Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kungani Imishado Ichitheka?

Kungani Imishado Ichitheka?

Kungani Imishado Ichitheka?

“AbaFarisi beza [kuJesu], behlose ukumlinga, bathi: ‘Kungokomthetho yini ukuba umuntu ahlukanise nomkakhe nganoma yisiphi isizathu?’”—Mathewu 19:3.

ABANTU abathile ababephila ngesikhathi sikaJesu bambuza ukuthi abantu abashadile kufanele bahlale ndawonye ukuphila kwabo konke yini nokuthi lokho kungenzeka yini. Wabaphendula: “Anifundanga yini ukuthi lowo owabadala kusukela ekuqaleni wabenza kwaba owesilisa nowesifazane, wathi, ‘Ngenxa yalesi sizathu indoda iyoshiya uyise nonina inamathele kumkayo, futhi laba ababili bayoba nyamanye’? Ngakho abasebabili, kodwa sebenyamanye. Ngakho-ke, lokho uNkulunkulu akubophele ndawonye makungahlukaniswa muntu.” * (Mathewu 19:4-6) Kusobala ukuthi uNkulunkulu wayehlose ukuba abantu abashadile bahlale ndawonye ukuphila kwabo konke.

Emazweni amaningi namuhla, imishado engaba amaphesenti angu-40 noma ngaphezulu iyaphela. Ingabe iseluleko seBhayibheli ngomshado sesiphelelwe isikhathi? Ingabe imishado iphela kangaka nje yingoba leli lungiselelo liyinkinga?

Cabanga ngalo mfanekiso: Abashadikazi ababili bathenga imoto yohlobo olufanayo. Abashadikazi bokuqala bayayinakekela futhi bayishayela kahle. Imoto yabo ayiphuki. Abashadikazi besibili abaziniki isikhathi sokunakekela imoto yabo futhi bashayela budedengu. Imoto yabo iyaphuka futhi abayilungisi. Inkinga ikuphi—ingabe isemotweni noma ikubanikazi? Kusobala ukuthi ikubanikazi.

Ngokufanayo, ukuthi imishado eminingi iyaphela akusho ukuthi ilungiselelo lomshado liyinkinga ngandlela-thile. Izigidi zemishado ephumelelayo ziwubufakazi balokho. Leyo mishado ibalethela injabulo nokuzinza labo bantu, imindeni nemiphakathi. Umshado unjengemoto, udinga ukunakekelwa kahle sikhathi sonke ukuze uhlale njalo.

Kungakhathaliseki ukuthi umshado wenu unezinsukwana noma amashumi eminyaka, iseluleko seBhayibheli sendlela yokuwunakekela nokuwuqinisa sisebenza ngempela. Funda ngezibonelo zalokhu emakhasini alandelayo.

[Umbhalo waphansi]

^ IBhayibheli liyakuvumela ukudivosa uma omunye ephingile.—Mathewu 19:9.