Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Inkolelo-ze 6: UNkulunkulu Wamukela Izithombe Nemifanekiso Ekukhulekeleni

Inkolelo-ze 6: UNkulunkulu Wamukela Izithombe Nemifanekiso Ekukhulekeleni

Ivelaphi le nkolelo-ze?

“AmaKristu okuqala ayengazisebenzisi izithombe ekukhulekeleni . . . Ukusetshenziswa kwezithombe esontweni ngekhulu lesine nelesihlanu kwavunyelwa ngezizathu zokuthi abantu ababengenalwazi babengawafunda kangcono amaqiniso athile obuKristu kuzo kunasezintshumayelweni noma ezincwadini.”—I-Cyclopedia of Biblical, Theological, and Ecclesiastical Literature, kaMcClintock noStrong, uMqulu 4, amakhasi 503 kuya ku-504.

Lithini iBhayibheli?

“Ungazenzeli izithombe ezibaziweyo, namfanekiso wokusezulwini ngaphezulu, nowokusemhlabeni phansi, nowokusemanzini phansi komhlaba; ungazikhothameli, ungazikhonzi.” (Eksodusi 20:4, 5, IBhayibheli lesiZulu elivamile) Umphostoli uJohane wabhalela amaKristu ekhulu lokuqala: “Bantwanyana, ziqapheni ezithombeni.”—1 Johane 5:21.

Ingabe izithombe zimane ziyindlela yokuxhumana nokubonisa inhlonipho ngabantu abamelelwa yizo njengoba kusho isonto? I-Encyclopedia of Religion ithi: “Ekuqaleni kungenzeka ukuthi izithombe zazisetshenziswa ngokuyinhloko ngenjongo yokufundisa nokuhlobisa; yilezo izizathu ezazibekwa ukuze zisetshenziswe. Kodwa ngokushesha zaqala ukuhlonishwa nokukhulekelwa. Lokhu kwenzeka ngokukhethekile ezithombeni ezagcina zamukelwa kabanzi ezinkolweni zaseMpumalanga.” Nokho, umprofethi u-Isaya wabuza kufanele: ‘Niyakufanisa uNkulunkulu nobani, nimlinganise namuphi umfanekiso?’—Isaya 40:18, IBhayibheli lesiZulu elivamile.

Qhathanisa la mavesi eBhayibheli: Isaya 44:13-19; IzEnzo 10:25, 26; 17:29; 2 Korinte 5:7

IQINISO:

UNkulunkulu akakwamukeli ukusetshenziswa kwezithombe nemifanekiso

ZENQABE IZINKOLELO-ZE, UNAMATHELE EQINISWENI

Singaphetha ngokuthini ngemva kokubukeza kafushane izinkolelo-ze ezisafundiswa emasontweni amaningi? Lezi “zindaba ezingamanga [ngesiGreki, my′thos] eziklanywe ngobuciko” azikwazi ukumelana namaqiniso acacile naduduzayo atholakala eBhayibhelini.—2 Petru 1:16.

Ngakho-ke, yiba nomqondo ovulekile futhi unganqikazi ukuqhathanisa iZwi likaNkulunkulu—umthombo weqiniso—kanye nalokho okufundisiwe. (Johane 17:17) Uma wenza kanjalo, uyosibona sigcwaliseka kuwe lesi sithembiso: “Niyolazi iqiniso, futhi iqiniso liyonikhulula.”—Johane 8:32.