Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Uyokwenza Ngobuqotho”

“Uyokwenza Ngobuqotho”

Sondela KuNkulunkulu

“Uyokwenza Ngobuqotho”

2 SAMUWELI 22:26

UKUDUNYAZWA noma ukuphoxwa umuntu obumethemba kubuhlungu kakhulu. Ukudumazeka okunjalo kuvamile kuleli zwe elingathembekile. (2 Thimothewu 3:1-5) Ukhona yini umuntu esingamethemba oyohlala eqotho ngokuphelele kithi? Ake sicabangele indaba kaDavide, inkosi yakwa-Israyeli wasendulo.

Kunabantu abangazange bahlale beqotho kuDavide phakathi nokuphila kwakhe. Waphoqeleka ukuba aphile njengombaleki futhi uSawule, inkosi yokuqala yakwa-Israyeli, owayenomona wamshushisa. Waze waphendukelwa nanguMikhali umkakhe. Akazange ahlale eqotho kumyeni wakhe, kunalokho, ‘waqala ukumdelela enhliziyweni yakhe.’ (2 Samuweli 6:16) U-Ahithofeli, umeluleki wakhe ayemethemba, waba yimbuka, wagcina esemdibi munye neqembu elamvukela. Ngubani owayengubhongoza walolu zungu? Ngu-Absalomu, indodana kaDavide uqobo! Njengoba kwase kunabantu abaningi kangaka abamhlamukile, ingabe uDavide wayeka ukwethemba abantu futhi waphetha ngokuthi akekho umuntu oyohlala eqotho?

Impendulo siyithola emazwini akhe akweyesi-2 Samuweli 22:26. UDavide, indoda enokholo oluqinile, washo la mazwi asankondlo lapho ehlabelela ngoJehova uNkulunkulu: “Koqotho wena uyokwenza ngobuqotho.” UDavide wayeqiniseka ngokuthi kungakhathaliseki ukuthi abanye bangase bamdumaze kangakanani, uJehova wayeyohlala eqotho kuye.

Ake siwahlolisise la mazwi kaDavide. Igama lesiHebheru elihunyushwa ngokuthi ‘ukwenza ngobuqotho’ lingahunyushwa nangokuthi “ukwenza ngomusa wothando.” Ubuqotho bangempela busekelwe othandweni. UJehova ubabonisa uthando labo abaqotho kuye. *

Phawula futhi ukuthi ubuqotho abuwona nje umzwelo; bubonakaliswa ngezenzo. UJehova wenza ngobuqotho, njengoba uDavide azibonela ngokwakhe. Phakathi nezikhathi ezazicindezela kakhulu ekuphileni kwale nkosi ethembekile, uJehova wayisekela, wayivikela futhi wayiqondisa ngobuqotho. UDavide owayenomoya wokwazisa wambonga uJehova ngokumophula “entendeni yesandla sazo zonke izitha zakhe.”—2 Samuweli 22:1.

Amazwi kaDavide asitshela ukuthini? UJehova akashintshashintshi. (Jakobe 1:17) Akayiguquguquli imithetho yakhe futhi uzifeza ngaso sonke isikhathi izithembiso zakhe. Kwelinye lamahubo akhe, uDavide wabhala: “UJehova . . . ngeke abashiye abaqotho bakhe.”—IHubo 37:28.

UJehova uyabazisa ubuqotho bethu. Uyajabula lapho simlalela ngobuqotho, futhi usinxusa ukuba simlingise ekuboniseni ubuqotho lapho sisebenzelana nabanye. (Efesu 4:24; 5:1) Uma sibonisa ubuqotho ngalezi zindlela, singaqiniseka ngokuthi akasoze asishiya. Kungakhathaliseki ukuthi abanye abantu basidumaza kangakanani, singamathemba uJehova ukuthi uyosebenzelana nathi ngobuqotho, asisize ukuba sibhekane ngokuphumelelayo nanoma ikuphi ukulingwa. Ingabe ushukumiseleka ukuba usondele kuNkulunkulu “oqotho,” uJehova?—IHubo 145:17.

[Umbhalo waphansi]

^ Amazwi encwadi yesi-2 Samuweli 22:26 afana nalawo atholakala kumaHubo 18:25. Enye inguqulo yeBhayibheli ilibeka kanje leli hubo: “Koqotho Wena uzibonakalisa unothando olukhulu.”—The Psalms for Today.