Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Okwenza Indaba Yase-Edene Ikuthinte

Okwenza Indaba Yase-Edene Ikuthinte

Okwenza Indaba Yase-Edene Ikuthinte

INTO emangaza kunazo zonke eshiwo izazi ezithile eziphikisa indaba ye-Edene wukuthi ayisekelwa iBhayibheli lilonke. Ngokwesibonelo, uProfesa Wezifundo Zenkolo, uPaul Morris, uyabhala: “Azikho ezinye izincwadi eBhayibhelini ezikhuluma ngokuqondile ngendaba ye-Edene.” Umbono wakhe ungase ufakazelwe yilabo abazibiza ngokuthi izazi, kodwa uphikisana ngokuqondile namaqiniso.

Eqinisweni, iBhayibheli likhuluma kaningana ngensimu yase-Edene, u-Adamu, u-Eva nenyoka. * Kodwa lincane leli phutha elenziwa yizazi ezimbalwa uma liqhathaniswa nelinye elikhulu eligcwele kabanzi. Ngokuphika ukulandisa kukaGenesise ngensimu yase-Edene, empeleni abaholi benkolo nabagxeki beBhayibheli bahlasela iBhayibheli uqobo. Kanjani?

Ukuqonda lokho okwenzeka e-Edene kubalulekile ukuze siliqonde lonke iBhayibheli. Ngokwesibonelo, iZwi likaNkulunkulu liklanyelwe ukusisiza ukuba sithole izimpendulo zemibuzo ebaluleke kakhulu abantu abazibuza yona. Ngaso sonke isikhathi izimpendulo zeBhayibheli zaleyo mibuzo zihlobana nezenzakalo zasensimini yase-Edene. Cabangela lezi zibonelo ezimbalwa.

Kungani siguga futhi sifa? U-Adamu no-Eva babeyophila phakade ukube baqhubeka bezithoba kuJehova. Babeyokufa kuphela uma bengalaleli. Isigwebo sokufa saqala ukusebenza ngosuku abahlubuka ngalo. (Genesise 2:16, 17; 3:19) Balahlekelwa ukuphelela futhi badlulisela isono nokungapheleli enzalweni yabo. Yingakho iBhayibheli lithi: “Ngomuntu oyedwa isono sangena ezweni nokufa kwangena ngesono, futhi kanjalo ukufa kwasakazekela kubantu bonke ngenxa yokuthi bonke bonile.”—Roma 5:12.

Kungani uNkulunkulu evumela ububi? Ensimini yase-Edene, uSathane wabiza uNkulunkulu ngokuthi umqambimanga ogodlela izidalwa zakhe okuhle. (Genesise 3:3-5) Ngaleyo ndlela, wangabaza ukufaneleka kwendlela kaNkulunkulu yokubusa. U-Adamu no-Eva bakhetha ukuchema noSathane; ngakho nabo benqaba ubukhosi bukaJehova, ngamanye amazwi, bagomela ngokuthi umuntu angazinqumela ngokwakhe okuhle nokubi. Ngenxa yokuthi unobulungisa futhi uhlakaniphe kakhulu, uJehova wayazi ukuthi kunendlela eyodwa kuphela yokuxazulula le mpikiswano ngendlela efanele—ukuvumela ukuba kudlule isikhathi esithile, kanjalo anike abantu ithuba lokuzibusa ngendlela abafuna ngayo. USathane unesandla ngezinga elithile ebubini obusemhlabeni futhi buye balembula kancane kancane iqiniso elibalulekile: Umuntu akakwazi ukuzibusa ngaphandle kukaNkulunkulu.—Jeremiya 10:23.

Iyini injongo kaNkulunkulu ngomhlaba? Ensimini yase-Edene, uJehova wayefuna ukuba umhlaba ube nezinga elithile lobuhle. Wayala u-Adamu no-Eva ukuba bagcwalise umhlaba ngenzalo yabo futhi ‘bawunqobe’ ukuze wonke umhlaba ube muhle futhi ube nobunye. (Genesise 1:28) Ngakho, injongo kaNkulunkulu ngomhlaba iwukuba ube ipharadesi elihlala inzalo ka-Adamu no-Eva ephelele nenobunye. Ingxenye enkulu yeBhayibheli ikhuluma ngendlela kaNkulunkulu yokugcwalisa leyo njongo yakhe yasekuqaleni.

Kungani uJesu Kristu eza emhlabeni? Ukuhlubuka kwasensimini yase-Edene kwalethela u-Adamu no-Eva nenzalo yabo yonke isahlulelo sokufa, kodwa ngothando uNkulunkulu wasinika ithemba. Wathumela iNdodana yakhe emhlabeni ukuze ibe yisihlengo, njengoba iBhayibheli lisho. (Mathewu 20:28) Kusho ukuthini lokho? UJesu ‘wayengu-Adamu wokugcina’; wafeza lokho u-Adamu ahluleka ukukwenza. UJesu waqhubeka ephila njengomuntu ophelele ngokulalela uJehova ngaso sonke isikhathi. Wabe esenikela ngokuphila kwakhe ngokuzithandela njengomhlatshelo, noma isihlengo, ukuze bonke abantu abathembekile bathole ithuba lokuthethelelwa izono futhi ekugcineni bathole uhlobo lokuphila olwalujatshulelwa u-Adamu no-Eva ngaphambi kokuba bone. (1 Korinte 15:22, 45; Johane 3:16) Ngakho, uJesu waqinisekisa ukuthi injongo kaJehova yokuguqula lo mhlaba ube yipharadesi elinjenge-Edene iyofezeka. *

Injongo kaNkulunkulu akuyona into engaqondakali noma indaba esunguliwe. Ingokoqobo. Njengoba nje insimu yase-Edene yayiyindawo engokoqobo esemhlabeni enezilwane zangempela nabantu bangempela, sinjalo nesithembiso sikaNkulunkulu ngekusasa, singokoqobo futhi sizogcwaliseka maduze. Ingabe uyokubona ukugcwaliseka kwaleso sithembiso? Okuningi kuxhomeke kuwe. UNkulunkulu ufuna ukuba lelo kusasa litholwe abantu abaningi ngangokunokwenzeka, ngisho nalabo abénza izinqumo ezingafanele ekuphileni kwabo.—1 Thimothewu 2:3, 4.

Ngaphambi kokuba uJesu aphangalale, wakhuluma nendoda eyisoni. Le ndoda yayiyisigebengu futhi yayazi ukuthi ifanelwe ukufa. Kodwa yafuna induduzo nethemba kuJesu. UJesu wathini kuyo? Wathi: “Uyokuba nami ePharadesi.” (Luka 23:43) Uma uJesu efuna ukuba leyá ndoda eyayiyisigebengu ibe sepharadesi—ivuswe futhi ibusiswe ngethuba lokuphila phakade epharadesi elifana ne-Edene—ingabe akakufuneli isibusiso esifanayo nawe? Nakanjani uyakufunela! NoYise uyakufunela! Uma nawe uzifunela lelo kusasa, yenza konke ongakwenza ukuze ufunde ngoNkulunkulu owénza insimu yase-Edene.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 8 Ukuze ufunde okwengeziwe ngomhlatshelo kaKristu wesihlengo, bheka isahluko 5 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 10]

ISIPROFETHO ESIBONISA UKUTHI LONKE IBHAYIBHELI LIYAVUMELANA

“Ngizobeka ubutha phakathi kwakho [inyoka] nowesifazane naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe. Yona iyokulimaza ekhanda wena uyoyilimaza esithendeni.”—Genesise 3:15.

Lesi yisiprofetho seBhayibheli sokuqala esakhishwa uNkulunkulu e-Edene. Bangobani abantu abane abashiwo kuso: owesifazane, inzalo yakhe, inyoka nenzalo yenyoka? Buyini “ubutha” obabikezelwa?

INYOKA

USathane uDeveli.—IsAmbulo 12:9.

OWESIFAZANE

Inhlangano kaJehova yezidalwa zasezulwini. (Galathiya 4:26, 27) U-Isaya wakhuluma ‘ngowesifazane,’ ebikezela ukuthi wayeyozala isizwe esingokomoya sangesikhathi esizayo.—Isaya 54:1; 66:8.

INZALO YENYOKA

Yilabo abakhetha ukwenza intando kaSathane.—Johane 8:44.

INZALO YOWESIFAZANE

Ngokuyinhloko nguJesu Kristu, owavela engxenyeni yenhlangano kaJehova yasezulwini. Abafowabo bakaKristu abangokomoya ababusa naye ezulwini bayingxenye ‘yenzalo.’ Lawo maKristu agcotshiwe akha isizwe esingokomoya, “u-Israyeli kaNkulunkulu.”—Galathiya 3:16, 29; 6:16; Genesise 22:18.

INXEBA ESITHENDENI

Lisho ukulinyazwa kukaMesiya, kodwa imiphumela yako ingeyesikhashana. USathane waphumelela ukubulala uJesu lapha emhlabeni, kodwa uJesu wavuswa kwabafileyo.

INXEBA EKHANDA

Lisho ukubhujiswa kukaSathane phakade. UJesu uzomqeda uSathane angaphinde abe khona. Ngisho nangaphambi kokuba enze lokho, uzoqeda ububi obaqalwa uSathane e-Edene.—1 Johane 3:8; IsAmbulo 20:10.

Ukuze uthole ukubukezwa okufushane kwesihloko seBhayibheli esiyinhloko, bheka incwajana ethi IBhayibheli—Uyini Umyalezo Walo? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

[Isithombe ekhasini 11]

U-Adamu no-Eva babhekana nemiphumela ebuhlungu yesono