Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova Bakubheka Kanjani Ukuxuba Izinkolo?

OFakazi BakaJehova Bakubheka Kanjani Ukuxuba Izinkolo?

Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini . . .

OFakazi BakaJehova Bakubheka Kanjani Ukuxuba Izinkolo?

▪ Ngokwe-World Christian Encyclopedia, kunezinkolo ezingefani ezingaba “ngu-10 000 emhlabeni wonke.” Ngenxa yokuthi izingxabano eziphakathi kwazo ziye zaholela ezinsizini eziningi, umbono wokuzixuba uletha ithemba kwabaningi. Bakholelwa ukuthi lokho kungase kulethe ukuthula nobunye kuleli zwe elihlukene phakathi.

IBhayibheli likhuthaza ubunye. Umphostoli uPawulu wafanisa ibandla lobuKristu nomzimba womuntu, omalungu awo ‘ahlanganiswe ndawonye ngokuvumelana nangokwenziwa ukuba abambisane.’ (Efesu 4:16) Ngokufanayo, umphostoli uPetru wanxusa amakholwa ayekanye nawo: “Nonke yibani nomqondo ofanayo.”—1 Petru 3:8.

AmaKristu okuqala ayephila nabantu ababenamasiko nezinkolo ezingefani. Nokho, lapho uPawulu ebhala ngokuxuba izinkolo ezingefani, wabuza: “Unasabelo sini umuntu okholwayo nongakholwa?” Wabe esexwayisa amaKristu ukuba ‘aphume phakathi kwazo.’ (2 Korinte 6:15, 17) Kusobala ukuthi wayengakukhuthazi ukuxuba izinkolo. Kungani?

Lo mphostoli wachaza ukuthi uma umKristu weqiniso nomuntu ongeyena umKristu weqiniso bekhulekela ndawonye kuyofana nokuboshelwa ejokeni elifanayo futhi ngeke kusebenze. (2 Korinte 6:14) Ukwenza kanjalo kungalimaza ukholo lomKristu. Ukukhathazeka kukaPawulu kufana nokukababa owaziyo ukuthi kunezingane endaweni ezingaziphathi kahle. Njengomzali okhathalelayo, ngokuhlakanipha ubekela ingane yakhe imingcele yokuthi yiziphi izingane engadlala nazo. Ingane ingase ingayithandi leyo mingcele, kodwa iyovikeleka emathonyeni amabi ngokungahlangani nezingane ezingalungile. Ngokufanayo, uPawulu wayazi ukuthi ukungazihlanganisi nezinye izinkolo kwakuyovikela amaKristu ezimfundisweni zazo eziyingozi.

Ngokukhipha lo myalo, uPawulu wayelingisa uJesu. Nakuba uJesu abeka isibonelo esihle kakhulu sokuthuthukisa ukuthula phakathi kwabantu, kodwa akazange axube izinkolo. Amaqembu amaningi enkolo, njengabaFarisi nabaSadusi, ayenezwi ngesikhathi uJesu esemhlabeni. Eqinisweni, la maqembu enkolo akha umfela-ndawonye wokumelana noJesu, aze amakhela itulo lokumbulala. Ngakolunye uhlangothi, uJesu wayala abalandeli bakhe ukuba “baqaphele . . . imfundiso yabaFarisi nabaSadusi.”—Mathewu 16:12.

Ingabe kusenjalo nanamuhla? Ingabe isixwayiso seBhayibheli ngokuqondene nokuxuba izinkolo sisasebenza? Yebo, sisasebenza. Lokhu kungenxa yokuthi ukungafani kwezinkolelo ngeke kulungiswe ukuzixuba, njengoba nje amafutha namanzi engeke ahlanganiswe ukuthi afakwe ebhodweni linye. Ngokwesibonelo, lapho abantu bezinkolo ezingefani behlangana ukuze bathandazele ukuthula, basuke bethandaza kumuphi unkulunkulu? UNkulunkulu weLobukholwa onguZiqu-zintathu, uBrahma wamaHindu, uBuddha noma omunye unkulunkulu?

Umprofethi uMika wabikezela ukuthi “engxenyeni yokugcina yezinsuku” abantu bazo zonke izizwe bayothi: “Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova nasendlini kaNkulunkulu kaJakobe; uzosifundisa izindlela zakhe, sihambe ezindleleni zakhe.” (Mika 4:1-4) Umphumela uyoba ukuthula nobunye emhlabeni wonke, hhayi ngoba zonke izinkolo zihlangene ngandlela-thile, kodwa ngoba bonke abantu basenkolweni eyodwa yeqiniso.

[Isithombe ekhasini 27]

Amalungu ezinkolo ezinkulu zomhlaba engqungqutheleni yokuxuba izinkolo eyayingo-2008

[Umthombo]

REUTERS/Andreas Manolis