Indoda Ethobekile Nenesibindi
Ezentsha Yethu
Indoda Ethobekile Nenesibindi
UJONA—INGXENYE 1
Iziyalezo: Yenza lesi sivivinyo endaweni ethule. Njengoba ufunda imiBhalo, zibone ngeso lengqondo uhilelekile kuleso senzakalo. Sibone ngeso lengqondo. Yizwa amazwi. Zizwe ngendlela abalingiswa abazizwa ngayo. Yenza le ndaba iphile.
1 HLAZIYA ISIGCAWU.—FUNDA UJONA 1:1-17; 2:10–3:5.
Ucabanga ukuthi ulwandle nesivunguvungu kwakunjani?
․․․․․
Amazwi kaJona nawababesemkhunjini akutshela ukuthi babezizwa kanjani?
․․․․․
Chaza ukuthi cishe uJona wayecabangani ngesikhathi eshona phansi olwandle nangemva kokugwinywa inhlanzi enkulu. (Funda uJona 2:1-9.)
․․․․․
2 CWANINGISISA.
Kwakuhlala abantu abanjani eNineve futhi cishe kungani uJona ayemadolonzima ngokuya kubo ekuqaleni? (Nahume 3:1)
․․․․․
Ucabanga ukuthi iNineve “laliwumuzi omkhulu kuNkulunkulu” ngamuphi umqondo? (Jona 3:3; 2 Petru 3:9)
․․․․․
Ukungagwegwesi kukaJona lapho ekhuluma ngamaphutha akhe nangoNkulunkulu wakhe kwembulani ngaye? (Phinda ufunde uJona 1:9, 10.)
․․․․․
Cishe uJona wakwazi kanjani okwenzeka emkhunjini ngemva kokuba ephonswe olwandle? (Phinda ufunde․․․․․
3 SEBENZISA OKUFUNDILE. BHALA LOKHO OKUFUNDILE MAYELANA . . .
Nokwesaba.
․․․․․
Nokuthobeka.
․․․․․
Nesibindi.
․․․․․
Nombono kaJehova ngabantu, ngisho nalabo esingase sicabange ukuthi babi.
․․․․․
4 YINI EKUHLABE UMXHWELE KAKHULU NGALOKHU KULANDISA, FUTHI NGANI?
․․․․․
Ukuze ucwaninge ngokwengeziwe, bheka INqabayokulinda ka-January 1, 2009, amakhasi 25-28.
FUNDA EZINYE IZINCWADI EZISEKELWE EBHAYIBHELINI KUYI-INTERNET, KULELI KHELI: www.watchtower.org