Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini . . . 

Ingabe Kumelwe Ukholelwe KuZiqu-zintathu Ukuze Uzibonakalise Ukuthi UngumKristu?

Ingabe Kumelwe Ukholelwe KuZiqu-zintathu Ukuze Uzibonakalise Ukuthi UngumKristu?

Incwadi efundwa esikoleni esiphakeme ethi World Religions in Denmark, eyanyatheliswa ngo-2007, yachaza oFakazi BakaJehova ngokuthi bangamaKristu ayiqembu elincane elinamathela kulokho okufundiswa yiBhayibheli. Eqinisweni, inkolo yoFakazi BakaJehova ingeyesithathu ngobukhulu ezinkolweni zaseDenmark.

Nokho, umbhishobhi we-Danish National Church wasigxeka kakhulu isinqumo salo mbhali sokufaka oFakazi encwadini yakhe. Kungani? Lo mbhishobhi wathi: “Asikho isazi semfundiso yenkolo esibheka [oFakazi BakaJehova] njengamaKristu. Bayamphika uZiqu-zintathu, owumgogodla wenkolo yobuKristu.”

Umbhali waleyo ncwadi oyisazi senkolo nokuhlalisana kwabantu, u-Annika Hvithamar, wathi lapho abantu bebuzwa ukuthi yisiphi isizathu esibenza bazibheke njengamaKristu, kuyaqabukela bephendula ngokuthi kungenxa yokukholelwa ukuthi uNkulunkulu unguZiqu-zintathu. Ngaphezu kwalokho, ingxenye ethile yencwadi enesihloko esithi “Ingabe UngumKristu? [Are You a Christian?]” ithi: “Imfundiso kaZiqu-zintathu ingenye yezimfundiso eziyinkinga kakhulu emfundisweni yobuKristu.” Iyanezela: “Selokhu kwathi nhlo, kunzima ukuchazela amaKristu angayanga ezikoleni zokufundela inkolo ukuthi kungani uNkulunkulu wamaKristu esalokhu engunkulunkulu oyedwa, kunokuba babe bathathu.”

“Imfundiso kaZiqu-zintathu ingenye yezimfundiso eziyinkinga kakhulu emfundisweni yobuKristu”

Okufundiswa yiBhayibheli ngoNkulunkulu nangoJesu kucacile futhi kulula. Akunzima ukukuqonda. Kwalona igama elithi “uZiqu-zintathu” noma umqondo nje onjalo akukho eZwini likaNkulunkulu. IBhayibheli lisho ngokucacile ukuthi uJesu Kristu uyiNdodana kaNkulunkulu eyizibulo. (Kolose 1:15) Limchaza nangokuthi ‘umlamuleli oyedwa phakathi kukaNkulunkulu nabantu.’ (1 Thimothewu 2:5) Nakhu elikushoyo ngoYise: “Ukuze abantu bazi ukuthi wena, ogama lakho linguJehova, wena wedwa ungoPhezukonke emhlabeni wonke.”—IHubo 83:18.

OFakazi BakaJehova bakholelwa ukuthi ukuba nokholo kuJesu kusemqoka. (Johane 3:16) Yingakho bewubheka njengobalulekile umyalo wakhe othi: “Kulotshiwe ukuthi, ‘NguJehova uNkulunkulu wakho okumelwe umkhulekele, futhi nguye yedwa okumelwe unikele kuye inkonzo engcwele.’” (Mathewu 4:10) Ngokuqinisekile, umuntu owenza konke okusemandleni ukuze alalele imiyalo kaJesu angabizwa ngokuthi ungumKristu.