Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INDABA YOKUPHILA

Ngaba Nokuthula NoNkulunkulu Nomama

Ngaba Nokuthula NoNkulunkulu Nomama

UMAMA wangibuza: “Kungani ngempela ungeke uwakhulekele amadlozi? Awazi ukuthi uphila ngenxa yawo? Awuwabongi? Ungawalahla kanjani amasiko okhokho bethu? Ukwenqaba ukuhlonipha abaphansi kufana nokuthi uthi ukukhulekela kwethu kuwubuwula.” Ngemva kokusho lokhu, umama waqhumuka wakhala.

Ezinyangeni ezimbalwa ngaphambi kwalokho, oFakazi BakaJehova babecele ukuqhubela umama isifundo seBhayibheli. Wayengafuni ukufunda nabo, kodwa engafuni ukubadumaza, wahlela ukuba bafunde nami. Kodwa manje wayesengicasukele, okuyinto eyayingavamile ngoba ngangihlale ngimlalela. Nokho, ngenxa yokuthi ngangifuna ukujabulisa uJehova, kulokhu ngangingenakukwazi ukumlalela. Lokhu kwakungelula, kodwa uJehova wangipha amandla.

UKUFUNDA NGOJEHOVA

Umndeni wami wawusenkolweni yobuBuddha, njengoba kunjalo ngabantu abaningi eJapane. Kodwa ngemva kwezinyanga ezimbili ngitadisha noFakazi BakaJehova, ngagculiseka ngokuthi iBhayibheli liyiqiniso. Lapho ngithola ukuthi nginoBaba osezulwini, ngafuna ngempela ukumazi kahle. Ekuqaleni, mina nomama sasiba nezingxoxo ezimnandi ngalokho engangikufunda. Ngaqala ukuya emihlanganweni yangeSonto eHholo LoMbuso. Njengoba ngangifunda okwengeziwe, ngatshela umama ukuthi ngangizoyeka ukuhlanganyela emicimbili yobuBuddha. Isimo sakhe sengqondo savele sashintsha ngokuphazima kweso. Wathi, “Ukuba nomuntu ongawathandi amadlozi emndenini kuyichilo.” Wangitshela ukuba ngiyeke ukutadisha iBhayibheli nokuya emihlanganweni. Ngangingakaze ngicabange ukuthi umama angayisho leyo nto! Wayesehlukile.

Ubaba wavumelana nomama. Encwadini yabase-Efesu isahluko 6 ngangifunde ukuthi uJehova ufuna ngilalele abazali bami. Ngangifuna umndeni wakithi uphinde ube nokuthula, futhi ngacabanga ukuthi uma ngibalalela nabo bazogcina bengilalelile. Ngaleso sikhathi, kwakudingeka ngilungiselele ukuhlolwa esikoleni, ngakho ngavuma ukwenza lokho okwakushiwo abazali bami izinyanga ezintathu. Kodwa ngathembisa uJehova ukuthi ngangizophinde ngiye emihlanganweni lapho sesidlulile leso sikhathi.

Isinqumo sami sasisibi ngezizathu ezimbili. Esokuqala, ngangicabanga ukuthi ngemva kwezinyanga ezintathu ngangizobe ngisenaso isifiso esinamandla sokukhonza uJehova. Kunalokho, ubuhlobo bami naye baba buthakathaka kakhulu. Esesibili, umama nobaba bazama nakakhulu ukungenza ngiyeke ukukhonza uJehova.

USIZO NOKUPHIKISWA

EHholo LoMbuso, ngangihlangane noFakazi abaningi ababephikiswa yimindeni yabo. Bangiqinisekisa ngokuthi uJehova uzongiqinisa. (Mathewu 10:​34-37) Bangichazela ukuthi uma ngihlala ngithembekile kuJehova, umndeni wami ungase ufunde ngaye. Ngangifuna ukwencika kuJehova, ngakho ngaqala ukuthandaza ngokujulile.

Umndeni wami wangiphikisa ngezindlela ezihlukahlukene. Umama wangincenga ukuba ngiyeke ukutadisha futhi wazama ukubonisana nami. Izikhathi eziningi, ngangivele ngizithulele. Uma kwenzekile ngasho okuthile, sasivame ukuqophisana ngoba sobabili sasizama ukubonisa ukuthi esikushoyo kwakunembile. Manje ngiyaqonda ukuthi ukube ngangiyihlonipha kakhudlwana imizwa kamama nezinkolelo zakhe, sasingase singaphikisani kakhulu. Abazali bami banginika imisebenzi eminingi yasekhaya ukuze ngingahambi. Ngezinye izikhathi, babengikhiyela ngaphandle noma bangangishiyeli ukudla.

Umama wacela abanye ukuba bamsize ukuze banginxenxe ngiyeke. Wakhuluma nothisha wami, kodwa lokhu akuphumelelanga. Umama wangithatha wangiyisa kumphathi wakhe emsebenzini ukuze angibonise ukuthi zonke izinkolo azisizi ngalutho. Wayeshayela nezihlobo ucingo, akhale njengoba ezicela ukuba zisize. Lokho kwangiphatha kabi kakhulu. Kodwa emihlanganweni, abadala bangikhumbuza ukuthi lapho umama ekhuluma nabanye ngesimo sami, empeleni wayefakaza kulabo bantu.

Abazali bami babefuna ngiye enyuvesi ukuze ngikwazi ukuthola umsebenzi okhokhela kahle. Sonke sasiphazamiseke kakhulu ngalolu daba kangangokuthi sasingakwazi ukuxoxa ngalo ngomoya ophansi, ngakho ngababhalela izincwadi ezimbalwa ngichaza ngemigomo yami. Ubaba wathukuthela kakhulu, wathi, “Uma ucabanga ukuthi uzokwazi ukuthola umsebenzi, uthole kusasa lokhu okusayo, noma uphum’ uphele kule ndlu.” Ngathandaza kuJehova ngicela ukuba angisize. Ngosuku olulandelayo, lapho ngisensimini, odade ababili bangiqashela ukufundisa izingane zabo. Ubaba akakuthandanga lokho, ngakho wayeka ukungikhulumisa futhi akabange esanginaka. Umama wathi ngabe kungcono ukube ngiyisigebengu kunokuba omunye woFakazi BakaJehova.

UJehova wangisiza ukuba ngilungise ukucabanga kwami nokuba ngazi ukuthi kufanele ngenzeni

Ngezinye izikhathi ngangingaqiniseki ngokuthi uJehova wayefuna yini ngimelane nabazali bami ngale ndlela. Ngakho ngathandaza kuJehova futhi ngazindla ngalokho iBhayibheli elikushoyo ngothando lwakhe. Lokhu kwangenza ngaba nombono omuhle futhi ngaqonda ukuthi abazali bami babengiphikisa ngoba bekhathazekile ngami. UJehova wangisiza ukuba ngilungise ukucabanga kwami futhi ngazi okufanele ngikwenze. Kanti futhi, lapho ngiya njalo enkonzweni, ngangiyijabulela ngokwengeziwe. Ngempela, ngangifuna ukuba yiphayona.

UKUKHONZA NJENGEPHAYONA

Lapho abanye odade bezwa ukuthi ngifuna ukuphayona, bangitshela ukuthi kufanele ngilinde kuze kube yilapho abazali bami sebehlise umoya. Ngathandazela ukuhlakanipha, ngenza ucwaningo, ngacabanga ngezizathu ezazenza ngifune ukuphayona, ngabe sengikhuluma nabazalwane nodade abangomakad’ ebona. Ngabe senginquma ukuthi ngifuna ukujabulisa uJehova. Ngaqonda nokuthi ngisho noma ngingalinda isikhathi esithile ngaphambi kokuba ngiqale ukuphayona, abazali bami babengase baqhubeke bengiphikisa.

Ngaqala ukuphayona ngonyaka wami wokugcina esikoleni samabanga aphakeme. Ngemva kokuphayona isikhashana, ngafuna ukuya endaweni enesidingo esikhulu. Kodwa ubaba nomama babengafuni ngihambe ekhaya. Ngakho ngalinda ngaze ngaba neminyaka engu-20 ubudala. Ngabe sengicela ihhovisi legatsha ukuba linginike isabelo endaweni eseduze nezihlobo zami eningizimu yeJapane ukuze umama angakhathazeki kakhulu.

Ngesikhathi ngikuleso sabelo, ngajabulela ukubona izifundo zami zeBhayibheli eziningana zibhapathizwa. Ngaqala ukufunda isiNgisi ngoba ngangifuna ukwenza okwengeziwe enkonzweni. Kwathi ngemva kokubona intshiseko yamaphayona akhethekile amabili ayesebandleni lethu nendlela ayesiza ngayo abanye, nganquma ukuthi nami ngangifuna ukuba yiphayona elikhethekile. Phakathi naleso sikhathi, umama wagula kakhulu izikhathi ezimbili, futhi zombili lezo zikhathi ngabuyela ekhaya ukuze ngimsize. Lokhu kwammangaza futhi waqala ukuba nomusa kimi ngezinga elithile.

IZIBUSISO EZININGI EZIVELA KUJEHOVA

Eminyakeni engu-7 kamuva, u-Atsushi, omunye wamaphayona akhethekile engikhulume ngawo ngaphambili, wangithumelela incwadi. Wayefisa ukushada futhi ezibuza ukuthi ngangizizwa kanjani ngaye. Ngangingakaze ngibe nesifiso sokuthandana no-Atsushi futhi naye ngangingacabangi ukuthi unaso. Ngemva kwenyanga, ngaphendula ngathi ngangingathanda ukumazi kangcono. Saqaphela ukuthi sasinemigomo efanayo. Sasifuna ukuqhubeka nenkonzo yesikhathi esigcwele futhi sasizimisele ukwamukela noma yisiphi isabelo. Ngokuhamba kwesikhathi, sashada. Ngijabula kakhulu ngokuthi umama, ubaba nezinye izihlobo zami baba khona emshadweni wethu.

ENepal

Ngokushesha ngemva kwalokho, lapho sikhonza njengemaphayona avamile, u-Atsushi wabelwa ukuba akhonze njengombonisi wesigodi obambelayo. Ngemva kwalokho, sabelwa ukukhonza njengamaphayona akhethekile, kamuva sangenela umsebenzi wokujikeleza ovamile. Lapho siqeda ukuhambela wonke amabandla ayesesigodini sethu okokuqala, ihhovisi legatsha lasishayela ucingo. Labuza ukuthi sasingathanda yini ukuthuthela eNepal siyokwenza umsebenzi wokujikeleza khona.

Ukukhonza emazweni amaningana kungifundise okuningi ngoJehova

Ngangikhathazekile ngokuthi abazali bami babezozizwa kanjani uma ngithuthela kude kangako. Lapho ngibashayela ucingo, ubaba waphendula wathi, “Uya endaweni enhle kakhulu.” Esontweni elalandulela lelo, omunye wabangane bakhe wayemnikeze incwadi ekhuluma ngeNepal, futhi ubaba wayeze wacabanga nokuthi kungaba kuhle ukuvashela kule ndawo.

Sakujabulela ukuba phakathi kwabantu abanobungane baseNepal. Kamuva, kwanezelwa iBangladesh esigodini sethu. Nakuba yayisondelene neNepal, yayehluke kakhulu. Sasibhekana nezimo ezihlukahlukene ngempela ensimini yethu. Ngemva kweminyaka emihlanu, saphinde sabelwa eJapane, lapho manje senza khona umsebenzi wokujikeleza.

Ngafunda okuningi ngoJehova lapho ngikhonza eJapane, eNepal naseBangladesh. Abantu bakulawo mazwe banendlela yokuphila, imikhuba namasiko okungefani. Futhi umuntu ngamunye uhlukile. Ngiye ngabona indlela uJehova anakekela ngayo abantu ngabanye, abamukele, abasize futhi ababusise.

Ziningi izinto engingambonga ngazo uJehova. Ungivumele ukuba ngimazi ngenze nomsebenzi wakhe, futhi ungiphe umyeni ongumKristu okahle. UNkulunkulu ungisizile ukuba ngenze izinqumo ezinhle, futhi manje nginobuhlobo obuhle naye nomndeni wami. Mina nomama sesiphinde saba abangane ngenxa yosizo lukaJehova. Ngibonga ngokusuka enhliziyweni ngokuthi ngakwazi ukuba nokuthula noNkulunkulu nomama.

Sithola injabulo enkulu emsebenzini wokujikeleza