Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Inguqulo YeZwi LikaNkulunkulu Efinyelela Inhliziyo

Inguqulo YeZwi LikaNkulunkulu Efinyelela Inhliziyo

“Izwi likaNkulunkulu liyaphila.”​—HEBHERU 4:12.

IZINGOMA: 37, 116

1. (a) Yimuphi umsebenzi uNkulunkulu awunika u-Adamu? (b) Kusukela ngaleso sikhathi, abantu bakaNkulunkulu basisebenzise kanjani isipho solimi?

UJEHOVA UNKULUNKULU wapha abantu isipho solimi. Ensimini yase-Edene, uNkulunkulu wanikeza u-Adamu umsebenzi wokwetha zonke izilwane. U-Adamu waqamba isilwane ngasinye ngegama eliqondakalayo. (Genesise 2:​19, 20) Kusukela ngaleso sikhathi, abantu bakaNkulunkulu baye basebenzisa isipho solimi ukuze badumise uJehova futhi batshele abanye ngaye. Ezikhathini zamuva, abantu bakaNkulunkulu basebenzise lesi sipho ekuhumusheni iBhayibheli ukuze abantu abengeziwe bakwazi ukufunda ngoJehova.

2. (a) Yiziphi izimiso iKomiti Yokuhumusha INguqulo Yezwe Elisha eye yazilandela emsebenzini wayo? (b) Yini esizoyifunda kulesi sihloko?

2 Kunezinkulungwane zezinguqulo zeBhayibheli, kodwa ezinye zinembe kakhudlwana kunezinye. Ukuze ihumushe iBhayibheli ngokunembile, iKomiti Yokuhumusha INguqulo Yezwe Elisha yanquma ukulandela izimiso ezintathu eziyisisekelo: (1) Dumisa igama likaNkulunkulu futhi ulisebenzise eZwini lakhe izikhathi eziningi njengoba kwenza imibhalo yokuqala. (Funda uMathewu 6:9.) (2) Humusha umyalezo wokuqala izwi nezwi uma kungenzeka. Uma kungenzeki, dlulisela incazelo enembile. (3) Sebenzisa ulimi okulula ukulufunda nokuluqonda. * (Funda uNehemiya 8:​8, 12.) Lezi zimiso ezintathu ziye zalandelwa abahumushi be-Nguqulo Yezwe Elisha ezilimini ezihlukahlukene ezingaphezu kuka-130. Kulesi sihloko, sizofunda ngokuthi lezi zimiso zisebenza kanjani kuyi-Nguqulo Yezwe Elisha yesiNgisi ebukeziwe ka-2013 nasekuhunyushelweni kwayo kwezinye izilimi.

IBHAYIBHELI ELIDUMISA IGAMA LIKANKULUNKULU

3, 4. (a) Siyitholaphi i-Tetragrammaton? (b) Izinguqulo eziningi zamaBhayibheli zenzeni ngegama likaNkulunkulu?

3 Igama likaNkulunkulu limelelwa yizinhlamvu ezine zesiHebheru ezibizwa ngokuthi yi-Tetragrammaton. I-Tetragrammaton iyatholakala emibhalweni yesandla yesiHebheru eminingi yakudala, njengemiQulu YasoLwandle Olufile. Iyatholakala nakwamanye amakhophi e-Septuagint yesiGreki. La makhophi alotshwa eminyakeni engaba ngu-200 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu kanti amanye alotshwa kwengaba yikhulu ngemva kokuzalwa kwakhe. Abantu abaningi bahlabeka umxhwele lapho bebona ukuthi igama likaNkulunkulu livela izikhathi eziningi kangakanani emibhalweni yesandla emidala.

Abaningi bahlabeka umxhwele lapho bebona ukuthi igama likaNkulunkulu livela izikhathi eziningi kangakanani emibhalweni yesandla emidala

4 Ngokusobala, igama likaNkulunkulu kufanele libe khona eBhayibhelini. Noma kunjalo, izinguqulo eziningi azilisebenzisi igama likaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, ngemva nje kweminyaka emibili kukhululwe INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki, kwakhululwa i-American Standard Version ebukeziwe. Ohlelweni lwango-1901 lwale nguqulo lasetshenziswa igama likaNkulunkulu, kodwa enguqulweni ebukeziwe yango-1952 alisetshenziswanga. Kungani? Abahumushi bayo baba nomuzwa wokuthi “kwakungafaneleki nhlobo” ukusebenzisa igama likaNkulunkulu. Nezinye izinguqulo eziningi, zesiNgisi nezezinye izilimi, zenze okufanayo.

5. Kungani kubalulekile ukusebenzisa igama likaNkulunkulu eBhayibhelini?

5 Kunendaba yini ukuthi abahumushi bayalifaka igama likaNkulunkulu noma cha? Yebo! UJehova, uMlobi weBhayibheli, ufuna abantu balazi igama lakhe. Umhumushi othembekile kufanele azi ukuthi yini efunwa umlobi futhi lokho kufanele kuthonye izinqumo azenzayo lapho ehumusha. ImiBhalo eminingi ibonisa ukuthi igama likaNkulunkulu libalulekile nokuthi kumelwe lihlonishwe. (Eksodusi 3:15; IHubo 83:18; 148:13; Isaya 42:8; 43:10; Johane 17:​6, 26; IzEnzo 15:14) Futhi uJehova waphefumulela abalobi beBhayibheli ukuba basebenzise igama lakhe izikhathi eziyizinkulungwane emibhalweni yesandla yasendulo. (Funda uHezekeli 38:23.) Ngakho lapho abahumushi bengalifaki igama likaNkulunkulu, basuke bengamhloniphi uJehova.

6. Kungani igama likaNkulunkulu lenezelwa ezindaweni eziyisithupha kuyi-Nguqulo Yezwe Elisha ebukeziwe?

6 Namuhla, kunobufakazi obuningi nakakhulu bokuthi kufanele silisebenzise igama likaJehova. INguqulo Yezwe Elisha ebukeziwe ka-2013 isebenzisa igama likaNkulunkulu izikhathi ezingu-7 216. Lokhu kusho ukuthi lifakwe izikhathi eziyisithupha ezengeziwe kunasenguqulweni yangaphambili. Ezindaweni ezinhlanu lifakwe ngoba igama likaNkulunkulu latholakala emiQulwini YasoLwandle Olufile esanda kushicilelwa. * Lezi zindawo ezinhlanu eyoku-1 Samuweli 2:25; 6:3; 10:26; 23:​14, 16. Endaweni yesithupha, kubaHluleli 19:​18, lifakwe ngenxa yocwaningo olwengeziwe olwenziwa emibhalweni yesandla yeBhayibheli emidala enokwethenjelwa.

7, 8. Lisho ukuthini igama elithi Jehova?

7 AmaKristu eqiniso anomuzwa wokuthi kubalulekile ukuqonda incazelo ephelele yegama likaNkulunkulu. Igama lakhe lisho ukuthi “Ubangela Ukuba Kube Khona.” * Esikhathini esidlule, izincwadi zethu zanikeza incazelo yegama likaNkulunkulu zisebenzisa u-Eksodusi 3:​14, othi: “Ngiyoba Yilokho [Engikhetha Ukuba] Yikho.” Inguqulo yango-1984 yachaza ukuthi uJehova uzenza abe yinoma yini akhetha ukuba yiyo ukuze agcwalise izithembiso zakhe. * Nokho, inguqulo ka-2013 iyachaza: “Nakuba igama likaJehova lingase liwuhlanganise lo mqondo, aligcini ngokusho lokho yena akhetha ukuba yikho. Lihlanganisa nalokho abangela ukuba kwenzeke endalweni yakhe nasekugcwalisekeni kwenjongo yakhe.”

8 UJehova ubangela indalo yakhe ukuba ibe yinoma yini akhetha ukuba ibe yiyo. Ngokwesibonelo, uNkulunkulu wabangela ukuba uNowa abe umakhi womkhumbi, uBhezaleli waba yingcweti yemisebenzi yezandla, uGideyoni waba yiqhawe elinamandla noPawulu waba yisithunywa sevangeli. Igama likaNkulunkulu linencazelo yangempela kubantu bakhe, futhi yingakho iKomiti Yokuhumusha IBhayibheli Le-Nguqulo Yezwe Elisha ilifakile igama likaNkulunkulu kule nguqulo.

9. Kungani ukuhunyushelwa kweBhayibheli kwezinye izilimi kuthathwa njengomsebenzi ophuthumayo?

9 Ziyanda izinguqulo zeBhayibheli ezingalisebenzisi igama likaNkulunkulu. Kunalokho, zisebenzisa isiqu esithi “Nkosi” noma igama likankulunkulu wendawo. Lesi esinye sezizathu esenza iNdikimba Ebusayo ibe nomuzwa wokuthi kubaluleke kakhulu ukuba abantu bazo zonke izilimi babe neBhayibheli elidumisa igama likaNkulunkulu. (Funda uMalaki 3:16.) Kuze kube manje, igama likaJehova liye lahlonishwa ngokufakwa njalo lapho kubukezwa INguqulo Yezwe Elisha ngezilimi ezingaphezu kuka-130.

INGUQULO ECACILE NENEMBILE

10, 11. Iziphi izinselele eziye zaba khona lapho INguqulo Yezwe Elisha ihunyushelwa kwezinye izilimi?

10 Kuye kwaba nezinselele lapho INguqulo Yezwe Elisha yesiNgisi ihunyushelwa kwezinye izilimi. Ngokwesibonelo, inguqulo yesiNgisi yasebenzisa igama lesiHebheru elithi “Shiyoli” kumShumayeli 9:10 nakwamanye amavesi. Leli gama lalijwayelekile nakwamanye amaBhayibheli esiNgisi. Nokho, lalingenakusetshenziswa ezilimini eziningi ngenxa yokuthi abantu abafunda lezi zilimi babengalazi lelo gama lesiHebheru elithi “Shiyoli.” Lalingatholakali ezichazamazwini zabo, kanti abanye babecabanga nokuthi yigama lendawo ethile. Ngenxa yalezi zizathu, abahumushi banikezwa imvume yokuhumusha igama lesiHebheru elithi “Shiyoli” nelesiGreki elithi “Hayidesi” ngokuthi “iThuna.” Lena indlela yokuhumusha enembile futhi yenza umbhalo ucace kakhudlwana.

11 Igama lesiHebheru nelesiGreki elisho “umphefumulo” nalo kwakunzima ukulihumushela kwezinye izilimi. Kulezi zilimi, igama elithi “umphefumulo” livame ukubhekisela esipokini noma okuthile okushiya umzimba ngemva kokufa. Ukuze kugwenywe lokho kudideka, abahumushi banikezwa imvume yokuhumusha elithi “umphefumulo” ngokuvumelana nomongo walo. Izincazelo ezihlukahlukene zegama elithi “umphefumulo” zingatholakala esithasiselweni se-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele. Incazelo ewusizo yamagama esiHebheru nawesiGreki ifakwe emibhalweni yaphansi enguqulweni ebukeziwe ukuze iBhayibheli lifundeke futhi liqondakale kalula.

Ikomiti yafunda izinkulungwane zemibuzo evela kubahumushi beBhayibheli phakathi nokubukeza

12. Yiluphi olunye ushintsho olwenziwa enguqulweni ka-2013?

12 Imibuzo evela kubahumushi yaveza okunye ukudideka okungaba khona emiBhalweni ethile yeBhayibheli. Ngakho ngoSeptember 2007, iNdikimba Ebusayo yanikeza imvume yokuba kubukezwe uhlelo lwesiNgisi. Ikomiti yafunda izinkulungwane zemibuzo evela kubahumushi beBhayibheli phakathi nalokho kubukeza. Izinkulumo zesiNgisi ezindala zathathelwa indawo yizinkulumo zesimanje, okwenza imibhalo yafundeka futhi yaqondakala kalula, kuyilapho iqhubeka inembile. Umsebenzi wokuhumusha owenziwe muva nje kwezinye izilimi nawo wasiza ekuthuthukiseni indlela isiNgisi esibekwe ngayo.​—IzAga 27:17.

UKUBONGA OKUKHULU

13. Abaningi bazizwa kanjani ngenguqulo ebukeziwe ka-2013?

13 Abaningi bazizwa kanjani nge-Nguqulo Yezwe Elisha yesiNgisi ebukeziwe? Indlunkulu yoFakazi BakaJehova eBrooklyn, eNew York yathola izinkulungwane zezincwadi zokubonga ezivela kubafowethu nodadewethu. Abaningi bazizwa njengodade owabhala: “IBhayibheli liyibhokisi lomcebo elichichima amatshe ayigugu enani elikhulu. Ukufunda amazwi kaJehova ngokucacile usebenzisa inguqulo ebukeziwe ka-2013 kungaqhathaniswa nokuhlola ngalinye lala matshe ayigugu, wazise izinhlangothi zawo eziningi, ukucwazimula, umbala kanye nobuhle bawo. ImiBhalo ebekwe ngolimi olulula ingisize ngamazi kangcono uJehova, onjengobaba ongifundela amazwi akhe aduduzayo engigonile.”

14, 15. Abantu bazizwa kanjani nge-Nguqulo Yezwe Elisha ngezinye izilimi?

14 Abantu abakhuluma ezinye izilimi nabo bayabonga nge-Nguqulo Yezwe Elisha. Indoda esikhulile yaseSofia, eBulgaria, yasho lokhu ngenguqulo yesiBulgaria: “Sengilifunde iminyaka eminingi iBhayibheli, kodwa angikaze ngiyifunde inguqulo eqondakala kalula nefinyelela inhliziyo njengale.” Ngokufanayo, udade wase-Albania wabhala: “Ave lizwakala kahle iZwi likaNkulunkulu ngesi-Albania! Yeka ilungelo okuyilo ukuba uJehova akhulume nathi ngolimi lwethu!”

15 Emazweni amaningi, amaBhayibheli amba eqolo noma ayivela kancane. Ukuthola iBhayibheli kuyisibusiso esikhulu! Umbiko ovela eRwanda wathi: “Bese kuyisikhathi eside abantu abaningi abafundelwa abafowethu bengathuthuki ngenxa yokungabi nawo amaBhayibheli. Babengenayo imali yokuthenga inguqulo yesonto lendawo. Kanti ngokuvamile babengayiqondi ngokucacile nencazelo yamavesi athile, okwakuthiya intuthuko yabo.” Lapho INguqulo Yezwe Elisha isitholakala ngolimi lwabo, umndeni waseRwanda onezingane ezine ezevile eshumini nambili wathi: “Simbonga ngempela uJehova nenceku ethembekile neqondayo ngokusinikeza leli Bhayibheli. Simpofu kakhulu futhi besingenayo imali yokuthengela ilungu ngalinye lomndeni iBhayibheli. Kodwa manje ngamunye wethu useneBhayibheli elithi yena. Ukuze sibonise ukubonga kuJehova, silifunda nsuku zonke iBhayibheli njengomndeni.”

16, 17. (a) Yini uJehova ayifunela abantu bakhe? (b) Yini okufanele sizimisele ukuyenza?

16 INguqulo Yezwe Elisha ebukeziwe izothalakala nangezilimi ezengeziwe esikhathini esizayo. USathane uzama ukuvimba lo msebenzi, kodwa siyazi ukuthi uJehova ufuna ukuba bonke abantu bakhe bamlalele njengoba ekhuluma nabo ngolimi olucacile noluqondakalayo. (Funda u-Isaya 30:21.) Maduzane, “umhlaba ngokuqinisekile uyogcwala ulwazi ngoJehova njengoba nje amanzi esibekela ulwandle.”​—Isaya 11:9.

17 Kwangathi singazimisela ukusebenzisa zonke izipho ezivela kuJehova, kuhlanganise nale nguqulo edumisa igama lakhe. Mvumele akhulume nawe nsuku zonke ngeZwi lakhe. Uyakwazi ukulalelisisa yonke imithandazo yethu. Lokhu kukhulumisana kuzosisiza simazi ngisho nakakhulu uJehova, futhi uthando esimthanda ngalo luyoqhubeka lukhula.​—Johane 17:3.

“Yeka ilungelo okuyilo ukuba uJehova akhulume nathi ngolimi lwethu!”

^ isig. 2 Bheka i-Appendix A1 ye-Nguqulo Yezwe Elisha ebukeziwe yesiNgisi nesihloko esithi “Ungayikhetha Kanjani Inguqulo YeBhayibheli Engcono Kakhulu?” kuyi-Nqabayokulinda ka-May 1, 2008.

^ isig. 6 ImiQulu YasoLwandle Olufile midala ngeminyaka engaphezu kweyinkulungwane kunemibhalo yesiHebheru yamaMasorete.

^ isig. 7 Ezinye izincwadi zezazi zinikeza le ncazelo, kodwa akuzona zonke izazi ezivumelana nayo.

^ isig. 7 Bheka INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele, iSithasiselo 1, isihloko esithi “Igama LikaNkulunkulu EmiBhalweni YesiHebheru,” ikhasi 1928.