Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kungani UNkulunkulu Alwa NamaKhanani?

Kungani UNkulunkulu Alwa NamaKhanani?

Kungani UNkulunkulu Alwa NamaKhanani?

“Babhubhiseni bonke abantu: amaHeti, ama-Amori, amaKhanani, amaPherizi, amaHivi namaJebusi, njengoba nje INKOSI iniyalile.”—DUTERONOMI 20:17, TODAY’S ENGLISH VERSION.

“Yibani nokuthula nabantu bonke.”—ROMA 12:18.

INGABE la mavesi eBhayibheli azwakala eziphikisa? Kunzima ngabantu abaningi ukuqonda umyalo kaNkulunkulu wokuba kubhujiswe amaKhanani nomyalo weBhayibheli wokuba sibe nokuthula. * (Isaya 2:4; 2 Korinte 13:11) Kubo, le miyalo izwakala ingqubuzana nesimiso sobuntu sokuhlalisana ngokuthula.

Uma ubunganikwa ithuba lokuxoxa noNkulunkulu ngale ndaba, ubungambuza miphi imibuzo? Ake ucabangele imibuzo emihlanu evame ukubuzwa kanye nezimpendulo zeBhayibheli.

1. Axoshelwani amaKhanani? Ngomqondo othile, amaKhanani ayehlala ezweni empeleni okwakungelona elawo. Sikusho ngani lokho? Eminyakeni engaba ngu-400 ngaphambili, uNkulunkulu wayethembise indoda ethembekile u-Abrahama ukuthi inzalo yakhe yayiyohlala ezweni laseKhanani. (Genesise 15:18) UNkulunkulu wasigcina leso sithembiso lapho ebangela isizwe sakwa-Israyeli esasiwuzalo luka-Abrahama ukuba singene kuleli zwe. Yiqiniso, abanye bangase bakhale ngokuthi amaKhanani ayesevele ehlala khona, ngakho ayenelungelo lokuqhubeka ehlala kulo. Nokho, njengoba uNkulunkulu enguMbusi Wendawo Yonke, unelungelo elingenakubekelwa nselele lokunquma ukuthi ubani uhlala kuphi.—IzEnzo 17:26; 1 Korinte 10:26.

2. Kungani uNkulunkulu engawavumelanga amaKhanani ukuba ahlalisane nama-Israyeli? UNkulunkulu waxwayisa abantu bakhe ngamaKhanani: ‘Akufanele ahlale ezweni lakho, ukuze angakubangeli ukuba wone kimi. Uma kwenzeka nikhonza onkulunkulu bawo, kuyoba ugibe kini.’ (Eksodusi 23:33) Kamuva, umprofethi uMose watshela u-Israyeli: “Kungenxa yobubi balezi zizwe ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho uyazixosha.” (Duteronomi 9:5) Zazizimbi kangakanani lezi zizwe?

Ukuziphatha okubi, ukukhulekela kwamaqaba nokwenziwa kwezingane imihlatshelo kwakuthé chithi saka eKhanani. Isazi-mlando seBhayibheli, uHenry H. Halley, sithi abavubukuli abamba kule ndawo “bathola inqwaba yezitsha ezinamathambo abantwana abenziwa imihlatshelo kuBhali [unkulunkulu wamaKhanani ovelele].” Uyanezela: “Kwaba sobala ukuthi yonke le ndawo yayingamangcwaba abantwana ababesanda kuzalwa. . . . AmaKhanani ayekhulekela onkulunkulu bawo ngokuzitika ngokuziphatha okubi nangokwenza imikhosi yenkolo; ngemva kwalokho ayebulala abantwana bawo abangamazibulo, abenze imihlatshelo kulab’ onkulunkulu. Kubonakala sengathi bonke abantu baseKhanani base befana nabaseSodoma naseGomora ngezinga elithile. . . . Abavubukuli abamba emanxiweni omuzi waseKhanani kuyabamangaza ukuthi uNkulunkulu akawabhubhisanga ngokushesha kunokuba enza.”

3. Babengekho yini abanye abantu ababi emhlabeni ngaleso sikhathi? Kungani uNkulunkulu ayemelene namaKhanani kuphela? Kunezimo eziningi lapho uNkulunkulu abhubhisa khona izoni ezithile. Ngesikhathi sikaNowa, lapho ‘umhlaba ugcwele ubudlova,’ uNkulunkulu waletha uzamcolo owabhubhisa bonke abantu, kwasinda umndeni owodwa kuphela—umndeni kaNowa. (Genesise 6:11; 2 Petru 2:5) UNkulunkulu wabhubhisa imizi yaseSodoma naseGomora ngoba izono zezakhamuzi zakhona zase ‘zinzima kakhulu.’ (Genesise 18:20; 2 Petru 2:6) Wahlulela nenhloko-dolobha yaseSiriya, iNineve, “umuzi wokuchithwa kwegazi.” Nokho, akawubhubhisanga ngoba izakhamuzi zawo zaphenduka ezindleleni zazo ezimbi. (Nahume 3:1; Jona 1:1, 2; 3:2, 5-10) Kodwa uNkulunkulu wabhubhisa amaKhanani ngenjongo yokuvikela ama-Israyeli, isizwe uMesiya ayezovela kuso.—IHubo 132:11, 12.

4. Ukubhujiswa kwamaKhanani kwakungangqubuzani yini nokuthi uNkulunkulu unothando? Uma uyikha phezulu le ndaba, ukubhubhisa kukaNkulunkulu amaKhanani kungase kubonakale sengathi kuphambana nothando lwakhe. (1 Johane 4:8) Nokho, lolu thando silubona kahle uma siyihlolisisa le ndaba.

UNkulunkulu wabona kudala ukuthi izakhamuzi zaseKhanani zaziphuma endleleni. Noma kunjalo, akazange avele aziqede ngaleso sikhathi. Kunalokho, wazibekezelela iminyaka engu-400 kwaze kwaba yilapho iseqo sazo ‘sesifinyelele ekupheleni.’—Genesise 15:16.

Lapho isono samaKhanani sesifike eqophelweni lokuthi ayengeke esasizakala, uJehova wawabhubhisa. Nokho, akazange athi zifa ngamvunye. Kungani? Yingoba amanye ayesengaphenduka. Abantu ababezimisele ukushintsha, njengoRahabi nabaseGibheyoni, baboniswa isihe.—Joshuwa 9:3-11, 16-27; Hebheru 11:31.

5. UNkulunkulu onothando ubabhubhiselani nje abantu? Lo mbuzo uyaqondakala ngoba akuyona into emnandi ukucabanga ngokufa komuntu. Nokho, iqiniso liwukuthi wuthando olwashukumisa uNkulunkulu ukuba athathe isinyathelo esinqala sokubhubhisa ababi. Nasi isibonelo: Uma isiguli sinesilonda emlenzeni futhi usubole kakhulu, ngokuvamile ayikho into odokotela abangayenza ngaphandle kokuvele bawunqume. Abekho odokotela abakujabulelayo ukwenza lokhu, kodwa udokotela onolwazi uyazi ukuthi uma engasiyeka isiguli, ushevu wesilonda ungagcwala umzimba wonke. Unquma ukuwenza lo msebenzi ongajabulisi ngoba usuke ekhathalela isiguli futhi esicabangela.

Ngokufanayo, uJehova akakujabulelanga ukubhubhisa amaKhanani. Yena ngokwakhe uthi: “Angijabuli ngokufa komubi.” (Hezekeli 33:11) Ngesikhathi esifanayo, wayefuna ukuba kuphume uMesiya esizweni sakwa-Israyeli ngoba lo Mesiya wayezovulela bonke abantu ababonisa ukholo ithuba lokuthola insindiso. (Johane 3:16) Ngakho, uNkulunkulu wayengeke asonge izandla avumele ukuba ama-Israyeli onakaliswe imikhuba enyanyekayo yamaKhanani. Yingakho ayala ukuba amaKhanani anqunywe, noma axoshwe, ezweni. Ngokwenza lokhu, uNkulunkulu wabonisa uthando oluyingqayizivele—uthando olwamshukumisa ukuba enze into engemnandi ukuze kuzuze abakhulekeli bakhe abathembekile.

Lokhu Kulandisa Kusisiza Ngani?

Ingabe indaba yokubhujiswa kwamaKhanani iyasisiza namuhla? Yebo, ngoba amaRoma 15:4 athi: “Zonke izinto ezalotshwa esikhathini esingaphambili zalotshelwa ukuba kufundiswe thina, ukuze kuthi ngokukhuthazela kwethu nangenduduzo evela emiBhalweni sibe nethemba.” Sifundani kulokho okwenzeka kumaKhanani futhi sithola liphi ithemba?

Kuningi esikufunda kulezi zindaba. Ngokwesibonelo, uNkulunkulu wabonisa isihe wasindisa uRahabi nabaseGibheyoni lapho bephendukela kuye ngokholo. Lokhu kusikhumbuza ukuthi noma ubani ofuna ngobuqotho ukujabulisa uNkulunkulu angakwenza lokho, kungakhathaliseki imvelaphi noma izono zakhe zangaphambili.—IzEnzo 17:30.

Izindaba zokubhujiswa kwamaKhanani zisinikeza nethemba ngoba kuzo sithola umbono walokho uNkulunkulu azokwenza maduze. Zisiqinisekisa ngokuthi ngeke avumele ububi bunqobe ubuhle ngokuphelele. Kunalokho, iBhayibheli ligcizelela ukuthi maduzane uzobhubhisa bonke abantu ababi, abamthandayo basindele emhlabeni omusha wokulunga. (2 Petru 2:9; IsAmbulo 21:3, 4) Ngaleso sikhathi, la mazwi aduduzayo ayogcwaliseka: “Themba uJehova ugcine indlela yakhe, uyokuphakamisa ukuba udle ifa lomhlaba. Lapho ababi benqunywa, uyokubona.”—IHubo 37:34.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 4 Kulesi sihloko, igama elithi “amaKhanani” libhekisela kuzo zonke izizwe uNkulunkulu ayala ama-Israyeli ukuba azixoshe.

[Ibhokisi ekhasini 14]

Ingabe IBhayibheli Liyazivuna Izimpi?

Ingabe umyalo kaNkulunkulu wokuba ama-Israyeli aqothule amaKhanani usho ukuthi ziyafaneleka izimpi namuhla? Cha, akunjalo. Zintathu izizathu zalokho:

Asikho isizwe namuhla esikhethwe uNkulunkulu ngokukhethekile. Ngesikhathi ama-Israyeli enqaba uJesu njengoMesiya, aphucwa ilungelo lokumelela uNkulunkulu kunoma yini—kuhlanganise nelokukhipha izahlulelo zakhe kwezinye izizwe. (Mathewu 21:42, 43) Ngemva kwalokho, uJehova wabheka ama-Israyeli njengazo zonke ezinye izizwe. (Levitikusi 18:24-28) Kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke, asikho isizwe emhlabeni esasingazishaya isifuba sithi sona sisekelwa uNkulunkulu ezimpini.

UJehova akasabanikezi abakhulekeli bakhe indawo ethile emhlabeni okufanele bahlale kuyo. Kunalokho, izinceku zakhe zitholakala kuwo wonke umhlaba futhi zakhiwa yizo “zonke izizwe nezinhlanga.”—IsAmbulo 7:9; IzEnzo 10:34, 35.

UJesu washo ngokucacile ukuthi abalandeli bakhe babengeke balwe izimpi. Lapho exwayisa ngokuthi iJerusalema lalizohlaselwa, uJesu wayala abafundi bakhe ukuba bangalwi, kodwa wathi kumelwe babaleke, futhi ngempela benza kanjalo. (Mathewu 24:15, 16) Esikhundleni sokuya ezimpini, amaKristu eqiniso athembela ngokuphelele eMbusweni kaNkulunkulu ozoqeda bonke ububi emhlabeni maduzane.—Daniyeli 2:44; Johane 18:36.

[Isithombe ekhasini 15]

Isibonelo sikaRahabi sibonisa ukuthi noma ubani ofuna ngobuqotho ukujabulisa uNkulunkulu angakwenza lokho