Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UMgcwalisi Wezithembiso

UMgcwalisi Wezithembiso

Sondela KuNkulunkulu

UMgcwalisi Wezithembiso

JOSHUWA 23:14

INGABE kunzima ngawe ukwethemba abanye abantu? Kuyadabukisa ukuthi siphila ezweni lapho abantu besiphoxa khona njalo, bese singabethembi. Uma wake waphoxwa othile owawumethemba—mhlawumbe waqamba amanga noma wangasigcwalisa isithembiso sakhe—kungenzeka ukuthi lokho kwabangela ukuba ungabe usabethemba abantu. Nokho, ukhona umuntu ongamethemba futhi angakuphoxi nanini. IzAga 3:5 ziyasinxusa: “Thembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho.” Kungani uJehova ekufanelekela ukwethenjwa ngale ndlela? Ukuze sithole impendulo yalo mbuzo, ake sihlole amazwi kaJoshuwa—indoda eyamethemba ngokuphelele uJehova—alotshwe kuJoshuwa 23:14.

Yibone ngamehlo engqondo le ndaba. UJoshuwa, owaba umholi wama-Israyeli ngemva kukaMose, usecela eminyakeni engu-110 ubudala. Phakathi nakho konke ukuphila kwakhe, uye wazibonela ngawakhe izimangaliso uJehova azenzela ama-Israyeli, kuhlanganise naleso sokukhululwa kwawo okuyisimangaliso oLwandle Olubomvu eminyakeni engaba ngu-60 edlule. Njengoba ecabanga ngezinto adlule kuzo, uJoshuwa ubiza “amadoda amadala nezinhloko nabahluleli nezikhulu.” (Joshuwa 23:2) Lokho akukhuluma kulo mhlangano akugcini nje ngokubonisa inhlakanipho yale ndoda esimnkantsh’ ubomvu, kodwa kubonisa nezinto ezisenhliziyweni yayo enokholo.

UJoshuwa uyachaza: “Namuhla ngihamba ngendlela yomhlaba wonke.” Amazwi athi “ngendlela yomhlaba wonke” asho ukufa. Empeleni uJoshuwa uthi, “Ngeke ngisaphila isikhathi eside.” Njengoba azi ukuthi usezokufa, akungabazeki ukuthi uye wachitha isikhathi esiningi eyedwa ecabanga ngokuphila kwakhe. UJoshuwa ufuna ukubashiya namaphi amazwi abakhulekeli akanye nabo?

Uyaqhubeka: “Akukho nelilodwa izwi kuwo wonke amazwi amahle uJehova uNkulunkulu wenu awakhulumile kini eliye laphutha. Agcwaliseke wonke kini. Akuphuthanga nezwi elilodwa kuwo.” Akekho umuntu ongasho amazwi anjengalawa uma engamethembi ngokuphelele uNkulunkulu. Kungani uJoshuwa ekhuluma kanje? Uma ecabanga ngazo zonke izinto azibonile, uyaqaphela ukuthi uJehova uyazigcwalisa izithembiso zaKhe—ngaso sonke isikhathi. * Injongo yamazwi akhe icacile: Ufuna ama-Israyeli abe nokholo oluqinile ekutheni zonke izithembiso zikaJehova ezingakagcwaliseki nazo zizogcwaliseka.

Iphawula ngoJoshuwa 23:14, enye incwadi edingida iBhayibheli ithi: “Ngicaphunele zonke izithembiso eziseBhayibhelini; ucwaninge yonke imiqulu ekhona emhlabeni; ubuze zonke izidalwa ezikhona, bese ungitshela ukuthi sikhona yini isithembiso uNkulunkulu asikhohlwa noma angasigcwalisanga.” Ukube besingakwazi ukwenza lolu cwaningo, besiyofika esiphethweni esifana nesikaJoshuwa—izithembiso zikaJehova ziyagcwaliseka njalo.—1 AmaKhosi 8:56; Isaya 55:10, 11.

IBhayibheli liqukethe izithembiso zikaNkulunkulu eziye zagcwaliseka, kuhlanganise nezinye esizibona zigcwaliseka manje. Liqukethe nezithembiso zikaJehova ezinhle kakhulu ngekusasa. * Zinike isikhathi uzihlolele zona. Ukutadisha iBhayibheli kungase kukuqinisekise ukuthi uMgcwalisi wezithembiso uyakufanelekela ukwethenjwa.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 4 Nazi izithembiso ezimbalwa uJoshuwa azibona zigcwaliseka: UJehova wathembisa ukunikeza ama-Israyeli izwe elithi wona. (Qhathanisa uGenesise 12:7 noJoshuwa 11:23.) UJehova wathembisa ukukhulula ama-Israyeli eGibhithe. (Qhathanisa u-Eksodusi 3:8 no-Eksodusi 12:29-32.) UJehova wathembisa ukulondoloza abantu bakhe.—Qhathanisa u-Eksodusi 16:4, 13-15 noDuteronomi 8:3, 4.

^ par. 6 Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngezithembiso zikaNkulunkulu ngekusasa lethu, bheka izahluko 3, 7, no-8 zencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.