Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Abafileyo Bangabasiza Abaphilayo?

Ingabe Abafileyo Bangabasiza Abaphilayo?

Ingabe Abafileyo Bangabasiza Abaphilayo?

UTAMBA, umfana waseNtshonalanga Afrika wayesezoqala ukuhlolwa kwakhe esikoleni. * Unina wayelokhu ethi udinga usizo oluvela kwabaphansi ukuze aphumelele ekuhlolweni kwakhe. Izivakashi zakwamanye amazwe zivakashela ePalermo, eSicily, ukuze ziyobona amathuna angaphansi komhlaba lapho kubukiswa khona ngezidumbu ezomisiwe. Abanye bakholelwa ukuthi lezi zidumbu zingabasiza labo abaphilayo. Unyaka ngamunye, kunabantu abavakashela eLily Dale, idolobha elisentshonalanga yeNew York State e-U.S.A, elidume ngokuba nabantu abaningi ngendlela engavamile abasebenzisa imimoya. Izivakashi ziya kule ndawo zinamathemba okuthi zingase zixhumane nezihlobo noma nabangane abafileyo bese zithola usizo.

Emhlabeni jikelele, bayanda abantu abakholelwa ukuthi abafileyo bangabasiza abaphilayo. Wena ucabangani? Mhlawumbe nawe wayifundiswa le mfundiso noma usondelene nabantu abayikholelwayo. Kungokwemvelo ukukhumbula esibathandayo asebashona, sifise sengathi singaphinde sibabone. Abantu abasebenzelana nemimoya bathembisa ukuthi bangakwazi ukugcwalisa leso sifiso. Umagazini i-Time wacaphuna umuntu othile osebenzelana nemimoya ethi imimoya “ihlale ikulungele ukusiza.” Ingabe lokho kuyiqiniso? Ingabe abafileyo bangabasiza ngempela abaphilayo? Impendulo yeBhayibheli ecacile ingase ikumangaze.

Ingabe Abafileyo Baphila Ndawana-thile?

IBhayibheli lisichaza ngamazwi alula naqondakalayo isimo sabafileyo. Phawula lokho okushiwo umShumayeli 9:5: “Abaphilayo bayazi ukuthi bayokufa; kodwa abafileyo bona abazi lutho.” Kungenzeka yini ukuthi abafileyo banemizwa? Ivesi 6 liyaphendula: “Uthando lwabo nenzondo yabo nomhawu wabo sekushabalele kakade, abasenaso isabelo nanini kunoma yini okumelwe yenziwe phansi kwelanga.” Phawula futhi ukuthi ivesi 10 lalesi sahluko lithi “akukho msebenzi namacebo nalwazi nakuhlakanipha eShiyoli, indawo oya kuyo.” Igama lesiHebheru elithi “Sheol” elisetshenziswe lapha lisho “ithuna lesintu sonke.” Kuyathakazelisa ukuthi emiBhalweni kusetshenziswa igama lesiGreki elifanayo elithi “Hades” lapho kuchazwa indawo uJesu Kristu aya kuyo okwesikhashana ngemva kokufa.—IzEnzo 2:31.

UJesu wasiza abaningi ngesikhathi elapha emhlabeni, kodwa wayazi ukuthi kwakuzodingeka afe. Ingabe wayecabanga ukuthi wayesazokwazi ukusiza abantu ngesikhathi esethuneni? Phinde! Wafanisa ukufa kwakhe okwakuseduze nobusuku, okuyisikhathi okungasetshenzwa ngaso. (Johane 9:4) UJesu wayazi kahle kamhlophe ukuthi lapho abantu befa, ababe besaba “namandla ekufeni.”—Isaya 26:14.

UJesu wasebenzisa esinye isifaniso esikhanyisa iphuzu elifanayo ngokufa. Ngemva kokufa komngane wakhe uLazaru, wafanisa ukufa nokulala. (Johane 11:11-13) Asilindeli ukuba umuntu olele asisize, akunjalo? Umuntu olele akazi lutho; akukho lutho angakusiza ngakho.

Ingabe Umphefumulo Uyasinda Ekufeni?

Abantu abaningi baye bafundiswa ukuthi umphefumulo uyinto ethile engabonakali esindayo lapho umuntu efa. IBhayibheli lifundisa okuhlukile. UGenesise, incwadi yokuqala yeBhayibheli, usitshela lokho umphefumulo oyikho. UGenesise 2:7 uthi lapho umuntu wokuqala edalwa, “waba ngumphefumulo ophilayo.” Umuntu ewonke ungumphefumulo; nezilwane ziyimiphefumulo. (Genesise 1:20-25) Ngakho, kunengqondo ukuthi lapho umuntu noma isilwane sifa, umphefumulo uyafa. IBhayibheli liyakufakazela lokhu.—Hezekeli 18:4.

Nokho, abanye bangase babuze, ‘Kuthiwani ngezindaba eziningi zabantu okuthiwa bakhulume nabafileyo, bezwe amazwi abo noma baze bababona imbala?’ Izindaba ezinjalo zijwayelekile emazweni amaningi. Zinikeza izihlobo ezilahlekelwe noma abangane ithemba, zishukumisele abaningi ukuba bafune umuntu othi uyakwazi ukuxhumana nabafileyo.

Ingabe izindaba ezinjalo ziyiqiniso? Uma ziyiqiniso, ingabe aziphikisani namazwi angenhla asekelwe eBhayibhelini? UKristu Jesu wathi iZwi likaNkulunkulu liyiqiniso. (Johane 17:17) Iqiniso aliziphikisi. Empeleni, iBhayibheli liqukethe isiqondiso esicacile sendlela okufanele sizibheke ngayo izinkulumo ezibonisa ukuthi abafileyo bangabasiza abaphilayo. Lisitshela ngomuntu othile owazama ukuthola usizo kumuntu ofile. Uma ungayifunda kahle le ndaba, uzothola iqiniso.

Inkosi Icela Usizo Kofileyo

Lokhu kwenzeka ngesikhathi ibambene ngezihluthu enyakatho yakwa-Israyeli. INkosi uSawule kanye namabutho ayo babebhekene nebutho elisabekayo lamaFilisti. Lapho uSawule ebona ikamu lamaFilisti, “inhliziyo yakhe yathuthumela kakhulu.” Ngalesi sikhathi sokubusa kwakhe, wayesekulahlile ukukhulekela kweqiniso. Ngenxa yalokho, uJehova akazange aziphendule izicelo zakhe. Wayengalutholaphi usizo? USamuweli umprofethi kaNkulunkulu wayesefile.—1 Samuweli 28:3, 5, 6.

USawule wafuna isiqondiso esangomeni sase-Eni-dori. Wancenga isangoma ukuba ‘simenyusele uSamuweli’ kwabafileyo. Samenyusela isithunzi esifana noSamuweli. Lo “Samuweli” watshela uSawule ukuthi amaFilisti ayezomnqoba futhi yena namadodana akhe babezobulawa empini. (1 Samuweli 28:7-19) Ingabe ngempela leso sithunzi sasinguSamuweli owayesevuke kwabafileyo?

Cabanga ngalokhu. IBhayibheli lithi lapho umuntu efa ‘uphindela emhlabathini’ futhi ‘imicabango yakhe iyashabalala.’ (IHubo 146:4) Bobabili uSawule noSamuweli babazi ukuthi uNkulunkulu akakuvumeli ukufuna usizo kwabasebenzelana nemimoya. Phela ngaphambili uSawule wayethathe isinyathelo sokususa abantu ababesebenzelana nemimoya!—Levitikusi 19:31.

Cabangisisa ngale ndaba. Ukube uSamuweli othembekile wayesaphila, ingabe wayeyowuphula umthetho kaNkulunkulu abambisane nalesi sangoma ukuze axhumane noSawule? UJehova wayenqabile ukukhuluma noSawule. Ingabe isangoma sasingakwazi ukuphoqa uNkulunkulu uMninimandla onke ukuba akhulume noSawule sisebenzisa uSamuweli ofile? Cha. Kusobala ukuthi lo “Samuweli” wayengeyena neze umprofethi othembekile kaNkulunkulu. Kunalokho, wayeyidemoni elibi elalizenza uSamuweli ofile.

Amademoni ayizingelosi ezavukela igunya likaNkulunkulu ekuqaleni komlando wesintu. (Genesise 6:1-4; Jude 6) La mademoni ayakwazi ukubuka abantu lapho besaphila; ayazi ukuthi umuntu ngamunye wayekhuluma kanjani, ebukeka kanjani futhi ethanda ukwenzani. Ayakushabashekela ukusakaza umbono wokuthi lokho okushiwo yiBhayibheli kungamanga. Shono nje iBhayibheli lixwayisa ngokuxhumana nale mimoya emibi! (Duteronomi 18:10-12) Le mimoya emibi isalokhu imatasa nanamuhla.

Akumangazi-ke ukuthi kungani abantu abaningi bethi bake “bezwa” noma “babona” abathandekayo babo asebafa. Yize imibono enjalo ngezinye izikhathi ingase ibonakale ingenangozi, imimoya emibi isemkhankasweni wokudukisa isintu. * (Efesu 6:12) Phinde ucabange ngalokhu: UJehova unguNkulunkulu onothando osikhathalelayo. Ukube abafileyo bebephila ndawana-thile futhi bengase bakwazi ukusiza abangane nemindeni yabo, ingabe uMdali wethu onothando ebengakwenqabela ukuxhumana okunjalo futhi akubize ngokuthi ‘kuyanengeka’? Lutho neze! (1 Petru 5:7) Nokho, ukhona yini umthombo othembekile wosizo?

Usizo Lwangempela Lwabaphilayo Nabafileyo

Kulokhu esesikufundile sesiyazi ukuthi abafileyo abanamandla okusiza abaphilayo. Okubi nakakhulu ukuthi imizamo yokufuna usizo lwabafileyo akukhona nje ukuthi ayisizi; iyingozi kakhulu ngoba yephula umthetho kaNkulunkulu futhi isifaka engozini yokuthonywa amademoni.

IBhayibheli lisiholela eMthonjeni ongcono kakhulu wosizo—uMdali wethu, uJehova. Angasikhulula ngisho nasekufeni. (IHubo 33:19, 20) Ukulungele ukusisiza. Ngakho, usinika ithemba langempela, elingafani namathemba angamanga anikezwa abantu abasebenzelana nemimoya.

UTamba, okukhulunywe ngaye ekuqaleni kwalesi sihloko, wazibonela ngawakhe umahluko phakathi kwamathemba angamanga ezangoma kanye neqiniso esilifundiswa uJehova. Isangoma samtshela ukuthi uma engawenzi umsebenzi wokuhlabela amadlozi wayengeke aphumelele ekuhlolweni. Njengoba uTamba ayesefundelwa iBhayibheli oFakazi BakaJehova, wayesefundile ngesimo sangempela sabafileyo nokuthi ubani ngempela ozenza okhokho bethu asebafa. Naphezu kokucindezela okukhulu okuvela kunina kokuba afune usizo lwabaphansi, uTamba wenqaba, watshela unina: “Uma ngingaphumeleli, ngizozikhandla kakhulu ngonyaka ozayo.”

Waba yini umphumela? Waphumelela ngamalengiso! Unina akakholwanga. Akabange esayingena eyezangoma neyokwenza imisebenzi. UTamba wafunda ukuthi uJehova usixwayisa ukuba sigweme ‘ukubuza abantu abafileyo ngenxa yabantu abaphilayo.’ (Isaya 8:19) Ukutadisha iBhayibheli kwenza uTamba waqiniseka ngokuthi uma egcina umthetho kaNkulunkulu uyophumelela.—IHubo 1:1-3.

Kuthiwani-ke ngabathandekayo bethu abafile? Ingabe alikho ithemba ngabo? UJehova akagcini nje ngokusiza thina esiphilayo, kodwa uthembisa ukusiza nalabo abasemathuneni. Ngemva kokuchaza ukuthi abafileyo abanawo amandla, phawula lokho okushiwo umprofethi u-Isaya esahlukweni 26, ivesi 19: “Abafileyo bakho bayophila. . . . Phaphamani nikhamuluke ngenjabulo, nina enihlala othulini!” Lesi siprofetho siqhubeka sithi “abangenamandla ekufeni” bayophinde baphile.

Cabanga nje, izigidi ezingenakuzisiza ezilele emathuneni ziyovuswa! Eqinisweni, iBhayibheli lembula ukuthi uJehova ‘ulangazelela’ ukuvusa abafileyo. (Jobe 14:14, 15) Ingabe ukukholelwa kulezi zithembiso kuwukuphupha emini? UJesu Kristu wayeqiniseka kakhulu ngaleli themba kangangokuthi wathi uJehova ubheka abafileyo njengokungathi bayaphila.—Luka 20:37, 38.

Ungathanda yini ukuba naleli themba? * Qhubeka uthola ulwazi olunembile oluvela eBhayibhelini. Njengoba ufunda, uzoqiniseka ngokuthi uJehova angasiza abaphilayo nabafileyo nokuthi izithembiso zakhe ‘zithembekile futhi ziyiqiniso.’—IsAmbulo 21:4, 5.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 2 Igama lishintshiwe.

^ par. 18 Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngale ndaba, bheka incwajana enesihloko esithi Imimoya Yabafileyo—Ingakusiza Noma Ingakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

^ par. 26 Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngesithembiso sovuko esiseBhayibhelini, bheka isahluko 7 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 19]

Kungokwemvelo ukukhumbula abantu esibathandayo asebashona

[Isithombe ekhasini 20]

Ingabe umprofethi uSamuweli wavuka kwabafileyo futhi wakhuluma neNkosi uSawule?