngezinto ezinhle ozifundayo

10. Yiziphi ezinye izinto ezinhle esingazindla ngazo?

10 Yini enye ongazindla ngayo? Uma ubhala phansi amaphuzu athile phakathi nenkulumo yeningi, nasemihlanganweni emincane nemikhulu, zinike isikhathi sokuwabuyekeza. Njengoba uwabuyekeza, zibuze, ‘Yini engiyifundile eZwini likaNkulunkulu nasenhlanganweni yakhe?’ Ungazindla nangalokho okutholakala kuyi-Nqabayokulinda nakuyi-Phaphama! yanyanga zonke nakulokho okukhululwe emhlanganweni wamuva. Lapho ufunda INcwadi Yonyaka, yima kancane ngemva kokufunda ngendaba ethile, ucabange ngayo, futhi uyivumele ikuthinte inhliziyo. Lapho ufunda izincwadi zethu, ungase uthande ukudwebela imiqondo eyinhloko noma ubhale amaphuzu eceleni. Lokhu kuyokusiza lapho ulungiselela impindelo, ukuyokwalusa noma inkulumo. Okubaluleke nakakhulu, lapho uma kancane futhi uzindla ngalokho okufundayo, usuke uvumela lokho okufundile ukuba kufinyelele inhliziyo yakho futhi uzipha nesikhathi sokuthandaza ukuze ubonge uJehova ngezinto ezinhle ozifundayo.

ZINDLA NGEZWI LIKANKULUNKULU NSUKU ZONKE

11. Iyiphi incwadi ebaluleke kakhulu okufanele sizindle ngayo, futhi ukwenza lokhu kuzosisiza kanjani? (Bheka nombhalo waphansi.)

11 Yiqiniso, iBhayibheli liyincwadi ebaluleke kunazo zonke okufanele sizindle ngayo. Kodwa kuthiwani uma ngelinye ilanga ungasavumelekile ukuba neBhayibheli? * Akekho ongakuvimbela ukuba uzindle ngezinto ozibambe ngekhanda, njengemiBhalo oyithandayo noma izingoma zoMbuso. (IzEnzo 16:25) Futhi umoya kaNkulunkulu uzokusiza ukhumbule izinto ozifundile, okuzokusiza uhlale uthembekile.Johane 14:26.

12. Iyiphi indlela ongahlela ngayo ukufunda kwakho iBhayibheli kwansuku zonke?

12 Iyiphi indlela ongahlela ngayo ukufunda kwakho iBhayibheli kwansuku zonke? Mhlawumbe ngezinsuku ezithile phakathi nesonto, ungafunda futhi uzindle ngokufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke kweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini. Ngezinye izinsuku ungafunda amaVangeli kaMathewu, uMarku, uLuka noJohane uzindle ngalokho uJesu akusho nakwenza. (Roma 10:17; Hebheru 12:2; 1 Petru 2:21) Sinanencwadi echaza izenzakalo zokuphila kukaJesu ngokulandelana kwazo. Le ncwadi ingakusiza uzuze ngokugcwele ekufundeni kwakho amaVangeli.Johane 14:6.

KUNGANI UKUZINDLA KUBALULEKE KANGAKA?

13, 14. Kungani kubaluleke kangaka ukuba siqhubeke sizindla ngoJehova nangoJesu, futhi lokhu kuyosishukumisela ukuba senzeni?

13 Ukuzindla ngoJehova nangoJesu kungamsiza umuntu abe umKristu ovuthiwe futhi alondoloze ukholo oluqinile. (Hebheru 5:14; 6:1) Umuntu ochitha isikhathi esincane ecabanga ngoNkulunkulu, kancane kancane uyolahlekelwa ubuhlobo bakhe noJehova noma agcine ngisho esemlahlile. (Hebheru 2:1; 3:12) UJesu waxwayisa ngokuthi uma singalizwa, noma singalamukeli iZwi likaNkulunkulu “ngenhliziyo enhle,” ngeke sikwazi ‘ukuligcina.’ Kunalokho, ‘singathathwa kalula izinkathazo nengcebo nenjabulo yalokhu kuphila.’Luka 8:14, 15.

14 Ngakho-ke masiqhubeke sizindla ngeBhayibheli futhi simazi kangcono uJehova. Lokhu kuyosishukumisela ukuba silingise izimfanelo nobuntu bakhe kakhudlwana. (2 Korinte 3:18) Singaqhubeka sifunda okwengeziwe ngoBaba wethu osezulwini futhi simlingise kuze kube phakade. Alikho ilungelo elikhulu kunaleli!UmShumayeli 3:11.

Ukuzindla ngoJehova nangoJesu kukusiza ukuba uhlale ushisekela iqiniso

15, 16. (a) Uzuze kanjani ngokuzindla ngoJehova nangoJesu? (b) Kungani kungase kube nzima ngezinye izikhathi ukuzindla, kodwa kungani kufanele siqhubeke sizama?

15 Ukuzindla ngoJehova nangoJesu kukusiza ukuba uhlale ushisekela iqiniso. Intshiseko yakho iyokhuthaza abafowenu nabantu ohlangana nabo enkonzweni yasensimini. Kanti lapho uzindla ngalokho uJehova akwenzele kona ngokulungiselela umhlatshelo wesihlengo kaJesu, uyoqhubeka ubazisa ubuhlobo bakho obuseduze noNkulunkulu. (Roma 3:24; Jakobe 4:8) UMark, umzalwane waseNingizimu Afrika owachitha iminyaka emithathu ejele ngenxa yokholo lwakhe, wathi: “Ukuzindla kungafaniswa nohambo olujabulisayo. Lapho sizindla ngokwengeziwe ngezinto ezingokomoya, kuba yilapho sithola khona izinto ezintsha ngoNkulunkulu wethu, uJehova. Ngezinye izikhathi lapho ngizizwa ngidikibele noma ngikhathazekile ngekusasa, ngithatha iBhayibheli bese ngizindla ngomBhalo othile. Nginomuzwa wokuthi lokho kungenza ngizizwe ngingcono ngempela.”

16 Ukuphila kuleli zwe kugcwele iziphazamiso kangangokuthi kunzima ukuthola isikhathi sokuzindla ngeBhayibheli. UPatrick, umzalwane wase-Afrika, wathi: “Ingqondo yami ngingayifanisa nesigxobo seposi esigcwele izincwadi ezihlukahlukene, ezibalulekile nezingabalulekile, okudingeka zihlungwe nsuku zonke. Lapho ngihlolisisa okusengqondweni yami, ngivame ukuthola imicabango ‘engincisha ukuthula,’ futhi kuyaye kudingeke ngithandaze kuJehova ngayo ngaphambi kokuba ngikwazi ukuzindla ngingaphazanyiswa yilutho. Nakuba lokhu kungase kuthathe isikhashana ngaphambi kokuba ngiqale ukuzindla ngezinto ezingokomoya, ngizizwa ngiseduze nakakhulu noJehova. Lokhu kwenza ngiliqonde kangcono iqiniso.” (IHubo 94:19) Yebo, sizuza ngezindlela eziningi lapho sifunda futhi sizindla ngeBhayibheli nsuku zonke.IzEnzo 17:11.

USITHOLA KANJANI ISIKHATHI?

17. Usithola kanjani isikhathi sokuzindla?

17 Abanye bavuka ekuseni ngovivi ukuze bafunde, bazindle, futhi bathandaze. Abanye lokhu bakwenza ngesikhathi sabo sekhefu. Mhlawumbe isikhathi esingcono kakhulu wena ongalifunda ngaso iBhayibheli kukusihlwa noma ngaphambi kokuba ulale. Abanye bayathanda ukufunda iBhayibheli ekuseni, baphinde balifunde ngaphambi kokuba balale. (Joshuwa 1:8) Into ebalulekile ‘ukusisebenzisa kahle isikhathi sakho,’ okusho ukunciphisa isikhathi osichitha ezintweni ezingabalulekile kakhulu ukuze uzindle ngeZwi likaNkulunkulu nsuku zonke.Efesu 5:15, 16.

18. IBhayibheli libathembisani labo abazindla ngeZwi likaNkulunkulu nsuku zonke futhi bakusebenzise lokho abakufundayo?

18 IBhayibheli lithembisa ukuthi uJehova uzobabusisa bonke labo abazindla ngeZwi lakhe nabazama kanzima ukukusebenzisa lokho abakufundayo. (Funda iHubo 1:1-3.) UJesu wathi: “Bayajabula abezwa izwi likaNkulunkulu baligcine!” (Luka 11:28) Kodwa okubaluleke kakhulu, ukuzindla ngeZwi likaJehova nsuku zonke kuyosisiza senze izinto ngendlela eletha udumo kuye. Lapho senza lokhu, uJehova uyosivuza ngenjabulo manje nangokuphila okuphakade ezweni elisha.Jakobe 1:25; IsAmbulo 1:3.

^ isig. 11 Bheka isihloko esithi “Ukulwela Kwethu Ukuhlala Siqinile Ngokomoya” kuyi-Nqabayokulinda, ka-December 1, 2006.