Dlulela kokuphakathi

 Fundisa Izingane Zakho

Imfihlo Ongayitshela Abanye

Imfihlo Ongayitshela Abanye

INGABE wake watshelwa imfihlo?— * Ikhona engithanda ukukutshela yona. IBhayibheli liyibiza ngokuthi ‘imfihlo engcwele ebigciniwe kungakhulunywa lutho ngayo izikhathi zaphakade.’ (Roma 16:25) Ekuqaleni, nguNkulunkulu kuphela owayazi ngale “mfihlo engcwele.” Ake sibone ukuthi yini ayenza ukuze yaziwe abantu abaningi.

Okokuqala nje, ingabe uyazi ukuthi lisho ukuthini igama elithi “engcwele”?— Lisho ukuthi kumsulwa noma kukhetheke kakhulu. Ngakho-ke, le mfihlo ibizwa ngokuthi ingcwele ngoba ivela kuNkulunkulu ongcwele. Ucabanga ukuthi obani ababefisa ukwazi le mfihlo ekhethekile?— Izingelosi. IBhayibheli lithi: “Izingelosi zifisa ukubona zona lezi zinto.” Yebo, zazifisa ukuyiqonda le mfihlo engcwele.—1 Petru 1:12.

Lapho uJesu efika emhlabeni, wakhuluma ngemfihlo engcwele futhi wayichaza. Watshela abafundi bakhe: “Nina ninikiwe imfihlo engcwele yombuso kaNkulunkulu.” (Marku 4:11) Ingabe uphawulile ukuthi imfihlo engcwele iphathelene nani?— Iphathelene noMbuso kaNkulunkulu uJesu asifundisa ukuba siwuthandazele!—Mathewu 6:9, 10.

Manje ake sibone ukuthi uMbuso kaNkulunkulu wawuyimfihlo “izikhathi zaphakade” ngayiphi indlela kwaze kwafika uJesu emhlabeni futhi waqala ukuyichaza. Ngemva kokuba u-Adamu no-Eva bephule umthetho kaNkulunkulu futhi baxoshwa ensimini yase-Edene, izinceku zikaNkulunkulu zathola ukwaziswa kokuthi injongo kaNkulunkulu yokwenza umhlaba ube ipharadesi yayingabhuntshanga. (Genesise 1:26-28; 2:8, 9; Isaya 45:18) Zabhala ngenjabulo eyayiyotholwa abantu emhlabeni lapho sekubusa uMbuso kaNkulunkulu.—IHubo 37:11, 29; Isaya 11:6-9; 25:8; 33:24; 65:21-24.

Manje cabanga ngoMbusi woMbuso kaNkulunkulu. Ingabe uyazi ukuthi ubani uNkulunkulu amkhetha ukuba abe uMbusi?— iNdodana yaKhe, “iSikhulu Sokuthula,” uJesu Kristu. IBhayibheli lithi: “Ukubusa kwesikhulu kuyoba phezu kwehlombe lakhe.” (Isaya 9:6, 7) Mina nawe kumelwe sifunde sibe ‘nolwazi olunembile ngemfihlo engcwele kaNkulunkulu, okungukuthi, uKristu.’ (Kolose 2:2) Kudingeka sazi ukuthi uNkulunkulu wadlulisela ukuphila kwengelosi yokuqala (iNdodana yakhe yomoya) esibelethweni sikaMariya. Le Ndodana, eyayiyingelosi enamandla, iyona eyathunyelwa uNkulunkulu emhlabeni ukuba ibe umhlatshelo ukuze sithole ukuphila okuphakade.—Mathewu 20:28; Johane 3:16; 17:3.

Nokho, kukhona okwengeziwe okudingeka sikwazi ngale mfihlo ngaphandle nje kokuthi uNkulunkulu ukhethe uJesu ukuba abe uMbusi woMbuso waKhe. Ingxenye yemfihlo engcwele iwukuthi  kunabesilisa nabesifazane abayoba noJesu ovusiwe ezulwini. Bayobusa naye ezulwini!—Efesu 1:8-12.

Ake sizwe ukuthi angobani amagama abanye abayobusa noJesu ezulwini. UJesu watshela abaphostoli bakhe abathembekile ukuthi wayeya ezulwini ukuyobalungiselela indawo. (Johane 14:2, 3) ImiBhalo elandelayo inamagama abesilisa nabesifazane abambalwa abayobusa noJesu eMbusweni kaYise.—Mathewu 10:2-4; Marku 15:39-41; Johane 19:25.

Isikhathi eside kwakungaziwa ukuthi bangaki abayobusa ezulwini noJesu njengengxenye yoMbuso wakhe. Kodwa manje sesiyalazi lelo nani. Ingabe wena uyalazi?— IBhayibheli lithi lingu-144000. Nalokhu kuyingxenye yemfihlo engcwele.—IsAmbulo 14:1, 4.

Uyavuma yini ukuthi le “mfihlo engcwele yombuso kaNkulunkulu” iyimfihlo ejabulisa kakhulu okufanele nabanye bayazi?— Uma uvuma, masizame ukufunda konke esingakufunda ngayo ukuze sikwazi ukuchazela abantu abaningi ngangokunokwenzeka ngayo.

^ isig. 3 Uma ufunda nengane, udwi ukukhumbuza ukuba ume bese uyikhuthaza ukuba iveze umbono wayo.