Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Wasebenzise Kahle Amandla Akho Olimi

Wasebenzise Kahle Amandla Akho Olimi

‘Amazwi omlomo wami mawajabulise phambi kwakho, Jehova.’IHUBO 19:14.

IZINGOMA: 82, 77

1, 2. Kungani iBhayibheli liqhathanisa ikhono lethu lokukhuluma nomlilo?

NGO-1871, kwaqubuka umlilo ehlathini laseWisconsin, e-United States. Wabhebhetheka ngokushesha futhi waqothula izihlahla ezingaba yizigidi eziyizinkulungwane ezimbili. Kwafa abantu abangaphezu kuka-1 200. Eqinisweni, lowo mlilo wabulala abantu abaningi kunanoma yimuphi omunye umlilo e-United States. Kubonakala sengathi lo mlilo wequbula wokhelwa yizinhlansi ezincane ezaziqhasha ezitimeleni ezidlula eduze kwaleli hlathi. Lokhu kusikhumbuza ivesi leBhayibheli elithi: “Bhekani! Yeka ukuthi kudinga umlilo omncane kangakanani ukuthungela ihlathi elikhulu ngomlilo!” (Jakobe 3:5) Kungani umlobi weBhayibheli uJakobe asho lokhu?

2 Uyachaza: “Ulimi [nalo] luwumlilo.” (Jakobe 3:6) Elithi “ulimi” lisho ikhono lethu lokukhuluma. Njengoba kunjalo ngomlilo, esikushoyo kungabangela umonakalo omkhulu. Amazwi ethu angaba nethonya elinamandla kwabanye. IBhayibheli lisitshela nokuthi esikushoyo kungasho ukuphila noma ukufa kubo. (IzAga 18:21) Kodwa ingabe lokho kusho ukuthi kumelwe singasho lutho ngenxa nje yokuthi singase sisho into engafanele? Cha, akunjalo. Ngeke siyeke ukusebenzisa umlilo ngenxa nje yokuthi ungase usishise. Kunalokho, siwusebenzisa ngokucophelela. Ngokwesibonelo, singasebenzisa umlilo ukuze sipheke ukudla, sothe noma sikhanyise. Ngokufanayo, uma sicophelela endleleni esikhuluma ngayo, singasebenzisa leli khono ukuze sidumise uJehova futhi sizuzise abanye.IHubo 19:14.

3. Yiziphi izinto ezintathu ezingasisiza sikhuthaze abanye lapho sikhuluma?

3 UJehova wasinika ikhono lokutshela abanye lokho esikucabangayo nendlela esizizwa ngayo, kungaba ngokukhuluma ngomlomo noma ngezandla. Ngakho, singasisebenzisa kanjani lesi sipho esimangalisayo ukuze sikhuthaze abanye? (Funda uJakobe 3:9, 10.) Kudingeka sazi ukuthi kufanele sikhulume nini, sithini nokuthi sikusho kanjani esikushoyo.

KUFANELE SIKHULUME NINI?

4. Kunini lapho kufanele sithule khona?

4 Ngezinye izikhathi kuhle ukuthula. IBhayibheli lithi sikhona “isikhathi sokuthula.” (UmShumayeli 3:7) Ngokwesibonelo, siyathula lapho abanye besakhuluma ukuze sibonise ukuthi siyabahlonipha. (Jobe 6:24) Kanti futhi, asikhulumi ngezindaba zabanye nokungafanele abanye bazazi. (IzAga 20:19) Nalapho othile esicasula, siyokwenza ngokuhlakanipha uma sizama ukuhlale sizolile futhi singasho lutho.IHubo 4:4.

5. Singambonisa kanjani uJehova ukuthi siyambonga ngokuthi usinike ikhono lokukhuluma?

5 Kodwa kunezikhathi lapho kukuhle khona ukusho okuthile. (UmShumayeli 3:7) Kunesikhathi sokudumisa uJehova, esokukhuthaza abanye, esokuveza imizwa yethu nesokutshela abanye ngalokho esikudingayo. (IHubo 51:15) Futhi uma sisebenzisa ikhono lethu lokukhuluma ngale ndlela, sibonisa uJehova ukuthi siyambonga ngokusipha lesi sipho. Kakade, lapho umngane esipha isipho esihle, sifuna ukusisebenzisa ngendlela engcono kakhulu.

6. Kungani kubalulekile ukukhetha isikhathi esifanele sokukhuluma?

6 Kungani kubalulekile ukukhetha isikhathi esifanele sokukhuluma? IzAga 25:11 zithi: “Izwi elikhulunywe ngesikhathi esifanele linjengama-apula egolide ezitsheni zesiliva.” Ama-apula egolide mahle, kodwa angaba mahle nakakhulu lapho esentweni eyisiliva. Ngendlela efanayo, singase sibe nokuthile okuhle esingakusho kumuntu. Kodwa uma sikhetha isikhathi esifanele sokukhuluma, singamsiza ngisho nangokwengeziwe lowo muntu. Singakwenza kanjani lokhu?

7, 8. Abafowethu baseJapane basilingisa kanjani isibonelo sikaJesu?

7 Uma sikhuluma ngesikhathi esingafanele, abantu bangase bangakuqondi noma bangakwamukeli esikushoyo. (Funda izAga 15:23.) Ngokwesibonelo, ngo-March 2011 ukuzamazama komhlaba ne-tsunami kwacekela phansi amadolobha amaningi asempumalanga yeJapane. Kwafa abantu abangaphezu kuka-15 000. Nakuba abaningi abangoFakazi BakaJehova bashonelwa amalungu omndeni nabangane, babefuna ukusebenzisa iBhayibheli ukuze basize abanye ababesesimweni esifanayo. Kodwa babazi ukuthi abaningi balabo bantu babesenkolweni yobuBuddha futhi babengazi lutho olutheni ngeBhayibheli. Ngakho, kunokuba babatshele ngovuko phakathi naleso sikhathi, abafowethu babaduduza futhi bachaza ukuthi kungani izinto ezinyantisa ngaleyo ndlela zehlela abantu abalungile.

8 Labo bafowethu balingisa uJesu. Wayazi ukuthi kunini lapho kufanele athule khona, kodwa futhi azi nokuthi kunini lapho kufanele akhulume khona. (Johane 18:33-37; 19:8-11) Futhi wayelinda kuze kube isikhathi esikahle ukuze afundise abafundi bakhe izinto ezithile. (Johane 16:12) Abafowethu baseJapane balindela isikhathi esifanele sokutshela abantu ngovuko. Ngemva kweminyaka emibili nengxenye kugadle i-tsunami, bahambisela abantu ipheshana elithi Ingabe Abafileyo Bangaphinde Baphile Ngempela? Abaningi balithatha lelo pheshana futhi kwabaduduza lokho ababekufunda. Nathi kufanele sicabange ngamasiko nangezinkolelo zabantu abasensimini yethu ukuze sinqume isikhathi esifanele sokukhuluma nabo.

Kumelwe sibe nesineke futhi sifune isikhathi lapho abantu bekulungele khona ukulalela

9. Yiziphi ezinye izimo okufanele silinde kuzo isikhathi esifanele sokukhuluma?

9 Yiziphi ezinye izimo okufanele silinde kuzo isikhathi esifanele sokukhuluma? Mhlawumbe othile usho into esicasulayo. Kunokuvele siphendule ngokushesha sisho into ewubuwula, kuyoba ukuhlakanipha ukuma futhi sicabange: ‘Ingabe ubehlose ukungiphatha kabi? Ingabe kuyadingeka ngempela ukuba ngikhulume naye ngale ndaba?’ Kungase kube ngcono kakhulu ukungasho lutho. Kodwa uma kunesizathu esihle sokukhuluma naye, kufanele silinde kuze kube yilapho sesehlise umoya. (Funda izAga 15:28.) Noma kungenzeka ukuthi sifuna ukukhuthaza amalungu emindeni yethu angebona oFakazi ukuba afunde ngoJehova. Kumelwe sibe nesineke, sicabangisise ngalokho esizokusho bese sifuna isikhathi abangase bakulungele ngaso ukulalela.

YINI OKUFANELE SIYISHO?

10. (a) Kungani kufanele sikukhethe ngokucophelela esikushoyo? (b) Iyiphi indlela yokukhuluma okumelwe siyigweme?

10 Esikushoyo kungenza abanye bazizwe ngcono noma bazizwe besesimweni esibi nakakhulu. (Funda izAga 12:18.) Abantu abaningi ezweni likaSathane basebenzisa “inkulumo ebabayo” efana ‘nomcibisholo’ noma ‘inkemba’ ngoba bafuna ukuzwisa abanye ubuhlungu nokubacasula. (IHubo 64:3) Abaningi bafunda ukukhuluma ngale ndlela kumabhayisikobho nasezinhlelweni zethelevishini abazibukelayo. Kodwa amaKristu ngeke asho noma yini ehlabayo nengenamusa, ngisho noma ingaba yihlaya. Ihlaya lihle futhi lingenza esikushoyo kujabulise kakhudlwana. Kodwa akufanele sibhuqe abanye ngendlela enonya, okungukuthi, sisho into ezohlazisa noma ngisho ezophoxa omunye umuntu ukuze nje sihlekise abanye. IBhayibheli liyala amaKristu ukuba angasebenzisi inkulumo ‘ehlambalazayo.’ Liphinde lithi: “Makungaphumi lizwi elibolile emilonyeni yenu, kodwa noma yiliphi izwi elakhayo kuye ngokwesidingo, ukuze lidlulisele okuhle kwabezwayo.”Efesu 4:29, 31.

11. Yini engasisiza sikhethe amazwi afanele?

11 UJesu wafundisa ukuthi “umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.” (Mathewu 12:34) Lokhu kusho ukuthi izinto esizishoyo zingembula indlela esizizwa ngayo ngempela. Ngakho uma sibathanda abantu futhi sibakhathalela ngempela, cishe siyokhetha amazwi afanele esizowasho kubo. Esikushoyo kuyokwakha futhi kukhuthaze.

12. Yini engasisiza sikhethe amazwi afanele?

12 Kudinga umzamo ukuthola amazwi afanele esingawasho. Nakuba iNkosi uSolomoni yayihlakaniphile, ‘yazindla futhi yafunisisa’ ukuze lokho ekubhalayo kunembe futhi kujabulise kofundayo. (UmShumayeli 12:9, 10) Yini engasisiza sazi ukuthi kufanele sithini? Singabheka eBhayibhelini nasezincwadini zethu ukuze sithole izindlela ezintsha zokuveza imizwa yethu. Singafunda incazelo yamagama esingawaqondi. Singahlolisisa nesibonelo sikaJesu ukuze sifunde ukukhuluma ngendlela ezobasiza abanye. Wayazi kahle ukuthi kufanele athini ngoba uJehova wamfundisa indlela ‘yokuphendula okhathele ngezwi’ elifanele. (Isaya 50:4) Kubalulekile nokucabanga ngokuthi amazwi ethu azobathinta kanjani abanye. (Jakobe 1:19) Singase sizibuze: ‘Uma ngisho lokhu, ingabe lo muntu uzoqonda ukuthi yini engizama ukumtshela yona? Uzozizwa kanjani?’

13. Kungani kufanele sikhulume ngendlela eqondakala kalula?

13 Kwa-Israyeli kwakusetshenziswa imisindo ehlukahlukene yecilongo ukuze kukhishwe iziqondiso. Omunye waleyo misindo wawusho ukuthi abantu kufanele babuthane. Umsindo ohlukile wawusho ukuthi amabutho kufanele ahlasele. Ake ucabange nje ukuthi kwakuyokwenzekani ebuthweni uma umsindo wecilongo ungacacile! IBhayibheli liqhathanisa umsindo wecilongo ocacile namazwi aqondakala kalula. Uma singazichazi ngokucacile izinto, abantu bangase badideke noma bakholelwe yinto engelona iqiniso. Nakuba sifuna ukukuveza ngokucacile esikucabangayo, kufanele siqikelele ukuthi esikushoyo akubonisi indelelo noma ukuntula inhlonipho.Funda eyoku-1 Korinte 14:8, 9.

14. Yisiphi isibonelo esibonisa ukuthi uJesu wayekhuluma ngendlela eqondakala kalula?

14 UMathewu isahluko 5 kuya ku-7 uyisibonelo esihle kakhulu sendlela uJesu akhetha ngayo amazwi aqondakala kalula. Enkulumweni ayinikeza, akazange azame ukuhlaba abantu umxhwele ngokusebenzisa amazwi angaqondakali noma angadingeki. Futhi akazange asho izinto ezazizozwisa abanye ubuhlungu. UJesu wafundisa izinto ezibaluleke kakhulu ezazinencazelo ejulile, kodwa lokho akusho kwakuqondakala kalula. Ngokwesibonelo, uJesu wayefuna ukuqinisekisa abafundi bakhe ukuthi kwakungadingeki bakhathazeke ngokuthi babezodlani usuku ngalunye. Ngakho wachaza ukuthi uJehova uhlale ezondla izinyoni. Wabe esebabuza: “Anibalulekile yini nina ngaphezu kwazo?” (Mathewu 6:26) Ngalawo mazwi alula, uJesu wabasiza ukuba baqonde isifundo esibalulekile futhi bazizwe bekhuthazekile.

KUFANELE SIKHULUME KANJANI NABANYE?

15. Kungani kumelwe sikhulume ngendlela enomusa?

15 Indlela esikhuluma ngayo nabanye ingaba ebaluleke njengalokho esikushoyo. Abantu babekuthokozela ukulalela uJesu ngoba wayekhuluma amazwi “amnandi,” noma akhulume ngendlela enomusa. (Luka 4:22) Uma sikhuluma ngomusa, cishe abantu bayokujabulela kakhudlwana ukusilalela nokwamukela esikushoyo. (IzAga 25:15) Siyokwazi ukukhuluma nabanye ngendlela enomusa uma sibahlonipha futhi siyikhathalela imizwa yabo. Yilokho uJesu akwenza. Ngokwesibonelo, lapho ebona isixuku senza umzamo omkhulu wokumlalela, wayekujabulela kakhulu ukuchitha isikhathi naso asifundise. (Marku 6:34) Ngisho nalapho abantu bemthuka, uJesu akaphindiselanga ngokubathuka.1 Petru 2:23.

16, 17. (a) Singasilingisa kanjani isibonelo sikaJesu lapho sikhuluma namalungu omndeni wethu nabangane? (Bheka isithombe esisekuqaleni.) (b) Omunye umama wakufeza kanjani okuhle ngokukhuluma ngendlela enomusa?

16 Nakuba siwathanda amalungu omndeni wethu nabangane, singase sisho izinto ezingabonisi umusa ngenxa yokuthi siwajwayele kakhulu. Singase sicabange ukuthi akudingeki sicophelele ukuthi sikhuluma kanjani nawo. Kodwa uJesu akakaze angabi namusa lapho ekhuluma nabangane bakhe. Lapho abanye babo bephikisana ngokuthi ubani owayemkhulu, wabeluleka ngomusa futhi wasebenzisa isibonelo sengane encane ukuze abasize bashintshe indlela yabo yokucabanga. (Marku 9:33-37) Abadala bangalingisa isibonelo sikaJesu ngokweluleka abanye ngendlela enomusa.Galathiya 6:1.

17 Ngisho nalapho othile esho into esizwisa ubuhlungu, singafeza lukhulu ngokukhuluma ngendlela enomusa. (IzAga 15:1) Ngokwesibonelo, indodana yomunye udadewethu ongumzali ongayedwa eyevile eshumini nambili yayenza izinto ezimbi, ibe yenza sengathi ikhonza uJehova. Omunye udadewethu ebandleni wamdabukela lo mama futhi wathi kuye: “Ave kudabukisa ukuthi wehlulekile ukuqeqesha ingane.” Lo mama wama wacabanga, wabe esethi: “Yiqiniso ukuthi izinto azihambi kahle okwamanje, kodwa ngisaqhubeka nokuyiqeqesha indodana yami. Asiphinde sikhulume ngale ndaba ngemva kwe-Armagedoni; lapho ke siyobe sesiqiniseka ngalokho.” Ngenxa yokuthi unina womfana waqhubeka ezolile futhi waba nomusa kulo dadewethu, baqhubeka bengabangane. Kanti nendodana yakhe yezwa ngalokho unina ayekushilo futhi yaqaphela ukuthi wayekholelwa ukuthi isengashintsha. Ngakho yayeka ukuzihlanganisa nabangane ababi, yabhapathizwa, kwathi kamuva yakhonza eBethel. Kungakhathaliseki ukuthi sikhuluma nabafowethu, amalungu omndeni noma abantu esingabazi, amazwi ethu ngaso sonke isikhathi kufanele “abe nomusa, ayoliswe ngosawoti.”Kolose 4:6.

18. Singasilingisa kanjani isibonelo sikaJesu endleleni esikhuluma ngayo?

18 Ikhono lokutshela abanye lokho esikucabangayo nendlela esizizwa ngayo liyisipho esimangalisa ngempela esivela kuJehova. Uma silingisa isibonelo sikaJesu, siyokhetha isikhathi esifanele sokukhuluma, siyocophelela kulokho esikushoyo futhi njalo siyozama ukuba nomusa. Ngakho, masisebenzise amazwi ethu ukuze sikhuthaze abanye futhi sijabulise uJehova.