Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Uyini Umbono KaNkulunkulu Ngotshwala?

Uyini Umbono KaNkulunkulu Ngotshwala?

Uyini Umbono KaNkulunkulu Ngotshwala?

UMDALI wethu osifunela okungcono kakhulu, akasenqabeli ukuphuza utshwala ngokusesilinganisweni. * Kunalokho, uye wanikeza umuntu “iwayini ukuze limjabulise, amafutha omnqumo ukuze athokoze nesinkwa ukuze athole amandla.” (IHubo 104:15, Today’s English Version) Kwesinye isenzakalo, uJesu Kristu wanezela enjabulweni yomshado ngokuphendula amanzi aba “yiwayini eliyikhethelo.”—Johane 2:3-10, New Jerusalem Bible.

Kunengqondo ukuphetha ngokuthi uMdali uyazi kahle indlela utshwala obuthonya ngayo ukusebenza komzimba nengqondo. EBhayibhelini, uBaba wethu osezulwini ‘usifundisa ukuze sizuze’ futhi usixwayisa ngokuqinile ngokuphuza ngokweqile iziphuzo ezinamandla. (Isaya 48:17) Ake uzwe lezi zixwayiso ezingagudli guma:

“Ningadakwa yiwayini, okukhona kulo ukuzitika ngamanyala.” (Efesu 5:18) ‘Izidakwa ngeke zilizuze ifa lombuso kaNkulunkulu.’ (1 Korinte 6:9-11) IZwi likaNkulunkulu liyakulahla “ukudakwa, imibuthano engalawuleki, nezinto ezifana nalezi.”—Galathiya 5:19-21, Byington.

Manje ake sixoxe ngezinye zezingozi zokuphuza ngokweqile.

Izingozi Zokuphuza Ngokweqile

Nakuba utshwala bungase buzuzise umzimba ngandlela-thile, bunezakhi ezinamandla ezithonya ukusebenza kwengqondo nomzimba. Ukuphuza utshwala ngokweqile kungabangela lezi zinkinga ezilandelayo:

Ukuphuza kakhulu kuthuntubeza ikhono lomuntu lokwahlulela, angabe esakwazi ‘ukucabanga kahle.’ (IzAga 23:33, TEV) UThulani owayephuza kakhulu, okukhulunywe ngaye esihlokweni esandulele, uyachaza: “Ukuphuza ngokweqile akusona nje isifo esihlasela umzimba; sihlasela nokucabanga komuntu nesimo sakhe sengqondo. Umuntu ophuza ngokweqile akacabangi ngobuhlungu abubangela abanye abantu.”

Ukuphuza ngokweqile kungaxegisa nesimilo. ImiBhalo iyaxwayisa: ‘Yiwayini kanye newayini elimnandi okususa isisusa esihle.’ (Hoseya 4:11) Kanjani? Lapho utshwala sebungene kakhulu egazini, izifiso nemicabango esivame ukuyithiba ingase iqale ukubonakala yamukeleka—ize ngisho ibonakale imihle. Singase siyekethise ekunamatheleni kokulungile. Utshwala bungenza sikuthathe kalula ukubaluleka kokuzigcina simsulwa, ekugcineni sife ngokomoya.

Ngokwesibonelo, uJohn waxabana nomkakhe waphuma endlini ethukuthele egane unwabu, waqonda endaweni yokuphuzela utshwala. Ngesikhathi ehlezi futhi esephuze izingilazi zotshwala ezimbalwa ezama ukubohlisa intukuthelo, kwafika owesifazane wahlala eduze kwakhe. Ngemva kokuphuza ezinye izingilazi ezimbalwa, uJohn wahamba nalona wesifazane wayophinga naye. Ngemva kwalokho, wazisola kakhulu ngokwenza into ayengeke ayicabange nakuyicabanga ukube utshwala babungamxegiselanga isimilo.

Ukuphuza ngokweqile kungenza umuntu angayilawuli indlela akhuluma nenza ngayo. IBhayibheli liyabuza: ‘Ngubani ohlale esezinkingeni? Ngubani oxabana futhi alwe nabanye? Yibo bonke abahlala kuze kuhlwe, bethi sengithatha ithamo lokugcina.’ (IzAga 23:29, 30, Contemporary English Version) Ukuphuza ngokweqile kungakwenza “uzizwe sengathi usolwandle, uyahlanza, uphonseka phezulu ezinsikeni zomkhumbi oyaluzayo.” (IzAga 23:34, TEV) Umuntu ophuze weqisa angavuka “elimele, kodwa angakhumbuli ukuthi kwenzekeni.”—IzAga 23:35, CEV.

Ukuphuza ngokweqile kungalimaza impilo. ‘Ngasekugcineni utshwala buluma njengenyoka, bukhiphe ubuthi obunjengobebululu.’ (IzAga 23:32, New International Version) Isayensi yezokwelapha iye yaqinisekisa ukuhlakanipha kwalesi saga sasendulo. Utshwala obuningi kakhulu bungaba ushevu obulalayo ongabangela izinhlobo ezihlukahlukene zomdlavuza, isifo sokuvuvuka kwesibindi (hepatitis), ukusha kwesibindi, ukudleka kwamanyikwe (pancreatitis), umfutho wegazi ophansi kubantu abanesifo sikashukela, ukuhlukumezeka kombungu ngenxa yotshwala (fetal alcohol syndrome), unhlangothi noma isifo senhliziyo—uma sibala izifo ezimbalwa nje. Ngisho nesiqubu esisodwa sokuphuza ngokweqile singaholela ekuqulekeni isikhathi eside noma ekufeni. Nokho, kunemiphumela emibi kakhulu ebangelwa ukuphuza ngokweqile izincwadi zempilo ezingakhulumi ngayo.

Ingozi embi kunazo zonke. Ngisho noma umuntu engaphuzi aze adakwe, kunezingozi ezingokomoya ezibangelwa ukungalinganiseli. IBhayibheli lisho ngokucacile: “Maye kulabo abavuka ekuseni ukuze bafune uphuzo oludakayo nje kuphela, abalibala kuze kwephuze kakhulu ebumnyameni bokuhlwa lize libashise iwayini!” Kungani laba bantu bekhalelwa? U-Isaya uchaza imiphumela engokomoya yokungalinganiseli ophuzweni: “Umsebenzi kaJehova abawubheki, nomsebenzi wezandla zakhe abawubonanga.”—Isaya 5:11, 12.

IZwi likaNkulunkulu liseluleka ukuba ‘singabi phakathi kwezinseli zewayini.’ (IzAga 23:20) Abesifazane asebekhulile baxwayiswa ukuba “bangabi yizigqila zewayini eliningi.” (Thithu 2:3) Kungani kunalesi sixwayiso? Yingoba abantu baqala kancane kancane ukwandisa isilinganiso abasiphuzayo, baphuze kaningi, futhi ngokuvamile basuke bengaboni. Ekugcineni, umuntu ophuzayo angase “alale engalele, ezibuza, ‘Kuyosa nini ngithole obunye?’” (IzAga 23:35, CEV) Abantu abaphuzayo basuke sebengene engozini enkulu uma sebehlushwa yibhabhalazi bese befuna ukuliqeda ngokuphinde baphuze.

IBhayibheli lixwayisa ngokuthi labo ‘abeqisa ewayinini, abathanda imibuthano exokozelayo, imincintiswano yokuphuza, bayolandisa kulowo olungele ukwahlulela abaphilayo nabafileyo.’ (1 Petru 4:3, 5) UJesu waxwayisa ngezikhathi ezibucayi esiphila kuzo, wathi: ‘Qaphelani ukuba izinhliziyo zenu zingalokothi zisindwe ukuminza nokuphuza kakhulu nezinkathazo zokuphila, ngokungazelelwe usuku lukaJehova lunifice ngaso leso sikhathi, njengogibe.’—Luka 21:34, 35.

Nokho, yini abantu abangalinganiseli abangayenza ukuze ‘bangasindwa ukuphuza kakhulu’?

[Umbhalo waphansi]

^ par. 2 Kulesi sihloko, elithi “utshwala” lihlanganisa ubhiya, iwayini nezinye iziphuzo ezinamandla.

[Izithombe ekhasini 4, 5]

Ukuphuza ngokweqile kungaholela ezinkingeni eziningi