Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe UDeveli Ungumuntu Ongokoqobo?

Ingabe UDeveli Ungumuntu Ongokoqobo?

Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini

Ingabe UDeveli Ungumuntu Ongokoqobo?

Yebo. IBhayibheli lifundisa ukuthi uSathane uDeveli ungumuntu ongokoqobo ngempela. Nokho, abagxeki beBhayibheli abavumelani nalokho. Bathi uSathane umane nje ungububi obuhlala ngaphakathi kumuntu.

Kufanele yini kusimangaze ukudideka okukhona ngokuqondene nokuthi uSathane unjani ngempela? Cha. Ngokwesibonelo, lapho isigebengu siganga singase sesule lapho sithinte khona ukuze kungatholakali ukuthi singubani, ngaleyo ndlela sikwazi ukuqhubeka nemikhuba yaso singabanjwa. Ngokufanayo, uSathane ungungqondongqondo wesigebengu owenza izinto ezimbi ekusithekeni, ekhuthaza ukuziphatha okonakele. UJesu walibeka ngembaba elokuthi nguSathane oye wonakalisa izinto emhlabeni. Wambiza ngokuthi “umbusi waleli zwe.”—Johane 12:31.

UDeveli wavelaphi? Ekuqaleni, wayeyisidalwa somoya esiphelele esihlala ezulwini, kodwa wahlubuka wazenza uDeveli ngokuba nesifiso esingalawuleki sokuba abantu bakhulekele yena kunokuba bakhulekele uNkulunkulu. IBhayibheli lisitshela ngengxoxo eyaba phakathi kukaSathane noJesu lapha emhlabeni. Kuleyo ngxoxo, uDeveli waveza isifiso sakhe sobugovu. Wazama ukwenza uJesu ukuba ‘aziwise phansi enze isenzo sokumkhulekela.’—Mathewu 4:8, 9.

Izisusa zakhe zabonakala nakwezinye izingxoxo aba nazo noNkulunkulu ezilotshwe encwadini kaJobe. USathane ngeke ayeke nanini ukuzama ukwenza abantu ukuba balahle uNkulunkulu.—Jobe 1:13-19; 2:7, 8.

Cabanga ngalokhu: Uma uSathane akhuluma noJehova uNkulunkulu noJesu Kristu, angaba kanjani ububi nje obungaphakathi kubantu? UNkulunkulu neNdodana yakhe abanabo neze ububi! Kusobala-ke ukuthi uSathane ungumuntu ongokoqobo—isidalwa somoya esibi esingamhloniphi nakancane uJehova noma uJesu.

Ukonakala kwezinto emhlabeni kuwubufakazi bokuthi uDeveli ukhona futhi ungokoqobo. Izizwe zalo mhlaba zincamela ukuba ukudla kubole kuyilapho abantu bamazwe abo befa yindlala. Izizwe zakha futhi zigcine izikhali ezibulala uyaca ukuze zibhuqabhuqane zodwa futhi zingcolisa umhlaba. Kodwa abantu abaningi abazi ukuthi ubani obangela le nzondo nokuziphatha okugcina kulimaze umuntu ngokwakhe. Kungani kunjalo?

IBhayibheli lithi uSathane uye “waphuphuthekisa izingqondo zabangakholwa.” (2 Korinte 4:4) Ukuze alawule abantu, usebenzisa amademoni akhe angabonakali. IBhayibheli lisitshela ukuthi ‘ungumbusi wamademoni.’ (Mathewu 12:24) Njengoba nje umholi weqembu lezigelekeqe engase enze ubugebengu obukhulu ecashile, noSathane usebenzisa izingelosi zakhe ezimbi ukuze alawule uquqaba lwabantu abangaliqapheli ithonya lakhe.

Yeka indlela esibonga ngayo ngokuthi iBhayibheli lisitshela ngokuqondile ngoDeveli nangezingelosi zakhe ezimbi! Ngakho, singakwazi ukuthatha izinyathelo zokumelana nethonya lakhe. IBhayibheli liyasiyala: “Zithobeni kuNkulunkulu; kodwa melanani noDeveli khona-ke uyonibalekela.”—Jakobe 4:7.