Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Lokho UJesu Akufundisa Ngaye

Lokho UJesu Akufundisa Ngaye

Lokho UJesu Akufundisa Ngaye

“UJesu wayazi kahle ukuthi ungubani, ukuthi wayevelaphi, ukuthi kungani eza emhlabeni nokuthi ikusasa lalimphatheleni.”—UMLOBI UHERBERT LOCKYER.

NGAPHAMBI kokuba samukele futhi sikholelwe izinto ezafundiswa uJesu, kudingeka sazi okuthile ngaye. Wayengubani ngempela? Wayevelaphi? Yayiyini injongo yakhe ekuphileni? Singazithola izimpendulo zivela kuJesu uqobo emaVangelini—uMathewu, uMarku, uLuka noJohane.

Waphila ngaphambi kokuba eze emhlabeni UJesu wake wathi: “Ngaphambi kokuba u-Abrahama abe khona, ngase ngikhona.” (Johane 8:58) U-Abrahama waphila eminyakeni engaba ngu-2 000 ngaphambi kokuzalwa kukaJesu. Kodwa uJesu waphila ngisho nangaphambi kokuba leyo nzalamizi ethembekile izalwe. Wayekuphi sonke leso sikhathi? Wachaza: ‘Ngehla ezulwini.’—Johane 6:38.

INdodana kaNkulunkulu UJehova unamadodana amaningi ayizingelosi. Nokho, uJesu ukhethekile. Wazibiza ngokuthi ‘uyiNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa.’ (Johane 3:18) La mazwi abonisa ukuthi uNkulunkulu wamdala ngokuqondile uJesu. Wasebenzisa le Ndodana ezelwe yodwa ekudaleni zonke ezinye izinto.—Kolose 1:16.

“INdodana yomuntu” UJesu wasebenzisa lesi siqu kaningi ukudlula ezinye lapho ekhuluma ngaye. (Mathewu 8:20) Ngokwenza kanjalo, wayebonisa ukuthi wayengeyona ingelosi eyembethe umzimba womuntu kodwa wayengumuntu wangempela. Esebenzisa umoya wakhe ongcwele, uNkulunkulu wadlulisela ukuphila kweNdodana yakhe kusuka ezulwini kuya emhlabeni ngokwenza ukuba incasakazi enguMariya ikhulewe. Ngakho, uJesu wazalwa ephelele, engenasono.—Mathewu 1:18; Luka 1:35; Johane 8:46.

UMesiya othenjisiwe Owesifazane waseSamariya wathi kuJesu: “Ngiyazi ukuthi uMesiya uyeza.” UJesu waphendula: “Mina engikhuluma nawe nginguye.” (Johane 4:25, 26) Igama elithi “Mesiya,” njengelithi “Kristu,” lisho ukuthi “Ogcotshiweyo.” UJesu wayegcotshwe, noma emiswe, uNkulunkulu ukuba afeze indima ekhethekile ekugcwalisekeni kwezithembiso zaKhe.

Injongo yakhe eyinhloko yokuza emhlabeni UJesu wake wathi: “Kumelwe ngishumayele izindaba ezinhle zombuso kaNkulunkulu, ngoba yilokhu engathunyelwa kona.” (Luka 4:43) Nakuba enzela abantu abahluphekayo izinto eziningi ezinhle, wagxila ngokuyinhloko ekushumayeleni ngoMbuso kaNkulunkulu. Kamuva sizoxoxa ngokuthi yini ayifundisa ngalowo Mbuso.

Ngokusobala, uJesu wayengeyona indoda evamile. * Njengoba sizobona, ukuphila kwakhe kwasezulwini kwawenza aqondakala nakangcono amazwi awasho ngesikhathi elapha emhlabeni. Ingabe-ke kufanele kusimangaze ukuthi washumayela isigijimi esasiyothinta izigidigidi zabantu emhlabeni wonke?

[Umbhalo waphansi]

^ par. 9 Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngoJesu nangendima yakhe enjongweni kaNkulunkulu, bheka isahluko 4 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa OFakazi BakaJehova.