Imibuzo Evela Kubafundi
Yini abavubukuli abayitholile ebonisa ukuthi iJeriko lanqotshwa ngesikhathi esifushane?
UJoshuwa 6:
Ezikhathini zasendulo, umuzi wawusuke uvinjezelwe lapho ibutho elihlomile lizungeze izindonga zawo, lilungele ukuwuhlasela. Uma ukuvinjezelwa kwawo kudonsa isikhathi eside, abantu ababesemzini babekudla ukudla okuningi ababesuke bekugcinile. Lapho ekugcineni ibutho seliwunqobile umuzi, lalithatha konke elikufunayo, kuhlanganise nanoma yikuphi ukudla okwakusele. Yingakho abavubukuli beye bathola ukudla okuncane kakhulu noma bangakuthola nhlobo emanxiweni emizi yasePalestina eyahlaselwa ngale ndlela. Kodwa amanxiwa aseJeriko ahlukile. I-Biblical Archaeology Review ithi: “Into eyatholakala iningi kakhulu ngemva kokubhujiswa komuzi, ngaphandle kwezinto zobumba, kwaba okusanhlamvu.” Iyanezela: “Ukuthola okusanhlamvu okuningi kangaka akuvamile.”
IBhayibheli lithi ama-Israyeli awazange athathe kudla eJeriko ngoba uJehova wayewayale kanjalo. (Joshuwa 6: