Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Umhlaba Uzophela?

Ingabe Umhlaba Uzophela?

Ingabe Umhlaba Uzophela?

“AMABHAYISIKOBHO akhuluma ngokuphela komhlaba athandwa kakhulu.” La mazwi ashiwo umlobi wengosi yephephandaba uJohn Scalzi. Yini ebangela ukuba izibukeli zibe nesithakazelo kangaka kumabhayisikobho akhuluma ngokuphela komhlaba? UScalzi uthi: “Yingoba akhuluma ngento esiyesabayo.” Ingabe uyavumelana naye? Ingabe sinazo izizathu ezizwakalayo zokwesaba ukuthi umhlaba—nakho konke okuphilayo okukuwo—uyophela kanjani futhi nini?

Cishe nsuku zonke sizwa ngezinhlekelele zemvelo ezibangela umonakalo omkhulu emhlabeni wonke. Izithombe ezinyantisa igazi zezinhlekelele ezinjalo ziyinsakavukela kuyi-TV nakuyi-Internet. Lapho siboniswa inqwaba yezithombe zabantu bangempela nezindawo zangempela zicekelwa phansi, kulula ukubona ukuthi ukuphela kweplanethi yethu engumhlaba akuyona ibhayisikobho, kodwa kuwusongo lwangempela.

Ososayensi bethusa abantu nakakhulu ngokusho izindlela umhlaba ongase ubhubhe ngazo. Abanye baze baqagele nokuthi umhlaba uyophela nini. Ngo-March 2008, i-Monthly Notices of the Royal Astronomical Society yabika ukuthi izazi ezimbili zezinkanyezi zibikezela ukuthi eminyakeni ethi ayibe yizigidi eziyizinkulungwane ezingu-7,59, ilanga liyoyishisa le planethi yethu incibilike ibe amanzi.

Ingabe ngempela umhlaba uyophela ngolunye usuku?

Ingabe IPlanethi Yethu Ibekelwe Usuku Ezophela Ngalo?

IBhayibheli liyasiqinisekisa: “Isizukulwane siyamuka, isizukulwane siyeza; kodwa umhlaba umi kuze kube nini nanini.” (UmShumayeli 1:4) UJehova uNkulunkulu ‘wasekela umhlaba ngokuqinile phezu kwezindawo zawo ezimisiweyo,’ futhi wawenza ukuba uhlale “kuze kube nini nanini, noma kuze kube phakade.” (IHubo 104:5) Ingabe la mazwi kaNkulunkulu aphefumulelwe azwakala eyihaba? Kungani kufanele ukholelwe ukuthi umhlaba wethu ngeke uphele, kuyilapho abanye ososayensi bemi kwelokuthi kuzokwenzeka?

Ake ucabange ngezinto ezidayiswayo esitolo. Ezinye zibhalwe usuku eziphelelwa ngalo yisikhathi. Ubani owabeka lolo suku? Ingabe lwaqagelwa yimenenja yesitolo isizwa ulwazana enalo? Lutho neze! Ngumenzi wemikhiqizo owabeka lolo suku, futhi siyalwethemba ngoba yena uyazi kahle imikhiqizo yakhe ukwedlula noma ubani omunye umuntu. Kufanele simethembe kakhulu kangakanani-ke uMenzi weplanethi yethu! IZwi lakhe lisho ngokucacile ukuthi ‘wawumisa ngokuqinile umhlaba’ ukuba uhlale phakade. Awunakuphela—nanini!—IHubo 119:90.

Nokho, kuyinto engenzeka yini ukuba abantu ababudedengu bacekele phansi umhlaba kuze kube sezingeni lokuba ungasalungiseki? Phinde! Ngokungafani nabenzi bemikhiqizo abangabantu, uJehova ‘ukwazi ukwenza zonke izinto.’ (Jobe 42:2) Shono nje ekwazi ukukhipha lesi siqinisekiso ngesibindi: ‘Izwi eliphuma emlonyeni wami liyophumelela ngokuqinisekile.’ (Isaya 55:11) Singaqiniseka ngokuthi “uMenzi wethu” ngeke avumele lutho lumvimbele ukuba afeze injongo yakhe ngomhlaba. (IHubo 95:6) Iyini leyo njongo, futhi uNkulunkulu uyoyifeza kanjani?

UMbuso KaNkulunkulu Uyofeza Injongo Yakhe

Ngale nje kokuqinisekisa ukuthi umhlaba awusoze waphela, iZwi likaNkulunkulu libuye lisitshele ukuthi “wawubumba ukuze uhlalwe ngisho nokuhlalwa.” (Isaya 45:18) Nakuba sekuyizinkulungwane zeminyaka abantu behlala kulo mhlaba, lokho nje kukodwa akukayifezi injongo kaNkulunkulu.

UJehova ‘unguNkulunkulu ojabulayo’ ‘nomthandi wobulungisa.’ (1 Thimothewu 1:11; IHubo 37:28) Injongo yakhe iwukuba bonke abantu baphile ngokujabula nangobulungisa. Ukuze agcwalise le njongo, uNkulunkulu wabikezela ukuthi uyomisa uMbuso owodwa emazulwini oyobusa wonke umhlaba. (Daniyeli 2:44) Ngesikhathi elapha emhlabeni, uJesu wayevame ukukhuluma ngohulumeni woMbuso kaNkulunkulu. Wakhuthaza abafundi bakhe ukuba bawuthandazele ngoba wayezazi zonke izibusiso ezazigcinelwe abantu ngaphansi kokubusa kwalowo Mbuso. (Mathewu 6:9, 10; 24:14) Yiziphi ezinye zalezo zibusiso?

Ukuthula nokulondeka kuyovama ngoba uNkulunkulu uthembisa ukuqeda zonke izimpi.—IHubo 46:9.

Kuyoba nenala yokudla.—IHubo 72:16.

Impilo ngeke isaba yinkinga ngoba “akekho ohlala khona oyothi: ‘Ngiyagula.’”—Isaya 33:24.

Ukulila kuyophela ngoba ‘ukufa kuyobe kungasekho.’—IsAmbulo 21:4.

UNkulunkulu uthembisa ukuthi abantu bakhe bayokwakha izindlu ezithi bona, bahlale ngokulondeka, futhi ‘bajabule kuze kube phakade.’—Isaya 65:17-24.

Akungabazeki ukuthi uyakulangazelela ukuphila endaweni efana nalena echazwe ngenhla. UJehova ukushisekela kakhulu—unesifiso esijulile—ukufeza zonke izinto azibikezele. (Isaya 9:6, 7) Yize kunjalo, ungase uzibuze: ‘Sekudlule izinkulungwane zeminyaka kusukela lezi zithembiso zikaNkulunkulu zalotshwa eBhayibhelini. Kungani zingakagcwaliseki?’

Ukubekezela KukaNkulunkulu Kuholela Ensindisweni Yethu

Qiniseka ngokuthi “uJehova akephuzi ngokuqondene nesithembiso sakhe.” IBhayibheli lichaza ukuthi uNkulunkulu uye wasibonisa uthando ngokusibekezelela. Ngakho-ke, sikhuthazwa ukuba ‘sibheke ukubekezela kweNkosi yethu njengensindiso.’ (2 Petru 3:9, 15) Kodwa kungani kuye kwadingeka ukuba uNkulunkulu abekezele ukuze sisindiswe?

UNkulunkulu uyazi ukuthi ngaphambi kokuba enzele abalungileyo ikhaya elilondekile nelihle, kuzodingeka aqale ‘ngokuchitha labo abachitha umhlaba.’ (IsAmbulo 11:18) Nokho, ngenxa yokuthi uyabathanda abantu, uJehova “akafisi ukuba kubhubhe namunye.” Eqinisweni, uBaba wethu wasezulwini ubelokhu ezama ngesineke ‘ukuxwayisa omubi endleleni yakhe embi.’ Ukuze enze lokhu, uye walungiselela ukuba kube nesigijimi esiphathelene noMbuso wakhe esishunyayelwa emhlabeni wonke. * (Hezekeli 3:17, 18) Bonke labo abasabela kahle esixwayisweni sakhe bese bevumelanisa ukuphila kwabo nezimiso zakhe ezilungile, bayothola insindiso futhi bajabulele ukuphila phakade epharadesi emhlabeni.

Phendukela KuNkulunkulu Usindiswe

Ngokuqinisekile, iBhayibheli lisiphathele ‘izindaba ezinhle.’ (Mathewu 24:14) Lisitshela ngesithembiso sikaNkulunkulu esiyiqiniso sokuthi iplanethi yethu engumhlaba ngeke ize iphele! Ngaphezu kwalokho, ngokusho kweziprofetho zeBhayibheli, singaba nokholo lokuthi ‘sekuyisikhashana nje, omubi angabe esaba khona.’ Maduzane, ukuphela kwabantu ‘abayodla ifa lomhlaba, futhi ngempela bathole injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula’ yilabo uNkulunkulu ababheka njengabalungile. (IHubo 37:9-11, 29; Mathewu 5:5; IsAmbulo 21:3, 4) Kuze kube yileso sikhathi, uNkulunkulu uzoqhubeka ecela ngesineke: “Phendukelani kimi nisindiswe, nina nonke enisemikhawulweni yomhlaba.” (Isaya 45:22) Uzosabela kanjani?

Zimisele ukuphendukela kuNkulunkulu. IHubo 37:34 liyasinxusa: “Themba uJehova ugcine indlela yakhe, uyokuphakamisa ukuba udle ifa lomhlaba.” OFakazi BakaJehova bazokujabulela ukukusiza ukuba wazi okwengeziwe ngenjongo yaphakade kaNkulunkulu ngalo mhlaba nokuthi yini ongayenza ukuze uzibonele ngawakho leyo njongo igcwaliseka.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 21 Belalela umyalo kaJesu okuMathewu 28:19, 20, oFakazi BakaJehova abangaphezu kwezigidi ezingu-7, emazweni angu-236 bachitha amahora angaba yizigidi eziyizinkulungwane nengxenye unyaka ngamunye befundisa abantu ngenjongo kaNkulunkulu enhle ngalo mhlaba.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 22]

NASA photo