Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Asisenandaba Nesono?

Ingabe Asisenandaba Nesono?

Ingabe Asisenandaba Nesono?

EMINYAKENI engemingaki edlule, abantu abasontayo babevame ukuzwa umfundisi ememeza epulpiti ekhuluma kabi ngalokho okwakubizwa ngokuthi “izono ezinkulu eziyisikhombisa”—ukuhaha, ukuminza, ukuthanda izinto ngokweqile, ubuvila, intukuthelo, umona nokuqhosha. Umfundisi wayevame ukuchaza imiphumela ebuhlungu yesono futhi anxuse izilaleli ukuba ziphenduke. Omunye umbhali uthi: “Manje izintshumayelo eziningi zesonto azisagxili kulezi zindaba abantu abangazithandisisi, kunalokho sezigxila ezintweni ezibakitaza izindlebe.”

Izintatheli zamaphephandaba nazo seziwuqaphelile lo mkhuba. Ngezansi kucashunwe amazwi avela emaphephandabeni athile:

▪ “Akusakhulunywa kakhulu ngesono, ukuphenduka nokusindiswa; kunalokho, abantu sebefundiswa ukuzigqaja nokuzithanda.”—Star Beacon, Ashtabula, Ohio.

▪ “Abantu babonakala bengasakwesabi ukona.”—Newsweek.

▪ “Asisazibuzi ukuthi ‘Yini uNkulunkulu ayifuna kimi,’ kunalokho, sesithi, ‘Yini uNkulunkulu angangenzela yona?’”—Chicago Sun-Times.

Kuleli zwe lanamuhla elakhiwa abantu, izizwe, izinkolo nemibono yezombangazwe ehlukahlukene, abantu bayesaba ukwahlulela indlela abanye abaziphatha ngayo. Kuthiwa akulungile ukwenza kanjalo. Kubonakala sengathi isono esikhulu kunazo zonke ukwahlulela izenzo zomunye umuntu. Yingakho abaningi becabanga ngale ndlela: ‘Lokho okukholelwayo kungase kukusebenzele, kodwa akufanele ufune nabanye abantu bacabange njengawe. Namuhla abantu baphila ukuphila kwabo ngezindlela ezingefani. Akekho ongagomela ukuthi iyiphi indlela okuyiyonayona. Izindlela abanye abakhetha ukuphila ngazo zisebenza njengazo nje ezakho.’

Le ndlela yokucabanga isishintshe nendlela abantu ababiza ngayo izenzo ezithile. Igama elithi “isono” sekuyaqabukela ulizwa. Kwabaningi seliyinto okwenziwa ngayo amahlaya. Uma abantu ababili behlala ndawonye bengashadile akusashiwo ukuthi “benza amanyala”; kuthiwa “bahlalisene.” Uma umuntu oshadile ethandana nomunye umuntu akusashiwo ukuthi “uyaphinga”; sekuthiwa umane nje unomunye umuntu “athandana” naye. Abantu bobulili obufanayo abathandanayo akusashiwo ukuthi “bangongqingili”; sekuthiwa bakhetha “ukuphila ukuphila okuhlukile.”

Akungabazeki ukuthi sekushintshile lokho abantu abakubheka “njengokuvamile” noma “njengesono.” Kodwa kungani ukucabanga kwabantu sekushintshile? Kwenzekeni ngempela esonweni? Kunendaba ngempela yini ukuthi uyini umbono wakho?