Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Bewazi?

Ingabe Bewazi?

Ingabe Bewazi?

Yibuphi obunye ubufakazi ngaphandle kobuseBhayibhelini obufakazela ukuthi uJesu wake waba khona ngempela?

Ababhali abaningi bezincwadi abaphila cishe ngesikhathi esifanayo nesikaJesu bakhuluma ngaye. Omunye wabo kwakunguCornelius Tacitus, owabhala umlando waseRoma ngesikhathi ibuswa amakhosi. Mayelana nomlilo owacekela phansi iRoma ngo-64 C.E., uTacitus ulandisa ukuthi kwakunamahebezi okuthi uMbusi uNero nguyena owabangela leyo nhlekelele. UTacitus uthi uNero wazama ukubheca ngecala iqembu elalaziwa ngokuthi amaKristu. Wabhala: “Umbusi uPontiyu Pilatu wagunyaza ukubulawa kukaChristus [uKristu], elavela kuye igama elithi [amaKristu], phakathi nokubusa kukaTiberiyu.”—Annals, XV, 44.

UFlavius Josephus, isazi-mlando esingumJuda, naye uyakhuluma ngoJesu. Lapho echaza izinto ezenzeka ngenkathi ephakathi kokufa kukaFestu, umbusi waseJudiya ongumRoma cishe ngo-62 C.E., kanye nokuthatha kuka-Albinus ubukhosi ngemva kwakhe, uJosephus uthi umPristi Ophakeme u-Ananus (u-Ananiya) “wabiza abahluleli beSanhedrini wamisa phambi kwabo indoda okwakuthiwa uJakobe, umfowabo kaJesu owayebizwa ngokuthi uKristu, kanye nabathile.”—Jewish Antiquities, XX, 200 (ix, 1).

Kungani uJesu ayebizwa ngokuthi uKristu?

Ukulandisa kwamaVangeli kuthi lapho ingelosi uGabriyeli ifika kuMariya ukuzombikela ukuthi uzokhulelwa, yamtshela ukuthi indodana yakhe kwakufanele ayiqambe igama elithi uJesu. (Luka 1:31) Leli gama lalivamile kumaJuda angezikhathi zeBhayibheli. Isazi-mlando esingumJuda uJosephus sabhala ngabantu abangu-12, ngaphandle kwalabo okukhulunywa ngabo eBhayibhelini, ababebizwa ngalelo gama. Indodana kaMariya yayibizwa ngokuthi “umNazaretha” okwakubonisa ukuthi uJesu wayevela eNazaretha. (Marku 10:47) Wayaziwa nangokuthi “uKristu,” noma uJesu Kristu. (Mathewu 16:16) Leli gama lisho ukuthini?

Igama lesiNgisi elithi “Christ” lisuka kwelesiGreki elithi Khri·stosʹ, elifana nelesiHebheru lithi Ma·shiʹach (Mesiya). Womabili la magama asho ukuthi “Ogcotshiweyo.” Kwafaneleka ukuba abathile abaphila ngaphambi kukaJesu banikwe leli gama. Ngokwesibonelo, uMose, u-Aroni neNkosi uDavide bonke babebhekwa njengabagcotshiwe, okusho ukuthi babemiswe uNkulunkulu ezikhundleni zabo zomthwalo wemfanelo negunya. (Levitikusi 4:3; 8:12; 2 Samuweli 22:51; Hebheru 11:24-26) UJesu, uMesiya owayebikezelwe, wayengummeleli kaJehova onamandla nobaluleke kakhulu. Yingakho abizwa ngokuthi “uKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.”—Mathewu 16:16; Daniyeli 9:25.

[Isithombe ekhasini 15]

Umdwebo Obonisa UFlavius Josephus