Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UJesu Kristu—Indlela Isigijimi Sakhe Esikuthinta Ngayo

UJesu Kristu—Indlela Isigijimi Sakhe Esikuthinta Ngayo

UJesu Kristu—Indlela Isigijimi Sakhe Esikuthinta Ngayo

‘Mina ngizele ukuba babe nokuphila futhi babe nakho ngokuchichimayo.’—JOHANE 10:10.

UJESU KRISTU weza emhlabeni ukuze ngokuyinhloko asize abantu, hhayi ukuthi bona basize yena. Ngenkonzo yakhe, wapha abantu isipho esingenakuqhathaniswa—isigijimi esembula iqiniso ngoNkulunkulu nangentando yaKhe. Labo abenza lokho akufundisa bangajabulela ukuphila okungcono manje, njengoba izigidi zamaKristu eqiniso zingakufakazela lokho. * Ngaphezu kwesigijimi asishumayela, wasipha isipho esiyigugu ukuzidlula zonke—ukuphila kwakhe okuphelele akunikela ngenxa yethu. Ukuphila kwethu phakade kuxhomeke ekusabeleni kwethu kulesi sici esiyinhloko sesigijimi sakhe.

Lokho uNkulunkulu noKristu abanikela ngakho UJesu wayazi ukuthi izitha zakhe zazizombulala kabuhlungu. (Mathewu 20:17-19) Noma kunjalo, emazwini akhe adumile asencwadini kaJohane 3:16 wathi: “UNkulunkulu walithanda izwe kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhubhi kodwa abe nokuphila okuphakade.” UJesu waphinde wathi wezela ‘ukuzonikela ngomphefumulo wakhe [noma ukuphila] ube yisihlengo sabaningi.’ (Mathewu 20:28) Kungani uJesu athi wayezonikela ngokuphila kwakhe kunokuba athi wayezobulawa?

Eshukunyiswa uthando olungenakuqhathaniswa, uNkulunkulu wenzela abantu ilungiselelo lokuba bakhululwe esonweni abasithola ku-Adamu nemiphumela yaso—ukungapheleli nokufa. Lokhu wakwenza ngokuthumela emhlabeni iNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba izokufa ukufa komhlatshelo. UJesu walalela ngokuzithandela, wanikela ngokuphila kwakhe okuphelele ngenxa yethu. Leli lungiselelo elibizwa ngokuthi isihlengo liyisipho esikhulu kunazo zonke uNkulunkulu asipha abantu. * Liyisipho esingaholela ekuphileni okuphakade.

Okumelwe ukwenze Ingabe isihlengo usibheka njengesipho esiqondiswe kuwe? Kuxhomeke kuwe lokho. Nasi isibonelo: Ake sithi othile ukunika isipho esifakwe ebhokisini elisongwe kahle. Eqinisweni, leso sipho akubi esakho kuze kube yilapho usamukela. Ngokufanayo, uJehova ukunikeza isipho sesihlengo, kodwa lesi sipho kuyoba ngesakho uma usamukela. Kanjani?

UJesu wathi ukuphela kwabantu abayothola ukuphila okuphakade yilabo ‘ababonisa ukholo’ kuye. Ukholo luhlanganisa nendlela ophila ngayo. (Jakobe 2:26) Ukubonisa ukholo kuJesu kusho ukuvumelanisa ukuphila kwakho nezinto azisho nazenza. Ukuze wenze lokho, kumelwe umazi kahle uJesu noYise. UJesu wathi: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo omthumileyo, uJesu Kristu.”—Johane 17:3.

Eminyakeni engaba ngu-2 000 edlule, uJesu Kristu washumayela isigijimi esiye sashintsha ukuphila kwezigidi zabantu emhlabeni wonkana. Ungathanda yini ukwazi okwengeziwe ngaleso sigijimi nokuthi singakuzuzisa kanjani wena nabantu obathandayo, hhayi manje kuphela kodwa naphakade? OFakazi BakaJehova bangakujabulela ukukusiza.

Izihloko ezilandelayo zizokusiza ukuba umazi kangcono uJesu Kristu, indoda eyashumayela isigijimi esingaguqula ukuphila kwakho phakade.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 3 Akuwona wonke umuntu othi ungumKristu ongumlandeli oqotho kaKristu. Abalandeli bakaJesu bangempela yilabo abaphila ngokuvumelana namaqiniso awafundisa ngoNkulunkulu nangentando yaKhe.—Mathewu 7:21-23.

^ par. 5 Ukuze uthole ukwazisa okwengeziwe ngemfundiso yesihlengo esemiBhalweni, bheka isahluko 5, esithi “Isihlengo—Isipho SikaNkulunkulu Esikhulu Kunazo Zonke,” encwadini ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.