Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Yini Eshintshile Endleleni Esibheka Ngayo Isono?

Yini Eshintshile Endleleni Esibheka Ngayo Isono?

Yini Eshintshile Endleleni Esibheka Ngayo Isono?

“ABANTU abaningi namuhla abavumelani nombono wokuthi sonke sathola isono kubazali bethu bokuqala. Nakho nje ukuthi kukhona into eyisono akwehli kahle kubo. . . . Ababusi abanonya abanjengo-Adolf Hitler noJosef Stalin kungenzeka ukuthi benza izono ezinkulu, kodwa thina abanye asinacala, simane nje siyizisulu zezimo.”—The Wall Street Journal.

Njengoba ingcaphuno engenhla ibonisa, kubonakala sengathi abantu namuhla abasasiqondi kahle isono. Kungani kunjalo? Yini eshintshile? Empeleni, yini lena ngesono abantu namuhla abakuthola kunzima ukuyamukela?

Isono sikabili—kunesono esizalwa naso nesono umuntu asenza ngokwakhe. Esokuqala sisenyameni yethu futhi akukho esingakwenza ngaso, kanti esesibili siyizenzo esizenzayo. Ake sixoxe kabanzi ngasinye salezi zono.

Ingabe Sasithola Kubazali Bethu Bokuqala?

IBhayibheli lithi ngenxa yokona kwabazali bethu bokuqala isono sadlulela kithi sonke. Yingakho sonke sizalwa singaphelele. IBhayibheli lithi: “Konke ukungalungi kuyisono.”—1 Johane 5:17.

Nokho, kubantu abaningi abasontayo imfundiso ethi bonke abantu bazalwa benesono ngenxa yesono esenziwa kudala kuyilapho bona bengenacala ayizwakali futhi ayamukeleki. U-Edward Oakes, uprofesa wemfundiso yenkolo, uthi “abantu abaningi bayamangala ukuthi isonto lingafundisa umuntu ukuba akholelwe esonweni, kanti abanye bayaphika ukuthi isono sikhona, futhi kunalabo abathi baphila ukuphila okungenasono kodwa abagcina ngokukusho ngomlomo lokho ngoba ekuphileni okuvamile bayasenza.”

Enye into eyenza kube nzima ngabantu ukukholelwa ukuthi sinesono esasithola kubazali bethu bokuqala yilokho okuye kwafundiswa amasonto ngaso. Ngokwesibonelo, eMkhandlwini WaseTrent (wango-1545 kuya ku-1563), isonto lavumelana ngokuthi akekho okufanele aphike ukuthi kudingeka usana lubhapathizwe ukuze luthethelelwe izono zalo. Izazi zenkolo zathi uma usana lufa lungabhapathiziwe, izono zalo ezingathethelelwe ziyoluvimba ukuba lungangeni ezulwini. UCalvin waze wafundisa nokuthi izinsana ‘zahlulelwa zisesezibelethweni zonina.’ Wathi ‘uNkulunkulu uyazizonda futhi ziyanengeka kuye.’

Ngokwemvelo, abantu abaningi babheka izinsana njengezimsulwa futhi abacabangi ukuthi kufanele zijeze ngenxa yesono ezizalwa naso. Kuyaqondakala ukuthi kungani izimfundiso zesonto ezifana nalezi ziye zenza abantu bangayithandisisa imfundiso yokuthi sathola isono kubazali bethu bokuqala. Eqinisweni, abanye abefundisi behluleka ukulimisa ngesihloko elokuthi izinsana ezingabhapathiziwe ziya esihogweni somlilo. Ezimfundisweni zabo zenkolo, yagcina iyimpicabadala indaba yokuthi siyini isiphetho sosana olufa lungabhapathiziwe. Nakuba ingazange igxile, imfundiso eyafundiswa amaKatolika iminyaka eminingi yayithi imiphefumulo yezinsana ezingabhapathiziwe ihlala ezweni elingaziwa, iLimbo. *

Esinye isici esaba nomthelela ekubeni abantu bangabe besakholelwa kangako ekutheni isono sasithola ku-Adamu no-Eva ukuthi izazi zefilosofi, ososayensi nezazi zemfundiso yenkolo zangekhulu le-19 zaqala ukungabaza ukuthi izinto ezilotshwe eBhayibhelini zenzeka ngempela. Imfundiso kaDarwin yokuziphendukela kwemvelo iye yenza abaningi ukuba babheke indaba ka-Adamu no-Eva njengeyinganekwane. Konke lokhu kuye kwabangela ukuba abaningi namuhla babheke iBhayibheli njengeliqukethe imibono namasiko alabo abalibhala, hhayi njengencwadi evela kuNkulunkulu.

Lokhu kwenza siphethe ngokuthini ngemfundiso yokuthi isono sangena ngo-Adamu no-Eva? Kusobala ukuthi uma abantu abasontayo bekholiswa ukuthi u-Adamu no-Eva abakaze babe khona, khona-ke isiphetho esinengqondo siwukuthi asikho isono esenziwa abantu bokuqala. Ngisho nalabo abavumayo ukuthi abantu bazalwa benesono, bathi indaba ka-Adamu no-Eva nokuletha kwabo isono ezweni imane nje ingenye indlela yokuchaza ukungapheleli kwabantu.

Kuthiwani-ke ngezono esizenzayo? Zihlukile esonweni esizalwa naso. Ingabe ziyamthukuthelisa uNkulunkulu?

Ingabe Lezi Zenzo Ziyisono Ngempela?

Lapho bebuzwa ukuthi yiziphi izinto abazibheka njengeziyisono, abaningi bacabanga ngeMiyalo Eyishumi—enqabela ukubulala, ukuphinga, ukuhaha, ubulili ngaphambi komshado, ukweba nokunye okuningi. Kusukela kudala, isonto belilokhu lifundisa ukuthi uma umuntu efa ngaphambi kokuba aguquke ezonweni ezinjalo uyohlushwa phakade esihogweni somlilo. *

Ukuze umuntu asinde kuleso sijeziso, iSonto LamaKatolika lithi kudingeka avume izono kumfundisi okuthiwa unamandla okuzithethelela. Nokho, amaKatolika amaningi awasakholelwa ekuvumeni izono, ukuthethelelwa nokuphenduka. Ngokwesibonelo, inhlolo-vo yamuva ibonisa ukuthi amaphesenti angaphezu kuka-60 amaKatolika ase-Italy awasayingeni eyokuvuma izono.

Kusobala ukuthi imfundiso endala ephathelene nezono nemiphumela yazo—ngendlela amasonto ayichaza ngayo—iye yehluleka ukusiza abantu ukuba bayeke ukwenza isono. Abantu abaningi abasontayo abasakholelwa ukuthi zonke lezi zinto azilungile. Ngokwesibonelo, abanye bathi uma abantu ababili bevumelana ngokuya ocansini futhi kungekho muntu olimalayo, ayikho inkinga lapho.

Esinye isizathu okungenzeka ukuthi sibangela abantu bacabange ngale ndlela ukuthi ngaphakathi ezinhliziyweni zabo abakukholelwa lokho abaye bakufundiswa ngesono. Yiqiniso, abaningi bakuthola kunzima ukukholelwa ukuthi uNkulunkulu onothando angahlupha izoni phakade esihogweni somlilo. Mhlawumbe lokho kungabaza kusenza siqonde ngezinga elithile ukuthi kungani kubonakala sengathi abantu abasenandaba kangako “nesono.” Kodwa kunezinye izici eziye zaba nomthelela ekubeni abantu bangabe besaba nendaba nesono.

Ukunganakwa Kwezimiso Zokuziphatha

Izinto ezenzeke emakhulwini eminyaka adlule ziye zabangela izinguquko ezinkulu emphakathini nasekucabangeni kwabantu. Izimpi ezimbili zomhlaba, izimpi zombango ezingenakubalwa nokuqothulwa kohlanga ezindaweni ezihlukahlukene kuye kwashiya abaningi bezibuza ukuthi kusiza ngani ukuphila ngezimiso ezinhle zokuziphatha. Bayazibuza: ‘Kunengqondo yini kule nkathi yempucuko ukuphila ngemithetho eyabekwa emakhulwini eminyaka adlule nengasahambisani nhlobo namaqiniso okuphila kwanamuhla?’ Abantu abaningi abathembela ekucabangeni kwabo nalabo abafunda ngokuziphatha kwabantu baye baphetha ngokuthi akunangqondo. Bakholelwa ukuthi kufanele umphakathi uxegise kancane emibonweni ethile endabeni yezinkolelo-ze nokuziphatha futhi uphishekele imfundo ukuze ukwazi ukuwasebenzisa ngokugcwele amakhono awo.

Lokhu kucabanga kuye kwakha umphakathi ontula izimiso zokuziphatha ezinhle. Emazweni amaningi aseYurophu, bambalwa abasontayo. Inani elandayo labantu alikholelwa kokuthile ngokukhethekile futhi abaningi abahambisani nemicikilisho yesonto, bayibheka njengombhedo. Bathi uma umuntu aba khona ngokuziphendukela kwemvelo futhi uNkulunkulu engekho, asikho isidingo sokukhuluma ngokuziphatha kahle.

Phakathi kokunye, ukuyekelela ezindabeni zokuziphatha emazweni aseMpumalanga ekhulwini leminyaka lama-20, kwenza abantu baqala ukubheka ubulili nokuziphatha ngendlela ehlukile. Imibhikisho yabafundi, izinhlangano ezikhuthaza ukuba abantu banikwe inkululeko yokwenza abakuthandayo kanye nezinto zokuvimbela inzalo, konke lokhu kwenza abantu bazishaya indiva izimiso zokuziphatha ezifanele. Kungakabiphi, imithetho eseBhayibhelini nayo yashaywa indiva. Isizukulwane esisha saqala ukuziphatha ngendlela entsha futhi sabheka isono ngendlela ehlukile. Omunye umbhali uthi kusukela ngaleso sikhathi kuye phambili, “izindaba zokuthandana yizona ezase zinquma okuhle nokubi”—ngokuyisisekelo, lokhu kuye kwenza abantu bamukela izinhlobo zobuhlobo bobulili eziyichilo.

Izinkolo Ezivumela Abantu Benze Abakuthandayo

Lapho ukhuluma ngesimo esikhona e-United States, umagazini i-Newsweek wakubeka ngokuqondile lokhu: “Abefundisi abaningi abancintisana ngokuthola amalungu banomuzwa wokuthi abanakukwazi ukulahlekelwa.” Besaba ukuthi uma bebekela amalungu abo imithetho eminingi yokuziphatha, angase ayeke ukuza esontweni. Abantu abafuni ukutshelwa ukuthi kufanele bahlakulele ukuthobeka, ukuzithiba nobuhle noma ukuthi kufanele balalele unembeza wabo lapho ubahlulela futhi baphenduke ezonweni zabo. Yingakho amasonto amaningi engasashumayezi abantu ngevangeli, kodwa ebafundisa lokho i-Chicago Sun-Times eyakubiza ngokuthi “ubuKristu obukhuthaza ukuzithuthukisa.”

Lokhu kuye kwaholela amasonto ukuba aqale ukuchaza uNkulunkulu ngendlela yawo, agxile ekufakeni kubantu umoya wokuzigqaja kunokuba afundise ngoNkulunkulu nangalokho akufuna kubo. Injongo yawo eyinhloko iwukwanelisa izidingo zamalungu ebandla futhi umphumela walokho uba yinkolo engenazo izimfundiso. I-Wall Street Journal iyabuza: “Yini abantu abafundiswa yona manje njengoba imithetho yobuKristu yokuziphatha isishaywa indiva? Bafundiswa ukuthi bangaziphatha noma kanjani inqobo nje uma ‘benezinhliziyo ezinhle.’”

Yingakho-ke abaningi bezithanda izinkolo ezibavumela ukuba benze abakuthandayo. I-Wall Street Journal ithi noma ubani onalo mbono “angasonta kunoma iliphi isonto, uma nje lingambekeli imithetho eqinile yokuziphatha—limthuthuzele kodwa lingamahluleli.” Nawo-ke amasonto azimisele ukwamukela abantu “njengoba benjalo,” ngaphandle kokufuna ukuba baziphathe ngendlela ethile.

Esisanda kuxoxa ngakho kungase kukhumbuze abafundi beBhayibheli isiprofetho esabhalwa umphostoli uPawulu ekhulwini lokuqala C.E. Wathi: “Kuyokuba khona inkathi lapho bengayikuyibekezelela khona imfundiso ephilayo, kodwa, ngokuvumelana nezifiso zabo siqu, bayozibuthela abafundisi ukuze babakitaze izindlebe; futhi bayofulathelisa izindlebe zabo eqinisweni.”—2 Thimothewu 4:3, 4.

Abaholi benkolo abathi akukubi ukona, baze ngisho bathi asikho isono futhi ‘bakitaze’ izindlebe zamalungu esonto ngokuwatshela lokho afuna ukukuzwa kunokuwafundisa okushiwo iBhayibheli, abawasizi ngalutho. Empeleni bayawabulala. Imfundiso enjalo ingamanga futhi iyingozi. Ingqubuzana nenye yezimfundiso zobuKristu eziyisisekelo. Lapho beshumayela izindaba ezinhle, uJesu nabaphostoli bakhe bafundisa kakhulu ngesono nangentethelelo. Funda isihloko esilandelayo uzwe okwengeziwe.

[Imibhalo yaphansi]

^ ILimbo yimfundiso engasekelwe emiBhalweni eyadida abantu abaningi futhi kungenzeka ukuthi yilesi isizathu esenza ukuba ikhishwe kuyikhathekizimu lamuva. Bheka ibhokisi elithi “Ukushintshwa Kwemfundiso Ngokuphelele,” ekhasini 10.

^ IBhayibheli aliyifundisi imfundiso yokuhlushwa phakade esihogweni somlilo. Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isahluko 6 esithi “Bakuphi Abafileyo?” encwadini ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 7]

Amasonto avumela abantu ukuba benze abakuthandayo avuna izithelo ezimbi

[Ibhokisi ekhasini 6]

Ingabe “Asisenandaba” Nesono?

▪ “Enye yezinto eyisithiyo esikhulu kunazo zonke emasontweni namuhla yile ndaba [yesono]. Asisazibheki ‘njengezoni’ ezidinga intethelelo. Mhlawumbe ekuqaleni sasikhathazeka ngesono, kodwa manje asisenandaba naso. Ngakho, nakuba isonto linaso isixazululo senkinga yesono, asiyona inkinga kwabaningi eMelika—noma mhlawumbe asiyona inkinga enkulu.”—UJohn A. Studebaker, Jr., umbhali wezincwadi ezikhuluma ngenkolo.

▪ “Abantu bathi: ‘Ngifisa ukuziphatha kahle kakhulu futhi nabanye ngibafisela okufanayo, kodwa ngiyazi ukuthi singabantu, ngakho angilindeli okungaphezu kwamandla.’ Siye saneliswe ukufinyelela isilinganiso esithile sokuziphatha, sicabange ukuthi senza kahle. Sizama ukuba omakhelwane abahle, futhi siphathe abanye ngenhlonipho. Kodwa asiyinaki indaba enkulu yesono.”—U-Albert Mohler, umongameli weSouthern Baptist Theological Seminary.

▪ “Abantu manje baziqhayisa ngezinto ezaziyihlazo ngaphambili [njengezono ezinkulu eziyisikhombisa]: abazali bakhuthaza izingane ukuba ziziqhayise noma ziqhoshe ukuze zibe nomuzwa wokuthi zingabantu; iqembu labapheki baseFrance liye lacela iVatican ukuba ivume ukuthi ukuminza akusona isono. Umona wenza abantu bafune ukuphila njengabantu abadumile. Abezokukhangisa bakhuthaza ukuhaha kubantu ukuze bathenge izinto eziningi; ukuthukuthela kubhekwa njengento elungile uma ucasuliwe. Izikhathi eziningi siyavilapha ukusebenza.”—UNancy Gibbs, umhleli womagazini i-Time.

[Isithombe ekhasini 5]

Abantu abaningi namuhla babheka indaba ka-Adamu no-Eva njengeyinganekwane