Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Lolu Usuku Lwenu”

“Lolu Usuku Lwenu”

Ikilasi Le-129 Lithweswa Iziqu ZaseGileyadi

“Lolu Usuku Lwenu”

NGO-SEPTEMBER 11, 2010, abantu abacishe babe ngu-8 000 babehlangene embuthanweni okhethekile—ikilasi le-129 lase-Watchtower Bible School of Gilead lalithweswa iziqu. USamuel Herd, ilungu leNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova, watshela abafundi: “Lolu usuku lwenu. Silapha ukuze sizojabula nani!”

“Indlebe Ezwayo”

UMfoweth’ uHerd waqala isimiso ngokukhuluma ngesidingo sokuba wonke amaKristu abe ‘nendlebe ezwayo’ ngokulalelisisa iZwi likaNkulunkulu. (IzAga 20:12) Watshela ikilasi: “Kulezi zinyanga ezedlule benilalela uJehova enifundisa, futhi nizoqhubeka nikwenza lokho kuze kube phakade.”

Izithunywa zevangeli ezintsha zingazisebenzisa kanjani izindlebe zazo ngokuhlakanipha? UMfoweth’ uHerd waphendula: “Ngokulalelisisa iZwi likaNkulunkulu.” Wabe esenezela: “Kuningi okuzokhulunywa esimisweni sanamuhla okuyonihlomisela umsebenzi wokuba izithunywa zevangeli eminyakeni ezayo.”

“Thembelani KuJehova Ngayo Yonke Inhliziyo”

UGerrit Lösch, ilungu leNdikimba Ebusayo, wabeka le nkulumo enesihloko esenza umuntu ucabange. Walandisa izenzakalo eziningana zabantu bakaNkulunkulu basendulo nabanamuhla abathembela kuJehova.

UMfoweth’ uLösch wathi izithunywa zevangeli kufanele zenze okufanayo. Wathi: “Izithunywa zevangeli akufanele zisheshe zilahle ithemba ezabelweni zazo.” Wathi: “Ngokwesibonelo, ningase nizibuze: ‘Ingabe ngiyokwazi ukufunda ulimi olusha? Ingabe ngiyokwazi ukufunda indlela entsha yokuphila? Ingabe ngiyokwazi ukunqoba imizwa yokukhumbula ekhaya?’” UMfoweth’ uLösch wakhuthaza abafundi ukuba ‘bathembele kuJehova.’

UMfoweth’ uLösch wafunda nezAga 14:26, ezithi: “Kukhona ukuqiniseka okukhulu ekwesabeni uJehova.” Siyothembela nakakhulu kuJehova uma sizindla ngezindlela eziningi aye asibusisa ngazo.

IBhayibheli lithi umuntu othembela kuJehova ‘ngokuqinisekile uyoba njengomuthi otshalwe ngasemanzini, othumela izimpande zawo ngasemseleni wamanzi; ngeke abone lapho kufika ukushisa, kodwa empeleni amahlamvu akhe ayokhephuzela.’—Jeremiya 17:7, 8.

Isifundo sicacile. UMfoweth’ uLösch wathi: “Kungakhathaliseki ukuthi nizohlangabezana nani, kumelwe nithembele kuJehova.”

“Lingisani Izingelosi Ezithembekile”

Le nkulumo yabekwa ilungu leNdikimba Ebusayo, uStephen Lett. Izingelosi zisibekela isibonelo esihle kakhulu. UMfoweth’ uLett wathi: “Yonke into eyambulwa iBhayibheli ngezingelosi ifanelwe ukulingiswa.” Wabe esekhuluma ngezimfanelo ezine zezingelosi ezithembekile okungaba kuhle ngathi ukuzilingisa—ukukhuthazela, ukuthobeka, ukuba kwazo usizo nobuqotho bazo.

IBhayibheli lithi enye ingelosi yalwa ‘nesikhulu sasePheresiya’—idemoni elinamandla—izinsuku ezingu-21. (Daniyeli 10:13) Leyo ngelosi yabonisa ukukhuthazela. UMfoweth’uLett wathi amaKristu nawo ‘abambene nebandla lomoya ababi.’ (Efesu 6:12) Watshela abafundi: “Yilwani kanzima ukuze niqhubeke nenza izabelo zenu.”

Uyise kaSamsoni, uManowa, wabuza ingelosi igama layo, kodwa ingelosi yenqaba ukumtshela. Leyo ngelosi yabonisa ukuthobeka. (AbaHluleli 13:17, 18) UMfoweth’ uLett watshela abafundi: “Lapho othile ezama ukukudumisa ngenxa yamakhono onawo, ngokuthobeka bhekisela udumo kuJehova nasenhlanganweni yakhe.”—1 Korinte 4:7.

Lapho uJesu esensimini yaseGetsemane ngaphambi nje kokufa kwakhe, “ingelosi evela ezulwini yabonakala kuye futhi yamqinisa.” (Luka 22:43) Leyo ngelosi yaba usizo. UMfoweth’ uLett wathi: “Cela uJehova ngomthandazo ukuba akusize ukwazi ukubona izidingo zangempela zabantu futhi umcele ukuba akusize ukwazi ukuzanelisa.”

Njengoba kuyidlanzana lezingelosi elachema noSathane ekuhlubukeni kwakhe, singasho ukuthi iningi lezidalwa zasezulwini liyizibonelo ezinhle kakhulu zokugcina ubuqotho.IsAmbulo 12:4.

UMfoweth’ uLett wakhuthaza abafundi: “Njengalezo zingelosi ezithembekile, melanani noDeveli khona-ke uyonibalekela.”—Jakobe 4:7.

Amanye Amaphuzu Amathathu Esimiso

“Gcina UJehova Eyidwala Lenhliziyo Yakho.” Ekhuluma ngalesi sihloko esihlaba umxhwele, esisekelwe kumaHubo 73:26, uGary Breaux, oyilungu leKomiti Yegatsha Lase-United States, wasiza abafundi ukuba basazise isidingo sokuthembela kuJehova. UJehova uyidwala ngamuphi umqondo? UMfoweth’ uBreaux wathi: “Uma ungabeka iphepha ngaphansi kwedwala phakathi nesivunguvungu ngeke liphephuke. Ngendlela efanayo, uJehova angakwenza uzinze, aqaphe nenhliziyo yakho.” Ngempela, inhliziyo ingasikhohlisa lapho sibhekene novivinyo lokukhuthazela. (Jeremiya 17:9) Isimo sezulu ongasijwayele, ukudla ongakujwayele nabantu abasha oyohlala nabo ekhaya lezithunywa zevangeli kungakwenza ufune ukushiya phansi. UMfoweth’ uBreaux wathi: “Kunezinkinga oyobhekana eziyodinga ukuba ucabangele izindlela zokuzixazulula futhi wenze izinqumo. Ingabe uyokhetha indlela eyojabulisa uJehova? Uma uyokwenza kanjalo, uJehova uyoba ‘idwala lenhliziyo yakho.’ Uyoqondisa izinyathelo zakho.”

“Ingabe Unokholo Lokumanzisa Izinyawo Zakho?” Umfundisi waseGileyadi uSam Roberson wabeka inkulumo esekelwe kuJoshuwa isahluko 3. Izigidi zama-Israyeli zazingawuwela kanjani uMfula iJordani udla izindwani? UJehova watshela uJoshuwa ukuba ayale abapristi ukuba ‘bame eJordani.’ UNkulunkulu wathembisa: “Kuyothi lapho nje amathe ezinyawo zabapristi . . . ehlala emanzini eJordani, amanzi eJordani anqamuke, . . . ame eyidamu elilodwa.” (Joshuwa 3:8, 13) UMfoweth’ uRoberson watshela abafundi: “Kuyoba ‘namaJordani’ ekuphileni kwenu ayonenza ningatholi izibusiso uma niwavumela ukuba enze kanjalo.” Ngokwesibonelo, kungase kube khona ukungaboni ngaso linye nezinye izithunywa zevangeli. Ningayixazulula kanjani leyo nkinga? “Bhekani umsebenzi; ningabheki izisebenzi.” UMfoweth’ uRoberson wayala abafundi: “Uma nibonisa ukholo ngokumanzisa izinyawo zenu, uJehova uyonisiza ukuba niwele lawo ‘maJordani’ okuphila kwenu njengezithunywa zevangeli.”

“Misa Amacebo Akho Aqine.” Lesi isihloko senkulumo eyabekwa umfundisi waseGileyadi uWilliam Samuelson. Inkulumo yakhe yayisekelwe encwadini yezAga 16:3, ezithi: “Gingqela imisebenzi yakho kuJehova khona-ke amacebo akho ayokuma aqine.” Umfoweth’uSamuelson wabuza: “Ingabe leli vesi lisho ukuthi awunayo ingxenye ekumiseni amacebo akho ngaphandle ‘kokugingqela imisebenzi yakho’ kuJehova?” Wathi alisho lokho, ngoba izAga 16:1 zithi: “Ukuhlelwa kwezinto ezisenhliziyweni kungokomuntu wasemhlabeni.” Wabe esethi: “UJehova akahleli inhliziyo yakho ngokuyisimangaliso. Kunalokho, kudingeka ukuba wena uyiqeqeshe ukuze ikuqondise ngendlela efanele. Ngokutadisha, ngokuthandaza nangokusebenzelana eduze nehhovisi legatsha lendawo, uyoqhubeka unenhliziyo eyenza izinqumo ezifanele futhi uJehova ngokwakhe uyowamisa aqine amacebo akho.”

Okuhlangenwe Nakho Nezingxoxo

Njengengxenye yokuqeqeshwa kwabo, abafundi baseGileyadi bahlanganyela namabandla aseduze oFakazi BakaJehova emsebenzini wokushumayela. UMark Noumair, omunye wabafundisi baseGileyadi, waxoxa nabafundi abaningana ngalokho okwenzeka ngenkathi beshumayela. Waqokomisa ngokukhethekile indima yomthandazo ekufuneni abanhliziyo ziqotho ensimini.

Ngokwesibonelo, abanye abashadikazi babesesitolo sokudla. Isisebenzi saqaphela ukuthi babethandaza buthule. Seza kubo sababuza ukuthi bangoFakazi BakaJehova yini. Lapho sesitholile ukuthi kunjalo, sabachazela ukuthi sakhuliswa oFakazi kodwa kamuva sayeka. Saze saboshwa ngenxa yobugebengu obuthile esabenza. Kodwa le nsizwa yayisizizwa ukuthi iyamdinga uJehova ekuphileni kwayo. Yathi ngaphambi kokuba laba bashadikazi bangene esitolo sokudla, yayithandaze kuNkulunkulu, imcela ukuba ayisize ilungise ukuphila kwayo. Umthandazo wayo waphendulwa!

Enkulumweni yakhe enesihloko esithi “Nambithani Nibone Ukuthi UNkulunkulu Muhle,” uRudi Hartl osebenza eMnyangweni Wokubhala Izincwadi waxoxa noWayne Wridgway waseMozambique, uJason Reed waseChile noKenji Chichii waseNepal. Bobathathu bayizithunywa zevangeli ezaqeqeshwa eGileyadi. Laba bazalwane bakhuluma ngokukhululekile ngezinye zezinselele ababhekana nazo ngesikhathi beqala ukuba izithunywa zevangeli. Bakhuluma ngokufunda ulimi olusha, indlela entsha yokuphila nokukhumbula ekhaya. UMfoweth’ uChichii wathi: “Kwasisiza ukwenza abangane ebandleni lethu elisha ngokushesha. Njengoba sasiqala ukujwayelana nebandla, saphawula ukuthi kwaba lula ukubhekana nokukhumbula ekhaya.”

Ngemva kokuba bonke abafundi abangu-56 sebethole ama-diploma abo, omunye wabafundi wafunda incwadi yokubonga ethinta inhliziyo. Bebonga iNdikimba Ebusayo, bathi: “Njengabafundi, siye sazibonela ngawethu indlela eniye nazinikela ngayo ngothando ningakhathali. Niye nasilungiselela lokho esizokufunda, nasivakashela ekilasini futhi nasinika imfundo enhle engokomoya. Ngenxa yothando enisibonise lona, lapho sifika ezabelweni zethu sizokwenza konke okusemandleni ukulingisa isibonelo senu esihle sokuba nothando, ukubekezela, ukuthobeka nokuba nesithakazelo kumuntu ngamunye.”

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 28]

“Lapho othile ezama ukukudumisa, . . . bhekisela udumo kuJehova”

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 29]

“Kuyoba ‘namaJordani’ ekuphileni kwenu”

[Ishadi/Ibalazwe ekhasini 31]

IMINININGWANE YEKILASI

9 amazwe amelelwe

56 abafundi

28 imibhangqwana eshadile

33,0 isilinganiso seminyaka

17,9 isilinganiso seminyaka bebhapathiziwe

13,3 isilinganiso seminyaka besenkonzweni yesikhathi esigcwele

[Ibalazwe]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

Ikilasi labelwa emazweni angu-25 aboniswe ngezansi

AMAZWE IZITHUNYWA ZEVANGELI EZABELWA KUWO

BOLIVIA

BOTSWANA

BULGARIA

CONGO (KINSHASA)

CÔTE D’IVOIRE

GAMBIA

GERMANY

INDIA

INDONESIA

KENYA

LIBERIA

MACEDONIA

MADAGASCAR

MALAYSIA

MOZAMBIQUE

PANAMA

PERU

POLAND

ROMANIA

SERBIA

SIERRA LEONE

SWAZILAND

TANZANIA

UGANDA

ZIMBABWE

[Isithombe ekhasini 30]

Abafundi baseGileyadi belingisa okuhlangenwe nakho abakuthola lapho beshumayela

[Isithombe ekhasini 31]

Ikilasi Le-129 Lithweswa Iziqu E-Watchtower Bible School of Gilead

Imigqa ibalwa kusukela phambili kuya emuva, futhi amagama ahlelwe ukusuka kwesobunxele kuya kwesokudla emgqeni ngamunye.

(1) Munaretto R.; Olofsson, Y.; Budden, K.; Najdzion, L.; Moya, G.; Treviño, G.; Dion, A.; Fleegle, A.

(2) Smith, J.; Michael Raj, J.; Smith, S.; Paramo, A.; McDonald, J.; Deans, M.; Joyal, S.; Watson, L.

(3) Joyal, C.; Crawley, T.; Hacker, D.; Shynkarenko, J.; Knapp, T.; Ayling, J.; Highley, C.; Olofsson, B.

(4) Fitzpatrick, M.; Najdzion, B.; Skallerud, L.; Harris, A.; Harris, S.; Budden, R.; Paramo, Y.; Skallerud, K.

(5) Crawley, B.; Michael Raj, J.; Lodge, A.; Lodge, R.; Herms, N.; Fitzpatrick, J.; Moya, R.; Munaretto, P.

(6) Watson, S.; Deans, M.; Hacker, J.; McDonald, J.; Treviño, J.; Harris, S.; Herms, C.; Harris, P.

(7) Shynkarenko, V.; Highley, T.; Smith, A.; Dion, J.; Ayling, R.; Smith, B.; Knapp, T.; Fleegle, B.