Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuthula Nokulondeka Kwangempela—Kuyotholakala Nini?

Ukuthula Nokulondeka Kwangempela—Kuyotholakala Nini?

Inkulumo Yeningi Ekhethekile

Ukuthula Nokulondeka Kwangempela—Kuyotholakala Nini?

Sekuyizinkulungwane zeminyaka abantu befuna ukuthula nokulondeka, kodwa bahlulekile ukukuthola. Kungani? IBhayibheli linikeza izizathu ezimbili eziyisisekelo zokuthi kungani kunzima ukukuthola. Linikeza nalesi siqinisekiso esiduduzayo: UNkulunkulu uthembise ukuthula nokulondeka kwangempela nokuhlala njalo.

Ukuthula nokulondeka kwangempela kuyofika kanjani futhi nini? Yini okufanele uyenze ukuze ujabulele lezo zibusiso? Le mibuzo izophendulwa enkulumweni yeningi enesihloko esithi, “Ukuthula Nokulondeka Kwangempela—Kuyotholakala Nini?” Le nkulumo esekelwe eBhayibhelini izonikezwa emhlabeni wonke emazweni angaphezu kuka-230. Ezindaweni eziningi izoba seHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova ngeSonto, ngo-April 18, 2010. OFakazi BakaJehova basendaweni yakini bazokujabulela ukukwazisa isikhathi nendawo. Umenywa ngokufudumele ukuba ube khona.