Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Bonisa Ukubonga Ngokuphana KukaJehova

Bonisa Ukubonga Ngokuphana KukaJehova

UJEHOVA unguNkulunkulu ophanayo. (Jakobe 1:17) Singakubona ukuphana kwakhe kukho konke akudalile. Ugcwalise indawo yonke esizungezile ngezinkanyezi, wabe esemboza umhlaba ngezitshalo ezinhle.​—IHubo 65:​12, 13; 147:​7, 8; 148:​3, 4.

Umlobi weHubo 104 wayekwazisa kakhulu konke uJehova ayekudalile, waze wabhala ingoma yokumdumisa. Lapho ufunda lelo hubo, ingabe uzizwa unokubonga njengomhubi? Wathi: “Ngizomhlabelelela uJehova konke ukuphila kwami; Ngizomhubela uNkulunkulu wami uma nje ngisekhona.” (IHubo 104:33) Ingabe nawe ufuna ukwenza okufanayo?

ISIBONELO ESIKHULU KUNAZO ZONKE SOKUPHANA

UJehova ufuna silingise isibonelo sakhe sokuphana. Futhi usinika izizathu ezinhle zokuphana. Waphefumulela umphostoli uPawulu ukuba abhale: “Yala labo abacebile esimisweni samanje sezinto ukuba bangaqhoshi, futhi bangabeki ithemba labo engcebweni engaqinisekile, kodwa kuNkulunkulu, osinika zonke izinto ngokucebile ukuze sizijabulele; benze okuhle, bacebe emisebenzini emihle, babe nesandla esivulekile, belungele ukwabelana izinto nabanye, bezibekelela ngokulondekile isisekelo esihle sesikhathi esizayo, ukuze babambisise ukuphila kwangempela.”​—1 Thimothewu 6:​17-19.

Encwadini yakhe yesibili eya kwabaseKorinte, uPawulu wachaza ukuthi kufanele zibe yini izisusa zethu lapho sipha abanye. Wathi: “Yilowo nalowo makenze njengoba nje enqumile enhliziyweni yakhe, kungabi ngokudabuka noma ngaphansi kokucindezelwa, ngoba uNkulunkulu uthanda umuphi onamileyo.” (2 Korinte 9:7) Sisuke sisiza bani lapho siphana? UPawulu wathi sisiza abanye ngokubapha lokho abakudingayo, kodwa sisuke sizisiza nathi ngoba uJehova uzosibusisa.​—2 Korinte 9:​11-14.

UPawulu wabe esebhekisela ebufakazini obunamandla kunabo bonke bokuphana kukaNkulunkulu lapho ethi: “Makabongwe uNkulunkulu ngesipho sakhe sesihle esingachazeki.” (2 Korinte 9:15) ‘Isipho sesihle’ sikaJehova sihlanganisa zonke izinto ezinhle asinika zona ngoJesu Kristu. Awekho amazwi angachaza indlela lesi sipho esiyigugu ngayo.

Singabonisa kanjani ukuthi siyabonga ngakho konke uJehova noJesu abasenzele kona nabasazosenzela kona? Enye indlela esingabonisa ngayo ukuba nesandla esivulekile lapho sinikela ngesikhathi, amandla kanye nezinto esinazo ekukhonzeni uJehova nasekusizeni abanye bafunde ngaye. Lokhu singakwenza kungakhathaliseki ukuthi sinensada noma sinokuncane kakhulu.​—1 IziKronike 22:14; 29:​3-5; Luka 21:​1-4.