Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Ngempela Kuwukungathembeki?

Ingabe Ngempela Kuwukungathembeki?

Ingabe Ngempela Kuwukungathembeki?

“Wushintshe kancane lo mbiko wengozi, konke kuzolunga.”

“Ungazitsheli yonke into izikhulu zentela.”

“Wena qiniseka nje ukuthi awubanjwa.”

“Kungani kufanele ukhokhe uma le nto ungayithola mahhala?”

ABANTU bangase bakuphendule ngale ndlela lapho ufuna amacebiso ngezindaba zezimali. Abanye babonakala “benezixazululo” ezihlakaniphile zayo yonke into. Umbuzo uwukuthi, Ingabe lezo zixazululo zithembekile ngempela?

Ukungathembeki kuthé chithi saka namuhla kangangokuthi ngokuvamile abantu babheka ukuqamba amanga, ukungathembeki nokweba njengezindlela ezamukelekayo zokugwema isijeziso, zokwenza imali noma zokuba nenqubekela-phambili. Ngokuvamile, amalungu ahlonishwayo emphakathini ayisibonelo esibi endabeni yokwethembeka. Kwelinye izwe eYurophu, amacala okukhwabanisa nokusebenzisa kabi izimali anda ngamaphesenti angaphezu kuka-85 kusukela ngo-2005 kuya ku-2006. Lezo zenzo zazingewona amacala amaningi amancane okungathembeki avame ukubizwa ngokuthi “izono ezincane.” Mhlawumbe yingakho nje kungazange kumangaze kangako ukuthi osomabhizinisi nosombusazwe abaziwayo bakulelo zwe babehileleke kokunye ukungathembeki kokusebenzisa ama-diploma omgunyathi ukuze bazithuthukise emisebenzini yabo.

Nokho, nakuba ukungathembeki kugcwele yonke indawo, abantu abaningi bafuna ukwenza okulungile. Cishe nawe ungomunye wabo. Mhlawumbe uthando onalo ngoNkulunkulu lukuqhubezela ukuba ufune ukwenza okulungile emehlweni akhe. (1 Johane 5:3) Ungase uzizwe njengomphostoli uPawulu, owabhala: “Sithemba ukuthi sinonembeza othembekile, njengoba sifisa ukuziphatha ngokwethembeka ezintweni zonke.” (Hebheru 13:18) Ngenxa yalesi sizathu, sicela uke ucabangele ezinye zezimo ezingaba inselele esifisweni somuntu sokuziphatha ‘ngokwethembeka ezintweni zonke.’ Sizocabangela nezimiso zeBhayibheli ezingasisiza kulezo zimo.

Ubani Okufanele Akhokhe Lapho Kube Nengozi Yemoto?

Intokazi ogama layo linguLisa * yenza iphutha emgwaqweni futhi ishayisa enye imoto. Akekho olimalayo, kodwa zombili izimoto zilimele. Ezweni lakubo, abashayeli abasebasha bakhokha umshuwalense ophezulu, futhi ukhuphuka njalo ngemva kokwenza ingozi. Njengoba uLisa ayehamba noGregor, umzala wakhe osekhulile kunaye, omunye umngane usikisela ukuba batshele umshuwalense ukuthi nguGregor owayeshayela. Ngaleyo ndlela, uLisa angagwema ukukhokha imali eningi. Kubonakala kuyiqhinga lamaqhinga leli. Kodwa uLisa uzonquma kanjani?

Izinkampani zemishuwalense zisebenzisa imali yamalungu ukuze zikhokhele izingozi zezimoto. Ngakho, uma uLisa elalela ukusikisela komngane wakhe, empeleni uzobe ephoqa amanye amalungu omshuwalense ukuba akhokhe imali enkulu ngenxa yengozi ebangelwe nguye. Uma engakwenza lokhu uzobe uqamba amanga. Ngaphezu kwalokho, uzobe weba imali yabanye. Kungokufanayo nalapho umuntu ehambisa umbiko ongelona iqiniso ukuze athole imali eningi enkampanini yomshuwalense.

Ukwesaba isigwebo esingokomthetho kungenza ufune ukwethembeka. Nokho, kunesizathu esibaluleke nakakhulu esiseZwini likaNkulunkulu sokugwema ukungathembeki. Phakathi kweMiyalo Eyishumi kukhona nothi: “Ungebi.” (Eksodusi 20:15) Umphostoli uPawulu wawutshela amaKristu lo myalo: “Owebayo makangabe eseba.” (Efesu 4:28) Ngokulalela iZwi likaNkulunkulu ezindabeni ezinjengezemishuwalense, ugwema ukwenza into uNkulunkulu angayifuni. Ubonisa nokuthi uyayithanda futhi uyayihlonipha imithetho kaNkulunkulu, kuhlanganise nomakhelwane bakho.—IHubo 119:97.

“Buyiselani KuKhesari Izinto ZikaKhesari”

UPeter ungusomabhizinisi. Umgcini-mabhuku wakhe usikisela ukuba afake isicelo sokubuyiselwa imali yentela ngoba “uthenge” imishini esebenza ngama-computer ebiza kakhulu. Kuvamile ebhizinisini elifana nelikaPeter ukuthenga izinto ezifana nalezi. Nakuba engazange ayithenge le mishini, mancane amathuba okuthi uhulumeni angenza uphenyo ngayo. Uma uPeter engabuyiselwa leyo mali angonga eningi kuleyo yena ayikhokhela intela. Kumelwe enzeni? Yini engamsiza ukuba enze isinqumo?

Umphostoli uPawulu watshela amaKristu osuku lwakhe: “Yonke imiphefumulo mayizithobe emagunyeni aphakeme . . . Nikani bonke okubafaneleyo, lowo ofuna intela, intela; lowo ofuna inkokhiso, inkokhiso.” (Roma 13:1, 7) Labo abafuna ukwamukelwa uNkulunkulu bazikhokha zonke izintela ezifunwa abasemagunyeni. Ngakolunye uhlangothi, uma umthetho wezwe unikeza abantu abathile noma amabhizinisi isaphulelo sentela, akukho okubi ngokucela lezo zinzuzo uma umuntu ekufanelekela ngokomthetho ukwenza kanjalo.

Nasi esinye isimo esihilela ukukhokhwa kwentela. UDavid ungumbazi enkampanini yendawo. Abangane nomakhelwane bamcela ukuba abenzele amakhabethe nefenisha yasendlini. Ubenzela lokhu ngemva kwesikhathi somsebenzi. Bamthembisa imali ethé xaxa kunaleyo ayihola emsebenzini, kodwa bafuna asebenze ngaphandle kokubhala phansi imali ezoya kuhulumeni. Lokho kusho ukuthi akekho ozokhokha intela ngoba akukho okubhalwe phansi. Abantu abaningi bakubona kulungile lokho, ngoba wonke umuntu uyazuza. Ngenxa yokuthi uDavid ufuna ukujabulisa uNkulunkulu, kumelwe awubheke kanjani umsebenzi owenziwa ngaphandle kwamaphepha afanele?

Umuntu owenza izinto ngale ndlela angase angabanjwa, kodwa iqiniso liwukuthi akayikhokhi intela okufanele ikhokhelwe uhulumeni. UJesu wayala: “Buyiselani kuKhesari izinto zikaKhesari, kodwa izinto zikaNkulunkulu kuNkulunkulu.” (Mathewu 22:17-21) UJesu washo la mazwi ukuze alungise ukucabanga kwezilaleli zakhe ngokukhokhwa kwentela. Izikhulu zikahulumeni, uJesu azibiza ngokuthi uKhesari, zibheka ukukhokhwa kwentela njengento ezifanele. Ngakho-ke, abalandeli bakaKristu babheka ukukhokhwa kwazo zonke izintela njengesibopho sabo esingokomBhalo.

Ukukopela Ngesikhathi Sokuhlolwa

UMarta, umfundi wamabanga aphakeme, ulungiselela ukuhlolwa kokugcina onyakeni. Ngenxa yokuthi ukuthola kwakhe umsebenzi omuhle kuxhomeke ekuphumeleleni kahle esikoleni, uchitha amahora amaningi etadisha. Ezinye izingane afunda nazo zizilungiselele, kodwa ngendlela ehlukile. Zizosebenzisa ama-pager, imishini yokubala efakwe ukwaziswa kanye nomakhalekhukhwini ukuze zikopele futhi zithole amamaki aphezulu. Ingabe uMarta kufanele enze okwenziwa “yizo zonke izingane” ukuze aqiniseke ukuthi uphumelela ngamalengiso?

Ngenxa yokuthi ukukopela kuyinto evamile, abaningi banomuzwa wokuthi akukho okungalungile ngakho. Bathi “wena qiniseka nje ukuthi awubanjwa.” Nokho, ukucabanga okunjalo akwamukeleki kumaKristu eqiniso. Nakuba uthisha angase angababoni abakopelayo, kodwa ukhona obabonayo. UJehova uNkulunkulu uyakubona esikwenzayo futhi uyosahlulela ngezenzo zethu. UPawulu wabhala: “Akukho ndalo engabonakali emehlweni akhe, kodwa zonke izinto zíze futhi zenekwe obala emehlweni alowo esiyolandisa kuye.” (Hebheru 4:13) Ukwazi ukuthi uNkulunkulu usibhekile ngoba ufuna senze okulungile kuyisikhuthazo esikhulu sokwethembeka lapho sihlolwa esikoleni, akunjalo?

Uyonquma Kanjani?

ULisa, uGregor, uPeter, uDavid noMarta babona ukuthi izimo ababebhekene nazo zaziyinselele. Banquma ukwethembeka; ngokwenza kanjalo bagcina unembeza wabo uhlanzekile futhi baziphatha ngobuqotho. Wena uyokwenzenjani lapho ubhekene nezimo ezifanayo?

Abantu osebenza nabo, izingane ofunda nazo nomakhelwane bakho bangase bangayiboni into embi ngokuqamba amanga, ukukopela noma ukweba. Eqinisweni, bangase bahlekise ngawe ukuze bakuyenge ukuba wenze njengabo. Yini engakusiza ukuba wenze isinqumo esifanele naphezu kokucindezelwa ukuba ungathembeki?

Khumbula, ukwenza ngokuvumelana nentando kaNkulunkulu kuyogcina unembeza wakho uhlanzekile futhi uyothola umusa kaNkulunkulu nokwamukelwa nguye. INkosi uDavide yabhala: “O Jehova, ngubani oyoba yisimenywa etendeni lakho? Ngubani oyohlala entabeni yakho engcwele? Yilowo ohamba ngokungenaphutha futhi okwenza umkhuba ukulunga futhi okhuluma iqiniso enhliziyweni yakhe. . . . Owenza lezi zinto akasoze antengantengiswa.” (IHubo 15:1-5) Unembeza ohlanzekile nobungane noNkulunkulu wasezulwini kuyigugu ukwedlula noma iyiphi inzuzo yezinto ezibonakalayo etholakala ngokungathembeki.

[Umbhalo waphansi]

^ Amanye amagama ashintshiwe.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 12]

“Owebayo makangabe eseba.”

Ukuhlonipha umthetho kaNkulunkulu nokuthanda omakhelwane kusishukumisela ukuba sithembeke ezindabeni zemishuwalense

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 12]

“Nikani bonke okubafaneleyo, lowo ofuna intela, intela.”

Ukuze samukelwe uNkulunkulu, sikhokha zonke izintela ezifunwa umthetho

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 13]

“Zonke izinto zíze futhi zenekwe obala emehlweni alowo esiyolandisa kuye.”

Nakuba othisha bengase bangasibambi sikopela, sifuna ukwethembeka kuNkulunkulu

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 14]

Ukweba “Okucashile”

Umngane wakho uthenge uhlelo lwamuva lwe-computer, futhi nawe ungathanda ukuba nalo. Uthembisa ukukongela imali ngokukwenzela ikhophi yalo. Ingabe lokho kuwukungathembeki?

Lapho abantu abanama-computer bethenga uhlelo oluthile, bavuma ukunamathela esivumelwaneni selayisense salolo hlelo. Ngokuba naleyo layisense, umnikazi angafaka futhi asebenzise lolo hlelo kuyi-computer yakhe kuphela. Ngakho, ukukopishela omunye umuntu kuwukwephula isivumelwano selayisense futhi akukho emthethweni. (Roma 13:4) Ukukopisha okunjalo kuwukweba ngoba umshicileli akabe esathengelwa lolo hlelo futhi kuyilungelo lakhe ukuba athole leyo mali.—Efesu 4:28.

Abanye bangase bathi, ‘Akekho ozokwazi.’ Lokho kungase kube yiqiniso, kodwa kufanele sikhumbule amazwi kaJesu: “Zonke izinto enifuna abantu bazenze kini, nani kumelwe nizenze ngokufanayo kubo.” (Mathewu 7:12) Sonke siyakujabulela ukukhokhelwa kahle ngomsebenzi esiwenzile futhi sithanda abantu baziphathe kahle izinto zethu. Ngakho-ke, kufanele senze okufanayo nakwabanye. Siyakugwema ukweba “okucashile,” njengokukopisha nokusebenzisa izinto ezithile ezasungulwa abantu ngengqondo yabo. *Eksodusi 2:7-9.

[Umbhalo waphansi]

^ Lezi zinto zihlanganisa izinto ezingenakukopishwa, zithengiswe noma zisetshenziswe ngoba zinamalungelo agodliwe njengomculo, izincwadi, noma izinhlelo zama-computer, kungakhathaliseki ukuthi zisephepheni noma zikuyi-computer. Amagama noma izimpawu ezimelela amabhizinisi, izinto okugunyazwe abathile kuphela ukuba bazenze futhi bazithengise, izimfihlo zokuhweba namalungelo okushicilela nakho kusohlwini lwale mikhiqizo.