Dlulela kokuphakathi

  Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini

Kungani Eminye Imithandazo Ingaphendulwa?

Kungani Eminye Imithandazo Ingaphendulwa?

UNkulunkulu uyangeneka ngempela. Njengobaba onothando ojabulayo lapho izingane zakhe zikhuluma naye ngokukhululekile, uJehova uNkulunkulu uyayamukela imithandazo yethu. Ngesikhathi esifanayo, njenganoma imuphi ubaba ohlakaniphile, uNkulunkulu unezizathu ezinhle zokungaziphenduli ezinye izicelo. Ingabe izizathu zakhe ziyimfihlakalo, noma ingabe kukhona asembulela khona ngazo eBhayibhelini?

Umphostoli uJohane uyachaza: “Yilokhu ukuqiniseka esinakho kuye, ukuthi, kungakhathaliseki ukuthi yini esiyicelayo ngokwentando yakhe, uyasizwa.” (1 Johane 5:14) Izicelo zethu kumelwe zivumelane nentando kaNkulunkulu. Abanye bathandazela izinto okusobala ukuthi aziyona intando kaNkulunkulu—ngokwesibonelo, ukuba bawine i-lottery, noma bawine umdlalo abawubhejelayo. Abanye bathandaza ngezisusa ezingafanele. Umfundi uJakobe uxwayisa ngokusebenzisa kabi umthandazo, ethi: “Niyacela, kodwa nokho anamukeli, ngoba nicela ngenjongo embi, ukuze nikusebenzise ekunxaneleni kwenu ukwanelisa inkanuko.”—Jakobe 4:3.

Ngokwesibonelo, ake ucabange ngawo womabili amaqembu ebhola ethandazela ukuwina. Asinakulindela ukuba uNkulunkulu aphendule imithandazo enjalo engqubuzanayo. Kungashiwo okufanayo ngezimpi zanamuhla lapho abalwayo bethandazela ukunqoba.

Labo abeyisa umthetho kaNkulunkulu bathandazela ize. UJehova wake wazizwa eshukumiseleka ukuba atshele abakhulekeli ababezenzisa ukuthi: “Ngisho noma nenza imithandazo eminingi, angilalele; zona kanye izandla zenu zigcwele igazi.” (Isaya 1:15) IBhayibheli lithi: “Osusa indlebe yakhe ekuzweni umthetho—ngisho nomthandazo wakhe uyinto enengekayo.”—IzAga 28:9.

Ngakolunye uhlangothi, uJehova uyoyilalela njalo imithandazo eqotho yabakhulekeli abenza konke okusemandleni abo ukuba bamkhonze ngokuvumelana nentando yakhe. Kodwa ingabe lokho kusho ukuthi uzobanikeza konke abakucelayo? Cha. Cabangela izibonelo ezithile ezingokomBhalo.

UMose wayenobuhlobo obuseduze ngokungavamile noNkulunkulu; kodwa naye kwadingeka ukuba acele “ngokuvumelana nentando [kaNkulunkulu].” Ngokuphambene nenjongo uNkulunkulu ayeyivezile, uMose wacela imvume yokungena ezweni laseKhanani: “Ngicela ungivumele ngiwele ngibone izwe elihle elingaphesheya kweJordani.” Kodwa ngaphambili, ngenxa yesono sakhe, uMose watshelwa ukuthi wayengeke angene kulelo zwe. Ngakho manje, esikhundleni sokunika uMose lokho ayekucela, uJehova wathi kuye: “Kwanele ngawe! Ungalokothi uphinde ukhulume nami ngale ndaba.”—Duteronomi 3:25, 26; 32:51.

Umphostoli uPawulu wacela ukukhululwa kulokho akubiza ngokuthi “iva enyameni.” (2 Korinte 12:7) Inkulumo ethi “iva” ingase ibhekisele esifweni samehlo esingelapheki noma ekuhlushweni abaphikisi “nabazalwane bamanga” njalo. (2 Korinte 11:26; Galathiya 4:14, 15) UPawulu wabhala: “Ngayincenga kathathu iNkosi ukuba lisuke kimi.” Kodwa uNkulunkulu wayazi ukuthi ukuqhubeka kukaPawulu eshumayela naphezu ‘kweva enyameni’ elalimbelesele kwakuyobonakalisa amandla kaNkulunkulu ngokucacile nokuthembela kukaPawulu kuYe. Ngakho esikhundleni sokunika uPawulu lokho ayekucela, uNkulunkulu wathi kuye: “Amandla ami enziwa aphelele ebuthakathakeni.”—2 Korinte 12:8, 9.

Yebo, uNkulunkulu wazi kangcono kunathi ukuthi kuzosizuzisa yini ukusinika okuthile esikucelayo. Ngaso sonke isikhathi uJehova uyasiphendula ukuze sizuze, ngokuvumelana nezinjongo zakhe zothando ezilotshwe eBhayibhelini.