Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukusondela KuNkulunkulu Kube Kuhle Kimi

Ukusondela KuNkulunkulu Kube Kuhle Kimi

LAPHO ngineminyaka engu-9, umzimba wami wayeka ukukhula. Namuhla, njengoba sengineminyaka engu-43, ngiyimitha elilodwa nje kuphela ubude. Lapho abazali bami beqaphela ukuthi ngeke ngisaba mude kunalokhu engiyikho, bangikhuthaza ukuba ngisebenze kanzima ukuze ngingalokhu ngicabanga ngobude bami. Ukuze ngizigcine ngimatasa, ngazibekela itafula lezithelo phambi komuzi wakithi futhi ngaligcina licocekile. Lokho kwaheha amakhasimende amaningi.

Yiqiniso ukuthi lokho kuzikhandla akuzange kushintshe yonke into. Ngangisemfushane futhi ngangikuthola kunzima ukwenza ngisho nezinto ezilula ekuphileni, njengokufinyelela etafuleni lokuthenga esitolo. Kwakubonakala sengathi yonke into yenzelwe abantu abade ngokuphindwe kabili kunami. Ngangizidabukela, kodwa lokho kwashintsha lapho ngineminyaka engu-14.

Ngolunye usuku, abesifazane ababili ababengoFakazi BakaJehova bathenga izithelo babe sebecela ukungifundela iBhayibheli. Ngokushesha ngaqaphela ukuthi ukwazi uJehova nenjongo yakhe kwakubaluleke ngaphezu kobude bami. Lokho kwangisiza kakhulu. IHubo 73:28 laba umBhalo engiwuthandayo. Ingxenye yokuqala yaleli vesi ithi: “Ukusondela kuNkulunkulu kuhle kimi.”

Kungazelelwe, umndeni wakithi wathutha eCôte d’Ivoire waya eBurkina Faso, futhi ukuphila kwami kwashintsha kakhulu. Lapho esasihlala khona ekuqaleni, abantu base bekujwayele ukungibona ngimi eduze kwetafula lezithelo. Kodwa lapho esasithuthele khona, babengangazi futhi kubantu abaningi, ngangiyinqaba nje. Abantu babengigqolozela, ngakho ngahlala endlini amasonto amaningi. Ngabe sengikhumbula indlela okwakumnandi ngayo kimi ukusondela kuJehova. Ngabhalela ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova, futhi langithumelela umuntu okahle kakhulu. UNani, isithunywa sevangeli, wafika ezongivakashela ehamba ngesithuthuthu.

Imigwaqo yangasekhaya ewubhuqu yayihlale ishelela, futhi ngenkathi yezimvula yayiba nodaka. UNani wawa kaningi esithuthuthwini lapho ezongiqhubela isifundo, kodwa akazange ayeke. Ngolunye usuku, wacela ukuya nami emihlanganweni. Ngaqaphela ukuthi lokhu kwakusho ukuphuma endlini futhi ngibhekane nokubukwa abantu. Ngaphezu kwalokho, ukuhlala ngemuva esithuthuthwini kwakuzonezela isisindo kulesi sithuthuthu okwakunzima kakade ukusishayela. Noma kunjalo, ngavuma, ngikhumbula ingxenye yesibili yomBhalo engiwuthandayo: “Isiphephelo sami ngisibeké eNkosini enguMbusi uJehova.”

Mina noNani sasike siwele odakeni kodwa ngenxa yokuthi sasiyithanda imihlangano, sasingenandaba. Yeka umahluko owawukhona phakathi kokumamatheka okunothando engakubona ngaphakathi eHholo LoMbuso nokugqolozelwa abantu ngaphandle! Ngemva kwezinyanga ezingu-9, ngabhapathizwa.

Ingxenye yesithathu yomBhalo engiwuthandayo ithi: “Ukuba ngimemezele yonke imisebenzi yakho.” Ngangazi ukuthi inkonzo yayizoba inselele enkulu kimi. Ngisalukhumbula usuku lokuqala engaya ngalo ukuyoshumayela endlini ngendlu. Abantu abadala nezingane babengibuka, bangilandele futhi bahlekise ngendlela engangihamba ngayo. Kwakungizwisa ubuhlungu ngempela lokho, kodwa lapho ngizikhumbuza ukuthi nabo babedinga iPharadesi njengami, ngakwazi ukukhuthazela.

Ukuze ngenze izinto zibe lula, ngathola ibhayisikili elinamasondo amathathu elalishovwa ngezandla. Engangisebenza naye ensimini wayengiqhuba uma sikhuphuka umqansa bese egxumela ebhayisikilini lapho sekwehlela. Nakuba inkonzo yayiyinselele ekuqaleni, ngokushesha yangenza ngajabula kakhulu kangangokuthi ngo-1998 ngaba iphayona elivamile.

Ngangiqhuba izifundo zeBhayibheli eziningi futhi abane kulabo engangibafundela babhapathizwa. Ngaphezu kwalokho, omunye kodadewethu engizalwa nabo wamukela iqiniso! Ukuzwa indlela abanye ababethuthuka ngayo kwakuvame ukuba isikhuthazo esifike ngesikhathi. Ngolunye usuku ngiphethwe umalaleveva, ngathola incwadi evela eCôte d’Ivoire. Ngangiqale isifundo seBhayibheli ngisemnyango nomfundi wasenyuvesi eBurkina Faso futhi ngasidlulisela komunye umzalwane. Kamuva lo mfundi wathuthela eCôte d’Ivoire. Ngajabula ukuzwa ukuthi wayesengumemezeli ongabhapathiziwe!

Ngiziphilisa ngani? Inhlangano esiza abakhubazekile yacela ukungifundisa ukuthunga. Omunye wothisha waphawula indlela engangisebenza ngayo wabe esethi, “Kufanele sikufundise ukwenza insipho.” Futhi yilokho abakweza. Manje ngenza insipho yokuhlanza izingubo nesetshenziswa ekhaya. Abantu bayayithanda insipho yami futhi bayatshelana ngayo. Ngiyabahambisela, ngisebenzisa isithuthuthu sami esinamasondo amathathu.

Ngokudabukisayo, ngo-2004, kwadingeka ngiyeke ukuphayona ngenxa yezinhlungu zeqolo ezinkenkethayo. Kodwa ngisaphuma njalo ukuya enkonzweni.

Abantu bathi ngaziwa ngokumomotheka. Nginazo zonke izizathu zokujabula ngoba ukusondela kuNkulunkulu kube kuhle kimi.Njengoba ilandiswa uSarah Maiga.