Dlulela kokuphakathi

 Fundisa Izingane Zakho

Yayifuna Ukusiza

Yayifuna Ukusiza

INGABE ukhona umuntu omaziyo owayegula kakhulu?— Ingabe wawufisa ukumsiza ngandlela-thile?— Kuthiwani uma ayevela kwelinye izwe noma engowenye inkolo? Usengathanda ukumsiza ukuze aphile?— Yilokho okwenziwa intombazanyana eyayihlala kwa-Israyeli eminyakeni engaba ngu-3 000 edlule. Ake sixoxe ngalokho okwenzeka ngaleso sikhathi.

Kuhlala kunezimpi phakathi kuka-Israyeli wasendulo, lapho le ntombazane ihlala khona, nezwe eliseduze laseSiriya. (1 AmaKhosi 22:1) Ngolunye usuku kufika abaseSiriya kwa-Israyeli, bathumbe le ntombazanyana. Iyiswa eSiriya, lapho iba khona yincekukazi kamkaNahamani, isikhulu sempi saseSiriya. UNahamani unesifo esibi okuthiwa uchoko, esingadla isikhumba somuntu.

Le ntombazanyana eyincekukazi itshela umkaNahamani indlela umyeni wakhe angelashwa ngayo. Ithi: ‘Ukube uNahamani ubeseSamariya, umprofethi kaJehova u-Elisha ubengalwelapha uchoko lwakhe.’ Indlela le ncekukazi ekhuluma ngayo ngo-Elisha yenza uNahamani akholelwe ukuthi lo mprofethi ngempela angase akwazi ukumelapha. Ngakho ngemvume kaBeni-hadadi, inkosi yaseSiriya, uNahamani nezikhonzi ezithile bathatha uhambo olude lwamakhilomitha angaba ngu-150 beyofuna u-Elisha.

Okokuqala, baya kuJehoramu, inkosi yakwa-Israyeli. Bambonisa incwadi yeNkosi uBeni-hadadi ecela ukuba uNahamani asizwe. Kodwa uJehoramu akanalo ukholo kuJehova noma umprofethi u-Elisha. UJehoramu ucabanga ukuthi uBeni-hadadi uzama ukumchukuluza. Lapho u-Elisha ezwa ngalokhu, utshela iNkosi uJehoramu: “Ngicela eze kimi.” U-Elisha ufuna ukubonisa amandla kaNkulunkulu okuphulukisa uNahamani esifweni sakhe esibi.—2 AmaKhosi 5:1-8.

Lapho uNahamani efika emzini ka-Elisha namahhashi nezinqola, u-Elisha uthumela isikhonzi ukuba simtshele ukuthi: ‘Kumelwe ugeze kasikhombisa eMfuleni iJordani, futhi uzophulukiswa.’ UNahamani uyathukuthela. Ulindele ukuba u-Elisha aphume azulise isandla sakhe phezu kochoko ukuze luphele. Kunalokho, ubona isikhonzi nje! Ngakho uNahamani uyaphenduka ethukuthele efuna ukuphindela ekhaya.—2 AmaKhosi 5:9-12.

 Wawuyokwenzenjani ukube wawungenye yezinceku zikaNahamani?— Izinceku ziyambuza: ‘Ukube bekuyinto enzima u-Elisha akucele ukuba uyenze, ubungeke uyenze? Kungani-ke ungenzi le nto elula—ugeze nje uhlanzeke?’ UNahamani uyazilalela. ‘Uyehla acwile eJordani kasikhombisa, okuthi ngemva kwalokho inyama yakhe ibuye ibe njengenyama yomfana omncane.’

UNahamani uphindela ku-Elisha athi: “Bheka, manje ngiyazi ngokuqinisekile ukuthi akukho Nkulunkulu nomaphi emhlabeni ngaphandle kwakwa-Israyeli.” Uthembisa u-Elisha ukuthi ngeke aphinde ‘anikele ngomnikelo wokushiswa noma umhlatshelo kunoma yibaphi abanye onkulunkulu ngaphandle kukaJehova.’—2 AmaKhosi 5:13-17.

Ungathanda yini ukusiza othile ukuba afunde ngoJehova nalokho angakwenza, njengale ntombazanyana?— Lapho uJesu esemhlabeni, indoda ethile eyayinochoko yakholwa nguye futhi yathi: ‘Uma ufuna ngempela ukungisiza, ungangisiza.’ Uyazi uJesu wathini lapho ephendula?— “Ngiyathanda.” UJesu wayiphulukisa, njengoba nje noJehova ayephulukise uNahamani.—Mathewu 8:2, 3.

Ingabe uyazi ngezwe elisha uJehova ayoliletha lapho bonke abantu beyoba imiqemane futhi baphile khona phakade?— (2 Petru 3:13; IsAmbulo 21:3, 4) Khona-ke, ngokuqinisekile uyofuna ukutshela abanye ngalezi zinto ezimangalisayo!